Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 44

Ingabe Izingane Zakho Zizokhula Zikhonze UJehova?

Ingabe Izingane Zakho Zizokhula Zikhonze UJehova?

“UJesu waqhubeka ethuthuka ekuhlakanipheni nasekukhuleni ngokomzimba nasemseni kaNkulunkulu nowabantu.”—LUKA 2:52.

INGOMA 134 Abantwana Bayifa Elivela KuNkulunkulu

AMAZWIBELA *

1. Yisiphi isinqumo esihle kakhulu umuntu angasenza?

IZINQUMO abazali abazenzayo ngokuvamile ziba nomphumela ohlala isikhathi eside ezinganeni zabo. Uma benza izinqumo ezingahlakaniphile, bangadalela izingane zabo izinkinga. Kodwa uma benza izinqumo ezihlakaniphile, banika izingane zabo ithuba lokuphila ukuphila okujabulisayo nokwanelisayo. Iqiniso liwukuthi nezingane kumelwe zenze izinqumo ezinhle. Ukukhonza uBaba wethu osezulwini onothando, uJehova, kuyisinqumo esihle kakhulu umuntu angasenza.​—IHu. 73:28.

2. UJesu nabazali bakhe benza ziphi izinqumo ezinhle?

2 Abazali bakaJesu babezimisele ukusiza izingane zabo zikhonze uJehova futhi izinqumo abazenza zabonisa ukuthi yilokho okwakubalulekile ekuphileni kwabo. (Luka 2:40, 41, 52) UJesu naye wenza izinqumo ezihlakaniphile ezamsiza wenza lokho okwakufunwa uJehova. (Math. 4:1-10) Wakhula waba indoda enomusa, eqotho nenesibindi futhi bonke abazali abathanda uJehova babeyoziqhenya bakujabulele ukuba nendodana efana naye.

3. Yimiphi imibuzo esizoxoxa ngayo kulesi sihloko?

3 Kulesi sihloko, sizophendula le mibuzo elandelayo: Yiziphi izinqumo ezinhle uJehova azenza ngokuphathelene noJesu? Yini abazali abangamaKristu abangayifunda ezinqumweni ezenziwa uJosefa noMariya? Yini intsha engamaKristu engayifunda ezinqumweni ezenziwa uJesu?

FUNDA KUJEHOVA

4. Yisiphi isinqumo esibalulekile uJehova asenza ngokuphathelene neNdodana yakhe?

4 UJehova wakhethela uJesu abazali abangcono kunabo bonke. (Math. 1:18-23; Luka 1:26-38) Amazwi kaMariya asuka enhliziyweni abhalwe eBhayibhelini abonisa ukuthi wayemthanda ngempela uJehova neZwi lakhe. (Luka 1:46-55) Indlela uJosefa alalela ngayo isiqondiso sikaJehova ibonisa ukuthi wayemesaba uNkulunkulu, efuna nokumjabulisa.—Math. 1:24.

5-6. Yini uJehova avumela iNdodana yakhe ukuba ibhekane nayo?

5 Khumbula ukuthi uJehova akazange akhethele uJesu abazali abacebile. Umhlatshelo uJosefa noMariya abanikela ngawo ngemva kokuba uJesu ezelwe uyabonisa ukuthi babehlupheka. (Luka 2:24) Kungenzeka uJosefa wayenesitolo esincane ayesebenza kuso ewumbazi eduze komuzi wakhe eNazaretha. Cishe babengenayo imali eningi nezinto eziningi, ikakhulukazi njengoba bagcina sebenezingane ezingu-7 noma ngaphezulu.​—Math. 13:55, 56.

