Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 42

Yini UJehova Azobangela Ukuba Ube Yiyo?

Yini UJehova Azobangela Ukuba Ube Yiyo?

“UNkulunkulu nguye osebenza ngaphakathi kini, . . . ukuze nithande futhi nenze.”—FIL. 2:13.

INGOMA 104 Isipho SikaNkulunkulu Somoya Ongcwele

AMAZWIBELA *

1. Yini uJehova angayenza ukuze afeze injongo yakhe?

UJEHOVA angaba yinoma yini edingekayo ukuze afeze injongo yakhe. Ngokwesibonelo, uJehova uye waba uMfundisi, uMduduzi nomShumayeli, uma nje sibala okumbalwa ake aba yikho. (Isaya 48:17; 2 Kor. 7:6; Gal. 3:8) Noma kunjalo, ngokuvamile usebenzisa abantu ukuze afeze izinjongo zakhe. (Math. 24:14; 28:19, 20; 2 Kor. 1:3, 4) UJehova anganikeza noma ubani kithi ukuhlakanipha namandla esiwadingayo ukuze sibe yinoma yini edingekayo ukuze senze intando yakhe. Konke lokhu kuyingxenye yencazelo yegama likaJehova, ngokwalokho okushiwo izazi eziningi.

2. (a) Kungani ngezinye izikhathi singase singabaze ukuthi uJehova uyasisebenzisa? (b) Yini esizoxoxa ngayo kulesi sihloko?

2 Sonke sifuna ukuba usizo kuJehova kodwa abanye bangase bangabaze ukuthi uJehova uyabasebenzisa. Kungani? Ngoba bazizwa bengafaneleki ngenxa yeminyaka yobudala, izimo noma amakhono. Ngakolunye uhlangothi, abanye bangase baneliswe yilokho kakade abakwenzayo bese behluleka ukubona isidingo sokwenza okwengeziwe. Kulesi sihloko, sizoxoxa ngendlela uJehova angahlomisa ngayo ngamunye wethu ukuba afeze injongo yakhe. Siyobe sesihlola izibonelo eziseBhayibhelini zendlela uJehova enza ngayo izinceku zakhe—abesilisa nabesifazane—ukuba zithande futhi zenze okuthile. Ekugcineni, sizobe sesixoxa ngendlela esingamvumela ngayo uJehova ukuba asisebenzise.

INDLELA UJEHOVA ASIHLOMISA NGAYO

3. NgokweyabaseFilipi 2:13, uJehova angasenza kanjani sithande ukwenza okuthile?

3 Funda eyabaseFilipi 2:13. * UJehova angasenza sithande ukwenza okuthile. Angakwenza kanjani lokhu? Ngokwesibonelo, kungase kuphakame isidingo esithile ebandleni. Noma abadala bangase bafunde incwadi evela ehhovisi legatsha ekhuluma ngesidingo esikwelinye ibandla. Singase sizibuze, ‘Yini mina engingayenza ukuze ngisize?’ Noma singase sinikezwe isabelo esinzima, kodwa sibe nomuzwa wokuthi sizokwehluleka ukusifeza. Noma, ngemva kokufunda ingxenye ethile eZwini likaNkulunkulu, singase sizibuze, ‘Ngingawusebenzisa kanjani lo mBhalo ukuze ngisize abanye?’ UJehova ngeke asiphoqe ukuba senze okuthile. Kodwa uma ebona ukuthi sizimisele ukuzihlola, angasinika isifiso sokukwenza.

4. UJehova angasinika kanjani amandla okuba senze okuthile?

4 UJehova angasinika amandla okwenza okuthile. (Isaya 40:29) Angasisiza ngomoya wakhe ukuze sithuthukise amakhono esinawo. (Eks. 35:30-35) Ngenhlangano yakhe, uJehova angasifundisa indlela yokwenza imisebenzi ethile. Uma ungaqiniseki ngendlela yokwenza isabelo esithile, cela usizo kwabanye. Singamcela noBaba wethu ophanayo ukuba asinike “amandla angaphezu kwavamile.” (2 Kor. 4:7; Luka 11:13) IBhayibheli linezibonelo eziningi zendlela uJehova asiza ngayo abesilisa nabesifazane ngokubanika isifiso namandla okwenza izabelo zabo. Njengoba sixoxa ngezinye zalezi zibonelo, zama ukucabanga ngezindlela uJehova angakusebenzisa ngazo nawe.

LOKHO UJEHOVA ASIZA AMADODA ABA YIKHO

5. Yini esiyifundayo endleleni uJehova asebenzisa ngayo uMose ukuba akhulule abantu baKhe nangesikhathi amsebenzisa ngaso?

