Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 42

Indlela Yokusiza Omfundela IBhayibheli Athuthuke Aze Abhapathizwe​—Ingxenye 2

Indlela Yokusiza Omfundela IBhayibheli Athuthuke Aze Abhapathizwe​—Ingxenye 2

“Ziqaphele njalo wena nokufundisa kwakho.”​—1 THIM. 4:16.

INGOMA 77 Ukukhanya Ezweni Elimnyama

AMAZWIBELA *

1. Sazi kanjani ukuthi umsebenzi wokwenza abafundi usindisa ukuphila?

UMSEBENZI wokwenza abafundi usindisa ukuphila! Sazi kanjani? Ngesikhathi uJesu ekhipha umyalo okuMathewu 28:19, 20, wathi: “Hambani niyokwenza . . . abafundi . . . , nibabhapathize.” Kubaluleke kangakanani ukubhapathizwa? Kuyimfuneko kulabo abafuna ukusindiswa. Umuntu ofuna ukubhapathizwa kumelwe akholelwe ukuthi uyosindiswa kuphela ngenxa yokuthi uJesu wasifela waphinde wavuswa. Yingakho umphostoli uPetru atshela amaKristu ayekanye nawo: “Lokho okuhambelana nalokhu nakho manje kuyanisindisa, okuwukuthi, ubhapathizo . . . ngokuvuka kukaJesu Kristu.” (1 Pet. 3:21) Ngakho lapho umfundi omusha ebhapathizwa, uzibeka ethubeni lokusindiswa.

2. Eyesi-2 Thimothewu 4:1, 2 ithi kufanele sibe abafundisi abanjani?

2 Ukuze senze abafundi, kudingeka sibe “nekhono lokufundisa.” (Funda eyesi-2 Thimothewu 4:1, 2.) Kungani? Kungenxa yokuthi uJesu wasiyala: “Hambani niyokwenza . . . abafundi . . . , nibafundise.” Umphostoli uPawulu wathi “hlala” kulo msebenzi, “ngoba ngokwenza lokhu uyozisindisa wena nabakulalelayo.” Yingakho uPawulu athi: ‘kuqaphele njalo ukufundisa kwakho.’ (1 Thim. 4:16) Ngenxa yokuthi ukufundisa kuhlobene nokwenza abafundi, sifuna ukuba abafundisi abangcono kakhulu.

3. Yini esizoxoxa ngayo kulesi sihloko ngokufundela abantu iBhayibheli?

3 Sifundisa izigidi zabantu emhlabeni wonke amaqiniso aseBhayibhelini. Kodwa njengoba isihloko esidlule sibonisile, sifuna ukwazi ukuthi singabasiza kanjani abaningi kuzo babe abafundi bakaJesu Kristu ababhapathiziwe. Kulesi sihloko, sizoxoxa ngezinto ezinhlanu umfundisi ngamunye okudingeka azenze ukuze asize umfundi athuthuke aze abhapathizwe.

VUMELA IBHAYIBHELI KUBE YILO ELIFUNDISAYO

Cela umfundisi ongumakad’ ebona akusize uthuthukise ikhono lokuvumela iBhayibheli kube yilo elifundisayo (Bheka izigaba 4-6) *

4. Kungani kumelwe umfundisi azibambe angakhulumi kakhulu lapho efundisa? (Bheka nombhalo waphansi.)

4 Siyazithanda izinto eziseZwini likaNkulunkulu esizifundisa abantu. Ngakho singase silingeke ukuba sikhulume kakhulu ngazo. Nokho, kungakhathaliseki ukuthi senza iSifundo Se-Nqabayokulinda, iSifundo SeBhayibheli Sebandla, noma sifundela umuntu ekhaya, akufanele sikhulume kakhulu. Ukuze avumele iBhayibheli kube yilo elifundisayo, umfundisi kumelwe azibambe angakhulumi kakhulu futhi angazami ukuchaza yonke into ayaziyo ngevesi elithile leBhayibheli noma ngendaba ethile. * (Joh. 16:12) Qhathanisa ukuthi kungakanani owawukwazi ngeBhayibheli ngesikhathi ubhapathizwa nalokho osukwazi manje. Cishe ngesikhathi ubhapathizwa wawuqonda izimfundiso eziyisisekelo kuphela. (Heb. 6:1) Kukuthathe iminyaka ukufunda konke okwaziyo namuhla, ngakho ungazami ukugxisha umfundi yonke into ngesikhathi esisodwa.

