Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 44

INGOMA 33 Phonsa Umthwalo Wakho KuJehova

Ongakwenza Lapho Uphathwa Ngendlela Engenabulungisa

Ongakwenza Lapho Uphathwa Ngendlela Engenabulungisa

“Ungazivumeli ukuba unqotshwe okubi, kodwa qhubeka unqoba okubi ngokuhle.”ROMA 12:21.

AMAPHUZU ABALULEKILE

Kuzoxoxwa ngalokho ongakwenza lapho abanye bekuphatha ngendlela engenabulungisa ukuze ugweme ukwenza izinto zibe zimbi nakakhulu.

1-2. Yiziphi izindlela esingase siphathwe ngazo ngendlela engenabulungisa?

 UJESU wakhuluma ngomfanekiso womfelokazi owayelokhu ecela umahluleli ukuba aqikelele ukuthi uyabuthola ubulungisa. Akungabazeki ukuthi abafundi bakaJesu abaningi babeyiqonda indlela lo mfelokazi ayezizwa ngayo ngoba ngaleso sikhathi abantu abavamile babengaphathwa ngobulungisa. (Luka 18:​1-5) Le ndaba iyasithinta nathi namuhla ngoba ngandlela-thile sonke siye sabhekana nokungabi nabulungisa.

2 Ezweni namuhla, ubandlululo, ukungalingani nokucindezelwa kuyizinto ezivamile, ngakho asimangali lapho siphathwa kabi. (UmSh. 5:8) Into engasidumaza ukuphathwa kabi umfowethu noma udadewethu, kodwa lokho kungenzeka. Yiqiniso ukuthi ngokungafani nalabo abasiphikisayo, abafowethu nodadewethu abathandi ukusiphatha kabi. Bamane nje banesono. Kuningi esingakufunda endleleni uJesu asabela ngayo lapho abaphikisi abanonya bemphatha ngendlela engenabulungisa. Uma sikwazi ukubekezelela abantu abasiphikisayo abasiphatha ngendlela engenabulungisa, kufanele sibabekezelele nesikholwa nabo! UJehova uzizwa kanjani lapho abanye abantu noma esikholwa nabo besiphatha ngendlela engenabulungisa? Unendaba yini nalokho okwenzeka kithi?

3. UJehova unendaba yini lapho siphathwa ngendlela engenabulungisa futhi kungani sisho kanjalo?

3 UJehova unendaba nokuthi siphathwa kanjani. “UJehova uyabuthanda ubulungisa.” (IHu. 37:28) UJesu usiqinisekisa ngokuthi uJehova ‘uyobangela ukuba senzelwe ubulungisa ngokushesha’ ngesikhathi esifanele. (Luka 18:​7, 8) Maduzane uyoqeda zonke izinto ezisihlukumezayo, aqede nazo zonke izinhlobo zokungabi nabulungisa.—IHu. 72:​1, 2.

4. UJehova usisiza ngaziphi izindlela namuhla?

4 Njengoba sisalinde isikhathi okuyogcwala ngaso ukulunga emhlabeni, uJehova uyasisiza sibhekane nokuphathwa ngendlela engenabulungisa. (2 Pet. 3:13) Usifundisa ukuthi singakugwema kanjani ukwenza into engahlakaniphile lapho siphathwa kabi. Esebenzisa iNdodana yakhe, uJehova usinikeza isibonelo esizedlula zonke sokuthi singabhekana kanjani nokuphathwa ngendlela engenabulungisa. Usinikeza iseluleko esiwusizo esingasisebenzisa lapho siphathwa kabi.

YIQAPHE INDLELA OSABELA NGAYO LAPHO UPHATHWA NGENDLELA ENGANABULUNGISA

5. Kungani kufanele siyiqaphe indlela esisabela ngayo lapho siphathwa ngendlela engenabulungisa?

5 Singase sizwe ubuhlungu obukhulu futhi sikhathazeke lapho siphathwa ngendlela engenabulungisa. (UmSh. 7:7) Izinceku zikaJehova ezithembekile ezinjengoJobe noHabakuki zazizizwa ngaleyo ndlela. (Jobe 6:​2, 3; Hab. 1:​1-3) Nakuba kungokwemvelo ukuzizwa ngaleyo ndlela, kudingeka siyiqaphe indlela esisabela ngayo ukuze singenzi into ewubuwula.

