Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 41

Indlela Yokusiza Omfundela IBhayibheli Athuthuke Aze Abhapathizwe​—Ingxenye 1

Indlela Yokusiza Omfundela IBhayibheli Athuthuke Aze Abhapathizwe​—Ingxenye 1

“Niyincwadi kaKristu elotshwe yithi njengezikhonzi.” ​—2 KOR. 3:3.

INGOMA 78 “Ukufundisa IZwi LikaNkulunkulu”

AMAZWIBELA *

Ikhona yini into engajabulisa lonke ibandla ukwedlula ukubona umuntu elimthandayo obefundelwa iBhayibheli ebhapathizwa? (Bheka isigaba 1)

1. Eyesi-2 Korinte 3:1-3 isisiza kanjani sazise ilungelo esinalo lokufunda nabantu iBhayibheli baze babhapathizwe? (Bheka isithombe esisekhasini 1.)

UZIZWA kanjani lapho ubona othile ofundelwa iBhayibheli osensimini yebandla lenu ebhapathizwa? Akungabazeki ukuthi ujabula kakhulu. (Math. 28:19) Uma kunguwe obufunda naye, ujabula nakakhulu lapho umbona ebhapathizwa! (1 Thes. 2:19, 20) Abafundi abasha ababhapathiziwe ‘bayizincwadi zokutusa’ ezinhle, hhayi nje kuphela kulabo abebefunda nabo, kodwa kithi sonke njengebandla.​—Funda eyesi-2 Korinte 3:1-3.

2. (a) Yimuphi umbuzo obalulekile okudingeka sicabange ngawo, futhi kungani? (b) Siyini isifundo seBhayibheli? (Bheka umbhalo waphansi.)

2 Ave kujabulisa ukubona ukuthi eminyakeni emine edlule, ngokwesilinganiso, emhlabeni wonke kubikwe izifundo zeBhayibheli * ezingaba izigidi eziyishumi inyanga ngayinye. Phakathi naleyo minyaka, ngokwesilinganiso, unyaka ngamunye kubhapathizwe abantu abangaphezu kuka-280 000 baba oFakazi BakaJehova nabafundi bakaJesu Kristu abasha. Singazisiza kanjani lezi ezinye izigidi zabafundi beBhayibheli ukuba zibhapathizwe? Uma nje uJehova esababonisa isineke abantu ngokubanika isikhathi nethuba lokuba abafundi bakaKristu, sifuna ukwenza konke esingakwenza ukuze sibasize bathuthuke baze babhapathizwe ngokushesha uma kungenzeka. Isikhathi siyaphela!​—1 Kor. 7:29a; 1 Pet. 4:7.

3. Yini esizoxoxa ngayo kulesi sihloko ngokuqhuba izifundo zeBhayibheli?

3 Ukuze kuhlangabezwane nesidingo esiphuthumayo sokwenza abafundi abasha, amahhovisi egatsha acelwa ukuba athole ukuthi yini engenziwa ukuze sisize abaningi esifunda nabo iBhayibheli bathuthuke baze babhapathizwe. Kulesi sihloko nakwesilandelayo, sizobona ukuthi yini esingayifunda ezibonelweni zamaphayona angomakad’ ebona, izithunywa zevangeli nababonisi abajikelezayo. * (IzAga 11:14; 15:22) Bayachaza ukuthi yini engenziwa abafundisi beBhayibheli nabafundi ukuze isifundo simzuzise nakakhulu umfundi. Kulesi sihloko, sizoxoxa ngezinto ezinhlanu okudingeka zenziwe umfundi ngamunye ukuze athuthuke aze abhapathizwe.

