Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 41

Hlala Uthembekile Phakathi ‘Nosizi Olukhulu’

Hlala Uthembekile Phakathi ‘Nosizi Olukhulu’

“O mthandeni uJehova, nina nonke abaqotho bakhe. UJehova uyabalonda abathembekile.”IHU. 31:23.

INGOMA 129 Masiqhubeke Sikhuthazela

AMAZWIBELA *

1-2. (a) Yini izizwe ezizoyimemezela maduze? (b) Imiphi imibuzo okudingeka siyiphendule?

AKE sithi ababusi bomhlaba sebesikhiphile isimemezelo osekuyisikhathi eside sisilindile esithi “ukuthula nokulondeka.” Bangase baqhoshe ngokuthi umhlaba usunokuthula ngendlela ephawulekayo. Bazofuna ukusenza sicabange ukuthi sebezixazulule zonke izinkinga ezisemhlabeni. Kodwa ngeke bakuvimbe lokho okuzolandela! Kungani? Ngokwesiprofetho seBhayibheli, “imbubhiso engazelelwe iyobafikela ngaso leso sikhathi . . . ; futhi abasoze baphunyuka nangayiphi indlela.”—1 Thes. 5:3.

2 Kunemibuzo ebalulekile okudingeka siyiphendule: Kuzokwenzekani phakathi ‘nosizi olukhulu’? Yini uJehova alindele ukuba siyenze ngaleso sikhathi? Yini esingayenza ukuze sihlale sithembekile phakathi nosizi olukhulu?—Math. 24:21.

KUZOKWENZEKANI PHAKATHI ‘NOSIZI OLUKHULU’?

3. NgokwesAmbulo 17:5, 15-18, uNkulunkulu uzolibhubhisa kanjani “iBhabhiloni Elikhulu”?

3 Funda isAmbulo 17:5, 15-18. “IBhabhiloni Elikhulu” lizobhujiswa! Njengoba kushiwo ngaphambili, izizwe ngeke zikwazi kwenza lutho ngaleso sikhathi. Kungani? Yingoba “uNkulunkulu [uyokufaka] ezinhliziyweni zazo ukuba zifeze umqondo wakhe.” Uyini lowo mqondo? Uwukubhubhisa umbuso wezwe wenkolo yamanga, kuhlanganise neLobukholwa. * UNkulunkulu uzofaka umqondo wakhe ezinhliziyweni ‘zezimpondo eziyishumi’ ‘zesilo sasendle esinombala obomvu.’ Izimpondo eziyishumi zimelela bonke ohulumeni abasekela “isilo sasendle”—okuyiNhlangano Yezizwe Ezihlangene. (IsAm. 17:3, 11-13; 18:8) Lapho lab’ ohulumeni bejikela inkolo yamanga, kuyobe sekuqala usizi olukhulu. Kuyoba isenzakalo esiyothusa umhlaba wonke.

4. (a) Izizwe cishe ziyobeka ziphi izizathu zokuhlasela inkolo yamanga? (b) Yini okungenzeka iyokwenziwa yilabo ababengamalungu alezo zinkolo?

4 Asizazi izizathu eziyokwenza izizwe zihlasele iBhabhiloni Elikhulu. Zingase zithi inkolo iyona ezivimbela ukuba zilethe ukuthula futhi izigaxa kwezepolitiki. Noma zingase zithi izinhlangano zenkolo seziqongelele ingcebo eningi. (IsAm. 18:3, 7) Lapho izizwe zihlasela inkolo yamanga cishe ngeke zihlasele wonke amalungu ayo. Kunalokho, kubonakala sengathi izizwe ziyoqeda izinhlangano zenkolo. Lapho lezo zinhlangano sezibhujisiwe, ababengamalungu azo bayoqaphela ukuthi abefundisi babo bayizehluleki futhi kungenzeka bayozama ukuzihlukanisa nalezo zinkolo.

5. Yini uJehova ayithembisile mayelana nosizi olukhulu, futhi kungani?

5 IBhayibheli alisho ukuthi kuyothatha isikhathi esingakanani ukubhujiswa kweBhabhiloni Elikhulu, kodwa siyazi ukuthi ngeke kube isikhathi eside. (IsAm. 18:10, 21) UJehova usithembise ukuthi ‘uzozifinyeza lezo zinsuku’ zosizi ukuze ‘abakhethiweyo’ bakhe basinde nenkolo yeqiniso ingaqedwa. (Marku 13:19, 20) Kodwa yini uJehova alindele ukuba siyenze phakathi kokuqala kosizi olukhulu nempi ye-Armagedoni?