6. Sisifundisani isibonelo sika-Absalomu? (Bheka nesithombe.)

6 Lapho siphathwa ngendlela engenabulungisa singase sifune ukuziphindiselela. Nokho, ukwenza ngaleyo ndlela kungenza izinto zibe zimbi nakakhulu. Cabanga ngesibonelo sendodana yeNkosi uDavide, u-Absalomu. Wathukuthela kakhulu lapho udadewabo uThamari edlwengulwa u-Amnoni umfowabo ngamzali munye. NgokoMthetho KaMose, u-Amnoni kwakumele abulawe ngenxa yalokho ayekwenzile. (Lev. 20:17) Nakuba kwakuqondakala ukuthi kungani u-Absalomu ayethukuthele, kwakungafanele abulale u-Amnoni.—2 Sam. 13:​20-23, 28, 29.

U-Absalomu wahluleka ukulawula intukuthelo yakhe lapho udadewabo uThamari ephathwa ngendlela engenabulungisa (Bheka isigaba 6)


7. Ekuqaleni ukungabi nabulungisa kwamthinta kanjani umhubi?

7 Lapho abantu abasiphatha ngendlela engenabulungisa bebonakala bengajeziswa ngenxa yezenzo zabo, singase siqale ukuzibuza ukuthi kuyasiza ngempela yini ukwenza okulungile. Cabanga ngomhubi owayebona abantu ababi bebonakala bechuma ngokuphatha kabi abantu abalungile. Wathi: “Laba yibo ababi, okuhlale kubahambela kahle.” (IHu. 73:12) Naye wayekhathazekile ngenxa yokungabi nabulungisa ayekubona futhi wayecabanga ukuthi kwakungazuzisi ukukhonza uJehova. Wathi: “Lapho ngizama ukukuqonda, kwakungibangela ukukhathazeka.” (IHu. 73:​14, 16) Empeleni wathi: “Kusale kancane ukuba izinyawo zami ziphambuke; kusale kancane ukuba ngishelele lapho nginyathela.” (IHu. 73:2) Kwenzeka into efanayo kumzalwane esizombiza ngokuthi u-Alberto.

8. Ukuphathwa ngendlela engenabulungisa kwaba namuphi umphumela komunye umzalwane?

8 U-Alberto wasolwa ngokuthi wayentshontshe imali yebandla. Ngenxa yalokho walahlekelwa amalungelo akhe futhi iningi lalabo abezwa ngale ndaba ebandleni babengasamhloniphi. Uyakhumbula, “Ngangicasukile futhi ngiphoxekile.” Wavumela ubuhlungu ayebuzwa baphazamisa ubuhlobo bakhe noJehova kangangokuba waze waphola iminyaka emihlanu. Lesi sibonelo sibonisa lokho okungenzeka uma sithukutheliswa ukuphathwa ngendlela engenabulungisa.

LINGISA INDLELA UJESU ABHEKANA NGAYO NOKUPHATHWA NGENDLELA ENGENABULUNGISA

9. Yikuphi ukungabi nabulungisa uJesu akukhuthazelela? (Bheka nesithombe.)

9 UJesu wasibekela isibonelo esizedlula zonke sokuthi singabhekana kanjani nokuphathwa ngendlela engenabulungisa. Cabanga indlela engenabulungisa uJesu aphathwa ngayo umndeni wakhe nabanye abantu. Izihlobo zakhe ezingakholwa zamsola ngokuthi uyahlanya, abaholi benkolo bamsola ngokuthi usebenzelana namademoni, amasosha amaRoma ahlekisa ngaye, amshaya, ekugcineni ambulala. (Marku 3:​21, 22; 14:55; 15:​16-20, 35-37) Noma kunjalo, uJesu wakhuthazelela konke lokho kuphathwa ngendlela engenabulungisa futhi akazange alwe. Yini esingayifunda esibonelweni sakhe?

UJesu wasibekela isibonelo esihle endleleni okumele sisabele ngayo lapho siphathwa ngendlela engenabulungisa (Bheka izigaba 9-10)


10. UJesu wabhekana kanjani nokuphathwa ngendlela engenabulungisa? (1 Petru 2:​21-23)

10 Funda eyoku-1 Petru 2:​21-23. a UJesu wasishiyela isibonelo esihle kakhulu esingasilingisa lapho siphathwa ngendlela engenabulungisa. Wayazi ukuthi kufanele athule nini futhi akhulume nini. (Math. 26:​62-64) Akazange aphendule kunoma yimaphi amanga ayeqanjelwa wona. (Math. 11:19) Lapho ephendula akazange abathuke labo ababemshushisa noma abasongele. UJesu wazibamba wangaphendula ngoba “wathembela kuLowo owahlulela ngokulunga.” Wayazi ukuthi indlela uJehova abheka ngayo izinto iyona eyayibaluleke kakhulu. Wayeqiniseka ngokuthi uJehova uzokulungisa ukungabi nabulungisa ngesikhathi esifanele.