FUNDANI ISONTO NGALINYE

Buza umfundi ukuthi ningakwazi yini ukuhlala phansi ukuze nixoxe ngeBhayibheli (Bheka izigaba 4-6)

4. Yini okufanele siyikhumbule ngesifundo seBhayibheli esiqhutshwa emnyango?

4 Abafowethu nodadewethu abaningi baqhuba izifundo zeBhayibheli bemi emnyango. Nakuba leyo kuyindlela enhle yokusiza umuntu agcine eselithanda iBhayibheli, ngokuvamile izingxoxo ezinjalo ziba mfushane futhi zingase zingenzeki masonto onke. Ukuze bamsize akuthande nakakhulu ukufunda, abanye bacela inamba yalowo muntu yocingo bese bemufownela noma bamthumelele umyalezo ngezikhathi ezithile ukuze baxoxe naye ngokuthile okuseBhayibhelini. Lezo zingxoxo eziba khona ngezikhathi ezithile zingase ziqhubeke izinyanga kodwa umfundi angabi isifundo seBhayibheli esithuthukayo. Umfundi angakwazi yini ukuthuthuka aze azinikezele futhi abhapathizwe uma kuyilokho kuphela akwenzayo futhi kuyileso kuphela isikhathi asisebenzisela ukufunda iZwi likaNkulunkulu? Akubonakali kanjalo.

5. NgokukaLuka 14:27-33, yini uJesu ayigcizelela engasisiza emsebenzini wethu wokwenza abafundi?

5 Ngesinye isikhathi, uJesu wasebenzisa imifanekiso ukuze aveze lokho okudingekayo ukuze umuntu abe umfundi wakhe. Wakhuluma ngomuntu owayefuna ukwakha umbhoshongo nangenkosi eyayifuna ukuya empini. UJesu wathi umakhi kumelwe ‘ahlale phansi kuqala abale izindleko’ ukuze awuqede umbhoshongo, inkosi yona kumelwe ‘ihlale phansi kuqala icebisane nabanye’ ukuze ibone ukuthi amabutho ayo azokwazi yini ukufeza lokho abakuhlosile. (Funda uLuka 14:27-33.) Ngendlela efanayo, uJesu wayazi ukuthi umuntu ofuna ukuba umfundi wakhe kufanele ahlole ngokucophelela ukuthi kusho ukuthini ukuba umlandeli wakhe. Ngenxa yaleso sizathu, kudingeka sikhuthaze esifunda nabo iBhayibheli ukuba bafunde masonto onke. Singakwenza kanjani lokho?

6. Yini esingazama ukuyenza ukuze sibe nezifundo ezithuthukayo?

6 Qala ngokwelula isikhathi enisichitha lapho nifunda emnyango. Mhlawumbe ungenezela enye ingxoxo engokomBhalo isikhathi ngasinye lapho uvakashela ofunda naye. Lapho ofunda naye esejwayele ukuthi senixoxa isikhathi eside, mbuze ukuthi ayikho yini indawo eningaya kuyo ukuze nihlale phansi niqhubeke nengxoxo yenu. Impendulo yakhe izoveza ukuthi uzimisele kangakanani ukufunda iBhayibheli. Ukuze athuthuke kakhudlwana, ungambuza ukuthi angathanda yini ukufunda kabili ngesonto. Nokho, akwanele ukumane nifunde kanye noma kabili isonto ngalinye.

LUNGISELELA ISIFUNDO NGASINYE

Silungiselele kahle isifundo seBhayibheli, ubonise nomfundi ukuthi kulungiselelwa kanjani (Bheka izigaba 7-9)

7. Umfundisi angasilungiselela kanjani kahle isifundo seBhayibheli ngasinye?

7 Njengomfundisi, kudingeka usilungiselele kahle isifundo seBhayibheli ngasinye. Ungaqala ngokufunda ingxenye enizoyifunda, ubheke nemibhalo yakhona. Wabone ngokucacile amaphuzu ayinhloko. Cabanga ngesihloko sendaba efundwayo, izihlokwana, imibuzo, imibhalo okuthiwa “yifunde”, izithombe, nanganoma yimaphi amavidiyo angasiza ekucaciseni indaba. Unomfundi engqondweni, cabanga ngokuthi uzokwethula kanjani ngendlela elula necacile lokho enizofunda ngakho ukuze umfundi akuqonde kalula futhi akusebenzise ekuphileni kwakhe.​—Neh. 8:8; IzAga 15:28a.