QHUBEKA UKHONZA UJEHOVA ENKOLWENI YEQINISO

6. Kungani kunganele ukuzihlukanisa nenkolo yamanga?

6 Njengoba sifundile esihlokweni esedlule, uJehova ulindele ukuba izikhonzi zakhe zizehlukanise neBhabhiloni Elikhulu. Nokho, lokhu kusho okungaphezu nje kokuzihlukanisa nenkolo yamanga. Kumelwe sizimisele ukukhonza uJehova enkolweni yeqiniso. Cabanga ngezindlela ezimbili esingakwenza ngayo lokhu.

Masingakuyeki ukuhlangana ndawonye, ngisho nalapho kunzima (Bheka isigaba 7) *

7. (a) Singahlala kanjani siziphatha ngendlela uJehova ayifunayo? (b) EyamaHebheru 10:24, 25 ikugcizelela kanjani ukubaluleka kokuhlangana ndawonye, ikakhulukazi manje?

7 Okokuqala, kumelwe sizimisele ukuhlala siziphatha ngendlela uJehova ayifunayo. Akufanele samukele indlela abaziphatha ngayo abantu baleli zwe. Ngokwesibonelo, asibamukeli ubufebe banoma yiluphi uhlobo, okuhlanganisa ukushada kwabantu bobulili obufanayo noma indlela abaziphatha ngayo. (Math. 19:4, 5; Roma 1:26, 27) Okwesibili, kumelwe siqhubeke sihlangana nabafowethu ukuze sikhonze uJehova. Lokhu sikwenza noma kuphi, kungaba semaHholo OMbuso, emizini yabafowethu ngisho nasezindaweni ezicashile uma kudingeka. Kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani, akumelwe siyeke ukuya emihlanganweni. Empeleni, kudingeka sihlangane nabafowethu “ikakhulu njengoba [sibona] usuku lusondela.”—Funda eyamaHebheru 10:24, 25.

8. Umlayezo esiwushumayelayo cishe uyoshintsha kanjani esikhathini esizayo?

8 Phakathi nosizi olukhulu, umlayezo esiwushumayelayo cishe uyoshintsha. Okwamanje, sishumayela izindaba ezinhle zoMbuso futhi sizama ukwenza abafundi. Kodwa ngaleso sikhathi, kungenzeka siyobe sishumayela umlayezo obuhlungu. IBhayibheli lifanisa lowo mlayezo nesichotho. (IsAm. 16:21) Kungenzeka sishumayele ngokubhujiswa kwezwe likaSathane okuyobe sekusondele. Ngokuhamba kwesikhathi, siyothola ukuthi siyobe sishumayela sithini nokuthi siyoshumayela kanjani. Ingabe sizosebenzisa izindlela ezifana nalezo ebesilokhu sizisebenzisa phakathi nale minyaka engaphezu kweyikhulu ukuze sishumayele? Noma ingabe sizosebenzisa ezinye izindlela? Asazi. Kunoma ikuphi, kubonakala sengathi siyoba nelungelo lokumemezela ngesibindi isahlulelo sikaJehova!—Hez. 2:3-5.

9. Izizwe ziyosabela kanjani emlayezweni wethu, kodwa yini esingaqiniseka ngayo?

9 Umlayezo wethu uyokwenza izizwe zizame ukusiyekisa unomphela ukushumayela. Njengoba sithembela kuJehova ukuze sifeze inkonzo yethu manje, siyodinga ukuthembela kuyena nangaleso sikhathi. Singaqiniseka ukuthi uNkulunkulu uyosinika amandla ukuze sifeze intando yakhe.—Mika 3:8.

HLALA UKULINDELE UKUHLASELWA KWABANTU BAKANKULUNKULU

10. Njengoba kubikezelwe kuLuka 21:25-28, abantu abaningi bayosabela kanjani kulokho okuyobe kwenzeka phakathi nosizi olukhulu?

