Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Uyazisa Kakhulu INcwadi KaJehova?

Ingabe Uyazisa Kakhulu INcwadi KaJehova?

“Ngesikhathi namukela izwi likaNkulunkulu, . . . anilamukelanga njengezwi labantu, kodwa njengezwi likaNkulunkulu.”—1 THES. 2:13.

IZINGOMA: 114, 113

1-3. Yini okungenzeka yabangela ukungaboni ngaso linye phakathi kuka-Evodiya noSintike futhi izinkinga ezinjalo zingagwenywa kanjani? (Bheka isithombe esisekuqaleni.)

IZINCEKU zikaJehova ziyazisa kakhulu incwadi kaJehova engcwele, iBhayibheli. Njengoba singaphelele, sonke siyasithola iseluleko semiBhalo ngezinye izikhathi. Sisabela kanjani? Cabanga ngamaKristu angekhulu lokuqala u-Evodiya noSintike. Kwaphakama izinkinga ezinkulu phakathi kwalaba besifazane abagcotshiwe. Yayiyini inkinga? IBhayibheli alisho. Kodwa ukuze sifanekise cabanga ngalokhu okwakungase kwenzeke.

2 Ake sithi u-Evodiya umema abazalwane nodade emzini wakhe ukuze bajabulele isidlo futhi bakhane. USintike akazange amenywe, kodwa uye wezwa ngalo mbuthano omnandi abantu abawujabulele. Mhlawumbe uSintike wacabanga: ‘Angikholwa ukuthi u-Evodiya akazange angimeme! Bengicabanga ukuthi singabangane abakhulu.’ Ezizwa ekhishwe inyumbazane, uSintike uqala ukungabaza u-Evodiya aze ambuke ngokumsola. Ngakho uSintike uhlela owakhe umcimbi, bese emema abazalwane nodade abafanayo—kodwa akammemi u-Evodiya! Inkinga eyayikhona phakathi kuka-Evodiya noSintike kungenzeka yaphazamisa ukuthula kwalo lonke ibandla. IBhayibheli alisitsheli ukuthi waba yini umphumela, kodwa labo dade kungenzeka basabela kahle eselulekweni sikaPawulu sothando.—Fil. 4:2, 3.

3 Izimo ezifanayo ngezinye izikhathi zibangela ubunzima emabandleni abantu bakaJehova namuhla. Nokho, izinkinga ezinjalo zingaxazululwa noma zigwenywe uma sisebenzisa iseluleko esisithola eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli. Uma siyazisa kakhulu iNcwadi kaJehova, siyophila ngokuvumelana neziqondiso zayo.—IHu. 27:11.

INCWADI KANKULUNKULU NEMIZWELO YABANTU

4, 5. Yisiphi iseluleko esisinikezwa iZwi likaNkulunkulu ngokulawula imizwelo yethu?

4 Akulula ukulawula imizwelo yethu lapho sinomuzwa wokuthi sehliswe isithunzi noma siphathwe ngendlela engenabulungisa. Singahlukumezeka kakhulu uma siphathwa kabi ngenxa yohlanga lwethu, ibala lesikhumba noma indlela esibukeka ngayo. Sizwa ubuhlungu obukhulu nakakhulu lapho lokho kwenziwa umKristu esikanye naye! Ingabe iZwi likaNkunkulu liyasinika iseluleko esisisiza sibhekane nale ndlela embi yokuziphatha kwabantu abangaphelele?

5 Kusukela ekuqaleni, uJehova ubelokhu eyibuka indlela abantu abasebenzelana ngayo. Uyayiqaphela imizwelo yethu nezenzo zethu. Imicabango, kuhlanganise naleyo ebangelwa imizwelo, ingabangela ukuba sisho noma senze izinto esingagcina sizisola ngazo. Yeka ukuthi kuhlakaniphe kanjani ukusebenzisa iseluleko seBhayibheli sokulawula intukuthelo yethu nokugwema ukucasuka ngokushesha! (Funda izAga 16:32; umShumayeli 7:9.) Ngokuqinisekile sonke kudingeka sizame ukungacikeki kalula futhi sithethelele kakhudlwana. KuJehova nakuJesu ukuthethelela kuyinto ebaluleke kakhulu. (Math. 6:14, 15) Ingabe udinga ukuba othethelela kakhudlwana noma udinga ukufunda ukulawula imizwelo yakho?