5 UJehova wabangela uMose ukuba abe umkhululi wama-Israyeli. Kodwa uJehova wamsebenzisa nini uMose? Ingabe wamsebenzisa ngesikhathi ezizwa efaneleka ngemva ‘kokufundiswa kukho konke ukuhlakanipha kwabaseGibhithe’? (IzE. 7:22-25) Cha, uJehova wasebenzisa uMose ngemva kokuba emsize wathobeka, waba mnene. (IzE. 7:30, 34-36) UJehova wanika uMose isibindi sokukhuluma nombusi onamandla kunabo bonke eGibhithe. (Eks. 9:13-19) Yini esingayifunda endleleni uJehova asebenzisa ngayo uMose nangesikhathi amsebenzisa ngaso? UJehova usebenzisa labo abalingisa izimfanelo zakhe nabathembela kuye ukuze bathole amandla.—Fil. 4:13.

6. Yini esiyifunda endleleni uJehova asebenzisa ngayo uBharizilayi ukuze asize iNkosi uDavide?

6 Emakhulwini eminyaka kamuva, uJehova wasebenzisa uBharizilayi ukuze asize iNkosi uDavide. UDavide nabantu ‘babelambile, bekhathele futhi bomile’ ngesikhathi bebalekela indodana kaDavide, u-Absalomu. Ekanye nabanye, uBharizilayi, owayesemdala ngaleso sikhathi, wabeka ukuphila kwakhe engozini ukuze asize uDavide nalabo ayenabo. UBharizilayi akazange aphethe ngokuthi yena usemdala, ngakho ngeke esakwazi ukuba usizo kuJehova. Kunalokho, waba nesandla esivulekile, wasebenzisa lokho ayenakho ukuze asize izinceku zikaNkulunkulu ezazidinga usizo. (2 Sam. 17:27-29) Sifundani kulokhu? Kungakhathaliseki ukuthi sibadala kangakanani, uJehova angasisebenzisa ukuze sisize abafowethu esinabo ebandleni nabakwamanye amazwe abangenazo izidingo zokuphila. (IzAga 3:27, 28; 19:17) Ngisho noma singakwazi ukubasiza ngokuqondile, singanikelela umsebenzi womhlaba wonke ukuze kusizwe abafowethu lapho kuvela khona izinhlekelele.—2 Kor. 8:14, 15; 9:11.

7. UJehova wamsebenzisa kanjani uSimeyoni, futhi ukwazi lokho kungasikhuthaza kanjani?

7 UJehova wathembisa uSimeyoni, indoda esikhulile yaseJerusalema, ukuthi wayengeke afe engakamboni uMesiya. Leso sithembiso kumelwe ukuba samkhuthaza kakhulu uSimeyoni ngoba kwase kuyisikhathi eside elinde ukufika kukaMesiya. Ukholo nokukhuthazela kwakhe kwavuzwa. Ngelinye ilanga, “engaphansi kwamandla omoya,” wangena ethempelini. Wafike wabona usana olunguJesu futhi uJehova wasebenzisa uSimeyoni ukuba anikeze isiprofetho ngale ngane eyayizoba uKristu. (Luka 2:25-35) Nakuba kungenzeka ukuthi uSimeyoni akazange aphile aze abone uJesu efeza inkonzo yakhe emhlabeni, walijabulela ilungelo alinikezwa futhi ziningi ezinye izibusiso azozijabulela esikhathini esizayo! Ezweni elisha, le ndoda ethembekile izobona indlela ukubusa kukaJesu okuyoba isibusiso ngayo kuyo yonke imindeni yomhlaba. (Gen. 22:18) Nathi siyajabula nganoma iliphi ilungelo uJehova asinika lona enkonzweni yakhe.

8. UJehova angasisebenzisa kanjani njengoBarnaba?

8 Ngekhulu lokuqala C.E., indoda enesandla esivulekile okuthiwa uJosefa yayizimisele ukusetshenziswa uJehova. (IzE. 4:36, 37) Kungenzeka abaphostoli bayiqamba ngokuthi uBarnaba, okusho ukuthi “iNdodana Yenduduzo,” ngoba yayikukhuthalele ukududuza abanye. Ngokwesibonelo, ngemva kokuba uSawulu ebe umKristu, iningi labafowethu lalimesaba ngoba wayaziwa ngokuba umshushisi wamabandla. Nokho, uBarnaba onesihe wamsiza uSawulu, futhi kumelwe ukuba uSawulu wajabula lapho embonisa umusa. (IzE. 9:21, 26-28) Kamuva, abadala eJerusalema babona isidingo sokukhuthaza abafowabo ababekude le e-Antiyokiya yaseSiriya. Bathumela bani? UBarnaba! Bakhetha kahle. Sitshelwa ukuthi uBarnaba “wabakhuthaza bonke ukuba baqhubeke eNkosini ngenjongo eqotho.” (IzE. 11:22-24) Nanamuhla, uJehova angakusiza ube “indodana yenduduzo” kubafowenu. Ngokwesibonelo, angakusebenzisa ukuba ududuze abashonelwe. Angakusebenzisa futhi ukuba uvakashele noma ufonele umuntu ogulayo noma ocindezelekile ukuze umkhuthaze. Ingabe uzomvumela uJehova akusebenzise njengoBarnaba?—1 Thes. 5:14.