10 Funda uLuka 21:25-28. Phakathi nosizi olukhulu, abantu bayomangala lapho bebona konke ababethembele kukho kuqala ukushabalala. ‘Bayocindezeleka,’ bakhathazeke ngokuphila kwabo njengoba kuyobe kuyisikhathi esinzima kunazo zonke emlandweni wesintu. (Zef. 1:14, 15) Ngaleso sikhathi, ukuphila kuyoba nzima nakakhulu ngisho nakubantu bakaJehova. Ngenxa yokuthi siyoqhubeka singeyona ingxenye yezwe, siyobhekana nobunzima obukhulu. Singase singazitholi ezinye izinto esizidingayo ukuze siphile.

11. (a) Kungani ababusi bezwe beyophendukela koFakazi BakaJehova ngemva kokubhujiswa kwenkolo yamanga? (b) Kungani kungadingeki silwesabe usizi olukhulu?

11 Abantu ababengamalungu ezinkolo eziyobe sezibhujisiwe bayobazonda oFakazi BakaJehova ngenxa yokuthi bona bayobe beqhubeka nomsebenzi wabo. Lesi simo kungenzeka siyoba indaba esematheni ngisho nasezinkundleni zokuxhumana. Izizwe nombusi wazo, uSathane, ziyosizonda ngenxa yokuthi inkolo yethu kuphela eyobe isele. Ziyobe zihlulekile ukufeza umgomo wazo wokuqeda zonke izinkolo emhlabeni. Ngakho ziyophendukela koFakazi BakaJehova. Ngaleso sikhathi, izizwe ziyoba uGogi wakwaMagogi. * Ziyohlangana ukuze zihlasele abantu bakaJehova. (Hez. 38:2, 14-16) Kungenzeka siqale ukukhathazeka ngalokho okuyokwenzeka phakathi nosizi olukhulu njengoba singayazi kahle yonke imininingwane yalokho okuyokwenzeka. Nokho, iyodwa into esiqiniseka ngayo: Akudingeki silwesabe usizi olukhulu. UJehova uyosinika iziqondiso eziyosindisa ukuphila kwethu. (IHu. 34:19) Siyokwazi ‘ukuma siqonde futhi siphakamise amakhanda ethu’ ngoba siyobe siqiniseka ngokuthi ‘ukukhululwa kwethu kuyasondela.’ *

12. “Inceku ethembekileyo neqondayo” ibilokhu isisiza kanjani ukuze silungele lokho okuzokwenzeka maduze?

12 “Inceku ethembekileyo neqondayo” ibilokhu isisiza ukuze sihlale sithembekile phakathi nosizi olukhulu. (Math. 24:45) Lokhu iye yakwenza ngezindlela eziningi, kodwa isibonelo esisodwa salokhu imihlangano yethu yesifunda ka-2016 kuya ku-2018 efike ngesikhathi. Kuleyo mihlangano, sakhuthazwa ukuba sibe nezimfanelo esizozidinga njengoba usuku lukaJehova lusondela. Ake sixoxe kafushane ngazo.

QHUBEKA UQINISA UBUQOTHO, UKUKHUTHAZELA NESIBINDI SAKHO

Kulungele manje ukusinda ‘osizini olukhulu’ (Bheka izigaba 13-16) *

13. Singabuqinisa kanjani ubuqotho bethu kuJehova, futhi kungani kumelwe senze kanjalo manje?

13 Ubuqotho: Isihloko somhlangano wesifunda ka-2016 sasithi “Hlala Uqotho KuJehova!” Lo mhlangano wasifundisa ukuthi uma sinobuhlobo obuqinile noJehova, sizokwazi ukuba qotho kuye. Sakhunjuzwa ukuthi singasondela kuJehova ngomthandazo osuka enhliziyweni nangokutadisha iZwi lakhe ngenkuthalo. Ukwenza kanjalo kusinika amandla okukwazi ukubhekana nezimo ezinzima kakhulu. Njengoba leli zwe likaSathane liya ekupheleni, singalindela ukubhekana nezimo ezinzima eziyovivinya ubuqotho bethu kuNkulunkulu naseMbusweni wakhe. Cishe abantu bayoqhubeka besihlambalaza. (2 Pet. 3:3, 4) Esinye sezizathu zalokhu siwukuthi asiyona ingxenye yaleli zwe. Kumelwe siqinise ubuqotho bethu manje ukuze sikwazi ukuhlala siqotho phakathi nosizi olukhulu.