8. Amazwi omphostoli uPawulu abhalwe kweyabaseKolose 1:9, 10 asifundisani ngokuthandazela esifunda nabo iBhayibheli?

8 Njengoba ulungiselela, thandaza kuJehova uthandazele umfundi, umtshele nangezidingo zakhe. Cela uJehova akusize ufundise okuseBhayibhelini ngendlela ezothinta inhliziyo yomuntu. (Funda eyabaseKolose 1:9, 10.) Zama ukucabanga ngento okungaba nzima ngomfundi ukuba ayiqonde noma ayamukele. Ungakhohlwa ukuthi umgomo wakho ukumsiza athuthuke aze abhapathizwe.

9. Chaza ukuthi umfundisi angamsiza kanjani umfundi alungiselele isifundo sakhe?

9 Sikholelwa ukuthi isifundo seBhayibheli esiqhutshwa njalo sizokwenza umfundi akwazise okwenziwe uJehova noJesu, afune nokufunda okwengeziwe. (Math. 5:3, 6) Ukuze azuze ngokugcwele lapho nifunda, umfundi kudingeka agxile kulokho akufundayo. Ukuze umsize enze kanjalo, mchazele indlela okubaluleke ngayo ukuba alungiselele njalo lapho nizofunda, acabange nangokuthi akufundayo kusebenza kanjani kuye. Umfundisi angamsiza kanjani umfundi? Lungiselelani ndawonye ukuze umbonise ukuthi kulungiselelwa kanjani. * Mchazele ukuthi angazithola kanjani izimpendulo zemibuzo, umbonise indlela ukudwebela kuphela amagama ayinhloko noma imishwana okungamsiza ngayo akhumbule impendulo. Yibe usumcela ukuba aphendule ngamazwi akhe. Lapho enza kanjalo, uyokwazi ukubona ukuthi ukuqonda kangakanani enikufundayo. Kodwa kukhona nokunye ongakhuthaza umfundi ukuba akwenze.

MFUNDISE UKUKHULUMA NOJEHOVA NSUKU ZONKE

Fundisa umfundi indlela angakhuluma ngayo noJehova (Bheka izigaba 10-11)

10. Kungani kubalulekile ukufunda iBhayibheli nsuku zonke, futhi yini edingekayo ukuze sizuze lapho silifunda?

10 Naphezu kokufunda nomfundisi wakhe masonto onke, umfundi angazuza ngokuzenzela izinto ezithile nsuku zonke. Kudingeka axoxe noJehova. Kanjani? Ngokumlalela nangokukhuluma noJehova. Angalalela uNkulunkulu ngokufunda iBhayibheli nsuku zonke. (Josh. 1:8; IHu. 1:1-3) Mbonise ukuthi angasisebenzisa kanjani “Isimiso Sokufunda IBhayibheli” esiphrintwayo esiku-jw.org. * Ukuze umsize azuze lapho efunda iBhayibheli, mkhuthaze ukuba azindle ngalokho iBhayibheli elimfundisa kona ngoJehova nangokuthi angakusebenzisa kanjani akufundayo ekuphileni kwakhe.​—IzE. 17:11; Jak. 1:25.

11. Umfundi angafunda kanjani ukuthandaza ngendlela efanele, futhi kungani kubalulekile ukuba athandaze njalo kuJehova?

11 Khuthaza umfundi ukuba akhulume noJehova ngokuthandaza nsuku zonke. Thandaza nomfundi ngokusuka enhliziyweni njalo lapho niqala nalapho niphetha isifundo ngasinye, naye umfake emthandazweni. Njengoba ekulalele uthandaza, uzofunda ukuthi angathandaza kanjani kuJehova uNkulunkulu ngobuqotho nangokusuka enhliziyweni ethandaza egameni likaJesu Kristu. (Math. 6:9; Joh. 15:16) Awucabange nje indlela ukufunda iBhayibheli nsuku zonke (ukulalela uJehova) nokuthandaza (ukukhuluma noJehova) okuyosiza ngayo umfundi asondele nakakhulu kuNkulunkulu! (Jak. 4:8) Ukwenza lezi zinto njalo kuyosiza umfundi athuthuke agcine esezinikezela futhi abhapathizwe.

