Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 41

Sikhonza UNkulunkulu “Ocebile Ngesihe”

Sikhonza UNkulunkulu “Ocebile Ngesihe”

“UJehova muhle kubo bonke, isihe sakhe sibonakala kuyo yonke imisebenzi yakhe.”​—IHU. 145:9.

INGOMA 44 Umthandazo Womuntu Ophansi

AMAZWIBELA *

1. Yini engase ifike engqondweni uma sicabanga ngomuntu onesihe?

LAPHO sicabanga ngomuntu onesihe singase sicabange ngomuntu onomusa, onenhliziyo enhle, onozwela, nophanayo. Singase sikhumbule indaba eyaxoxwa uJesu emayelana nomSamariya owazibonisa engumakhelwane omuhle. Lo muntu wesinye isizwe “wenza isenzo sesihe” kumJuda owayelinyazwe izigebengu. UmSamariya “waba nesihawu” ngomJuda owayelimele, futhi ngothando wahlela ukuba anakekelwe. (Luka 10:29-37) Lo mfanekiso uqokomisa imfanelo enhle kaNkulunkulu wethu​—isihe. Leyo mfanelo iyingxenye yothando lukaNkulunkulu, futhi uyibonisa usuku nosuku endleleni asebenzelana ngayo nathi.

2. Iyiphi enye indlela yokubonisa isihe?

2 Kukhona nenye indlela yokubonisa isihe. Ihilela ukungasikhiphi isijeziso ngisho noma kunesizathu sokwenza kanjalo. UJehova ubonise isihe ngempela kithi uma kuziwa kuleyo ndaba. Umhubi wathi: “Akenzanga kithi ngokwezono zethu.” (IHu. 103:10) Kodwa ngezinye izikhathi, uJehova angase anikeze owonile isiyalo esiqinile.

3. Yimiphi imibuzo esizoxoxa ngayo?

3 Kulesi sihloko sizoxoxa ngemibuzo emithathu: Kungani uJehova ebonisa isihe? Kukhona yini ukuhlobana phakathi kwesiyalo esiqinile nesihe? Yini engasisiza sibonise isihe? Ake sibone ukuthi iZwi likaNkulunkulu liyiphendula kanjani le mibuzo.

OKWENZA UJEHOVA ABONISE ISIHE

4. Kungani uJehova ebonisa isihe?

4 UJehova uyathanda ukubonisa isihe. Umphostoli uPawulu waphefumulelwa ukuba abhale ukuthi uNkulunkulu ‘ucebile ngesihe.’ Kulo mBhalo, uPawulu ubhekisela esiheni uNkulunkulu asibonisa izikhonzi zakhe ezinesono ezigcotshiwe ezinethemba lokuphila ezulwini. (Efe. 2:4-7) Kodwa isihe sikaJehova sikhulu kakhulu kunalokho. Umhubi uDavide wabhala: “UJehova muhle kubo bonke, isihe sakhe sibonakala kuyo yonke imisebenzi yakhe.” (IHu. 145:9) Ngenxa yokuthi uJehova uyabathanda abantu, ubonisa isihe noma nini lapho kunesizathu sokusibonisa.

5. UJesu wayazi kanjani ukuthi uJehova unesihe?

5 UJesu nguye owazi ukwedlula bonke abanye abantu ukuthi uJehova uthanda kangakanani ukubonisa isihe. Lo Baba neNdodana babendawonye ezulwini phakathi nezinkulungwane zeminyaka zomlando wesintu. (IzAga 8:30, 31) Ezikhathini eziningi, uJesu wambona uYise ebonisa isihe kubantu abonayo. (IHu. 78:37-42) UJesu wayevamile ukukhuluma ngale mfanelo kaYise enhle lapho efundisa.