14. (a) Kuyoba naluphi ushintsho ngokuqondene nabazalwane abaholayo emhlabeni? (b) Kungani kuyodingeka sibe qotho ngaleso sikhathi?

14 Phakathi nosizi olukhulu, kuzoba noshintsho ngokuqondene nabazalwane abaholayo emhlabeni. Kuyofika isikhathi lapho bonke abagcotshiwe abasaphila la emhlabeni beyobuthelwa ezulwini ukuze bahlanganyele empini ye-Armagedoni. (Math. 24:31; IsAm. 2:26, 27) Lokhu kusho ukuthi iNdikimba Ebusayo iyobe ingasekho emhlabeni. Noma kunjalo, isixuku esikhulu siyoqhubeka sihlelekile. Abazalwane abafanelekayo beqembu lezinye izimvu bayohola. Kuyodingeka sibonise ukuthi siqotho ngokusekela laba bazalwane nangokulandela iziqondiso abazithola kuNkulunkulu. Ukusinda kwethu kuyoncika ekutheni siyolalela yini!

15. Singakuqinisa kanjani ukukhuthazela kwethu, futhi kungani kubalulekile ukwenza kanjalo manje?

15 Ukukhuthazela: Isihloko somhlangano wesifunda ka-2017 sasithi “Ungayeki!” Lo mhlangano wasisiza sakwazi ukuba namandla okukhuthazelela izilingo. Safunda ukuthi ngeke sikhuthazele nje kuphela lapho izinto zisihambela kahle. Singaqinisa ukukhuthazela kwethu ngokuthembela kuJehova. (Roma 12:12) Masingasikhohlwa isithembiso uJesu asenza: “Lowo oye wakhuthazela kwaze kwaba sekupheleni nguye oyosindiswa.” (Math. 24:13) Lesi sithembiso sisho ukuthi kumelwe sihlale sithembekile naphezu kobunzima esibhekana nabo. Uma sikwazi ukukhuthazelela izilingo manje, ukholo lwethu luyobe seluqinile ngaphambi kokuba kuqale usizi olukhulu.

16. Yini esenza sibe nesibindi, futhi singasiqinisa kanjani isibindi sethu manje?

16 Isibindi: Isihloko somhlangano wesifunda ka-2018 sasithi “Yiba Nesibindi!” Lo mhlangano wasikhumbuza ukuthi ukuba nesibindi akuncikile emandleni nasemakhonweni esinawo. Njengokukhuthazela, isibindi sangempela sisithola ngokuncika kuJehova. Yini esingayenza ukuze sithembele nakakhulu kuJehova? Singafunda iZwi lakhe nsuku zonke futhi sizindle ngendlela uJehova aye wabasiza ngayo abantu bakhe esikhathini esidlule. (IHu. 68:20; 2 Pet. 2:9) Lapho izizwe zisihlasela phakathi nosizi olukhulu, kuyodingeka sibe nesibindi futhi sithembele kuJehova kakhulu kunanini ngaphambili. (IHu. 112:7, 8; Heb. 13:6) Uma sithembela kuJehova manje, siyoba nesibindi esisidingayo sokubhekana nokuhlasela kukaGogi. *

KULINDELE NGOKULANGAZELA UKUKHULULWA KWAKHO

Maduze uJesu uzofika nebutho lakhe lasezulwini empini ye-Armagedoni ukuze abhubhise izitha zikaNkulunkulu! (Bheka isigaba 17)

17. Kungani kungafanele siyesabe i-Armagedoni? (Bheka isithombe esisesembozweni.)

17 Njengoba kushiwo esihlokweni esidlule, iningi lethu liye laphila phakathi nezinsuku zokugcina. Kodwa sinethemba lokuphila kuze kudlule usizi olukhulu. Impi ye-Armagedoni iyoba isenzakalo sokugcina ngci esiyobhubhisa leli zwe. Nokho akudingeki sesabe. Kungani? Yingoba lena kuyobe kuyimpi kaNkulunkulu. (IzAga 1:33; Hez. 38:18-20; Zak. 14:3) Lapho uJehova ekhipha umyalo, uJesu uyophuma nebutho likaNkulunkulu eyokulwa. Uyobe ekanye nabagcotshiwe abayobe sebevusiwe kanye nezigidigidi zezingelosi. Bazokulwa noSathane, amademoni akhe kanye nabo bonke abantu abamsekelayo.—Dan. 12:1; IsAm. 6:2; 17:14.