MSIZE AZAKHELE UBUNGANE NOJEHOVA

12. Umfundisi angamsiza kanjani umfundi azakhele ubungane noJehova?

12 Okufundwa umfundi esifundweni sakhe seBhayibheli akufanele kugcine ngokuthinta ingqondo yakhe, kodwa kufanele kuthinte nenhliziyo yakhe. Kungani? Inhliziyo yethu—okuhlanganisa esikufisayo, esikucabangayo, nendlela esizizwa ngayo—isiholela esenzweni. UJesu wayefundisa ngendlela eyenza abantu bacabange. Kodwa babemlandela ngoba wayebathinta inhliziyo. (Luka 24:15, 27, 32) Ofunda naye kudingeka abheke uJehova njengoMuntu ongokoqobo, umuntu angaba nobungane naye futhi aqonde ukuthi angaba uBaba wakhe, uNkulunkulu noMngane. (IHu. 25:4, 5) Phakathi nesifundo seBhayibheli, veza ubuntu obuhle bukaNkulunkulu wethu. (Eks. 34:5, 6; 1 Pet. 5:6, 7) Kungakhathaliseki ukuthi nixoxa ngasiphi isihloko, gxila ohlotsheni loMuntu uJehova ayilo. Siza umfundi azazise izimfanelo ezinhle zikaJehova—uthando lwakhe, umusa nozwela. UJesu wathi ‘umyalo omkhulu kunayo yonke nowokuqala ukuthanda uJehova uNkulunkulu wakho.’ (Math. 22:37, 38) Zama ukusiza umfundi amthande ngokujulile uJehova.

13. Nikeza isibonelo sendlela esingasiza ngayo umfundi afunde ngobuntu bukaJehova.

13 Lapho uxoxa nomfundi, mxoxele ngezinto ezikwenza umthande uJehova. Lokho kungasiza umfundi abone ukuthi kudingeka azakhele ubungane obuseduze noJehova. (IHu. 73:28) Ngokwesibonelo, encwadini eniyifundayo noma evesini, ukhona yini umusho oveza okuthile ngoJehova—uthando lwakhe, ukuhlakanipha, ubulungisa, noma amandla—okukuthinta inhliziyo? Xoxela umfundi ngakho, umtshele ukuthi lokho kuphakathi kwezinto eziningi ezikwenza umthande uBaba wethu wasezulwini. Kunokunye okudingeka kwenziwe umfundi weBhayibheli ngamunye ukuze athuthuke aze abhapathizwe.

MKHUTHAZE UKUBA EZE EMIHLANGANWENI YEBANDLA

Fundisa umfundi indlela angakhuluma ngayo noJehova (Bheka izigaba 10-11)

14. Yini incwadi yamaHebheru 10:24, 25 esitshela yona ngemihlangano yebandla engasiza umfundi athuthuke?

14 Sonke siyafuna ukuthi abantu esifunda nabo bathuthuke baze babhapathizwe. Enye indlela ebalulekile esingabasiza ngayo ukubakhuthaza ukuba babe khona emihlanganweni yebandla. Abafundisi abangomakad’ ebona bathi abafundi abaya emihlanganweni yebandla zisuka nje basheshe bathuthuke. (IHu. 111:1) Abanye abafundisi bachazela abafundi ukuthi ngaphandle kwezinto abazifunda esifundweni sabo seBhayibheli, ziningi ezinye izinto abazozifunda emihlanganweni yebandla. Funda incwadi yamaHebheru 10:24, 25 nomfundi, umchazele izinzuzo azozithola ngokuya emihlanganweni. Mdlalele ividiyo ethi Kwenziwani EHholo LoMbuso? * Siza umfundi akubone ukubaluleka kokuya emihlanganweni yebandla masonto onke.