Ubaba akazange ayihlazise indodana yakhe; wayamukela ekhaya (Bheka isigaba 6) *

6. Yimuphi umfanekiso uJesu awusebenzisa ukuze asisize siqonde isihe sikaYise?

6 Njengoba kubonisiwe esihlokweni esidlule, uJesu wasebenzisa umfanekiso wendodana yolahleko othinta inhliziyo ukuze asenze siqonde ukuthi uJehova ukuthanda kangakanani ukubonisa isihe. Le ndodana yahamba ekhaya “yasaphaza . . . impahla yayo ngokuphila ukuphila kokuzitika ngamanyala.” (Luka 15:13) Kamuva, yaphenduka ekuziphatheni kwayo okubi, yazithoba yabuyela ekhaya. Wenzenjani ubaba wayo? Akudingekanga le nsizwa ilinde isikhathi eside ngaphambi kokuba ibone ukuthi wayezokwenzenjani uyise. UJesu wathi: “Lapho [indodana] isekude, uyise wayibona wayihawukela, wagijima wayanga ngothando wayiqabula.” Lo baba akazange ayihlazise indodana yakhe. Kunalokho, wayithethelela ngesihe le nsizwa, waphinde wayamukela emndenini. Le ndodana yolahleko yayone kakhulu, kodwa ngenxa yokuphenduka kwayo, uyise wayithethelela. Ubaba onesihe kulo mfanekiso umelela uJehova. Esebenzisa lo mfanekiso othinta inhliziyo, uJesu wabonisa ukuthi uYise uzimisele ukuthethelela izoni eziphenduka ngempela.​—Luka 15:17-24.

7. Ukuhlakanipha kukaJehova kuhlobana kanjani nesihe asibonisayo?

7 UJehova ubonisa isihe ngenxa yokuhlakanipha kwakhe okungenakuqhathaniswa. UJehova uhlale enza izinqumo ezizuzisa indalo yakhe. IBhayibheli lithi “ukuhlakanipha kwaphezulu . . . kugcwele isihe nezithelo ezinhle.” (Jak. 3:17) Njengomzali onothando, uJehova uyazi ukuthi isihe sakhe siyazizuzisa izingane zakhe. (IHu. 103:13; Isaya 49:15) Isihe sikaJehova sizinika ithemba ngisho noma zinesono. Ukuhlakanipha kukaJehova okungapheli kumenza abonise isihe noma nini lapho kunesizathu sokusibonisa. Noma kunjalo, uJehova uyazi uma kungafanele abonise isihe. Ngenxa yokuthi uhlakaniphile, akalokothi aphambanise ukubonisa isihe nokuyekelela.

8. Yini okubalulekile ukuba yenziwe ngezinye izikhathi, futhi kungani?

8 Ake sithi inceku kaNkulunkulu ikhetha ukwenza isono ngamabomu. Yini okumelwe siyenze? UPawulu waphefumulelwa ukuba abhale ukuthi ‘siyeke ukuzihlanganisa’ nalowo muntu. (1 Kor. 5:11) Izoni ezingaphenduki ziyasuswa ekuhlanganyeleni nebandla. Ukwenza kanjalo kubalulekile ukuze kuvikelwe abafowethu nodadewethu abathembekile futhi kuboniswe izindlela zikaJehova ezingcwele. Kodwa abanye bangase bakuthole kunzima ukubheka ukususwa njengendlela kaNkulunkulu yokubonisa isihe. Ingabe kubonisa isihe ngempela? Ake sibone.

KUNGENZEKA YINI ISIYALO ESIQINILE SIBE NESIHE?

Imvu ingase ihlukaniswe nomhlambi lapho igula kodwa umalusi uyaqhubeka eyinakekela (Bheka izigaba 9-11)

9-10. Ngokwencwadi yamaHebheru 12:5, 6, kungani singase sithi ukususwa ekuhlanganyeleni kuyilungiselelo elibonisa isihe? Fanekisa.

9 Siphatheka kabi kakhulu lapho emhlanganweni wobuKristu sizwa isaziso sokuthi umuntu esimaziyo nesimthandayo “akaseyena omunye woFakazi BakaJehova.” Singase sizibuze ukuthi besikhona yini isidingo sokuthi asuswe. Ingabe ngempela ukususwa kubonisa isihe? Yebo. Ukugodla isiyalo kumuntu osidingayo akubonisi ukuhlakanipha, isihe noma uthando. (IzAga 13:24) Ukususwa ekuhlanganyeleni kungasisiza yini isoni esingaphenduki sishintshe izenzo zaso? Kungasisiza. Abaningi abaye benza isono esikhulu bathole ukuthi isinqumo esiqinile sabadala saba yilokho kanye ababekudinga ukuze basanguluke, bashintshe izenzo zabo futhi babuyele kuJehova.​—Funda eyamaHebheru 12:5, 6.