6. Kungani kufanele siqaphe ukuhlala sicasukile?

6 Abantu abahluleka ukulawula imizwelo yabo ngokuvamile bahlale becasukile. Ngenxa yalokho, abantu bayaqhela kubo. Umuntu ohlala ecasukile angaba ithonya elibi ebandleni. Angase azame ukukufihla ukucasuka kwakhe noma ngisho inzondo anayo, kodwa imicabango emibi esenhliziyweni yakhe ‘iyokwembuleka ebandleni.’ (IzAga 26:24-26) Abadala bangase bakwazi ukumsiza umuntu onjalo ukuba abone ukuthi ukuhlala kwakhe ecasukile, inzondo nokufukamela amagqubu kuyizinto ezingafuneki enhlanganweni kaNkulunkulu. INcwadi kaJehova eyigugu ikwenza kucace lokho. (Lev. 19:17, 18; Roma 3:11-18) Ingabe uvumelana nayo?

KHUMBULA INDLELA ESIHOLWA NGAYO

7, 8. (a) UJehova uyihola kanjani ingxenye esemhlabeni yenhlangano yakhe? (b) Yiziphi ezinye zeziqondiso ezitholakala eZwini likaNkulunkulu futhi kungani kufanele sizilalele?

7 UJehova uhola futhi ondle labo abasengxenyeni esemhlabeni yenhlangano yakhe esebenzisa “inceku ethembekileyo neqondayo” eqondiswa uKristu, ‘inhloko yebandla.’ (Math. 24:45-47; Efe. 5:23) Njengendikimba ebusayo yangekhulu lokuqala, le nceku yamukela izwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe noma umyalezo futhi ilazisa kakhulu. (Funda eyoku-1 Thesalonika 2:13.) Yiziphi ezinye zeziqondiso ezisizuzisayo esizithola eBhayibhelini?

8 IBhayibheli lisiqondisa ukuba siye emihlanganweni njalo. (Heb. 10:24, 25) Lisinxusa ukuba sisakaze imfundiso yobunye. (1 Kor. 1:10) IZwi likaNkulunkulu lisitshela ukuthi sibeke uMbuso kuqala ekuphileni kwethu. (Math. 6:33) ImiBhalo iphinde igcizelele umsebenzi nelungelo lethu lokushumayela endlini ngendlu, ezindaweni zomphakathi nangokwethukela. (Math. 28:19, 20; IzE. 5:42; 17:17; 20:20) INcwadi kaNkulunkulu iqondisa abadala abangamaKristu ukuba bagcine inhlangano yakhe ihlanzekile. (1 Kor. 5:1-5, 13; 1 Thim. 5:19-21) UJehova uyala ukuba bonke labo abasenhlanganweni yakhe bahlanzeke ngokwenyama nangokomoya.​—2 Kor. 7:1.

9. Yimuphi umzila osetshenziselwa ukusisisiza siqonde iZwi likaNkulunkulu?

9 Abanye bangase babe nomuzwa wokuthi bangaliqonda iBhayibheli ngokwabo. Nokho, uJesu wamisa ‘inceku ethembekileyo’ ukuze kube yiyo kuphela ekhipha ukudla okungokomoya. Kusukela ngo-1919, uJesu Kristu okhazinyulisiwe ubelokhu esebenzisa le nceku ukuze asize abalandeli bakhe baqonde iNcwadi kaNkulunkulu futhi balandele iziqondiso zayo. Ngokulalela iziqondiso ezitholakala eBhayibhelini, silondoloza ukuhlanzeka, ukuthula nobunye ebandleni. Sonke ngabanye senza kahle ngokuzibuza, ‘Ingabe ngiqotho emzileni uJesu awusebenzisayo namuhla?’