11. Yiziphi ezinye izindlela esingalawula ngazo esikushoyo? (Bheka nesithombe.)

11 Lapho siphathwa ngendlela engenabulungisa singalingisa uJesu ngokulawula lokho esikushoyo. Okunye ukungabi nabulungisa akusho lutho futhi singavele sikushalazelele. Noma singavele sikhethe ukuthula ukuze sigweme ukusho into engenza izinto zibe zimbi nakakhulu. (UmSh. 3:7; Jak. 1:​19, 20) Ngezinye izikhathi, kungase kudingeke sikhulume uma sibona ukuthi siphathwa ngendlela engenabulungisa noma uma kudingeka sivikele iqiniso. (IzE. 6:​1, 2) Uma sikhuluma, kufanele sizame ngawo wonke amandla ethu ukwehlisa umoya, sikhulume ngendlela ebonisa inhlonipho.—1 Pet. 3:15. b

Lapho siphathwa ngendlela engenabulungisa, singalingisa uJesu ngokuthi sikukhethe ngokucophelela esizokusho nokuthi sizokusho nini (Bheka izigaba 11-12)


12. Singathembela kanjani “kuLowo owahlulela ngokulunga”?

12 Nathi singalingisa uJesu ngokuthembela “kuLowo owahlulela ngokulunga.” Lapho abanye besahlulela ngokungeyikho noma besiphatha kabi, siyaqiniseka ukuthi uJehova uyalazi iqiniso. Lokho kuqiniseka kungasisiza sikhuthazelele ukuphathwa kabi ngoba siyazi ukuthi ekugcineni uJehova uyozilungisa izinto. Uma sishiyela izinto kuJehova, sigwema ukuba nentukuthelo noma ukuba nenzondo ezinhliziyweni zethu. Leyo mizwa ingenza senze izinto zibe zimbi nakakhulu, ingaqeda injabulo yethu futhi ingalimaza ubuhlobo bethu noJehova.—IHu. 37:8.

13. Yini engasisiza siqhubeke sikhuthazelela ukuphathwa ngendlela engenabulungisa?

13 Yiqiniso, asisoze sakwazi ukusilingisa ngokuphelele isibonelo sikaJesu. Ngezinye izikhathi, singenza noma sisho izinto esizozisola ngazo kamuva. (Jak. 3:2) Ezinye izenzo zokuphathwa ngendlela engenabulungisa zingasishiya nezibazi ngokomzwelo nasemzimbeni, okungaba nzima ukuzikhuthazelela. Uma ubhekene naleso simo, qiniseka ngokuthi uJehova uyasazi isimo obhekene naso. UJesu, naye owaphathwa ngendlela engenabulungisa, uyazwelana nawe. (Heb. 4:​15, 16) Ngaphandle kokusinika isibonelo sikaJesu esizedlula zonke, uJehova usinika neseluleko esiseZwini lakhe esisisiza sibhekane nokuphathwa ngendlela engenabulungisa. Ake sixoxe ngamavesi amabili angasisiza asencwadini yabaseRoma.

“QHELELANI ULAKA”

14. Kusho ukuthini ‘ukuqhelela ulaka’? (Roma 12:19)

14 Funda eyabaseRoma 12:19. Ngesikhathi umphostoli uPawulu enxusa amaKristu ukuba ‘aqhelele ulaka,’ olukabani ulaka ayekhuluma ngalo? Kule ndaba wayekhuluma ngolaka lukaJehova. Siqhelela ulaka lukaJehova ngokuthi simvumele alethe ubulungisa ngesikhathi sakhe nangendlela yakhe. Ngemva kokuphathwa kabi, umzalwane okuthiwa uJohn wathi: “Kwakumele ngilwe nesifiso sokufuna ukulungisa izinto ngendlela yami. EyabaseRoma 12:19 yangisiza ukuba ngilinde uJehova.”