10 Cabanga ngalesi sibonelo. Umalusi uqaphela ukuthi enye yezimvu zakhe iyagula. Uyazi ukuthi ukuze ayelaphe, kudingeka ayihlukanise nezinye izimvu. Nokho, izimvu izilwane ezithanda ukuba ndawonye. Zifuna ukuhlale zisemhlanjini, azihlaliseki uma zihlukanisiwe. Kodwa ingabe lokhu kusho ukuthi umalusi unokhahlo uma ekhetha le ndlela yokwelapha? Lutho neze. Uyazi ukuthi uma eyivumela ukuba ihlale nezinye izimvu, izozigulisa nazo. Ngokuyihlukanisa nezinye, uvikela wonke umhlambi.​—Qhathanisa noLevitikusi 13:3, 4.

11. (a) Umuntu osusiwe angafana kanjani nemvu egulayo? (b) Yimaphi amalungiselelo nosizo abasusiwe abangakuthola?

11 Lapho umKristu esuswa, singase simfanise naleyo mvu egulayo. Uyagula ngokomoya. (Jak. 5:14) Njengokugula okungokoqobo, ukugula okungokomoya kungase kuthelelane. Ngakho ngezinye izikhathi kungase kudingeke umuntu ogulayo ngokomoya ahlukaniswe nebandla. Lesi siyalo sibonisa indlela uJehova awathanda ngayo amalungu athembekile omhlambi waKhe, futhi singase sifinyelele inhliziyo yomenzi wobubi, simsize aphenduke. Ngesikhathi esasusiwe, angakwazi ukuba khona emihlanganweni yebandla, ukuze ondliwe futhi aqiniswe ngokomoya. Angakwazi nokuthola izincwadi angazisebenzisa futhi angabukela ne-JW Broadcasting®. Njengoba abadala bebheka intuthuko yakhe, bangase bamnike iseluleko nesiqondiso esingamsiza alungise ubuhlobo bakhe noJehova ukuze akwazi ukubuyiselwa aphinde abe uFakazi KaJehova. *

12. Abadala bangalubonisa kanjani uthando nesihe lapho isoni singaphenduki?

12 Kubalulekile ukukhumbula ukuthi yizoni ezingaphenduki kuphela ezisuswayo. Abadala bayazi ukuthi le ndaba ibucayi, ngeke bayithathe kalula. Bayazi ukuthi uJehova uyala “ngezinga elifanele.” (Jer. 30:11) Bayabathanda abafowabo, abafuni ukwenza noma yini engalimaza ubuhlobo babo noJehova. Kodwa ngezinye izikhathi, ukuze babonise uthando nesihe, kumelwe umenzi wobubi asuswe isikhathi esithile ebandleni.

13. Kungani umKristu othile eKorinte kwadingeka asuswe?

13 Cabanga ngalokho okwenziwa umphostoli uPawulu ngekhulu lokuqala lapho kunesoni esingaphenduki. UmKristu othile eKorinte wayelala nomkayise. Cabanga nje ngalawo manyala! UJehova wayethe kuma-Israyeli asendulo: “Indoda elala nomkayise ithele uyise ngehlazo. Bobabili kufanele babulawe nakanjani.” (Lev. 20:11) UPawulu wayengeke akwazi ukuthi leyo ndoda ayibulawe. Kodwa watshela abaseKorinte ukuthi bayisuse. Ukuziphatha kabi kwale ndoda kwaba nomthelela omubi ebandleni, abanye babengakubheki njengehlazo lokho eyayikwenzile!​—1 Kor. 5:1, 2, 13.

