Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 47

INGOMA 103 Abelusi—Izipho Ezingabantu

Bazalwane—Niyazibekela Yini Umgomo Wokuba Umdala?

Bazalwane—Niyazibekela Yini Umgomo Wokuba Umdala?

“Uma umuntu ezama ukuba umbonisi, ufisa umsebenzi omuhle.”1 THIM. 3:1.

AMAPHUZU ABALULEKILE

Sizoxoxa ngezimfuneko ezingokomBhalo umzalwane okumele abenazo ukuze akhonze njengomdala.

1-2. Uhlanganisani “umsebenzi omuhle” owenziwa umdala?

 UMA usukhonze njengenceku ekhonzayo isikhathi esithile, kungenzeka usukulungele ukufanelekela ukukhonza njengomdala. Ungakwazi yini ukwenza lowo “msebenzi omuhle”?—1 Thim. 3:1.

2 Uhlanganisani umsebenzi owenziwa umdala? Uyahola emsebenzini wokushumayela, usebenza ngokuzikhandla emsebenzini wokwalusa nasekufundiseni futhi ukhuthaza ibandla ngalokho akushoyo nakwenzayo. Ngenxa yalokho, siyabona ukuthi kungani iBhayibheli libiza abadala abasebenza ngokuzikhandla ngokuthi ‘izipho ezingabantu.’—Efe. 4:8.

3. Umzalwane angakufanelekela kanjani ukukhonza njengomdala? (1 Thimothewu 3:​1-7; Thithu 1:​5-9)

3 Ungakufanelekela kanjani ukukhonza njengomdala? Ukufanelekela ukuba umdala akufani nokufanelekela ukuthola umsebenzi wokuziphilisa. Ngokuvamile emsebenzini wokuziphilisa kumele ube namakhono athile afunwa umqashi ukuze uthole umsebenzi. Ngokungefani nokuthola umsebenzi wokuziphilisa, uma ufisa ukukhonza njengomdala, awudingi ikhono lokushumayela nelokufundisa nje kuphela. Kudingeka ube nezimfuneko ezingokomBhalo ezilindeleke kubadala ezitholakala kweyoku-1 Thimothewu 3:​1-7 nakuThithu 1:​5-9. (Yifunde.) Kulesi sihloko sizoxoxa ngezinto ezintathu eziyinhloko ezilindeleke kubadala: ukuba nedumela elihle ebandleni nasemphakathini, ukuba yisibonelo esihle njengenhloko yomndeni nokuzimisela ukukhonza ibandla.

YIBA NEDUMELA ELIHLE

4. Kusho ukuthini ‘ukungasoleki’?

4 Ukuze ufanelekele ukuba umdala, kumele ‘ungasoleki,’ okusho ukuba nedumela elihle ebandleni ngenxa yokuthi akekho umuntu onesizathu sokukusola ngokuziphatha kwakho. Ngaphezu kwalokho, kufanele ube “nedumela elihle nakubantu bangaphandle.” Abantu abangebona oFakazi bangase bakugxeke ngenxa yezinkolelo zakho zobuKristu, kodwa akufanele babe nesizathu esizwakalayo sokungabaza ukwethembeka kwakho noma indlela oziphatha ngayo. (Dan. 6:​4, 5) Zibuze, ‘Nginedumela elihle yini ebandleni nasemphakathini?’

5. Ungabonisa kanjani ukuthi ungumuntu “othanda ubuhle”?

5 Uma ungumuntu “othanda ubuhle,” ubheka okuhle kwabanye futhi ubancome ngenxa yezimfanelo zabo ezinhle. Uyakujabulela nokwenzela abanye izinto ezinhle, ngisho nokwenza izinto okungalindelekile ukuba uzenze. (1 Thes. 2:8.) Kungani kubaluleke kangaka ukuba abadala babe nale mfanelo? Ngenxa yokuthi basebenzisa isikhathi sabo esiningi belusa ibandla futhi benza nezabelo. (1 Pet. 5:​1-3) Noma kunjalo, injabulo oyithola ngokukhonza abanye inkulu ukwedlula noma yikuphi ukuzidela okwenzayo.—IzE. 20:35.

