Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Qhubekani Nikhuthazana Usuku Ngalunye”

“Qhubekani Nikhuthazana Usuku Ngalunye”

“Uma likhona izwi lesikhuthazo enifuna ukulisho kubantu, lishoni.”​—IZE. 13:15.

IZINGOMA: 121, 45

1, 2. Bonisa ukuthi kungani isikhuthazo sibalulekile.

UCRISTINA oneminyaka engu-18 uthi, “Abazali bami abalokothi bangincome, kunalokho bangigxeka njalo. [1] Basho izinto ezibuhlungu kakhulu. Bathi angivuthiwe, angisoze ngafunda futhi ngikhuluphele. Ngakho ngikhala njalo futhi angikuthandi ukukhuluma nabo. Ngizizwa ngingelutho.” Yeka ukuthi ukuphila kungakhungathekisa kanjani ngaphandle kwesikhuthazo!

2 Ngakolunye uhlangothi, isikhuthazo singanikeza amandla okwenza okuhle. URubén uthi, “Ngiye ngalwa nemizwa yokuzizwa ngingelutho iminyaka eminingi. Kodwa ngesinye isikhathi, ngangishumayela nomdala owaqaphela ukuthi ngangingajabule ngalolo suku. Wangilalela ngozwela njengoba ngangichaza indlela engangizizwa ngayo. Wabe esengikhumbuza izinto ezinhle engangizifeza. Wangikhumbuza namazwi kaJesu—ukuthi ngamunye wethu ubaluleke kakhulu kunondlunkulu. Ngihlale ngicabanga ngalowo mBhalo futhi ungithinta inhliziyo. Amazwi omdala enza umehluko omkhulu.”​—Math. 10:31.

3. (a) Wathini umphostoli uPawulu mayelana nesikhuthazo? (b) Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

3 Akufanele kusimangaze ukuthi iBhayibheli ligcizelela isidingo sokuhlale sikhuthazana. Umphostoli uPawulu wabhalela amaKristu angamaHebheru: “Qaphelani, bazalwane, funa kukhule komunye wenu inhliziyo embi entula ukholo ngokuhlehla kuNkulunkulu ophilayo; kodwa qhubekani nikhuthazana usuku ngalunye, . . . funa omunye kini enziwe lukhuni amandla okukhohlisa esono.” (Heb. 3:12, 13) Uyazi ukuthi ubaluleke kangakanani umyalo wokukhuthazana uma ukhumbula isikhathi lapho amazwi akhuthazayo akwenza wazizwa kangcono. Ngakho, ake sicabangele le mibuzo: Kungani isikhuthazo sisemqoka? Yini esingayifunda endleleni uJehova, uJesu noPawulu abakhuthaza ngayo abanye? Singasinikeza kanjani isikhuthazo esiphumelelayo?

ABANTU BADINGA ISIKHUTHAZO

4. Ubani odinga isikhuthazo, kodwa kungani siyivela kancane?

4 Sonke sidinga isikhuthazo. Lokho kuyiqiniso nakakhulu lapho sisakhula. Uthisha uTimothy Evans uthi, “Izingane . . . zidinga isikhuthazo njengoba izitshalo zidinga amanzi. Lapho ikhuthazwa, ingane izizwa ibalulekile futhi yaziswa.” Kodwa siphila ezikhathini ezibucayi. Abantu bazicabangela bona, abanalo uthando futhi isikhuthazo siyivela kancane. (2 Thim. 3:1-5) Abanye abazali abazincomi izingane zabo ngoba nabo abakaze banconywe abazali babo. Izisebenzi eziningi azinconywa, ngakho zikhala ngokuthi emsebenzini ukunconywa kuntuleka ngendlela ephawulekayo.

5. Isikhuthazo sihilelani?

5 Ngokuvamile isikhuthazo sihilela ukuncoma umuntu ngento enhle ayenzile. Singaba yisikhuthazo nangokuqinisekisa abanye ngokuthi banezimfanelo ezinhle noma ngokukhuluma “ngokududuzayo nemiphefumulo ecindezelekile.” (1 Thes. 5:14) Igama lesiGreki ngokuvamile elihunyushwa ngokuthi “isikhuthazo” ngokwezwi nezwi lisho “ukubizela eceleni kwakho.” Njengoba sikhonza nabafowethu nodadewethu, cishe sinawo amathuba okusho okuthile okukhuthazayo. (Funda umShumayeli 4:9, 10.) Ingabe sisebenzisa izimo ezifanelekayo ukuze sitshele abanye ukuthi kungani sibathanda futhi sibazisa? Ngaphambi kokuphendula lo mbuzo, siyobe senza kahle uma sicabanga ngalesi saga: “Yeka ukuthi lihle kanjani nezwi ngesikhathi salo esifanele!”​—IzAga 15:23.