5. (a) Ngokuvumelana neyoku-1 Thesalonika 2:13, yini esifuna umfundi ayiqonde ngalokho akufundayo? (b) Singamkhuthaza kanjani umfundi ukuba akhulume ngezinto azifundayo?

5 Sifuna umfundi aqonde ukuthi lokho akufundayo kuvela eZwini likaNkulunkulu. (Funda eyoku-1 Thesalonika 2:13.) Singakwenza kanjani lokho? Mkhuthaze ukuba akhulume ngezinto azifundayo. Kunokuba umchazele njalo amavesi eBhayibheli, mcele awachaze yena. Msize abone ukuthi iZwi likaNkulunkulu lisebenza kanjani ekuphileni kwakhe. Mbuze imibuzo ezomsiza akhululeke ukusho lokho akucabangayo nendlela azizwa ngayo ngemiBhalo ayifundayo. (Luka 10:25-28) Ngokwesibonelo, mbuze: “Lo mBhalo ukusiza kanjani ubone enye yezimfanelo zikaJehova?” “Leli qiniso leBhayibheli lingakuzuzisa kanjani?” “Uzizwa kanjani ngalokhu osanda kukufunda?” (IzAga 20:5) Okubaluleke kakhulu akukona ukuthi umfundi wazi kangakanani, kodwa ukuthi ukuthanda futhi ukusebenzisa kangakanani lokho akwaziyo.

6. Kungani kungase kuzuzise ukuhamba nomfundisi ongumakad’ ebona lapho uyofunda nothile?

6 Lapho uyofunda nothile, uke uhambe yini nabamemezeli abangabafundisi abangomakad’ ebona? Uma kunjalo, ungababuza ukuthi bacabanga ukuthi ufundisa kanjani nokuthi ulisebenzisa kahle yini iBhayibheli lapho ufundisa. Kumelwe uthobeke uma ufuna ukuthuthukisa amakhono akho okufundisa. (Qhathanisa nezEnzo 18:24-26.) Ngemva kwalokho, mbuze lowo mmemezeli ukuthi ucabanga ukuthi umfundi uyawaqonda yini amaqiniso awafundayo. Ungase ucele lowo mmemezeli afunde nomfundi uma uzobe ungekho uhambile isonto noma amasonto. Lokho kuzosiza umfundi aqhubeke efunda futhi kumbonise ukuthi kubaluleke ngempela ukufunda. Ungalokothi ube nomuzwa wokuthi umuntu ofunda naye “uyisifundo sakho,” futhi abanye abamemezeli akufanele bafunde naye. Khumbula ukuthi ukhathalela umfundi, ufuna aqhubeke ethuthuka njengoba efunda iqiniso.

FUNDISA NGOMDLANDLA NANGOKUQINISEKA

Xoxa ngezibonelo zabanye ukuze usize umfundi aqonde indlela yokusebenzisa izimiso zeBhayibheli ekuphileni kwakhe (Bheka izigaba 7-9) *

7. Yini ezosiza umfundi akujabulele lokho akufundayo?

7 Umfundi kudingeka abone ukuthi unomdlandla futhi akuzwe ukuthi uyaqiniseka ngamaqiniso aseBhayibhelini. (1 Thes. 1:5) Uma wenza kanjalo cishe uyokujabulela kakhudlwana lokho akufundayo. Uma kufaneleka, mtshele ukuthi izimiso zeBhayibheli zikusize kanjani kokwakho ukuphila. Lokho kuyomenza aqonde ukuthi iBhayibheli lineziqondiso ezingamsiza naye ekuphileni kwakhe.