15. Kungani kungcono kakhulu ukulinda uJehova ukuba alungise izinto?

15 Siyazuza lapho silinda uJehova ukuba alungise izinto. Uma senza kanjalo, ngeke kudingeke sibhekane nokucindezeleka nokudumazeka okubangelwa ukuzama ukuzixazululela thina izinto. UJehova uthi uzosisiza. Kunjengokungathi uthi, ‘Ngizozilungisa izinto; ngizokuqeda ukungabi nabulungisa.’ Uma sisamukela isithembiso sikaJehova esithi “ngizobuyisela mina,” singakwazi ukudlulisa indaba, siqiniseka ngokuthi uzoyisingatha ngendlela engcono kakhulu. Yilokho kanye okwasiza uJohn, okukhulunywe ngaye ekuqaleni. Wathi, “Uma nje ngingalinda uJehova, uyozisingatha ngendlela engcono kakhulu izinto kunami.”

“QHUBEKA UNQOBA OKUBI NGOKUHLE”

16-17. Umthandazo ungasisiza kanjani ukuba ‘siqhubeke sinqoba okubi ngokuhle’? (Roma 12:21)

16 Funda eyabaseRoma 12:21. UPawulu wakhuthaza amaKristu nokuba ‘aqhubeke enqoba okubi ngokuhle.’ ENtshumayelweni yakhe yaseNtabeni, uJesu wathi: “Qhubekani nithanda izitha zenu, nithandazela nalabo abanishushisayo.” (Math. 5:44) Yilokho kanye akwenza. Cishe sike sacabanga ngobuhlungu uJesu abukhuthazelela ngesikhathi amasosha amaRoma emlengisa esigxotsheni sokuhlushwa. Ngeke sikwazi ukubuqonda ngokugcwele ubuhlungu abuzwa, indlela ahlaziswa ngayo nendlela akhuthazelela ngayo ukuphathwa ngendlela engenabulungisa.

17 UJesu akazange anqotshwe ukuphathwa ngendlela engenabulungisa. Kunokuba awaqalekise lawo masosha, wathandaza: “Baba, bathethelele ngoba abakwazi abakwenzayo.” (Luka 23:34) Lapho sibathandazela labo abasiphatha kabi, lokho kungasenza singabi nenzondo, singathukutheli kakhulu futhi kungashintsha ngisho nendlela esibabheka ngayo.

18. Umthandazo wamsiza kanjani u-Alberto noJohn ukuba babhekane nokuphathwa ngendlela engenabulungisa?

18 Umthandazo wasiza abazalwane ababili okukhulunywe ngabo ekuqaleni kulesi sihloko ukuba babhekane nokuphathwa ngendlela engenabulungisa. U-Alberto uthi: “Ngabathandazela abazalwane ababengiphathe kabi. Ngacela uJehova izikhathi eziningana ukuba angisize ngikudlulise okwakwenzekile.” Ngokujabulisayo, u-Alberto usephinde wakhonza uJehova ngokwethembeka. UJohn uthi: “Ngathandazela umzalwane owangizwisa ubuhlungu izikhathi eziningi. Leyo mithandazo yangisiza ukuba ngimbheke ngendlela efanele, ngingamahluleli. Yangisiza nokuba ngibe nokuthula kwengqondo.”

19. Yini okumele siyenze kuze kube sekupheleni kwalesi simiso? (1 Petru 3:​8, 9)

19 Asazi ukuthi yikuphi ukuphathwa ngendlela engenabulungisa esiyobhekana nakho ngaphambi kokuba siphele lesi simiso. Kungakhathaliseki ukuthi yini esibhekana nayo, masingalokothi siyeke ukuthandaza kuJehova sicele usizo. Kwangathi singalingisa nendlela uJesu asabela ngayo lapho ephathwa kabi, siqhubeke sisebenzisa nezimiso zeBhayibheli. Uma senza kanjalo, singaqiniseka ngokuthi uJehova uzosibusisa.—Funda eyoku-1 Petru 3:​8, 9.

INGOMA 38 Uyonenza Nibe Namandla

a Kweyokuqala kaPetru isahluko 2 no-3, uPetru ukhuluma ngezimo lapho amaKristu amaningana angekhulu lokuqala aphathwa khona ngendlela engenabulungisa abaqashi bawo abanokhahlo noma abayeni bawo abangakholwa.—1 Pet. 2:​18-20; 3:​1-6, 8, 9.