Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 45

INGOMA 138 Ubuhle Ebumpungeni

Funda Emazwini Okuvalelisa Ashiwo Amadoda Athembekile

Funda Emazwini Okuvalelisa Ashiwo Amadoda Athembekile

“Akukho yini ukuhlakanipha kulabo asebebadala, ukuqonda akutholakali yini kulabo asebephile isikhathi eside?”JOBE 12:12.

AMAPHUZU ABALULEKILE

Ukulalela uJehova uNkulunkulu kusilethela izibusiso manje futhi kuyosenza sithole ukuphila okuphakade esikhathini esizayo.

1. Kungani singafunda kwasebekhulile?

 SONKE sidinga isiqondiso lapho senza izinqumo ezibalulekile ekuphileni. Singasithola leso siqondiso kubadala nakumaKristu avuthiwe. Uma bebadala kakhulu kunathi, akufanele sibheke iseluleko sabo njengesiphelelwe isikhathi. UJehova ufuna sifunde kwasebekhulile. Babe nesikhathi eside sokuthola ulwazi, ukuqonda nokuhlakanipha.—Jobe 12:12.

2. Kuzoxoxwa ngani kulesi sihloko?

2 Ezikhathini zeBhayibheli, uJehova wasebenzisa asebekhulile abathembekile ukuze akhuthaze futhi aqondise abantu bakhe. Ngokwesibonelo, cabanga ngoMose, uDavide nomphostoli uJohane. Babephila ngezikhathi ezingafani, nezimo ababephila ngaphansi kwazo zazihluke ngokuphelele. Lapho sekusondele isikhathi sokufa kwabo, banikeza abasebasha izeluleko ezihlakaniphile. Ngayinye kula madoda athembekile nakhulile yagcizelela ukubaluleka kokulalela uNkulunkulu. UJehova wawagcinela thina amazwi abo ahlakaniphile. Kungakhathaliseki ukuthi sibancane noma sibadala singazuza ngokuhlola iseluleko sabo. (Roma 15:4; 2 Thim. 3:16) Kulesi sihloko, sizoxoxa ngamazwi okuvalelisa ala madoda nezifundo esingazifunda kulokho akusho.

“UYOPHILA ISIKHATHI ESIDE”

3. UMose wayenza miphi imisebenzi?

3 UMose wayezinikele ngokuphelele kuJehova. Wayengumprofethi, umahluleli, umkhuzi wamabutho nesazi somlando. Wafunda okuningi kokwenzeka ekuphileni kwakhe! Wahola isizwe sakwa-Israyeli lapho siphuma ebugqilini eGibhithe futhi wazibonela ngokwakhe izimangaliso eziningi zikaJehova. UJehova wamsebenzisa ukuba abhale izincwadi zokuqala ezinhlanu zeBhayibheli, iHubo 90, cishe neHubo 91. Kungenzeka wabhala nencwadi kaJobe.

4. UMose wakhuthaza bani futhi kungani?

4 Ngaphambi nje kokuba afe, eseneminyaka engu-120, uMose wabiza wonke ama-Israyeli wawakhumbuza izinto ayezibonile nezazenzekile ekuphileni kwawo. Lapho besebasha, abanye balabo ababelalele uMose babezibonile izibonakaliso nezimangaliso zikaJehova babona nalapho uJehova ahlulela abaseGibhithe. (Eks. 7:​3, 4) Babenqamule oLwandle Olubomvu olwaluhlukaniswe uJehova babona kubhujiswa nebutho likaFaro. (Eks. 14:​29-31) Ehlane, uJehova wayebavikele futhi wabanakekela. (Dut. 8:​3, 4) Manje, isizwe sase silungele ukungena eZweni Lesithembiso. Ngakho ngaphambi kokuba afe, uMose wayefuna ukusikhuthaza. a

5. Amazwi kaMose okuvalelisa akuDuteronomi 30:​19, 20 awaqinisekisa ngani ama-Israyeli?

5 Wathini uMose? (Funda uDuteronomi 30:​19, 20.) Isizwe sakwa-Israyeli sasilindele ikusasa elihle. Ngesibusiso sikaJehova, ama-Israyeli ayengaphila isikhathi eside ezweni ayewathembise ukuwanika lona. Lalingeve lilihle lelo zwe, likhiqiza inala yokudla! UMose wabachazela lona wathi: “Amadolobha amakhulu namahle ongazange uwakhe, izindlu ezigcwele zonke izinhlobo zezinto ezinhle ongazisebenzelanga, imithombo ongayimbanga, namasimu amagilebhisi nezihlahla zeminqumo ongakutshalanga.”—Dut. 6:​10, 11.

