Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukukhuluma Iqiniso

Ukukhuluma Iqiniso

“Khulumani iqiniso omunye komunye.”—ZAK. 8:16.

IZINGOMA: 56, 124

1, 2. Yini eye yabalimaza kakhulu abantu, futhi ubani owayisungula?

UCINGO, isibani sikagesi, imoto kanye nesiqandisi kungezinye zezinto ezisunguliwe eziye zenza ukuphila kwansuku zonke kwaba lula. Nokho, ezinye zezinto ezisunguliwe ziye zenza ukuphila kwaba yingozi—isibhamu, amabhomu agqitshwayo, ugwayi, ibhomu yenuzi nokunye okuningi. Noma kunjalo, kukhona into endala kunazo zonke lezi futhi iye yabalimaza kakhulu abantu. Yini leyo? Amanga—ukukhuluma into umuntu azi kahle ukuthi ayilona iqiniso ukuze akhohlise othile. Ubani umqambimanga wokuqala? UJesu Kristu wathi uDeveli ‘unguyise wamanga.’ (Funda uJohane 8:44.) Wawakhuluma nini amanga okuqala?

2 Wawakhuluma eminyakeni eyizinkulungwane edlule ensimini yase-Edene. U-Adamu no-Eva babephila kamnandi ePharadesi uMdali wabo ayebabeke kulo. UDeveli wabe esengenela. Wayazi ukuthi uNkulunkulu wayeyale u-Adamu no-Eva ukuba bangadli ‘emthini wolwazi lokuhle nokubi,’ ngoba babezokufa uma bengalaleli. Noma kunjalo, esebenzisa inyoka, uSathane wathi ku-Eva: “Ngokuqinisekile ngeke nife [amanga okuqala ngqa]. Yingoba uNkulunkulu uyazi ukuthi ngalo kanye usuku enidla ngalo kuwo nakanjani amehlo enu ayovuleka futhi nakanjani niyoba njengoNkulunkulu, nazi okuhle nokubi.”—Gen. 2:15-17; 3:1-5.

3. Kungani singathi amanga kaSathane ayemabi kakhulu, futhi aye aholelaphi?

3 Amanga kaSathane ayemabi kakhulu ngoba wayazi kahle ukuthi uma u-Eva engamkholwa, asidle isithelo, wayezokufa. Bobabili u-Adamu no-Eva abawulalelanga umyalo kaJehova futhi ekugcineni bafa. (Gen. 3:6; 5:5) Ngaphezu kwalokho, ngenxa yaleso sono, “ukufa kwasakazekela kubantu bonke.” Eqinisweni, “ukufa kwabusa njengenkosi . . . , ngisho naphezu kwalabo ababengonanga ngokufana nesiphambeko sika-Adamu.” (Roma 5:12, 14) Manje esikhundleni sokuphila phakade njengabantu abaphelele, njengoba uNkulunkulu ayehlosile ekuqaleni, abantu basuke bephile isikhathi eside uma bephila ‘iminyaka engamashumi ayisikhombisa; uma kungenxa yamandla akhethekile, iminyaka engamashumi ayisishiyagalombili.’ Ngisho nalapho, ngokuvamile ukuphila kugcwala ‘izinkathazo nezinto ezilimazayo.’ (IHu. 90:10) Yeka usizi olwabangelwa amanga kaSathane!

4. (a) Yimiphi imibuzo okudingeka sikwazi ukuyiphendula? (b) NgokweHubo 15:1, 2, umuntu onjani ongaba umngane kaJehova?

4 Echaza izenzo zikaDeveli, uJesu wathi: “Akazange ame aqine eqinisweni, ngoba iqiniso alikho kuye.” Namanje uSathane akanalo iqiniso, ngoba uyaqhubeka ‘edukisa umhlaba wonke owakhiwe’ ngamanga akhe. (IsAm. 12:9) Asifuni ukudukiswa uDeveli. Ngakho, ake sixoxe ngemibuzo emithathu: USathane ubadukisa kanjani abantu? Kungani abantu bevame ukuqamba amanga? Ukuze singalahlekelwa ubuhlobo bethu noJehova njengoba kwenzeka ku-Adamu no-Eva, singabonisa kanjani ukuthi ‘sikhuluma iqiniso’ ngaso sonke isikhathi?—Funda iHubo 15:1, 2.