14. UPawulu wayibonisa kanjani isihe indoda yaseKorinte eyayisusiwe, futhi kungani? (2 Korinte 2:5-8, 11)

14 Ngemva kwesikhathi esithile, uPawulu wathola ukuthi kwakwenzeke ushintsho. Isoni sasiphenduke ngempela! Nakuba le ndoda yayilihlazisile ibandla, uPawulu watshela abadala ukuthi wayengafuni ‘ukuba nokhahlo kakhulu.’ Wathi kubo: “Kufanele nimthethelele ngomusa nimduduze.” Phawula isizathu esabekwa uPawulu: “Ukuze anganqotshwa ukudabuka ngokweqile.” UPawulu waba nozwela ngale ndoda eyayiphendukile. Wayengafuni ukuba le ndoda ikhungatheke futhi icindezeleke kakhulu ngenxa yalokho eyayikwenzile ize iyeke ukufuna intethelelo.​—Funda eyesi-2 Korinte 2:5-8, 11.

15. Yini abadala abangayenza ukuze baqine kodwa ngesikhathi esifanayo babonise isihe?

15 Belingisa uJehova, abadala bayathanda ukubonisa isihe. Bakhipha isiyalo esiqinile uma kudingeka, kodwa lapho kungenzeka, babonisa isihe uma kunesizathu sokusibonisa. Ukugodla isiyalo esidingekayo akusona isihe, ukuyekelela. Kodwa ingabe abadala kuphela okufanele babonise isihe?

YINI ENGASISIZA SIBONISE ISIHE?

16. Ngokwencwadi yezAga 21:13, yini uJehova azoyenza kulabo abangasibonisi isihe?

16 Wonke amaKristu alwela ukuba nesihe njengoJehova. Kungani? Esinye isizathu siwukuthi uJehova akabalaleli labo abangababonisi abanye isihe. (Funda izAga 21:13.) Akekho kithi ofuna uJehova angayilaleli imithandazo yakhe, ngakho siyakugwema ukuba nenhliziyo elukhuni. Kunokuba singalunaki usizi lomKristu esikanye naye, kumelwe sihlale sikulungele ukuzwa “ukukhala komuntu ophansi.” Senza konke okusemandleni ukuze silalele lesi seluleko: “Lowo ongasibonisi isihe uyothola isahlulelo ngaphandle kwesihe.” (Jak. 2:13) Uma ngokuthobeka sikhumbula ukuthi sisidinga kangakanani isihe, kuyoba lula ukusibonisa. Sifuna ukusibonisa nakakhulu isihe lapho umenzi wobubi ophendukile ebuyela ebandleni.

17. INkosi uDavide yasibonisa kanjani isihe esisuka enhliziyweni?

17 Izibonelo eziseBhayibhelini zingasisiza sikwazi ukubonisa isihe, sigweme ukuba nokhahlo. Ngokwesibonelo, cabanga ngeNkosi uDavide. Ngokuvamile wayebonisa isihe ngokusuka enhliziyweni. Nakuba uSawule ayefuna ukumbulala, uDavide wayibonisa isihe inkosi kaNkulunkulu egcotshiwe, akazange afune ukuziphindiselela noma ukuyilimaza.​—1 Sam. 24:9-12, 18, 19.

18-19. Yiziphi izikhathi ezimbili uDavide angabonisanga isihe kuzo?

18 Nokho, uDavide akasibonisanga ngaso sonke isikhathi isihe. Ngokwesibonelo, lapho uNabali, indoda eyayinokhahlo ngokwemvelo, ekhuluma kabi ngoDavide futhi enqaba ukunika yena namadoda ayekanye naye ukudla, uDavide wathukuthela kakhulu wanquma ukuyibulala le ndoda kanye namadoda asemzini wayo. Ngenxa yokuthi u-Abhigayili, umkaNabali owayenomusa futhi ebekezela, wathatha isinyathelo ngokushesha, uDavide wakwazi ukugwema ukuba necala legazi.​—1 Sam. 25:9-22, 32-35.

19 Ngesinye isikhathi, umprofethi uNathani waxoxela uDavide ngendoda ecebile eyathatha imvu yomakhelwane wayo ohluphekayo. Ethukuthele engqangqa uDavide wathi: “Ngimfunge uJehova, le ndoda eyenze le nto kufanele ife!” (2 Sam. 12:1-6) UDavide wayewazi uMthetho KaMose. Umuntu owayebe imvu, kwakufanele abuyisele izimvu ezine. (Eks. 22:1) Kodwa ukuthi abulawe, kwakuyoba isahlulelo esiqine kakhulu. UNathani wayesebenzisa leyo ndaba ukuze afanekise izono ezimbi nakakhulu ezazenziwe uDavide! UJehova wabonisa uDavide isihe lapho emahlulela, ngokungafani nesahlulelo uDavide ayezosikhipha endabeni yendoda eyeba imvu emfanekisweni kaNathani!​—2 Sam. 12:7-13.