6. Kungani uNkulunkulu avumela ukuba ezinye izizwe zinqobe u-Israyeli?

6 UMose wabuye wawaxwayisa ama-Israyeli. Ukuze aqhubeke ephila ezweni lawo elithelayo kwakudingeka alalele imiyalo kaJehova. Wawakhuthaza ukuba ‘akhethe ukuphila’ ngokuba alalele uJehova futhi ‘anamathele kuye.’ Kodwa ama-Israyeli awamlalelanga uJehova. Ngakho, ngokuhamba kwesikhathi uNkulunkulu wavumela abase-Asiriya futhi kamuva nabaseBhabhiloni ukuba bawanqobe bawayise ekudingisweni.—2 AmaKh. 17:​6-8, 13, 14; 2 IziKr. 36:​15-17, 20.

7. Amazwi kaMose asifundisani? (Bheka nesithombe.)

7 Sifundani thina kulokhu? Sifunda ukuthi ukulalela kuyosindisa ukuphila kwethu. Njengama-Israyeli ayesezongena eZweni Lesithembiso, nathi sesizongena ezweni elisha elithenjiswe uNkulunkulu, lapho siyobona khona umhlaba uguqulwa uba yipharadesi. (Isaya 35:1; Luka 23:43) UDeveli namademoni akhe bayobe bengasekho. (IsAm. 20:​2, 3) Inkolo yamanga ngeke iphinde idukise abantu ngokufundisa amanga ngoJehova. (IsAm. 17:16) Ohulumeni babantu ngeke besabacindezela labo abangaphansi kwabo. (IsAm. 19:​19, 20) Amahlongandlebe ngeke abe khona epharadesi. (IHu. 37:​10, 11) Yonke indawo abantu bayobe belalela imithetho kaJehova elungile, ekhuthaza abantu ukuba babe nobunye nokuthula. Ngakho, bayobe bethandana futhi bethembana. (Isaya 11:9) Kuyoba yisikhathi esimnandi ngempela leso! Ngaphezu kwalokho, uma silalela uJehova, singaqhubeka siphila epharadesi kuze kube phakade, hhayi nje iminyaka eminingi kuphela.—IHu. 37:29; Joh. 3:16.

Uma silalela uJehova, singaphila kuze kube phakade emhlabeni oyipharadesi, singaphili iminyaka eminingi nje kuphela (Bheka isigaba 7)


8. Isithembiso sokuphila okuphakade samsiza kanjani umzalwane owayesenesikhathi eside eyisithunywa sevangeli? (Jude 20, 21)

8 Uma sihlale sicabanga ngesithembiso sikaNkulunkulu sokuphila okuphakade, siyofuna ukunamathela kuye kungakhathaliseki ukuthi yiluphi uvivinyo esibhekene nalo. (Funda uJude 20, 21.) Leso sithembiso singasinikeza amandla okulwa nobuthakathaka esinabo. Omunye umzalwane owayesenesikhathi eside eyisithunywa sevangeli e-Afrika wachaza ukuthi wayevame ukulingeka ukuba enze into engamjabulisi uJehova. Wathi: “Ngaqaphela ukuthi ngingase ngingaphili phakade epharadesi uma ngingamlaleli uJehova. Lokho kwangenza ngazimisela nakakhulu ukulwa nenkinga enganginayo, nganxusa noJehova ngokusuka enhliziyweni ukuba angisize. Ngosizo lwakhe ngakwazi ukuyinqoba.”