INQOLA KAJEHOVA IQHUBEKELA PHAMBILI!

10. Ingxenye esezulwini yenhlangano kaJehova ichazwe kanjani encwadini kaHezekeli?

10 IZwi likaJehova elilotshiwe lisitshela ngengxenye esezulwini yenhlangano yakhe. Ngokwesibonelo, umprofethi uHezekeli wathola umbono abona kuwo ingxenye esezulwini yenhlangano kaNkulunkulu emelelwa inqola yasezulwini. (Hez. 1:4-28) UJehova ugibele le nqola futhi iya nomaphi lapho umoya uyiholela khona. Ingxenye esezulwini yenhlangano yakhe ithonya ingxenye esemhlabeni yenhlangano yakhe. Ngokuqinisekile inqola ibilokhu iqhubekela phambili! Cabanga ngezinguquko eziningi ezenziwe enhlanganweni kule minyaka eyishumi edlule—ukhumbule nokuthi nguJehova obangela izinguquko ezinjalo. Njengoba sekuseduze ukuba uKristu, nezingelosi ezingcwele babhubhise lo mhlaba owonakele, inqola kaJehova ihamba ngesivinini esikhulu, iphokophele ekulwelweni kobukhosi nasekungcwelisweni kwegama laKhe elingcwele!

Yeka ukuthi sibonga kanjani ngezisebenzi zokuzithandela ezenza imisebenzi ngenkuthalo! (Bheka isigaba 11)

11, 12. Yiziphi ezinye zezinto ezifezwa inhlangano kaJehova?

11 Cabanga ngezinto ezifezwa ingxenye esemhlabeni yenhlangano kaNkulunkulu kulezi zinsuku zokugcina. Ukwakha. Amakhulu ezisebenzi abematasa akha indlunkulu entsha yoFakazi BakaJehova eWarwick, eNew York, e-U.S.A. Ziqondiswa uMnyango Wokwakha Nokuklama Emhlabeni Wonke, izinkulungwane zezisebenzi zokuzithandela kuwo wonke umhlaba zisebenza ngokuzikhandla zakha amaHholo OMbuso amasha futhi zinweba izakhiwo zamagatsha. Yeka indlela esibonga ngayo ngezisebenzi zokuzithandela ezisebenza ngokuzimisela emisebenzini enjalo! Khumbula ukuthi uJehova uyababusisa abamemezeli boMbuso emhlabeni kabanzi ngokuzithoba nangokwethembeka abanikela ngalokho abanakho ukuze basekele le misebenzi.​—Luka 21:1-4.

12 Imfundo. Cabanga ngezikole ezihlukahlukene ezithuthukisa imfundo yaphezulu. (Isaya 2:2, 3) Kukhona iSikole Senkonzo Samaphayona, iSikole Sabashumayeli Bevangeli LoMbuso, iSikole SaseGileyadi, iSikole Sabasanda Kufika EBethel, iSikole Sababonisi Abajikelezayo Nomkabo, iSikole Sabadala Bebandla, iSikole Senkonzo SoMbuso neSikole Samalungu Ekomiti Yegatsha Nomkawo. Yeka indlela uJehova akuthanda ngayo ukufundisa abantu bakhe! Imfundo yeBhayibheli iyatholakala nasengosini yethu ethi jw.org/zu okutholakala kuyo izincwadi ngamakhulu ezilimi. Le ngosi inezingxenye ezikhethekile zezingane nemindeni kanye nengxenye othola kuyo okwamuva. Ingabe uyayisebenzisa i-jw.org enkonzweni yakho nasekukhulekeleni komkhaya?