INDLELA USATHANE ABADUKISA NGAYO ABANTU

5. USathane ubadukisa kanjani abantu namuhla?

5 Umphostoli uPawulu wayazi ukuthi singakugwema “[ukudukiswa] uSathane, ngoba asibona abangenalwazi ngamacebo akhe.” (2 Kor. 2:11) Siyazi ukuthi lonke izwe lilawulwa uDeveli—inkolo yamanga, ezombusazwe ezikhohlakele kanye nezentengiselwano ezinobugovu. (1 Joh. 5:19) Akusimangazi-ke ukuthi uSathane namademoni akhe basebenzisa abantu abasezikhundleni ukuba ‘bakhulume amanga.’ (1 Thim. 4:1, 2) Yilokho okwenziwa osomabhizinisi abenza izikhangiso ezingamanga zemikhiqizo ebulalayo nezinhlelo zokukhwabanisa.

6, 7. (a) Kungani abaholi benkolo yamanga benecala? (b) Yiziphi izimfundiso ezingamanga oke wazizwa zifundiswa abaholi benkolo?

6 Abaholi benkolo yamanga banecala ngokukhethekile ngoba benza abantu abakholelwa lawo manga balahlekelwe amathemba okuthola ukuphila esikhathini esizayo. Uma umuntu amukela imfundiso engamanga bese enza into uNkulunkulu angayifuni, lowo muntu angalahlekelwa ukuphila okuphakade. (Hos. 4:9) UJesu wayazi ukuthi abaholi benkolo bangosuku lwakhe babenecala lalokhu. Wathi kubo: “Maye kini, babhali nabaFarisi, bazenzisi! ngoba nidabula ulwandle nezwe elomile ukuba nenze umproselithe oyedwa, futhi lapho umuntu eba nguye nimenza afanelwe yiGehena [ukubhujiswa kwaphakade] ngokuphindwe kabili kunani.” (Math. 23:15) UJesu wabalahla labo baholi benkolo. Ngempela babevela kubaba wabo ‘uDeveli, umbulali.’—Joh. 8:44.

7 Kungakhathaliseki ukuthi babizwa ngokuthi abefundisi, abapristi, orabi, obaba noma ngezinye iziqu, abaholi benkolo bathe chithi saka emhlabeni namuhla. Njengozakwabo bangekhulu lokuqala, ‘bacindezela iqiniso’ eliseZwini likaNkulunkulu futhi baye “benana iqiniso likaNkulunkulu ngamanga.” (Roma 1:18, 25) Bagqugquzela izimfundiso ezingamanga, ezinjengokuthi “uma usindisiwe, uyohlale usindisiwe,” ukuthi umphefumulo womuntu awufi, umuntu angazalwa kabusha, nenkolelo ewubuwula yokuthi uNkulunkulu uyabavumela abantu bobulili obufanayo ukuba bathandane nokuba bashade.

8. Yimaphi amanga esilindele ukuwezwa kwabezombusazwe maduzane, kodwa kufanele sisabele kanjani kuwo?

8 Abezombusazwe baye badukisa abantu ngokuqamba amanga. Abezombusazwe basazoqamba amanga amakhulu lapho bethi sebethole “ukuthula nokulondeka!” Kodwa “imbubhiso engazelelwe iyobafikela ngaso leso sikhathi.” Kwangathi singekhohliswe imizamo yabo yokusenza singaboni indlela lesi simiso sezinto esisibi ngayo! Thina ‘sazi kahle ukuthi usuku lukaJehova luza ngokufana ncamashí nesela ebusuku.’—1 Thes. 5:1-4.

OKWENZA ABANTU BAQAMBE AMANGA

9, 10. (a) Kungani abantu beqamba amanga, futhi iba yini imiphumela? (b) Yini okufanele siyikhumbule ngoJehova?

9 Lapho umklamo omusha usuthandwa kakhulu, ukhiqizwa ngobuningi. Kuye kwenzeka into efanayo ngamanga. Ukuqamba amanga kuyinto evamile emphakathini namuhla futhi abantu abavelele akubona bodwa abakhohlisa abanye. Kunjengoba kwasho u-Y. Bhattacharjee esihlokweni esithi “Okwenza Siqambe Amanga,” wathi “ukuqamba amanga kuyisici esijulile kubantu.” Abantu baphephela ekuqambeni amanga ukuze bazivikele noma ukuze bazenze bathandeke. Baqamba amanga ukuze bafihle amaphutha abo noma ukuze bacebe futhi bazizuzise bona. Njengoba leso sihloko sisho, kunabantu “okulula ngabo ukuqamba amanga, ngezindlela ezinkulu nezincane, kubantu abangabazi, abasebenza nabo, abangane nakubantu ababathandayo.”