18. (a) Yini uJehova asithembise yona? (b) IsAmbulo 7:9, 13-17 sikusiza kanjani ube nethemba eliqinile ngekusasa?

18 UJehova uyathembisa: “Noma isiphi isikhali esiyokwakhiwa ngokumelene nawe ngeke siphumelele.” (Isaya 54:17) “Isixuku esikhulu” sabantu abathembekile abakhonza uJehova ‘siyophuma osizini olukhulu’ siphila! Siyoqhubeka sikhonza uJehova. (Funda isAmbulo 7:9, 13-17.) IBhayibheli lisenza sibe nethemba langempela ngekusasa! Siyazi ukuthi “uJehova uyabalonda abathembekile.” (IHu. 31:23) Bonke abathanda uJehova nabamdumisayo bayokujabulela ukumbona elwela igama lakhe elingcwele.—Hez. 38:23.

19. Silindelwe iziphi izibusiso esikhathini esizayo esiseduze?

19 Ake ucabange indlela eyesi-2 Thimothewu 3:2-5 engafundeka ngayo uma ichaza abantu abayobe bephila ezweni elisha engasekho uSathane. (Bheka ibhokisi elithi “ Lokho Abantu Abayoba Yikho.”) UMfoweth’ uGangas, * owayeyilungu leNdikimba Ebusayo, wakuchaza ngale ndlela: “Umhlaba uyoshintsha ngokuphelele ngoba bonke abantu bayobe bekhonza uJehova! Maduze uzoba nelungelo lokuphila ezweni elisha. Uzophila isikhathi eside njengoJehova. Sizophila phakade.” Leli ithemba elijabulisa ngempela!

INGOMA 122 Yibani Abagxilile, Abangenakunyakaziswa!

^ par. 5 Siyazi ukuthi kuzoba ‘nosizi olukhulu’ oluzofikela bonke abantu maduze. Kuyokwenzekani kithi ngaleso sikhathi? Yini uJehova alindele ukuba siyenze ngaleso sikhathi? Yiziphi izimfanelo okudingeka silwele ukuba nazo manje ukuze sihlale sithembekile? Izimpendulo zale mibuzo sizozithola kulesi sihloko.

^ par. 3 INCAZELO YEGAMA: ELobukholwa lakhiwa izinkolo ezithi zingezobuKristu zibe zingabafundisi abantu ukukhonza uJehova ngendlela ayifunayo.

^ par. 11 INCAZELO YEGAMA: Igama elithi uGogi wakwaMagogi (uma lifushaniswa, uGogi) libhekisela eqenjini lezizwe eliyohlasela abantu bakaJehova phakathi nosizi olukhulu.

^ par. 11 Ukuze uthole imininingwane eyengeziwe mayelana nezenzakalo eziyoholela empini ye-Armagedoni, bheka isahluko 21 sencwadi ethi UMbuso KaNkulunkulu Uyabusa! Ukuze ufunde okwengeziwe mayelana nokuhlasela kukaGogi wakwaMagogi nangendlela uJehova ayobavikela ngayo abantu bakhe e-Armagedoni, bheka isahluko 17 no-18 encwadini ethi Pure Worship of Jehovah—Restored At Last!

^ par. 16 Umhlangano wesifunda ka-2019 onesihloko esithi “Uthando Alusoze Lwaphela Nanini!” usiqinisekisa ngokuthi singahlala siphephile ngaphansi kwesivikelo sikaJehova esinothando.—1 Kor. 13:8.

^ par. 19 Bheka isihloko esithi ‘Izenzo Zakhe Ziyomlandela’ kuyi-Nqabayokulinda kaDisemba 1, 1994.

^ par. 65 INCAZELO YEZITHOMBE: Phakathi nosizi olukhulu, iqembu elincane loFakazi libonisa isibindi ngokuhlangana ehlathini ukuze libe nemihlangano yebandla.

^ par. 67 INCAZELO YEZITHOMBE: Isixuku esikhulu sabantu abathembekile abakhonza uJehova siyodlula osizini olukhulu siphila futhi sijabule!