8. Yini ongayenza ukuze uqinise umfundi, futhi kungani ungenza kanjalo?

8 Lapho nifunda, tshela umfundi ngezibonelo zabafowethu nodadewethu ababhekana nezinkinga ezifana nezakhe futhi bazinqoba. Ungase ufike nothile wasebandleni umfundi angazuza esibonelweni sakhe. Noma ungathola izibonelo zabanye ezikhuthazayo ochungechungeni oluthi “IBhayibheli Lishintsha Ukuphila * ku-jw.org. Izihloko namavidiyo anjalo kuzosiza umfundi abone ukuthi kuwukuhlakanipha ngempela ukusebenzisa izimiso zeBhayibheli ekuphileni kwakhe.

9. Ungamkhuthaza kanjani umfundi ukuba axoxele umndeni wakhe nabangane izinto azifundayo?

9 Uma umfundi eshadile, umuntu ashade naye uyafundelwa yini yena iBhayibheli? Uma kungenjalo, mcele abe khona lapho nifunda. Khuthaza umfundi ukuba axoxele umndeni wakhe nabangane lokho akufundayo. (Joh. 1:40-45) Kanjani? Ungase umbuze: “Ungawuchazela kanjani umndeni wakho leli qiniso?” noma “Yimuphi umBhalo ongawusebenzisa ukuze ubonise umngane wakho ukuthi lokhu kuyiqiniso?” Ngokwenza kanjalo, uyobe uqeqesha umfundi ukuba abe umfundisi. Ngakho uma esefaneleka, angaqala ukushumayela njengommemezeli ongabhapathiziwe. Ungase ubuze umfundi ukuthi ukhona yini umuntu amaziyo ongathanda ukufunda iBhayibheli. Uma ekhona, xhumana nalowo muntu ngokushesha, ucele ukufunda naye. Mbonise ividiyo ethi Siqhutshwa Kanjani Isifundo SeBhayibheli? *

KHUTHAZA UMFUNDI UKUBA ATHOLE ABANGANE EBANDLENI

Khuthaza umfundi ukuba athole abangane ebandleni (Bheka izigaba 10-11) *

10. Njengoba kuchazwe kweyoku-1 Thesalonika 2:7, 8, umfundisi angasilingisa kanjani isibonelo sikaPawulu?

10 Abafundisi kumelwe babonise ukuthi babakhathalela ngempela abafundi. Kufanele bababheke njengabantu abangaba abafowethu nodadewethu. (Funda eyoku-1 Thesalonika 2:7, 8.) Akulula ukushiya abangane abangamkhonzi uJehova nokwenza zonke izinguquko ezidingekayo ukuze bakhonze uJehova. Kudingeka sibasize bathole abangane beqiniso ebandleni. Yiba umngane nomfundi ngokuthi uchithe isikhathi esiningi naye, hhayi nje kuphela lapho nizofunda kodwa nangezinye izikhathi. Ukumfownela, ukumthumelela umyalezo noma ukudlula nje umbone kungambonisa ukuthi uyamkhathalela ngempela.

11. Yini esifuna abafundi bayithole ebandleni, futhi kungani?

11 Kuthiwa: “Umphakathi wonke uba nesandla ekukhuliseni ingane.” Nathi singathi: “Ibandla lonke liba nesandla ekusizeni umuntu abe umfundi.” Yingakho abafundisi beBhayibheli abaphumelelayo besiza abafundi bajwayelane nabanye abangaba ithonya elihle kubo ebandleni. Abafundi bayokujabulela ukuba nabantu bakaNkulunkulu, abangabasiza basondelane noJehova, babakhuthaze nalapho bebhekana nezinkinga. Sifuna umfundi ngamunye azizwe ebalulekile ebandleni futhi azizwe eyingxenye yomndeni kaJehova. Sifuna adonseleke emndenini wethu onothando. Ngaleyo ndlela, kuyoba lula ukuthi ayeke ukuzihlanganisa nabantu abangeke bamsize athande uJehova. (IzAga 13:20) Uma abangane bakhe bemlahla, uyokwazi ukuthi unabangane beqiniso enhlanganweni kaJehova.—Marku 10:29, 30; 1 Pet. 4:4.