INkosi uDavide ayisibonisanga isihe lapho ikhuluma noNathani (Bheka izigaba 19-20) *

20. Singafundani esibonelweni sikaDavide?

20 Phawula ukuthi lapho uDavide enqotshwa intukuthelo, wahlulela uNabali nawo wonke amadoda ayekanye naye njengabafanelwe ukufa. Kamuva, uDavide wahlulela indoda eyayisemfanekisweni kaNathani njengeyayifanelwe ukufa. Kuleyo ndaba ungase uzibuze ukuthi kungani indoda ngokuvamile eyayinomusa yayingakhipha isahlulelo esiqine kangaka. Cabanga ngokwakwenzekile. Ngaleso sikhathi uDavide wayehlushwa unembeza onecala. Isahlulelo esiqine kakhulu asilona uphawu lobuhlobo obuhle noNkulunkulu. Empeleni sibonisa okuphambene nalokho. UJesu waxwayisa abalandeli bakhe: “Yekani ukwahlulela ukuze ningahlulelwa; ngoba isahlulelo enahlulela ngaso, nani niyokwahlulelwa ngaso.” (Math. 7:1, 2) Ngakho masigweme ukuba nokhahlo silwele ukuba ‘abacebile ngesihe’ njengoNkulunkulu wethu.

21-22. Yiziphi ezinye izindlela esingabonisa ngazo isihe?

21 Isihe asiwona umuzwa nje kuphela. Empeleni, isihe siye sachazwa ngokuthi “uzwela oluboniswa ngezenzo.” Ngakho, sonke singahlolisisa izidingo zabantu emindenini yethu, ebandleni nasemphakathini. Sizothola ukuthi maningi amathuba okubonisa isihe! Ingabe ukhona odinga induduzo? Bakhona yini esingabasiza, mhlawumbe sibahambisele ukudla noma sibasize ngezinye izindlela? Ukhona yini umKristu osanda kubuyiselwa ongase adinge induduzo nomngane ozomkhuthaza? Singakwazi yini ukuxoxela abanye ngomyalezo oduduzayo wezindaba ezinhle? Lena enye yezindlela ezinhle kakhulu esingabonisa ngazo isihe kubo bonke abantu esihlangana nabo.​—Jobe 29:12, 13; Roma 10:14, 15; Jak. 1:27.

22 Uma siziqaphela lezo zidingo, sizobona ukuthi maningi amathuba esinawo okubonisa isihe. UBaba wethu osezulwini, uNkulunkulu “ocebile ngesihe,” ujabula ngempela lapho sibonisa isihe!

INGOMA 43 Umthandazo Wokubonga

^ par. 5 Isihe singenye yezimfanelo zikaJehova ezithandeka kakhulu, futhi ngamunye wethu kufanele asebenzele ukuba naso. Kulesi sihloko, sizohlola ukuthi kungani uJehova ebonisa isihe, kungani singathi usibonisa isihe lapho esiyala nokuthi singayibonisa kanjani le mfanelo enhle.

^ par. 11 Ukuze uthole ukuthi ababuyiselwe bangabulungisa kanjani ubuhlobo babo noNkulunkulu nokuthi abadala bangabasiza kanjani, bheka isihloko esithi “Ukwakha Kabusha Ubungane Bakho NoJehova” kulo magazini.

^ par. 60 INCAZELO YEZITHOMBE: Esophahleni lomuzi wakhe ubaba ubona indodana yakhe eyadlubulunda ibuyela ekhaya, bese eyaphuma ngokushesha ayoyamukela.

^ par. 64 INCAZELO YEZITHOMBE: Icindezelwe umuzwa wecala, lapho iNkosi uDavide izwa umfanekiso kaNathani iyathukuthela ithi indoda ecebile ifanelwe ukufa.