10 Uba yini umphumela wokuqamba amanga? Abantu abathembani futhi ubuhlobo phakathi kwabo bungaphela. Ngokwesibonelo, cabanga ukuthi kubuhlungu kanjani lapho owesifazane engathembeki kumyeni wakhe othembekile bese eqamba amanga ukuze afihle ukuphinga kwakhe. Cabanga ngobuhlungu obubangelwa indoda ehlukumeza umkayo nezingane ekhaya bese phambi kwabantu yenze sengathi ingubaba olungile. Nokho, kufanele sikhumbule ukuthi abantu abanjalo abakhohlisayo ngeke bamfihlele lutho uJehova ngoba “zonke izinto zíze futhi zenekwe obala emehlweni” akhe.—Heb. 4:13.

11. Isibonelo esibi sika-Ananiya noSafira sisifundisani? (Bheka isithombe esisekuqaleni.)

11 Ngokwesibonelo, iBhayibheli lisitshela ngendlela uSathane anika ngayo indoda nomkayo abangamaKristu ngekhulu lokuqala isibindi sokukhohlisa uNkulunkulu. U-Ananiya noSafira baceba ezinhliziyweni zabo ukukhohlisa abaphostoli. Bathengisa impahla yabo kodwa baletha ingxenye ethile kuphela yemali ababeyitholile kubaphostoli. Le ndoda nomkayo babefuna ukuzenza bathandeke ebandleni, njengokungathi babenikele ngokukhulu kunalokho ababenikele ngakho ngempela. Kodwa uJehova wakubona ababekwenzile futhi wabajezisa.—IzE. 5:1-10.

12. Kuzokwenzekani kubaqambimanga abangaphenduki, futhi kungani?

12 UJehova uzizwa kanjani ngokuqamba amanga? USathane nabo bonke abaqambimanga abangaphenduki abamlingisayo bayophonswa “echibini lomlilo.” (IsAm. 20:10; 21:8; IHu. 5:6) Kungani? Yingoba bayenyanyeka abaqambimanga abanjalo emehlweni kaJehova.—IsAm. 22:15.

13. Yini esiyaziyo ngoJehova, futhi lokho kusishukumisela ukuba senzeni?

13 Siyazi ukuthi uJehova “akayena umuntu ukuba aqambe amanga.” Empeleni ‘akunakwenzeka ngoNkulunkulu ukuba aqambe amanga.’ (Num. 23:19; Heb. 6:18) ‘UJehova uyaluzonda ulimi olunamanga.’ (IzAga 6:16, 17) Ukuze asithande kumelwe siphile ngeqiniso. Yingakho ‘singawaqambi amanga komunye nomunye.’—Kol. 3:9.

‘SIKHULUMA IQINISO’

14. (a) Yini esenza sihluke kumalungu ezinkolo zamanga? (b) Chaza isimiso esitholakala kuLuka 6:45.

14 Iyiphi indlela amaKristu eqiniso ahluke ngayo kumalungu ezinkolo zamanga? ‘Sikhuluma iqiniso.’ (Funda uZakariya 8:16, 17.) UPawulu wachaza: “Sizitusa njengezikhonzi zikaNkulunkulu . . . ngenkulumo eyiqiniso.” (2 Kor. 6:4, 7) UJesu wathi: “Umlomo . . . ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.” (Luka 6:45) Ngakho, lapho umuntu olungile ekhuluma iqiniso enhliziyweni yakhe, kuyophuma iqiniso emlonyeni wakhe. Uyokhuluma iqiniso ngezindlela ezinkulu nezincane—kubantu angabazi, asebenza nabo, abangane nakubantu abathandayo. Cabanga ngezibonelo zendlela esingabonisa ngazo ukuthi sizama ukwethembeka kuzo zonke izinto.

Ingabe ikhona inkinga oyibonayo endleleni lo dade aphila ngayo? (Bheka izigaba 15, 16)

15. (a) Kungani kungekhona ukuhlakanipha ukuphila ukuphila okumbaxa-mbili? (b) Yini engasiza abasebasha bagweme ukucindezelwa ontanga? (Bheka umbhalo waphansi.)