6. Yiziphi ezinye izindlela esibonisa ngazo ukuthi ‘siyazamukela izivakashi’? (Hebheru 13:​2, 16; bheka nesithombe.)

6 Ubonisa ukuthi ungumuntu ‘ozingenisayo’ izivakashi lapho wenzela abanye izinto ezinhle, kuhlanganise nalabo abangebona abangani bakho. (1 Pet. 4:9) Enye incwadi ithi umuntu ongenisa izivakashi unomusa ngisho nakubantu angabazi futhi uyakujabulela ukubamemela emzini wakhe. Zibuze, ‘Ngaziwa njengomuntu onjani uma kuziwa endabeni yokwamukela izivakashi?’ (Funda eyamaHebheru 13:​2, 16.) Umuntu owamukela izivakashi upha izivakashi lokho anakho, okuhlanganisa abantu abahluphekayo, izikhonzi ezisebenza ngokuzikhandla, njengababonisi besigodi nezikhulumi ezivakashele ibandla.—Gen. 18:​2-8; IzAga 3:27; Luka 14:​13, 14; IzE. 16:15; Roma 12:13.

Indoda nomkayo abangenisa izihambi bamukela umbonisi ojikelezayo nomkakhe emzini wabo (Bheka isigaba 6)


7. Umdala ubonisa kanjani ukuthi ‘akayithandi imali’?

7 ‘Awuyithandi imali.’ Lokhu kusho ukuthi awugxilile ezintweni zaleli zwe. Kungakhathaliseki ukuthi ucebile noma awucebile, ukukhonza uJehova yinto ebaluleke kakhulu ekuphileni kwakho. (Math. 6:33) Usebenzisa isikhathi sakho, amandla akho nezinto onazo ukuze ukhonze uJehova, unakekele umndeni wakho futhi ukhonze ibandla. (Math. 6:24; 1 Joh. 2:​15-17) Zibuze: ‘Ngiyibheka kanjani imali? Ingabe ziyangenelisa izinto eziyisidingo? Noma ingabe ngigxile ekwenzeni imali eningi noma ekuqongeleleni izinto ezengeziwe zaleli zwe?’—1 Thim. 6:​6, 17-19.

8. Yiziphi ezinye izindlela ongabonisa ngazo ukuthi ‘uyalinganisela’ futhi ‘uyazithiba’?

8 Uma ungumuntu ‘olinganiselayo’ ‘nozithibayo,’ kusho ukuthi uyalinganisela kuyo yonke into oyenzayo. Ngokwesibonelo awudli futhi uphuze ngokweqile, aweqisi endleleni ogqoka ngayo nokuzilungisa ngayo futhi uzikhetha kahle ezokuzijabulisa. Awusona isigqila sezitayela zezwe. (Luka 21:34; Jak. 4:4) Awuxhamazeli, okusho ukuthi uhlale uzolile ngisho noma uchukuluzwa. ‘Awusona isidakwa’ futhi awaziwa njengomuntu ophuza kakhulu. Zibuze, ‘Ingabe indlela engiphila ngayo ibonisa ukuthi ngingumuntu olinganiselayo nozithibayo?’

9. Kuhlanganisani ukuba umuntu ‘ohluzekile engqondweni nohlelekile’?

9 Uma ungumuntu ‘ohluzekile engqondweni,’ uzihlaziya ngokucophelela izinto usebenzisa izimiso zeBhayibheli. Ucabanga ujule ngezimiso zeBhayibheli futhi lokho kukusiza ukuba wenze izinqumo ezihlakaniphile futhi ube nokuqonda. Awenzi izinqumo ngokuxhamazela. Kunalokho, uyaqikelela ukuthi unawo wonke amaqiniso owadingayo. (IzAga 18:13) Ngenxa yalokho, wenza izinqumo ezihlakaniphile ezivumelana nendlela kaJehova yokucabanga. Uma ungumuntu ‘ohlelekile’ uyazihlela izinto zakho futhi ufika ngesikhathi. Waziwa njengomuntu okungathenjelwa kuye nozilandelayo iziqondiso. Lezi zimfanelo zizokwenza ube nedumela elihle. Manje ake sixoxe ngokuthi ungaba kanjani nalezi zimfuneko ezingokomBhalo ukuze ube yisibonelo esihle njengenhloko yomndeni.

UKUBA YISIBONELO ESIHLE NJENGENHLOKO YOMNDENI

10. Yini eyenziwa yindoda “ewuhola kahle umndeni wayo”?

10 Uma ungumyeni futhi ufuna ukufanelekela ukuba umdala, idumela lomndeni wakho liyokuthinta ukufaneleka kwakho. Ngakho, kudingeka ‘uwuhole kahle umndeni wakho.’ Kudingeka waziwe ngokuba yinhloko yomndeni ewuthandayo umndeni wayo newunakekela kahle. Lokhu kuhlanganisa ukuhola kuzo zonke izingxenye zokukhulekela kwethu. Kungani lokho kubaluleke kangaka? Umphostoli uPawulu wathi: “Uma umuntu engakwazi ukuhola umndeni wakhe, uyolinakekela kanjani ibandla likaNkulunkulu?”—1 Thim. 3:5.