6 UJehova wamvikela ezingozini ezithile uJesu, kodwa akazange ayivikele kuzo zonke izinkinga eyayizobhekana nazo iNdodana yaKhe. (Math. 2:13-15) Ngokwesibonelo, uJesu wayenezihlobo ezazingakholelwa kuye. Ake ucabange indlela okwamdumaza ngayo ukuthi amalungu omndeni wakhe aqale angakholwa ukuthi unguMesiya. (Marku 3:21; Joh. 7:5) Kungenzeka nokuthi uJesu kwadingeka akhuthazelele nobuhlungu bokushonelwa ubaba wakhe, uJosefa. Lokho kwakungase kusho ukuthi uJesu, njengendodana endala, kwakuzodingeka anakekele ibhizinisi lasekhaya. (Marku 6:3) Lapho ekhula, wafunda ukuthi kufanele ondle umndeni wakubo. Kungenzeka kwadingeka asebenze kanzima ukuze awunakekele. Ngakho uJesu wayazi ukuthi kunjani ukukhathala ube yimvithi ngemva kokusebenza usuku lonke.

Bazali, sizani izingane zenu zilungele ukubhekana namaqiniso okuphila ngokuzifundisa ukusebenzisa iseluleko seZwi likaNkulunkulu (Bheka isigaba 7) *

7. (a) Yimiphi imibuzo ezosiza abashadile ekukhuliseni izingane zabo? (b) IzAga 2:1-6 zingabasiza kanjani abazali baqeqeshe izingane zabo?

7 Uma nishadile futhi ningathanda ukuba nezingane, zibuzeni: ‘Ingabe singabantu abathobekile, abathanda uNkulunkulu neZwi lakhe, abantu uJehova angabakhetha ukuba banakekele ukuphila okuyigugu kosana?’ (IHu. 127:3, 4) Uma usungumzali, zibuze: ‘Ngiyazifundisa yini izingane zami ukubaluleka kokusebenza kanzima?’ (UmSh. 3:12, 13) ‘Ingabe ngenza konke engingakwenza ukuze ngivikele izingane zami zingahlukunyezwa, ngizivikele nasezingozini zaleli zwe likaSathane?’ (IzAga 22:3) Awukwazi ukuzivikela kuzo zonke izinkinga izingane zakho. Lokho ngeke kwenzeke. Kodwa kancane kancane ungazilungiselela ukuba zibhekane namaqiniso okuphila ngokuzifundisa ukuthi zithembele eZwini likaNkulunkulu lapho zifuna iseluleko. (Funda izAga 2:1-6.) Ngokwesibonelo, uma isihlobo sikhetha ukuyeka ukukhonza uJehova, siza izingane zakho zifunde eZwini likaNkulunku ukuthi kungani kubalulekile ukuhlala ziqotho kuJehova. (IHu. 31:23) Noma uma nishonelwa umuntu enimthandayo, bonisa izingane zakho indlela yokusebenzisa iZwi likaNkulunkulu ukuze ziduduzeke futhi zibe nokuthula.​—2 Kor. 1:3, 4; 2 Thim. 3:16.

FUNDA KUJOSEFA NOMARIYA

8. Ngokwencwadi kaDuteronomi 6:6, 7, yini okwakumelwe yenziwe uJosefa noMariya?

8 UJosefa noMariya basiza uJesu wakhula waba indoda uNkulunkulu ayamukelayo; balalela iziqondiso uJehova azibhalela abazali. (Funda uDuteronomi 6:6, 7.) Babemthanda ngokujulile uJehova futhi ukukhuthaza izingane zabo ukuba nazo zimthande ngendlela efanayo yikona okwakubalulekile ekuphileni kwabo.