9. Yini esiyifundayo endleleni uJehova asiza ngayo uVasily ukuba abe umalusi omuhle?

9 UJehova wasiza uVasily ukuba abe umalusi omuhle. Lapho uVasily emiswa ukuba akhonze njengomdala eneminyaka engu-26, wayesaba ukuthi akakufanelekeli ukusiza ibandla ngokomoya, ikakhulu labo ababebhekene nobunzima. Nokho, wathola ukuqeqeshwa kubadala asebemnkantsh’ ubomvu nangokuya eSikoleni SeNkonzo SoMbuso. UVasily wazikhandla ukuze athuthuke. Ngokwesibonelo, wazibekela imigomo emincane. Lapho efinyelela umgomo ngamunye, ukwesaba ayenakho kwakuncipha. Manje uthi: “Izinto ezazingethusa ngaleso sikhathi manje zingenza ngijabule. Lapho uJehova engisiza ngithole umBhalo okahle engingawusebenzisela ukududuza umzalwane noma udade ebandleni, ngithola ukwaneliseka okukhulu.” Bazalwane, uma njengoVasily nivumela uJehova ukuba anisebenzise, anganisiza nikwazi ukwenza imisebenzi eyengeziwe ebandleni.

LOKHO UJEHOVA ASIZA ABESIFAZANE BABA YIKHO

10. U-Abhigayili wenzani, futhi yisiphi isifundo osifundayo esibonelweni sakhe?

10 UDavide namadoda ayenawo babebalekela iNkosi uSawule futhi bedinga usizo. Amadoda ayenoDavide acela uNabali, umIsrayeli ocebile, ukuba awaphe ukudla, noma yini nje encane ayenayo. Azizwa ekhululekile ukuba amcele ngoba ayevikele imihlambi kaNabali ehlane. Kodwa uNabali oyigovu akazange awanike lutho. UDavide wathukuthela futhi wafuna ukubulala uNabali nabo bonke abesilisa bendlu yakhe. (1 Sam. 25:3-13, 22) Nokho, umkaNabali, u-Abhigayili, wayenokuqonda futhi emuhle. Ngesibindi wawela ezinyaweni zikaDavide, wamncenga ukuba angaziphindiseleli ngokubulala. Wamcela ngokuhlakanipha ukuba ashiye izinto ezandleni zikaJehova. Amazwi entobeko ka-Abhigayili nezenzo zakhe ezibonisa ukuhlakanipha zayithinta inhliziyo kaDavide. UDavide wabona ukuthi u-Abhigayili uthunyelwe uJehova. (1 Sam. 25:23-28, 32-34) U-Abhigayili wayenezimfanelo ezamenza waba usizo kuJehova. Ngokufanayo, odade abangamaKristu abanokuhlakanipha nokuqonda bangasetshenziswa uJehova ekuqiniseni imindeni yabo nabanye ebandleni.—IzAga 24:3; Thithu 2:3-5.

11. Amadodakazi kaShalumi enzani, futhi obani namuhla abawalingisayo?

11 Eminyakeni eminingi kamuva, amadodakazi kaShalumi ayephakathi kwalabo uJehova abasebenzisela ukulungisa izindonga zaseJerusalema. (Neh. 2:20; 3:12) Nakuba uyise ayeyisikhulu, amadodakazi kaShalumi ayezimisele ukwenza lowo msebenzi onzima noyingozi. (Neh. 4:15-18) Ayehluke ngokuphelele kwabakhulu baseThekhowa, ‘abangazange bazehlise ukuze benze umsebenzi’! (Neh. 3:5) Cabanga ngenjabulo amadodakazi kaShalumi aba nayo lapho umsebenzi usuqediwe ngemva nje kwezinsuku ezingu-52! (Neh. 6:15) Namuhla, odade abakhuthele bayakujabulela ukwenza inkonzo engcwele ekhethekile—ukwakhiwa nokulungiswa kwezakhiwo ezinikezelwe kuJehova. Amakhono abo, umoya wabo ovumayo nobuqotho babo buwusizo ekufezeni lo msebenzi.

12. UJehova angasisebenzisa kanjani thina njengoThabitha?

12 UJehova wabangela uThabitha ukuba enze ‘izenzo eziningi ezinhle nezipho eziningi zesihe,’ enzela ikakhulukazi abafelokazi. (IzE. 9:36) Ngenxa yomoya wakhe ophawulekayo wokupha nomusa, abaningi bamkhalela lapho efa. Kodwa bajabula kakhulu lapho umphostoli uPetru emvusa ekufeni. (IzE. 9:39-41) Sifundani thina kuThabitha? Kungakhathaliseki ukuthi sibancane noma sibadala, singamadoda noma singabesifazane, sonke singenza okuthile ukuze sisize abafowethu nodadewethu.—Heb. 13:16.