6. Kungani uDeveli efuna ukusidikibalisa? Nikeza isibonelo.

6 USathane uDeveli ufuna ukusidikibalisa ngoba uyazi ukuthi ukudikibala kungasenza buthaka ngokomoya nangezinye izindlela. IzAga 24:10 zithi, “Ingabe uzibonise udangele ngosuku losizi? Amandla akho ayoba mancane.” USathane wasebenzisa izinhlekelele nezinsolo ukuze azame ukudikibalisa uJobe olungileyo, kodwa lelo tulo elinonya labhuntsha. (Jobe 2:3; 22:3; 27:5) Singalwa nemisebenzi kaDeveli ngokukhuthaza amalungu omndeni nawebandla. Lokhu kuyosiza ekwenzeni amakhaya ethu neHholo LoMbuso kube izindawo esijabula futhi sivikeleke kuzo.

IZIBONELO ZEBHAYIBHELI ZESIKHUTHAZO

7, 8. (a) Yiziphi izibonelo zeBhayibheli ezibonisa ukuthi uJehova ukubheka njengokubalulekile ukunikeza isikhuthazo? (b) Yini abazali abangayenza ukuze balingise isibonelo sikaJehova? (Bheka isithombe esisekuqaleni.)

7 UJehova. Umhubi wahlabelela: “UJehova useduze nalabo abaphukile enhliziyweni; futhi uyabasindisa abanomoya ochobozekile.” (IHu. 34:18) Ngesikhathi uJeremiya esaba futhi edikibele, uJehova wamqinisa lo mprofethi othembekile. (Jer. 1:6-10) Cabanga nje indlela umprofethi osekhulile uDaniyeli akhuthazeka ngayo lapho uNkulunkulu ethumela ingelosi ukuba imqinise. Leyo ngelosi yabiza uDaniyeli ngokuthi ‘umuntu ofiseleka kakhulu’ noma obaluleke kakhulu! (Dan. 10:8, 11, 18, 19) Ungabakhuthaza yini ngendlela efanayo abamemezeli, amaphayona nabazalwane nodade asebekhulile abaphelelwa amandla?

8 UNkulunkulu akazange abe nomuzwa wokuthi ngenxa yokuthi yena neNdodana yakhe ayithandayo basebenza ndawonye izigidigidi zeminyaka, sasingekho isidingo sokuncoma nokukhuthaza uJesu ngesikhathi esemhlabeni. Kunalokho, kabili uJesu wezwa uYise ekhuluma esezulwini ethi: “Lo yiNdodana yami ethandekayo, engiyamukele.” (Math. 3:17; 17:5) Ngaleyo ndlela uNkulunkulu wancoma uJesu futhi wamqinisekisa ngokuthi wenza kahle kakhulu. Kumelwe ukuba uJesu wakhuthazeka kakhulu lapho ezwa la mazwi kabili​—ekuqaleni kwenkonzo yakhe naphakathi konyaka wakhe wokugcina ephila emhlabeni. UJehova wathumela nengelosi ukuba iqinise uJesu ngesikhathi esezinhlungwini ngobusuku obandulela ukufa kwakhe. (Luka 22:43) Uma singabazali, masilingise isibonelo sikaJehova ngokuhlale sikhuthaza izingane zethu nangokuzincoma lapho zenza kahle. Kumelwe sizisekele nakakhulu uma zibhekana novivinyo lobuqotho nsuku zonke esikoleni.

9. Yini esingayifunda endleleni uJesu aphatha ngayo abaphostoli bakhe?

9 UJesu. Ngobusuku uJesu amisa ngabo iSikhumbuzo, wabona imfanelo embi yokuzikhukhumeza kubaphostoli bakhe. Ngokuthobeka, uJesu wageza izinyawo zabo, kodwa babesaqhubeka bephikisana ngokuthi ubani omkhulu phakathi kwabo; uPetru wayezethemba kakhulu. (Luka 22:24, 33, 34) Noma kunjalo, uJesu wabancoma abaphostoli bakhe abathembekile ngokunamathela kuye kuzo zonke izilingo zakhe. Wabikezela ukuthi bayokwenza imisebenzi emikhulu kuneyayenziwe nguye futhi wabaqinisekisa ngokuthi uNkulunkulu uyabathanda. (Luka 22:28; Joh. 14:12; 16:27) Singase sizibuze, ‘Akufanele yini ngilingise uJesu ngokuncoma izingane zami nabanye ngezinto abazenzayo kunokugxila emaphutheni abo?’

10, 11. Umphostoli uPawulu wakuveza kanjani ukuthi wasibona isidingo sokukhuthaza abanye?