BONISA UBUQOTHO KUJEHOVA USEKELE INHLANGANO YAKHE

13. Yimuphi umthwalo esinawo njengezikhonzi zikaJehova eziqotho?

13 Yeka ilungelo esinalo lokuba ingxenye yenhlangano kaJehova! Njengoba sazi izimfuneko nezindinganiso zikaNkulunkulu, sinomthwalo wokwenza okulungile futhi silwele ubukhosi bakhe. Njengoba leli zwe liqhubeka lizitika ngamanyala, kumelwe ‘sizonde okubi’ njengoJehova. (IHu. 97:10) Siyenqaba ukuhlanganyela nabangamkhonzi uNkulunkulu abathi: “Okuhle kubi nokubi kuhle.” (Isaya 5:20) Ngenxa yokuthi sifuna ukujabulisa uNkulunkulu, silwela ukuhlale sihlanzekile emzimbeni, ngokokuziphatha nangokomoya. (1 Kor. 6:9-11) Siyamthanda uJehova futhi siyamethemba; sikhetha ukubonisa ubuqotho bethu kuye ngokuphila ngokuvumelana nezindinganiso zakhe ezivezwe ngokucacile eNcwadini yakhe eyigugu. Senza konke okusemandleni ukuze sizivumelanise nalezo zindinganiso ekhaya, ebandleni, emsebenzini, esikoleni—yonke indawo. (IzAga 15:3) Cabanga nangezinye izindlela esingabonisa ngazo ubuqotho bethu kuNkulunkulu.

14. Abazali abangamaKristu bangabubonisa kanjani ubuqotho kuNkulunkulu?

14 Ukukhulisa izingane. Abazali abangamaKristu babonisa ubuqotho kuJehova ngokuqeqesha izingane zabo ngokuvumelana neZwi lakhe. Abazali abalalela uNkulunkulu abathonywa imibono yamasiko endawo yokukhulisa izingane. Umoya wezwe awamukelekile ekhaya lomKristu. (Efe. 2:2) Ubaba ongumKristu ngeke athi, ‘Ezweni lethu abesifazane abafundisa izingane.’ IBhayibheli licacile kule ndaba, lithi: “Nani bobaba, . . . qhubekani nibakhulisa [abantwana benu] ngesiyalo nangokuqondisa umqondo kukaJehova.” (Efe. 6:4) Obaba nomama abesaba uNkulunkulu bafuna izingane zabo zibe njengoSamuweli, ngoba uJehova wayenaye ngesikhathi ekhula.​—1 Sam. 3:19.

15. Sibubonisa kanjani ubuqotho bethu kuJehova lapho senza izinqumo ezinkulu?

15 Ukwenza izinqumo. Lapho senza izinqumo ezinkulu ekuphileni, indlela esingabonisa ngayo ukuthi siqotho kuNkulunkulu ukufuna usizo eZwini lakhe elilotshiwe nasenhlanganweni yakhe. Ukuze sibonise ukubaluleka kokwenza lokho, cabanga ngendaba ebucayi ethinta abazali abaningi. Kuwumkhuba wabaningi abathuthele kwamanye amazwe ukuthumela izinsana zabo ezihlotsheni ukuba ziyonakekelwa ukuze abazali baqhubeke besebenza benza imali ezweni elisha abakulo. Yebo, lesi isinqumo umuntu azenzela sona, kodwa kufanele sikhumbule ukuthi siyolandisa kuNkulunkulu ngezinqumo esizenzayo. (Funda eyabaseRoma 14:12.) Kungaba ukuhlakanipha yini ukwenza izinqumo ezibalulekile ngomndeni nangokuphila kwethu ngaphambi kokuhlola iBhayibheli? Lutho neze! Sidinga usizo lukaBaba wethu osezulwini ngoba asikwazi ukuqondisa izinyathelo zethu.—Jer. 10:23.

16. Ngesikhathi indodana yakhe izalwa, yisiphi isinqumo umama othile okwadingeka asenze futhi yini eyamsiza wenza isinqumo esifanele?