15. Yini esingayenza ukuze sikhuthaze umfundi ukuba abe khona njalo emihlanganweni yebandla?

15 Yini ongayenza uma umfundi engakaqali ukuza emihlanganweni yethu noma uma engezi njalo? Mxoxele ngomdlandla osanda kukufunda komunye wemihlangano. Ukwenza kanjalo kuzomkhuthaza kakhulu umfundi kunokumane ummeme. Mnikeze INqabayokulinda noma INcwajana YoMhlangano Wokuphila Nenkonzo efundwayo. Mbonise okuzoxoxwa ngakho emhlanganweni olandelayo, umbuze ukuthi yikuphi abona sengathi uyakuthanda kukho. Lokho umfundi ayokuzwa nayokubona lapho eqala ukuya emhlanganweni kuyokudlula kude lokho ake wakubona kwezinye izinkolo. (1 Kor. 14:24, 25) Uyohlangana nabantu abayizibonelo ezinhle angazilingisa nabazomsiza athuthuke aze abhapathizwe.

16. Yini edingekayo ukuze siqhube izifundo zeBhayibheli ezizogcina zibhapathiziwe, futhi yini esizoyifunda esihlokweni esilandelayo?

16 Singafunda kanjani nabantu iBhayibheli baze bagcine sebebhapathiziwe? Singasiza umfundi ngamunye abone ukubaluleka kokuthi afunde ngokumkhuthaza ukuba afunde masonto onke futhi alungiselele isifundo ngasinye. Sifuna nokumkhuthaza ukuba akhulume noJehova njalo, azakhele ubungane naYe. Sifuna ukukhuthaza umfundi ukuba abe khona emihlanganweni yebandla. (Bheka ibhokisi elithi, “ Okudingeka Kwenziwe Umfundi Ukuze Athuthuke Aze Abhapathizwe.”) Nokho, njengoba isihloko esilandelayo sizochaza, kunezinye izinto ezinhlanu ezingenziwa abafundisi beBhayibheli ukuze basize abafundi babhapathizwe.

INGOMA 76 Uzizwa Kanjani?

^ par. 5 Ukufundisa umuntu okuthile kusho ukumsiza “acabange, azizwe, noma enze into ehlukile noma abengakaze ayenze.” Isihloko sethu sonyaka ka-2020, uMathewu 28:19, sisikhumbuze ukubaluleka kokufunda nabantu iBhayibheli nokubafundisa ukuthi bangaba kanjani abafundi bakaJesu Kristu ababhapathiziwe. Kulesi sihloko nakwesilandelayo, sizobona ukuthi singathuthuka kanjani kulo msebenzi obaluleke kangaka.

^ par. 2 INCAZELO YAMAGAMA: Uma uxoxa nomuntu ngeBhayibheli njalo nangendlela ehlelekile, usuke uqhuba isifundo seBhayibheli. Ungasibika leso sifundo uma senifunde kabili ngemva kokumbonisa ukuthi kufundwa kanjani futhi unesizathu esiphathekayo sokukholelwa ukuthi isifundo sizoqhubeka.

^ par. 3 Lezi zihloko zinamacebiso awusizo atholakala ochungechungeni oluthi “Ukuqhuba Izifundo ZeBhayibheli Ezithuthukayo” olwaluvela ezihlokweni zeNkonzo Yethu YoMbuso ka-Julayi 2004 kuya kweka-Meyi 2005

^ par. 9 Bukelani ividiyo ethi Ukufundisa Esifunda Nabo Ukuba Balungiselele. Ku-JW Library®, iya kwesithi MEDIA > OUR MEETINGS AND MINISTRY > IMPROVING OUR SKILLS.

^ par. 10 Iya kwesithi IZINCWADI > IZINCWADI NEZINCWAJANA.

^ par. 14 Ku-JW Library®, iya kwesithi MEDIA > OUR MEETINGS AND MINISTRY > TOOLS FOR THE MINISTRY.