9. Yiziphi izinqumo ezibalulekile uJosefa noMariya abazenza?

9 UJosefa noMariya banquma ukuthi bazokhonza uJehova nezingane zabo ngaso sonke isikhathi. Akungabazeki ukuthi babeya masonto onke esinagogeni elaliseNazaretha futhi beya minyaka yonke eJerusalema ukuze bayogubha iPhasika. (Luka 2:41; 4:16) Kungenzeka lapho beya eJerusalema babesebenzisa leso sikhathi ukuze bafundise uJesu nezingane zakubo ngomlando wabantu bakaJehova, mhlawumbe endleleni bavakashele nezindawo okukhulunywa ngazo emiBhalweni. Njengoba umndeni wabo wawukhula, kumelwe ukuba kwakungaselula ukwenza izinto ezibasondeza kuJehova ngaso sonke isikhathi. Kodwa bathola izibusiso eziningi! Ngenxa yokuthi ukukhonza uJehova kwakuza kuqala ekuphileni kwabo, bakwazi ukusiza umndeni wabo ukuba usondelane noJehova.

10. Yiziphi izifundo abazali abangamaKristu abangazifunda kuJosefa noMariya?

10 Yini abazali abasaba uNkulunkulu abangayifunda kuJosefa noMariya? Into ebaluleke kakhulu ukuthi nibonise izingane zenu ngamazwi nangezenzo ukuthi nimthanda ngokujulile uJehova. Yazini ukuthi isipho esikhulu kunazo zonke eningasinika izingane zenu ukuzisiza zithande uJehova. Esinye isifundo esibaluleke kakhulu eningazifundisa sona ukuthi kumelwe zifunde iBhayibheli njalo, zithandaze, ziye emihlanganweni futhi zishumayele. (1 Thim. 6:6) Kuyiqiniso ukuthi kumelwe ninakekele izingane zenu, nizinike izinto ezizidingayo ukuze ziphile. (1 Thim. 5:8) Kodwa khumbulani ukuthi into eyosiza izingane zenu zisinde ekupheleni kwaleli zwe likaSathane futhi zingene ezweni elisha likaNkulunkulu ukuba nobungane obuseduze noJehova, hhayi ukuba nezinto zaleli zwe. *​—Hez. 7:19; 1 Thim. 4:8.

Kuthinta inhliziyo ukubona abazali abangamaKristu benza izinqumo ezinhle ukuze imindeni yabo ikhonze uJehova! (Bheka isigaba 11) *

11. (a) Iseluleko esisencwadini yoku-1 Thimothewu 6:17-19 singabasiza kanjani abazali benze izinqumo ezinhle lapho bekhulisa izingane zabo? (b) Yimiphi imigomo eningase nizibekele yona njengomndeni, futhi yiziphi izibusiso eningazithola? (Bheka ibhokisi elithi “ Yimiphi Imigomo Enizozibekela Yona?”)

11 Kuthinta inhliziyo ngempela ukubona abazali abangamaKristu benza izinqumo ezinhle ezizosiza izingane zabo zisondelane noJehova! Bakhonza uJehova nezingane zabo njalo. Bahamba nezingane zabo lapho beya emihlanganweni yebandla nasemihlanganweni emikhulu. Bashumayela izindaba ezinhle nezingane zabo. Eminye imindeni ikwazi ngisho nokuyoshumayela ezindaweni okungashunyayelwa kuzo njalo. Eminye ivakashela eBethel noma isize emsebenzini wokwakha. Imindeni enquma ukwenza lezi zinto isuke isebenzise imali yayo futhi kungenzeka ibhekane nobunye ubunzima. Kodwa uJehova uyibusisa ngokucebile. (Funda eyoku-1 Thimothewu 6:17-19.) Izingane ezikhuliswe emindenini enjalo zivame ukuqhubeka nokwenza lezi zinto ezinhle ngisho nalapho sezikhulile, futhi ziyajabula ngokuthi abazali bazo bazikhulise ngale ndlela! *​—IzAga 10:22.

FUNDA KUJESU

12. Yini okwakumelwe yenziwe uJesu njengoba ayekhula?

12 UBaba kaJesu wasezulwini uhlale enza izinqumo ezihlakaniphile, nabazali bakhe basemhlabeni benza izinqumo ezihlakaniphile. Nokho, njengoba uJesu ayekhula, kwakudingeka azenzele ezakhe izinqumo. (Gal. 6:5) Njengathi sonke, wayenenkululeko yokuzikhethela lokho afuna ukukwenza. Wayengakhetha ukubeka kuqala lokho okuthandwa nguye. Kodwa kunokuba enze kanjalo, wakhetha ukuba nobungane obuseduze noJehova. (Joh. 8:29) Isibonelo sakhe singabasiza kanjani abasebasha namuhla?