11-12. Ukuziphatha kwamalungu omndeni kukuthinta kanjani ukufaneleka kukababa wekhaya? (Bheka nesithombe.)

11 Uma ungubaba, abantwana bakho abasengaphansi kwesandla sakho kumele babe “abantwana abazithoba ngokungazenzisi.” Kudingeka ubabonise uthando lapho ubafundisa nalapho ubaqeqesha. Yiqiniso ukuthi njengazo zonke izingane bayakuthanda ukuhleka nokudlala. Kodwa ngenxa yokuthi ubaqeqeshe kahle bayolalela, bahloniphe futhi baziphathe kahle. Kumele wenze konke ongakwenza ukuze ubasize babe nobuhlobo obuhle noJehova, baphile ngezimiso zeBhayibheli futhi bathuthuke baze babhapathizwe.

12 ‘Unabantwana abakholwayo abangamangalelwa ngokuzitika ngamanyala noma abangalawuleki.’ Uma ingane ekholwayo esahlala ekhaya yenza isono esikhulu lokho kungamthinta kanjani ubaba wayo? Uma ubaba ubeyekelela ukuqeqesha ingane yakhe nokuyiyala cishe ngeke akufanelekele ukukhonza njengomdala.—Bheka INqabayokulinda ka-Okthoba 15, 1996, k. 21, izig. 6-7.

Izinhloko zemindeni ziqeqesha abantwana bazo ukuba benze izinkonzo ezingcwele ezihlukahlukene (Bheka isigaba 11)


UKUKHONZA IBANDLA

13. Ungabonisa kanjani ukuthi “uyacabangela” futhi ‘awunayo inkani’?

13 Abazalwane abanezimfanelo ezinhle zobuKristu bawusizo kakhulu ebandleni. Indoda “ecabangelayo” yenza konke engakwenza ukuze kube nokuthula. Uma ufuna ukwaziwa njengomuntu ocabangelayo, balalele abanye futhi wamukele nemibono yabo. Lapho ninomhlangano, ungakwazi yini ukusekela isinqumo esivunwa yiningi uma singaphikisani nomthetho noma nesimiso seBhayibheli? ‘Ukungabi nayo inkani’ kusho ukuthi awuphoqeleli ukuba izinto zenziwe ngendlela yakho. Uyayijabulela imibono yabeluleki abaningi. (Gen. 13:​8, 9; IzAga 15:22) ‘Awuzithandi izimpikiswano’ noma ‘usheshe ukucasuka.’ Kunokuba ube nokhahlo noma udelele, unomusa futhi ukhuluma kahle nabanye. Njengendoda enokuthula, uthatha isinyathelo kuqala ukuze wenze ukuthula ngisho nalapho isimo sishubile. (Jak. 3:​17, 18) Amazwi akho anomusa angaludambisa ulaka lwabanye, kuhlanganise nalabo abasiphikisayo lapho sishumayela.—AbaHl. 8:​1-3; IzAga 20:3; 25:15; Math. 5:​23, 24.

14. Kusho ukuthini ukuthi “kungabi umuntu osanda kuguquka” nokuba umuntu “othembekile”?

14 Umzalwane ofanelekela ukuba umdala ‘akungabi umuntu osanda kuguquka.’ Nakuba kungadingeki ube umuntu oseneminyaka eminingi ebhapathiziwe, udinga isikhathi esanele ukuze ube umKristu ovuthiwe. Ngaphambi kokuba umiswe njengomdala, njengoJesu kumele ubonise ukuthi uthobekile futhi wanelisekile ngesabelo osenzayo, ukulungele ukulinda uJehova akunike izabelo ezengeziwe ngesikhathi esifanele. (Math. 20:23; Fil. 2:​5-8) Ungafakazela ukuthi ‘uthembekile’ ngokunamathela kuJehova nasemthethweni yakhe yokulungile nangokulalela isiqondiso esivela enhlanganweni yakhe.—1 Thim. 4:15.