GCIZELELA UKUBALULEKA KOKUZINIKEZELA NOKUBHAPATHIZWA

Ngokulandela izinyathelo ezidingekayo, umfundi weBhayibheli ozimisele angagcina ebhapathiziwe! (Bheka izigaba 12-13)

12. Kungani kufanele sikhulume nomfundi ngokuzinikezela kobuKristu nokubhapathizwa?

12 Xoxa ngokukhululekile ngokuzinikezela kobuKristu nokubhapathizwa. Phela umgomo wethu wokufunda iBhayibheli nomuntu ukuba ekugcineni abe umfundi obhapathiziwe. Ngemva kwezinyanga ezimbalwa umfundi eqale ukufunda futhi waqala nokuya emihlanganweni, kudingeka aqonde ukuthi isizathu sokufunda naye siwukuthi sifuna ukumsiza akhonze uJehova, abe nguFakazi waKhe.

13. Yiziphi izinyathelo okudingeka umfundi azithathe ukuze abhapathizwe?

13 Kunezinyathelo umfundi weBhayibheli ozimisele angazithatha ukuze abhapathizwe. Okokuqala, umfundi uqala ukwazi nokuthanda uJehova futhi abe nokholo kuYe. (Joh. 3:16; 17:3) Umfundi ube eseba umngane noJehova futhi aqale ukuzihlanganisa nebandla. (Heb. 10:24, 25; Jak. 4:8) Ekugcineni, umfundi ushiya yonke imikhuba emibi, aphenduke nasezonweni zakhe. (IzE. 3:19) Ngesikhathi esifanayo, ukholo lwakhe lumenza atshele abanye amaqiniso awakholelwayo. (2 Kor. 4:13) Ube esezinikezela kuJehova, bese ebonisa lokho kuzinikezela ngokuthi abhapathizwe. (1 Pet. 3:21; 4:2) Wonke umuntu ugcwala injabulo ngalolo suku! Njengoba umfundi ethatha isinyathelo ngasinye, mncome ngobuqotho futhi umkhuthaze ukuba aqhubekele phambili.

YIHLOLE NJALO INTUTHUKO YOMFUNDI

14. Umfundisi angayihlola kanjani intuthuko yomfundi?

14 Kudingeka sibe nesineke lapho sisiza umfundi ukuba athuthuke aze azinikezele futhi abhapathizwe. Kodwa kudingeka sithole ukuthi uyafuna yini ukukhonza uJehova uNkulunkulu. Ingabe umfundi uyabonisa ukuthi uyazama ukulalela imiyalo kaJesu? Noma ingabe umane nje ukufuna ukuthola izinto ezizomjabulisa eBhayibhelini?

15. Yiziphi izinto umfundisi okumelwe azibheke eziyobonisa ukuthi umfundi uyathuthuka?

15 Yihlole njalo intuthuko eyenziwa umfundi. Ngokwesibonelo, uyayiveza yini indlela azizwa ngayo ngoJehova? Uyathandaza yini kuJehova? (IHu. 116:1, 2) Uyakujabulela yini ukutadisha iBhayibheli? (IHu. 119:97) Uba khona njalo yini emihlanganweni? (IHu. 22:22) Lukhona yini ushintsho alwenzayo ekuphileni ukuze abonise ukuthi uyakusebenzisa akufundayo? (IHu. 119:112) Useqalile yini ukuxoxela umndeni wakhe nabangane izinto azifundayo? (IHu. 9:1) Okubaluleke nakakhulu, uyafuna yini ukuba nguFakazi KaJehova? (IHu. 40:8) Uma umfundi engenzi ngisho nokukodwa kulokhu, zama ukuthola ngobuhlakani ukuthi kungani bese uxoxa naye ngomusa kodwa umtshele amaqiniso. *