13. UJehova wamsebenzisa kanjani uRuth, udade onamahloni, futhi wathini?

13 URuth, udade onamahloni, wayefuna ukuba isithunywa sevangeli. Lapho esemncane, uma eshumayela wayevele angene emizini yabantu ashiye amapheshana. Uthi: “Ngangiwujabulela lo msebenzi.” Kodwa kwakunzima ngaye ukuxoxa nabantu nokubatshela ngoMbuso kaNkulunkulu. Nakuba ayenamahloni, uRuth waba iphayona elivamile eneminyaka engu-18. Ngo-1946, waya eSikoleni SaseGileyadi futhi kamuva wakhonza eHawaii naseJapane. UJehova wamsebenzisa kakhulu ekusakazeni izindaba ezinhle kulawo mazwe. Ngemva kweminyaka engaba ngu-80 esenkonzweni, uRuth wathi: “UJehova uye wanginikeza amandla. Ungisize nganqoba amahloni. Ngikholelwa ngokuqinile ukuthi uJehova angasebenzisa noma ubani omethembayo.”

VUMELA UJEHOVA AKUSEBENZISE

14. NgokweyabaseKolose 1:29, yini okumelwe siyenze uma sifuna uJehova asisebenzise?

14 Kuwo wonke umlando, uJehova uye wasebenzisa izinceku zakhe ekwenzeni imisebenzi eminingi. Yini wena azobangela ukuba ube yiyo? Okuningi kuxhomeke endleleni ozimisele ngayo ukuzikhandla. (Funda eyabaseKolose 1:29.) Uma uzimisele ukuba uJehova akusebenzise, angakwenza ube umshumayeli oshisekayo, umfundisi ophumelelayo, umduduzi omuhle, isisebenzi esinekhono, umngane osekelanayo, nanoma yini adinga ukuba ube yiyo ukuze afeze intando yakhe.

15. Ngokweyoku-1 Thimothewu 4:12, 15, abazalwane abasebasha namuhla kufanele bacele uJehova ukuba abasize benzeni?

15 Kuthiwani ngani nina bazalwane abasebasha esenizofika eminyakeni yobudala? Kunesidingo esikhulu samadoda akhuthele azokhonza njengezinceku ezikhonzayo. Emabandleni amaningi namuhla, abadala baningi ukwedlula izinceku ezikhonzayo. Bakhona yini kini abazimisele ukufeza imisebenzi eyengeziwe ebandleni? Ngezinye izikhathi abanye bathi, “Ngikahle kakhulu ngingummemezeli nje ovamile.” Uma nawe uzizwa ngale ndlela, nxusa uJehova ukuba akusize uthande ukuba inceku ekhonzayo nokuba akunikeze amandla okwenza konke ongakwenza ukuze umkhonze. (UmSh. 12:1) Siyaludinga usizo lwenu!—Funda eyoku-1 Thimothewu 4:12, 15.

16. Yini okufanele siyicele kuJehova, futhi kungani?

16 UJehova angakubangela ukuba ube yinoma yini ayidingayo ukuze afeze intando yakhe. Ngakho mcele akwenze uthande ukwenza umsebenzi wakhe, bese umcela akunikeze amandla owadingayo. Kungakhathaliseki ukuthi umncane noma umdala, sebenzisa isikhathi sakho, amandla nezinto zakho ekukhonzeni uJehova manje. (UmSh. 9:10) Ungavumeli ukwesaba noma imizwa yokungafaneleki ikwenze uphuthelwe amathuba ayigugu okwenza konke ongakwenza enkonzweni kaJehova. Kuyilungelo elikhulu ukuba ngisho nengxenye encane ekunikezeni uBaba wethu onothando udumo olumfanele!

INGOMA 127 Uhlobo Lomuntu Okufanele Ngibe Yilo

^ par. 5 Ingabe unomuzwa wokuthi kuncane kakhulu okwenzela uJehova? Ingabe uyazibuza ukuthi usengaba yini usizo kuJehova? Noma ingabe awusiboni isidingo sokwenza okwengeziwe ekukhonzeni uJehova kunoma yini afuna uyenze? Lesi sihloko sizokhuluma ngezindlela ezihlukahlukene uJehova angakunika ngayo isifiso namandla okuba yinoma yini edingekayo ukuze ufeze injongo yakhe.

^ par. 3 Nakuba uPawulu ayebhalela amaKristu ayephila ekhulwini lokuqala, amazwi akhe asebenza kuzo zonke izikhonzi zikaJehova.