10 Umphostoli uPawulu. Ezincwadini zakhe, uPawulu wawancoma kakhulu amaKristu ayekanye nawo. Wayehambe namanye awo iminyaka eminingi futhi ngokungangabazeki wayewazi amaphutha awo, kodwa washo izinto ezinhle ngawo. Ngokwesibonelo, uPawulu wachaza uThimothewu ‘njengomntanakhe othandekayo nothembekile eNkosini,’ owayezonakekela ngobuqotho izinkathazo zamanye amaKristu. (1 Kor. 4:17; Fil. 2:19, 20) Lo mphostoli wancoma uThithu ebandleni laseKorinte wathi, “Ungumhlanganyeli kanye nami nesisebenzi engikanye naso ukuze kuzuze nina.” (2 Kor. 8:23) Yeka ukuthi uThimothewu noThithu bakhuthazeka kanjani lapho bezwa ukuthi uPawulu ucabangani ngabo!

11 UPawulu noBarnaba babeka ukuphila kwabo engozini ngokubuyela ezindaweni ababehlaselwe kuzo ngonya. Ngokwesibonelo, babuyela eListra naphezu kokuphikiswa kanzima, ukuze bakhuthaze abafundi abasha ukuba bahlale okholweni. (IzE. 14:19-22) E-Efesu, uPawulu wabhekana nesixuku esasithukuthele. IzEnzo 20:1, 2 zithi: “Ngemva kokuba isiyaluyalu sesidambile, uPawulu wathumela ukuba kulandwe abafundi, kwathi esebakhuthazile wabavalelisa, waqhubeka nohambo waya eMakedoniya. Ngemva kokudabula lezo zingxenye futhi ekhuthaza ababelapho ngamazwi amaningi, wafika eGrisi.” Ukunikeza isikhuthazo kwakubaluleke kakhulu kuPawulu.

ISIKHUTHAZO NAMUHLA

12. Imihlangano yethu idlala yiphi indima ekunikezeni nasekutholeni isikhuthazo?

12 Esinye sezizathu esibangele ukuba ngomusa uBaba wethu osezulwini ahlele ukuba sibe nemihlangano njalo, ukuba sinikeze futhi sithole isikhuthazo. (Funda amaHebheru 10:24, 25.) Njengabalandeli bakaJesu bokuqala, sihlangana ndawonye ukuze sifunde futhi sikhuthazwe. (1 Kor. 14:31) UCristina, okukhulunywe ngaye ekuqaleni kwalesi sihloko, uthi: “Engikuthanda kakhulu ngemihlangano, uthando nesikhuthazo engikuthola kuyo. Ngezinye izikhathi ngizizwa ngicindezelekile lapho ngifika eHholo LoMbuso. Kodwa odade beza kimi, bangange bathi ngimuhle. Bangitshela ukuthi bayangithanda futhi bayakujabulela ukungibona ngithuthuka ngokomoya. Isikhuthazo sabo singenza ngizizwe ngingcono kakhulu!” Yeka ukuthi kuqabula kanjani lapho sonke sidlala ingxenye yethu ‘yokukhuthazana’!​—Roma 1:11, 12.

13. Kungani izinceku zikaNkulunkulu ezingomakad’ ebona zidinga isikhuthazo?

13 Ngisho nezinceku zikaNkulunkulu ezingomakad’ ebona ziyasidinga isikhuthazo. Cabanga ngoJoshuwa. Wayesekhonze uNkulunkulu ngokwethembeka iminyaka eminingi. Noma kunjalo, uJehova watshela uMose ukuba amkhuthaze, wathi: “Misa uJoshuwa futhi umkhuthaze, umqinise, ngoba nguye ozowela phambi kwalesi sizwe futhi nguye ozosenza ukuba silizuze njengefa izwe ozolibona.” (Dut. 3:27, 28) UJoshuwa wayezothwala umthwalo osindayo wokuhola ama-Israyeli njengoba eyothatha iZwe Lesithembiso. Wayezobhekana nobunzima futhi anqotshwe empini eyodwa. (Josh. 7:1-9) Yingakho uJoshuwa ayedinga ukukhuthazwa nokuqiniswa! Ngakho masibakhuthaze abadala, kuhlanganise nababonisi besigodi abasebenza kanzima ukuze baluse umhlambi kaNkulunkulu. (Funda eyoku-1 Thesalonika 5:12, 13.) Umbonisi wesigodi othile wathi, “Ngezinye izikhathi abazalwane basibhalela izincwadi bebonga, bechaza indlela abakujabulele ngayo ukuhanjelwa yithi. Siyazigcina lezo zincwadi sizifunde lapho sicindezelekile. Ziwumthombo wesikhuthazo sangempela.”

