Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

AMACEBISO OKUTADISHA

Thola Indawo Ekahle Ozotadishela Kuyo

Thola Indawo Ekahle Ozotadishela Kuyo

Ungathanda yini ukuzuza okwengeziwe esifundweni sakho somuntu siqu? La macebiso alandelayo angakusiza ukwazi ukugxilisa ingqondo lapho utadisha:

  • Khetha indawo ekahle. Uma kungenzeka, thola indawo ehlanzekile nekhanyayo ukuze ukwazi ukufunda kahle. Ungatadishela edeskini noma etafuleni, noma ukhethe indawo ekahle ngaphandle.

  • Thola indawo ozokwazi ukuba wedwa kuyo. UJesu wakhetha ukuthandaza “ekuseni kakhulu . . . endaweni engenabantu.” (Marku 1:35) Uma kungenakwenzeka ukuba ube wedwa, ungatshela umndeni wakho noma abantu ohlala nabo isikhathi otadisha ngaso, ucele bangakuphazamisi.

  • Zama ukugwema iziphazamiso. Uma usebenzisa ifoni noma ithebhulethi lapho utadisha, kucuphe ngendlela yokuba kungakuphazamisi. Uma kukhona okukhumbulayo okudingeka ukwenze, kubhale phansi ukuze ukwenze uma usuqedile ukufunda. Uma kunzima ukuba ugxilise ingqondo, thatha ikhefu ulule izinyawo noma uzelule.