16. Yini engase ibonise ukuthi kufanele uyeke ukufunda nothile?

16 Ngezikhathi ezithile, hlola ukuthi kufanele uqhubeke yini ufunda nothile. Zibuze: ‘Ingabe umfundi uyalungiselela lapho sizofunda? Uyakuthanda yini ukuya emihlanganweni? Usaqhubeka yini nemikhuba yakhe emibi? Useyilo yini ilungu lesonto?’ Uma impendulo kunguyebo, ukuqhubeka ufunda nalowo muntu kuyofana nokuzama ukufundisa umuntu ukubhukuda kodwa ebe engafuni ukuba manzi! Uma umfundi engakuthandi ngempela lokho akufundayo futhi engazimisele ukushintsha, kungani kufanele uqhubeke ufunda naye?

17. Ngokweyoku-1 Thimothewu 4:16, yini okumelwe yenziwe yibo bonke abafundisi beBhayibheli?

17 Umsebenzi wokwenza abafundi ubaluleke kakhulu kithi futhi sifuna ukusiza abantu esibafundela iBhayibheli bathuthuke baze babhapathizwe. Yingakho sizovumela iBhayibheli kube yilo elifundisayo futhi sizofundisa ngomdlandla nangokuqiniseka. Sizokhuthaza umfundi ukuba athole abangane ebandleni. Sizogcizelela ukubaluleka kokuzinikezela nokubhapathizwa, siyihlole njalo nentuthuko yomfundi. (Bheka ibhokisi elithi, “ Okudingeka Kwenziwe Abafundisi Ukuze Basize Abafundi Bathuthuke Baze Babhapathizwe.”) Siyajabula ngokuba nengxenye kulo msebenzi osindisa ukuphila! Kwangathi singazimisela ukwenza konke okusemandleni ethu ukuze sisize esibafundela iBhayibheli bathuthuke baze babhapathizwe.

INGOMA 79 Zifundiseni Ukuma Ziqine

^ par. 5 Lapho sifunda nabantu iBhayibheli, sisuke sinelungelo lokubafundisa indlela uJehova afuna bacabange, bazizwe futhi benze ngayo. Lesi sihloko sizoqhubeka sisichazela ukuthi singawathuthukisa kanjani amakhono ethu okufundisa.

^ par. 4 Bheka isihloko esithi “Gwema Lezi Zingibe Lapho Uqhuba Isifundo SeBhayibheli” kuyi-Ncwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu kaSepthemba 2016.

^ par. 8 Iya kwesithi MAYELANA NATHI > EXPERIENCES.

^ par. 9 Ku-JW Library®, iya kwesithi MEDIA > OUR MEETINGS AND MINISTRY > TOOLS FOR THE MINISTRY.

^ par. 15 Bheka isihloko esithi “Ukuthanda UJehova Nokumbonga Kuholela Ekubhapathizweni” nesithi “Ingabe Usukulungele Ukubhapathizwa?” kuyi-Nqabayokulinda kaMashi 2020.

^ par. 77 INCAZELO YEZITHOMBE: Ngemva kokufunda nomfundi, udade ongumakad’ ebona usiza udade obefundisa abone ukuthi angayeka kanjani ukukhuluma kakhulu lapho efundisa.

^ par. 79 INCAZELO YEZITHOMBE: Phakathi nesifundo, umfundi ufunda ukuthi angaba kanjani unkosikazi ongcono. Kamuva, uxoxela umyeni wakhe lokho akufundile.

^ par. 81 INCAZELO YEZITHOMBE: Umfundi nomyeni wakhe bajabulela ukuba nabangane emzini womunye umngane amthole eHholo LoMbuso.