Izingane zethu ziyathuthuka lapho sizikhuthaza ngokufudumele (Bheka isigaba 14)

14. Yini ebonisa ukuthi ukuncoma nesikhuthazo kuyaphumelela lapho seluleka abanye?

14 Abadala abangamaKristu nabazali bathola ukuthi ukuncoma nokukhuthaza kuyaphumelela ekugxiliseni iseluleko seBhayibheli. Lapho uPawulu encoma abaseKorinte ngokusebenzisa iseluleko sakhe, kumelwe ukuba bakhuthazeka ukuba baqhubeke benza okulungile. (2 Kor. 7:8-11) U-Andreas onezingane ezimbili uthi, “Isikhuthazo sisiza izingane zikhule ngokomoya nangokomzwelo. Ugxilisa iseluleko ngokunikeza isikhuthazo. Ngisho noma izingane zethu ziyazi into elungile, ukwenza okulungile kuba indlela yazo yokuphila uma sizikhuthaza njalo.”

INDLELA YOKUNIKEZA ISIKHUTHAZO ESIPHUMELELAYO

15. Isiphi isinyathelo esingasithatha ukuze sikhuthaze abanye?

15 Bonisa ukwazisa ngomzamo omuhle nezimfanelo ezinhle zabakhulekeli okanye nabo. (2 IziKr. 16:9; Jobe 1:8) UJehova noJesu bakwazisa kakhulu lokho sonke esikwenzayo ukuze sisekele izithakazelo zoMbuso ngisho noma esikwenzayo kulinganiselwe ngenxa yezimo zethu. (Funda uLuka 21:1-4; eyesi-2 Korinte 8:12.) Ngokwesibonelo, abanye asebekhulile esibathandayo phakathi kwethu benza umzamo omkhulu ukuze babe khona futhi bahlanganyele emihlanganweni nasenkonzweni njalo. Akufanele yini sibancome futhi sibakhuthaze?

16. Kungani kungafanele sigodlele abanye isikhuthazo?

16 Wasebenzise amathuba okukhuthaza abanye. Uma sibona othile ofanelwe ukunconywa, masimncome. Cabanga ngalokho okwenzeka lapho uPawulu noBarnaba bese-Antiyokiya ePhisidiya. Izikhulu ezengamele esinagogeni zathi kubo: “Madoda, bafowethu, uma likhona izwi lesikhuthazo enifuna ukulisho kubantu, lishoni.” UPawulu waphendula ngokunikeza inkulumo enhle. (IzE. 13:13-16, 42-44) Uma sikwazi ukusho amazwi akhuthazayo, kungani singawasho? Siyothola ukuthi uma sikwenza umkhuba ukukhuthaza abanye, abantu bayosikhuthaza nathi.​—Luka 6:38.

17. Yini ebangela ukuba amazwi esikhuthazo athinte inhliziyo?

17 Khuluma ngobuqotho futhi ungagwegwesi. Amazwi avamile esikhuthazo nokuncoma ayasiza, kodwa umyalezo kaJesu kumaKristu aseThiyathira abonisa ukuthi ukungagwegwesi kungcono kakhulu. (Funda isAmbulo 2:18, 19.) Ngokwesibonelo, uma singabazali, singatshela izingane lokho esikwazisayo ngentuthuko yazo engokomoya. Singase sitshele umama ongayedwa lokho esikuthandayo ngendlela akhulisa ngayo izingane zakhe naphezu kwesimo esivivinyayo abhekene naso. Ukuncoma nesikhuthazo esinjalo kungasiza kakhulu!

18, 19. Singabakha kanjani labo abadinga isikhuthazo?

18 Ngeke sizwe uJehova ekhuluma nathi ngokoqobo esitshela ukuba sikhuthaze othile ngendlela atshela ngayo uMose ukuba akhuthaze futhi aqinise uJoshuwa. Noma kunjalo, uNkulunkulu uyajabula lapho sikhuluma ngendlela ekhuthazayo nesikhonza nabo kanye nabanye. (IzAga 19:17; Heb. 12:12) Ngokwesibonelo, singase sitshele isikhulumi ukuthi inkulumo yaso isinikeze iseluleko ebesisidinga noma isisize saqonda umBhalo othile. Nakhu omunye udade akubhalela isikhulumi esivakashile: “Nakuba ukhulume imizuzu embalwa, uyibonile inhliziyo yami edabukile futhi wangiduduza wangenza ngazizwa kangcono. Ngifuna wazi ukuthi ngesikhathi ukhuluma ngendlela enomusa kokubili esiteji nalapho uxoxa nami, ngaba nomuzwa wokuthi lesi isipho esivela kuJehova.”

19 Cishe siyothola izindlela eziningi zokwakha abanye ngokomoya uma sizimisele ukusebenzisa iseluleko sikaPawulu: “Qhubekani niduduzana futhi nakhana, njengoba nje eqinisweni nenza.” (1 Thes. 5:11) Ngokuqinisekile sonke siyojabulisa uJehova uma ‘siqhubeka sikhuthazana usuku ngalunye.’

^ [1] (isigaba 1) Amanye amagama ashintshiwe.