Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Okungakusiza Utadishe Njalo

Okungakusiza Utadishe Njalo

UKUTHOLA kunzima yini ukusenza njalo isifundo somuntu siqu nokusijabulela? Cishe lokho kuyenzeka kithi sonke ngezinye izikhathi. Kodwa cabanga ngezinye izinto esizenza njalo, njengokugeza. Ukugeza kudinga isikhathi namandla, kodwa cabanga ngendlela umzimba oqabuleka ngayo ngemva kokuba sesigezile! Ukutadisha iBhayibheli nakho kungasiqabula kube njengokungathi ‘sigeza ngamanzi sisebenzisa izwi.’ (Efe. 5:26) Cabanga ngamanye amacebiso angakusiza:

  • Khetha isikhathi ozotadisha ngaso. Isifundo somuntu siqu siphakathi ‘kwezinto ezibaluleke kakhulu’ umKristu okumele azenze. (Fil. 1:10) Ukuze ungasikhohlwa isikhathi sakho sokutadisha, kunganjani ubhale ephepheni usuku nesikhathi ozotadisha ngaso bese ulibeka lapho uzosheshe ulibone khona lelo phepha, njengasebhodini noma efrijini? Noma ungase ukuthole kuwusizo ukucupha i-alamu emshinini wakho wezobuchwepheshe, ezokukhumbuza uma sekusondele isikhathi sokutadisha.

  • Tadisha ngendlela ezokusiza uzuze. Yikuphi okuthola kulula? Ngokwesibonelo, ingabe kulula kuwe ukugxilisa ingqondo uma utadisha isikhathi esingangehora? Noma ingabe uthanda ukutadisha isikhathi esifushane izikhathi eziningana? Nguwe owaziyo ukuthi yini ekulungele. Ngakho hlela isikhathi ozotadisha ngaso unalokho engqondweni. Uma unqena ukutadisha lapho sekushaye isikhathi sakho sokutadisha, kungani ungazami ukutadisha imizuzu eyishumi nje kuphela? Kuningi ongakuzuza kuleyo mizuzu eyishumi kunokuba ungatadishi nhlobo. Mhlawumbe uma sewuqalile ungakhuthazeka ukuba uqhubeke.—Fil. 2:13.

  • Nquma kusengaphambili ukuthi yini ozoyitadisha. Uma uqala ukucabanga ngalokho ozokutadisha lapho sekushaye isikhathi ozibekele sona, ungase ‘ungasisebenzisi kahle isikhathi sakho.’ (Efe. 5:16) Kunganjani uzibhale phansi izihloko noma izinto ongathanda ukutadisha ngazo? Ngokwesibonelo, uma kunombuzo okufikelayo engqondweni ongathanda ukuthola impendulo yawo, wubhale phansi. Njalo lapho uqeda ukutadisha, ungase wenezele ezinye izinto ongathanda ukutadisha ngazo.

  • Yenza ushintsho uma kunesidingo. Uma kunesidingo, shintsha indlela otadisha ngayo, njengesikhathi osichitha lapho utadisha noma izihloko ozikhethile. Okubalulekile—akukhona ukuthi utadisha nini, isikhathi eside kangakanani, noma ukuthi yini oyitadishayo—kodwa ukuthi utadisha njalo yini.

Sizuza ngempela ngokutadisha njalo. Sisondela nakakhulu kuJehova, sifunde ukwenza izinqumo ezihlakaniphile ekuphileni futhi sizizwa siqabulekile.—Josh. 1:8.