Basha, ningalokothi nenqabe isiqondiso sabazali benu (Bheka isigaba 13) *

13. Yisiphi isinqumo esibalulekile esenziwa uJesu ngesikhathi esemusha?

13 Ngesikhathi uJesu esengumfana, wakhetha ukuzithoba kubazali bakhe. Akakaze asinqabe isiqondiso sabo, azitshele ukuthi yena wazi kakhulu kunabo. Kunalokho, “waqhubeka ezithoba kubo.” (Luka 2:51) Akungabazeki ukuthi uJesu akazange ayithathe kancane indima yakhe njengendodana endala. Ngokuqinisekile wazikhandla ukuze afunde ikhono lokuba umbazi kubaba wakhe wasemhlabeni ukuze anakekele umndeni wakubo.

14. Sazi kanjani ukuthi uJesu wayengumfundi okhuthele weZwi likaNkulunkulu?

14 Cishe abazali bakaJesu bamtshela ngokuzalwa kwakhe okuyisimangaliso nangalokho okwashiwo izithunywa zikaNkulunkulu ngaye. (Luka 2:8-19, 25-38) UJesu akaneliswanga yilokho akutshelwa; naye wazitadishela imiBhalo. Sazi kanjani ukuthi uJesu wayengumfundi okhuthele weZwi likaNkulunkulu? Sazi ngoba ngesikhathi esengumfana, abafundisi baseJerusalema “babelokhu bemangele ngenxa yokuqonda kwakhe nezimpendulo zakhe.” (Luka 2:46, 47) Lapho eneminyaka engu-12 nje kuphela, uJesu wayesezikholisile ukuthi uJehova unguBaba wakhe.​—Luka 2:42, 43, 49.

15. UJesu wabonisa kanjani ukuthi wayekhethe ukwenza intando kaJehova?

15 Njengoba uJesu ayefunda ngendima yakhe enjongweni kaJehova, wakhetha ukusamukela isabelo sakhe. (Joh. 6:38) Wayazi ukuthi wayezozondwa abantu abaningi, futhi kumelwe ukuba kwakungemnandi ukucabanga ngalokho. Nokho, wakhetha ukulalela uJehova. Ngesikhathi ebhapathizwa ngo-29 C.E., wagxila ekwenzeni lokho okwakufunwa uJehova. (Heb. 10:5-7) Ngisho nalapho efa esigxotsheni sokuhlushwa, waqhubeka ezimisele ukwenza intando kaYise.—Joh. 19:30.

16. Yisiphi isifundo esingafundwa izingane kuJesu?

16 Lalela abazali bakho. NjengoJosefa noMariya, abazali bakho bayawenza amaphutha. Nokho, uJehova uyale abazali bakho ukuba bakuvikele, bakuqeqeshe futhi bakuqondise. Uma ubalalela, uhlonipha negunya labo, ‘kuyokuhambela kahle.’​—Efe. 6:1-4.

17. Ngokwencwadi kaJoshuwa 24:15, yisiphi isinqumo abasebasha okumelwe bazenzele sona?

17 Zikhethele ukuthi uzokhonza bani. Kumelwe uzitholele wena ukuthi ungubani uJehova, iyini intando yakhe, nokuthi wena ungayenza kanjani ekuphileni kwakho. (Roma 12:2) Ngaleyo ndlela, uyokwazi ukwenza isinqumo esibaluleke kunazo zonke ekuphileni kwakho, isinqumo sokukhonza uJehova. (Funda uJoshuwa 24:15; UmSh. 12:1) Uma ufunda iBhayibheli njalo futhi utadisha, uthando onalo ngoJehova luyoqhubeka lukhula futhi ukholo lwakho kuye luyoqina.