16 Omunye owesifazane owazala ingane yomfana ngesikhathi ehlala kwelinye izwe wayethi uzoyithumela ekhaya ukuba iyonakekelwa ugogo nomkhulu. Lapho indodana izalwa, uFakazi kaJehova waqala ukufunda iBhayibheli nalona wesifazane. Wathuthuka kahle futhi wafunda ukuthi kwakuwumsebenzi wakhe awunikwe uNkulunkulu ukufundisa ingane yakhe ukukhonza uJehova. (IHu. 127:3; IzAga 22:6) Lona wesifazane osemusha wathululela isifuba sakhe kuJehova, njengoba imiBhalo isikhuthaza. (IHu. 62:7, 8) Waphinde wathululela isifuba sakhe kumuntu owayemfundisa iBhayibheli futhi wakhuluma nabanye ebandleni. Naphezu kokucindezelwa izihlobo nabangane ukuba athumele usana lwakhe kugogo nomkhulu, wanquma ukuthi kwakungelona icebo elihlaniphile lelo. Umyeni wakhe wahlabeka umxhwele lapho ebona indlela ibandla elaba yisivikelo ngayo kuye nasenganeni yabo futhi wavuma ukufundelwa iBhayibheli waqala ukuya emihlanganweni nenkosikazi yakhe nengane yabo. Ingabe ucabanga ukuthi lo mama waba nomuzwa wokuthi uJehova uyiphendulile imithandazo yakhe esuka enhliziyweni? Ngokungangabazeki wazizwa ngaleyo ndlela.

17. Yisiphi isiqondiso esisitholile ngokuphathelene nalabo esibafundela iBhayibheli?

17 Landela isiqondiso. Indlela ebalulekile esibonisa ngayo ubuqotho kuNkulunkulu ukulandela isiqondiso esisithola enhlanganweni yakhe. Ngokwesibonelo, cabanga ngamacebiso esiwanikeziwe ngokuphathelene nabantu esibafundela iBhayibheli. Siye sakhuthazwa ukuba ngokushesha ngemva kokuqala isifundo ngencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? sisebenzise imizuzu embalwa ngemva kwesifundo ngasinye ukuze sichazele umfundi ngenhlangano. Lokhu singakwenza ngokusebenzisa i-video ethi Kwenziwani EHholo LoMbuso? nencwajana ethi Obani Abenza Intando KaJehova Namuhla? Kuye kwathiwa lapho siqeda ukufunda incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli nomfundi othuthukayo, sifunde naye incwadi ethi “Zigcineni Othandweni LukaNkulunkulungisho noma esebhapathiziwe. Inhlangano isinikeze lesi siqondiso ukuze abafundi abasha ‘basimamiswe okholweni.’ (Kol. 2:7) Ingabe uyawasebenzisa la macebiso avela enhlanganweni kaJehova?

18, 19. Yiziphi ezinye zezizathu okufanele sibonge uJehova ngazo?

18 Ziningi izizathu ezibangela ukuba simbonge uJehova! Simkweleta ukuphila kwethu, ngoba ngaphandle kwakhe ngeke sinyakaze noma sibe khona. (IzE. 17:27, 28) Usinike isipho esiyigugu—incwadi yakhe, iBhayibheli. Ngokwazisa sasamukela njengomyalezo kaNkulunkulu, njengoba namaKristu aseThesalonika alizwa iZwi likaNkulunkulu futhi alamukela.​—1 Thes. 2:13.

19 Njengoba sineZwi likaNkulunkulu elilotshiwe, siye sasondela kuJehova futhi naye uye wasondela kithi. (Jak. 4:8) UBaba wethu osezulwini uye wasinika ilungelo lokuba yingxenye yenhlangano yakhe. Yeka indlela esizazisa ngayo lezi zibusiso! Umhubi wakubeka kahle lapho ehlabelela: “Bongani uJehova, nina bantu, ngoba muhle: Ngoba umusa wakhe wothando umi kuze kube nini nanini.” (IHu. 136:1) KumaHubo 136 amazwi athi, “umusa wakhe wothando umi kuze kube nini nanini” avela izikhathi ezingu-26. Ngokuzibonisa siqotho kuJehova nasenhlanganweni yakhe, siyobona ukuba yiqiniso kwalawo mazwi athinta inhliziyo ngoba siyophila phakade!