15. Ingabe umdala kumele abe umuntu onekhono lokufundisa? Chaza.

15 ImiBhalo isho ngokucacile ukuthi ababonisi kumele ‘bakwazi ukufundisa.’ Ingabe lokho kusho ukuthi kumele ube umuntu onekhono lokufundisa? Cha. Akubona bonke abadala abayizikhulumi ezinhle. Nokho, lapho beshumayela futhi benza ukuhambela kokwelusa, abadala kudingeka bakwazi ukulisebenzisa kahle iBhayibheli ukuze bafundise futhi bakhuthaze abafowabo nodadewabo. (Qhathanisa neyoku-1 Korinte 12:​28, 29 neyabase-Efesu 4:11.) Noma kunjalo, kudingeka uqhubeke uthuthukisa amakhono akho okufundisa. Ungakwenza kanjani lokho?

16. Ungaba kanjani umfundisi ongcono? (Bheka nesithombe.)

16 “Obambelele ngokuqinile ezwini elithembekile.” Ukuze ube umfundisi ofundisa kahle, sebenzisa iZwi likaNkulunkulu lapho ufundisa obala nalapho weluleka othile ngasese. Kukhuthalele ukufunda iBhayibheli nezincwadi zethu. (IzAga 15:28; 16:23) Njengoba utadisha, yinakisise indlela izincwadi zethu eziwachaza ngayo amavesi eBhayibheli ukuze uwasebenzise ngendlela efanele. Lapho ufundisa, lwela ukufinyelela izinhliziyo zezilaleli zakho. Njengomfundisi, ungakwazi ukuthuthuka uma ucela amacebiso kubadala abangomakadebona futhi uwasebenzisa. (1 Thim. 5:17) Abadala kudingeka ‘bakwazi ukukhuthaza’ abafowabo nodadewabo; nokho ngezinye izikhathi kumele babeluleke noma baze ngisho ‘babasole’. Kunoma yikuphi abakwenzayo, abadala kumele babe nomusa ngaso sonke isikhathi. Uma umnene, unothando futhi usekela izimfundiso zakho eZwini likaNkulunkulu, uyoba umfundisi omuhle ngoba uyobe ulingisa uMfundisi oMkhulu, uJesu.—Math. 11:​28-30; 2 Thim. 2:24.

Njengoba inomdala inceku ekhonzayo isebenzisa leli thuba ukuze ifunde ukufundisa isebenzisa iBhayibheli. Le nceku ekhonzayo iprakthiza inkulumo ezoyibeka ebandleni imi phambi kwesibuko (Bheka isigaba 16)


QHUBEKA UZAMA UKUFINYELELA UMGOMO WAKHO

17. (a) Yini engasiza izinceku ezikhonzayo ukuba zifinyelele umgomo wokuba umdala? (b) Yini abadala okufanele bayikhumbule lapho becabangela ukumisa umzalwane njengomdala? (Bheka ibhokisi elithi “ Bonisani Ukucabangela Lapho Nihlola Ukuthi Umzalwane Angakhonza Yini Njengomdala.”)

17 Ngemva kokuxoxa ngezimfuneko zokufanelekela ukukhonza njengomdala, ezinye izinceku ezikhonzayo zingase zicabange ukuthi azisoze zakwazi ukufanelekela ukuba abadala. Kodwa khumbula ukuthi uJehova nenhlangano yakhe abalindele ukuba uzibonise ngokuphelele lezi zimfanelo. (1 Pet. 2:21) Umoya kaJehova onamandla yiwo okusiza ukuba ube nalezi zimfanelo. (Fil. 2:13) Ikhona yini imfanelo ethile ongathanda ukuyithuthukisa? Cela uJehova akusize. Cwaninga ngayo ucele omunye umdala akuphe amacebiso okuthi ungathuthuka kanjani.

18. Zonke izinceku ezikhonzayo zikhuthazwa ukuba zenzeni?

18 Kwangathi sonke kuhlanganise nalabo asebekhonza njengabadala, singaqhubeka sihlakulela ukuba nezimfanelo okuxoxwe ngazo kulesi sihloko. (Fil. 3:16) Ingabe uyinceku ekhonzayo? Qhubeka uthuthuka! Cela uJehova akuqeqeshe futhi akufundise ukuze ube wusizo ngokwengeziwe kuye nasebandleni. (Isaya 64:8) Kwangathi uJehova angayibusisa imizamo yakho ukuze ufanelekele ukukhonza njengomdala.

INGOMA 101 Ukusebenza Ndawonye Ngobunye