15 Kuthiwani uma usemusha futhi ufuna ukuthandwa ontanga yakho? Qikelela ukuthi awulingisi isibonelo salabo abaphila ukuphila okumbaxa-mbili. Babukeka bemsulwa lapho besekhaya nalapho besebandleni kodwa bahluke ngokuphelele lapho bekanye nentsha engamkhonzi uNkulunkulu nalapho besezinkundleni zokuxhumana. Bangase bathuke inhlamba, bagqoke izingubo ezingahloniphekile, balalele umculo ohlazisayo, basebenzise kabi izidakamizwa notshwala, bajole ngasese noma benze okubi kunalokho. Ukuphila kwabo kungamanga, bakhohlisa abazali babo, abantu abakhonza nabo, noNkulunkulu imbala. (IHu. 26:4, 5) UJehova uyazi lapho ‘simdumisa ngezindebe kodwa izinhliziyo zethu zikude naye.’ (Marku 7:6) Kungcono kakhulu ukwenza lokho okushiwo yisaga esithi: “Inhliziyo yakho mayingabi namona ngezoni, kodwa yesaba uJehova usuku lonke.”—IzAga 23:17. *

16. Ukwethembeka kuhlobana kanjani nokufaka isicelo sokuba senkonzweni yesikhathi esigcwele?

16 Mhlawumbe ufisa ukuba senkonzweni yesikhathi esigcwele, njengokuba yiphayona elivamile noma ukukhonza eBethel. Lapho ugcwalisa ifomu lesicelo, kubalulekile ukuba uphendule yonke imibuzo ngokwethembeka emayelana nempilo yakho, ezokuzijabulisa ozikhethayo nendlela oziphatha ngayo. (Heb. 13:18) Kuthiwani uma uye wahileleka ekuziphatheni okungahlanzekile noma okusolisayo futhi ungakaxoxi nabadala ngakho? Cela usizo lwabo ukuze ukhonze uJehova ngonembeza ohlanzekile.—Roma 9:1; Gal. 6:1.

17. Yini okufanele siyenze lapho sikhuluma nalabo abasishushisayo mayelana nabafowethu?

17 Kufanele wenzeni uma iziphathimandla zivimba umsebenzi wokushumayela endaweni ohlala kuyo nalapho zikubuza okuthile ngabafowenu? Ingabe kufanele uzitshele konke okwaziyo? Yini uJesu ayenza lapho umbusi waseRoma emphonsa imibuzo? Ngokuvumelana nesimiso esingokomBhalo esithi ‘kunesikhathi sokuthula nesikhathi sokukhuluma,’ ngezinye izikhathi uJesu wayethula angasho lutho. (UmSh. 3:1, 7; Math. 27:11-14) Esimweni esinjalo, kungcono ukwenza ngokuhlakanipha ukuze singabeki ukuphila kwabafowethu engozini.—IzAga 10:19; 11:12.

Unganquma kanjani ukuthi kunini lapho kufanele uthule khona nalapho kufanele ukhulume lonke iqiniso? (Bheka izigaba 17, 18)

18. Yimuphi umthwalo esinawo lapho sikhuluma nabadala mayelana nabafowethu?

18 Kuthiwani uma othile ebandleni enze isono esikhulu futhi ukwazi lokho? Abadala, abanomthwalo wokugcina ibandla lihlanzekile, kungase kudingeke bakubuze ukuthi yini oyaziyo ngalolo daba. Yini ozoyenza, ikakhulukazi uma isono senziwe ngumngane oseduze noma isihlobo? “Okhuluma ukwethembeka uyokhuluma okulungile.” (IzAga 12:17; 21:28) Ngakho, kumelwe utshele abadala lonke iqiniso, ungashiyi lutho futhi ungashintshi lutho. Banelungelo lokwazi wonke amaqiniso ukuze bakwazi ukuthola indlela engcono yokusiza umuntu owonile alungise ubuhlobo bakhe noJehova.—Jak. 5:14, 15.

19. Yini esizoxoxa ngayo esihlokweni esilandelayo?

19 Umhubi uDavide wathandaza kuJehova wathi: “Ukujabulele ukuba neqiniso ezibilinini.” (IHu. 51:6) UDavide wayazi ukuthi ukuba neqiniso kusuka ngaphakathi ezinhliziyweni zethu. Kukho konke ukuphila, amaKristu eqiniso ‘akhuluma iqiniso omunye komunye.’ Enye indlela esingabonisa ngayo ukuthi sihlukile njengezinceku zikaNkulunkulu iwukufundisa abanye amaqiniso avela kuye enkonzweni yethu. Isihloko esilandelayo sizoxoxa ngokuthi singakwenza kanjani lokho.

^ isig. 15 Bheka isahluko 15 esithi “Ngingamelana Kanjani Nokucindezela Kontanga?,” nesahluko 16 esithi “Ukuphila Okumbaxambili—Ubani Okumelwe Azi?” encwadini ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, uMqulu 2.