“UYOPHUMELELA”

9. Yiluphi uvivinyo uDavide abhekana nalo ekuphileni kwakhe?

9 UDavide wayeyinkosi eqotho. Wayephinde abe umculi, imbongi, iqhawe nomprofethi. Wabhekana novivinyo oluningi. Kwaphela iminyaka ethile ephila njengombaleki, ebalekela inkosi enomona uSawule. Lapho eseyinkosi, uDavide kwadingeka aphinde abaleke, ukuze asindise ukuphila kwakhe lapho indodana yakhe u-Absalomu izama ukuqhwaga ubukhosi. Naphezu kobunzima namaphutha akhe, uDavide wahlala eqotho kuNkulunkulu kwaze kwaba sekufeni kwakhe. UJehova wamchaza ngokuthi ‘ungumuntu ojabulisa inhliziyo yakhe.’ Kuyafaneleka ukuba sisilalele iseluleko sikaDavide!—IzE. 13:22; 1 AmaKh. 15:5.

10. Kungani uDavide eluleka indodana yakhe eyayizoba inkosi, uSolomoni?

10 Ngokwesibonelo, cabanga ngeseluleko uDavide asinikeza indodana yakhe eyayizoba inkosi, uSolomoni. Le nsizwa yayikhethwe uJehova ukuba iqhubeke ikhuthaza ukukhulekela okumsulwa yakhe nethempeli okwakuzokhonzwa kulo uNkulunkulu. (1 IziKr. 22:5) USolomoni wayezobhekana nobunzima. Wayezothini uDavide kuye? Ake sizwe.

11. Eyoku-1 AmaKhosi 2:​2, 3 ithi uDavide wamqinisekisa ngani uSolomoni, futhi kwenzekani lapho esilalela iseluleko sakhe? (Bheka nesithombe.)

11 Wathini uDavide? (Funda eyoku-1 AmaKhosi 2:​2, 3.) UDavide watshela indodana yakhe ukuthi uma ilalela uJehova, yayizophumelela. Ngempela, kwaphela iminyaka eminingi izinto zimhambela kahle uSolomoni. (1 IziKr. 29:​23-25) Wakha ithempeli elikhulu elihle, wabhala nezincwadi ezithile zeBhayibheli, kanti namazwi akhe ayatholakala kwezinye izindawo eBhayibhelini. Waduma ngokuhlakanipha nokuba nengcebo eningi. (1 AmaKh. 4:34) Kodwa njengoba uDavide achaza, uSolomoni wayezophumelela kuphela uma elalela uJehova uNkulunkulu. Ngokudabukisayo, lapho uSolomoni esemdala wakhonza abanye onkulunkulu. UJehova wamphuca umusa wakhe, ngemva kwalokho uSolomoni akabange esaba nokuhlakanipha okwakuzomenza abuse ngokulunga nangobulungisa.—1 AmaKh. 11:​9, 10; 12:4.

Amazwi okuvalelisa uDavide awasho kuSolomoni indodana yakhe asisiza sibone ukuthi uma silalela uJehova, uzosinikeza ukuhlakanipha ukuze senze izinqumo ezinhle (Bheka izigaba 11-12) b


12. Amazwi kaDavide asifundisani?

12 Sifundani thina kulokho? Sifunda ukuthi ukulalela kuyosenza siphumelele. (IHu. 1:​1-3) Yebo, uJehova akasithembisanga ukusinika ingcebo nodumo lukaSolomoni. Kodwa uma silalela uNkulunkulu wethu, uzosipha ukuhlakanipha okuzosisiza senze izinqumo ezihlakaniphile. (IzAga 2:​6, 7; Jak. 1:5) Izimiso zakhe zingasiqondisa ezindabeni ezinjengomsebenzi wokuziphilisa, imfundo, ezokuzijabulisa nemali. Ukusebenzisa ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kuzosivikela singalimali. (IzAga 2:​10, 11) Sizoba nabangani abaqotho. Sizothola nanesiqondiso esisidingayo ukuze sibe nomndeni ojabulayo.