18. Yini abasebasha okumelwe bayikhethe, futhi kuyoba namuphi umphumela?

18 Khetha ukubeka intando kaJehova kuqala ekuphileni kwakho. Izwe likaSathane lithembisa ukuthi uma usebenzisa amakhono akho ukuze uzizuzise wena uzojabula. Eqinisweni, labo abagxile ezintweni zaleli zwe bazigwaza “yonke indawo ngeminjunju eminingi.” (1 Thim. 6:9, 10) Ngakolunye uhlangothi, uma ulalela uJehova futhi ukhethe ukubeka intando yakhe kuqala ekuphileni kwakho, kuyokuhambela kahle futhi “uyokwenza ngokuhlakanipha.”​—Josh. 1:8.

NIZOKHETHA UKWENZANI?

19. Yini abazali okumelwe bayikhumbule?

19 Bazali, yenzani konke okusemandleni ukuze nisize imindeni yenu ikhonze uJehova. Ncikani kuye, uzonisiza nenze izinqumo ezihlakaniphile. (IzAga 3:5, 6) Khumbulani ukuthi izingane zenu ziyothonywa kakhulu yilokho enikwenzayo kunalokho enikushoyo. Ngakho yenzani izinqumo ezizosiza izingane zenu zithole umusa kaJehova.

20. Yiziphi izibusiso ezizotholwa abasebasha uma bekhetha ukukhonza uJehova?

20 Basha, abazali benu banganisiza nenze izinqumo ezihlakaniphile ekuphileni. Kodwa kumelwe nizenzele nina izinqumo ezinhle ukuze uNkulunkulu anamukele. Ngakho lingisani uJesu, nikhethe ukukhonza uBaba wenu wasezulwini onothando. Uma nenza kanjalo, niyoba nokuphila okujabulisayo, okumatasa, neningeke nizisole ngakho ngisho kwamanje. (1 Thim. 4:16) Esikhathini esizayo, niyojabulela ukuphila okwanelisa ngempela!

INGOMA 133 Khonza UJehova Usemusha

^ par. 5 Abazali abangamaKristu bafuna izingane zabo zikhule zibe izikhonzi zikaJehova ezijabulayo. Yiziphi izinqumo ezingenziwa abazali ezizosiza izingane zabo zikhonze uJehova? Yiziphi izinqumo okudingeka zenziwe yintsha engamaKristu ukuze iphumelele ekuphileni? Lesi sihloko sizophendula leyo mibuzo.

^ par. 10 Bheka incwadi ethi Pure Worship of Jehovah—Restored At Last!, kk. 69-70, izig. 17-18.

^ par. 11 Bheka ibhokisi elithi “Angicabangi Ukuthi Ngingaba Nabazali Abangcono Kunalaba” kuyi-Phaphama! ka-Okthoba 2011, k. 20, nesihloko esithi “Incwadi Ekhethekile Eya Kubazali Babo” kuyi-Phaphama! kaMashi 8, 1999, k. 25.

^ par. 66 INCAZELO YEZITHOMBE: Kumelwe ukuba uMariya wagxilisa uthando olujulile ngoJehova kuJesu osemncane. Omama namuhla nabo bangagxilisa uthando olujulile ngoJehova ezinganeni zabo.

^ par. 68 INCAZELO YEZITHOMBE: Kumelwe ukuba kwakubaluleke ngempela kuJosefa ukuya esinagogeni nomndeni wakhe. Obaba namuhla bangabonisa ukuthi kubalulekile kubo ukuya emihlanganweni yebandla nemindeni yabo.

^ par. 70 INCAZELO YEZITHOMBE: UJesu wafunda amakhono awusizo kubaba wakhe. Intsha namuhla ingafunda amakhono kobaba bayo.