13. Yini uCarmen ayenza ukuze aphumelele ekuphileni?

13 UCarmen, ohlala eMozambique, wayecabanga ukuthi imfundo ephakeme iyona ezomenza aphumelele ekuphileni. Waya eyunivesithi eyofundela ukudweba amapulani ezakhiwo. Wabhala: “Ngangikuthanda engangikufunda. Kodwa ukufunda kwakungichithela isikhathi esiningi, kwadla namandla ami. Ngangiba sesikoleni kusukela ngo–7:30 ekuseni kuze kuyoshaya u–6:00 ntambama. Kwakunzima ukuya emihlanganweni yebandla futhi ngaba buthaka ngokomoya. Ngabona ukuthi ngangizama ukukhonza amakhosi amabili.” (Math. 6:24) Wathandaza ngenkinga yakhe wayesecwaninga ezincwadini zethu. Wanezela: “Ngemva kokuthola iseluleko esihle kubazalwane abavuthiwe nakumama, nganquma ukushiya eyunivesithi ngikhonze uJehova isikhathi esigcwele. Ukwenza kanjalo kwangisiza ngenza izinqumo ezinhle kakhulu ekuphileni kwami, futhi angizisoli ngalutho.”

14. Yisiphi isikhuthazo nesixwayiso uMose noDavide abasinikeza?

14 UMose noDavide babemthanda uJehova futhi babebona ukuthi kubalulekile ukumlalela. Emazwini abo okuvalelisa, bakhuthaza izilaleli zabo ukuba zilandele isibonelo sabo sokunamathela kuJehova uNkulunkulu wazo. Bobabili babuye baxwayisa ngokuthi abantu ababezoshiya uJehova babezolahlekelwa umusa wakhe kanye nezibusiso ayebathembise zona. Iseluleko sabo sisewusizo kithi nanamuhla. Ngemva kweminyaka eminingi, enye inceku kaJehova yabonisa ukuthi kubalulekile ukwethembeka kuNkulunkulu.

“AYIKHO INTO ENGIJABULISA KAKHULU KUNALE”

15. Yiziphi izinto ezenzeka ekuphileni kukamphostoli uJohane?

15 UJohane wayengumphostoli uJesu Kristu ayemthanda. (Math. 10:2; Joh. 19:26) UJohane wahamba noJesu phakathi nayo yonke inkonzo yakhe, wabona izimangaliso azenza, wanamathela kuye ngisho nasebunzimeni. Wayebukele ngesikhathi uJesu ebulawa, wambona lapho esevusiwe. Wabona nalapho amaKristu anda ngekhulu lokuqala, esuka ekubeni iqembu elincane lamaKristu athembekile kwaze kwaba yilapho izindaba ezinhle ‘sezishunyayelwe kuyo yonke indalo engaphansi kwezulu.’—Kol. 1:23.

16. Obani abazuza ngokufunda izincwadi zikaJohane?

16 Lapho uJohane esekhulile, waba nelungelo lokubhala iZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe. Wabhala “isambulo sikaJesu Kristu” esimangalisayo. (IsAm. 1:1) UJohane wabhala iVangeli elibizwa ngegama lakhe. Wabhala nezincwadi ezintathu eziphefumulelwe. Incwadi yakhe yesithathu wayibhalela umKristu othembekile uGayu, lowo uJohane ayembheka njengomntwana wakhe ongokomoya othandekayo. (3 Joh. 1) Ngaleso sikhathi, kungenzeka babekhona nabanye uJohane ayebabheka njengabantwana bakhe abathandekayo abangokomoya. Lokho le ndoda esikhulile eyakubhala kusabakhuthaza abalandeli bakaJesu ngisho nanamuhla.

17. Eyesi-3 Johane 4, ithi yini eletha injabulo yangempela?

17 Yini uJohane ayibhala? (Funda eyesi-3 Johane 4.) Encwadini yakhe yesithathu, uJohane wabhala ukuthi kwakumjabulisa ukubona abafowabo nodadewabo belalela uNkulunkulu. Ngesikhathi ebhala incwadi yakhe, abanye babesakaza izimfundiso zamanga ezazibangela ukwahlukana. Noma kunjalo, abanye baqhubeka “behamba eqinisweni.” Balalela uJehova futhi baqhubeka ‘behamba ngokwemiyalo yakhe.’ (2 Joh. 4, 6) La maKristu athembekile awajabulisanga uJohane kuphela kodwa ajabulisa noJehova.—IzAga 27:11.

18. Sifundani emazwini kaJohane?

18 Sifundani thina? Sifunda ukuthi ukwethembeka kuletha injabulo. (1 Joh. 5:3) Ngokwesibonelo, kuyasithokozisa ukwazi ukuthi sijabulisa uJehova. Uyajabula lapho esibona senqaba izilingo ezisezweni bese samukela iqiniso. (IzAga 23:15) Izingelosi nazo ziyajabula ezulwini. (Luka 15:10) Nathi siyajabula lapho sibona abanye behlala bethembekile, ikakhulu uma bebhekene novivinyo nezilingo. (2 Thes. 1:4) Lapho izwe likaSathane selibhujisiwe, siyojabula ngokuthi sahlala siqotho kuJehova.

19. Udade okuthiwa uRachel yini ayisho ngokufundisa abanye iqiniso? (Bheka nesithombe.)

19 Sijabula ngokukhethekile lapho sifundisa abanye iqiniso. URachel, ohlala eDominican Republic, uthi ukubheka njengelungelo elingachazeki ukufundisa abanye ngoNkulunkulu. Lapho ecabanga ngabantu asebafundisile, uthi: “Kunzima ukuchaza injabulo engiba nayo lapho ngibona abantu engibafundisile bethanda uJehova, bafunde ukumethemba futhi bashintshe ukuphila kwabo ukuze bamjabulise. Leyo njabulo iyedlula kude imizamo nokuzidela engikwenzile ukuze ngibafundise.”

Kuyasijabulisa ukufundisa abanye ukuba bathande uJehova futhi bamlalele (Bheka isigaba 19)


ZUZA EMAZWINI OKUVALELISA ASHIWO AMADODA ATHEMBEKILE

20. Yini esifana ngayo noMose, uDavide noJohane?

20 UMose, uDavide noJohane baphila ngezikhathi nasezimweni ezingafani nezethu. Kodwa kuningi esifana ngakho. Babekhonza uNkulunkulu weqiniso njengathi. Njengabo, siyathandaza kuJehova, sincike kuye bese silandela isiqondiso sakhe. Njengala madoda akudala, siyaqiniseka ukuthi uJehova ubabusisa ngokucebile labo abamlalelayo.

21. Yiziphi izibusiso eziyotholwa yilabo abalalela iseluleko samadoda asekhulile athembekile anjengoMose, uDavide noJohane?

21 Ngakho-ke, asilalele amazwi okuvalelisa ashiwo yilawo madoda asekhulile ngokuba silalele imiyalo kaJehova. Uma senza kanjalo siyophumelela ngempela kukho konke esikwenzayo. ‘Siyophila isikhathi eside,’ yebo, siyophila kuze kube phakade! (Dut. 30:20) Siyothola nenjabulo yokwazi ukuthi sithokozisa uBaba wethu osezulwini onothando, ogcwalisa zonke izithembiso zakhe ngendlela engaphezu kakhulu kwalokho ebesingakucabanga.—Efe. 3:20.

INGOMA 129 Masiqhubeke Sikhuthazela

a Iningi lama-Israyeli elabona uJehova enza izimangaliso oLwandle Olubomvu lafa lingangenanga eZweni Lesithembiso. (Num. 14:​22, 23) UJehova wathi bonke ababebhalisiwe abaneminyaka engu-20 nangaphezulu babeyofela ehlane. (Num. 14:29) Noma kunjalo, uJoshuwa, uKalebi, abaningi besizukulwane esisha nabanye besizwe samaLevi, basinda babona uJehova esigcwalisa isithembiso sakhe lapho ama-Israyeli ewela uMfula iJordani engena eKhanani.—Dut. 1:​24-40.

b INCAZELO YEZITHOMBE: Kwesobunxele: UDavide usho amazwi okuvalelisa indodana yakhe uSolomoni. Kwesokudla: Abafundi eSikoleni Senkonzo Samaphayona bafunda ngoJehova.