Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukwakha Kabusha Ubungane Bakho NoJehova

Ukwakha Kabusha Ubungane Bakho NoJehova

UNYAKA ngamunye ziningi izimvu eziyigugu ezibuyiselwa ebandleni lobuKristu. Cabanga nje ‘ngenjabulo [enkulu] eba khona ezulwini’ lapho ngayinye yazo ibuya! (Luka 15:7, 10) Uma uye wabuyiselwa, qiniseka ngokuthi uJesu, izingelosi noJehova bayajabula ngokukubona uphinde umelela iqiniso. Nokho, njengoba wakha kabusha ubungane bakho noJehova ungase ubhekane nezinkinga. Yiziphi ezinye zazo, futhi yini engakusiza?

YINI ENGABA YINKINGA?

Abaningi balwa nemizwa engakhi ngisho nalapho sebebuyiselwe ebandleni. Mhlawumbe uyayiqonda indlela iNkosi uDavide eyayizizwa ngayo. Ngisho nangemva kokuba sezithethelelwe izono zayo, yathi: “Iziphambeko zami . . . ziyangicindezela.” (IHu. 40:12; 65:3) Ngemva kokuba umuntu ebuyele kuJehova, kungaphela iminyaka eminingi ehlushwa unembeza noma ezenyeza. U-Isabelle, wasuswa iminyaka engaphezu kwengu-20. * Wathi, “Kwakunzima ukwamukela ukuthi uJehova wayengangithethelela.” Uma udikibala, ubuhlobo bakho noJehova bungaphinde bulimale. (IzAga 24:10) Ungakuvumeli lokho.

Abanye basaba ukuthi ngeke bakwazi ukwenza umsebenzi ohilelekile ekuvuseleleni ubuhlobo babo noJehova. Ngemva kokubuyiselwa, u-Antoine wathi, “Kwakungathi ngikhohlwe yonke into ngokuphila engangikuphila ngisengumKristu.” Ngenxa yemizwa enjalo abanye bangase banqikaze ukuhlanganyela ngokugcwele emisebenzini ebasondeza kuJehova.

Ake sikufanekise kanje: Umuntu onendlu elinyazwe yisiphepho angase akhungatheke lapho ecabanga ngesikhathi namandla adingekayo ukuze ayakhe kabusha. Ngendlela efanayo, uma ubungane bakho noJehova bulinyazwe isono esikhulu, ungase ukhungatheke lapho ucabanga ngomsebenzi odingekayo ukuze ubulungise. Kodwa ungaluthola usizo.

UJehova uyasimema: “Wozani, manje, masilungise izindaba phakathi kwethu.” (Isaya 1:18) Ususebenze kanzima ukuze ‘ulungise izindaba’ naye. UJehova uyakuthanda ngoba uwenzile lowo mzamo. Cabanga nje: Unike uJehova isizathu esinamandla sokuphendula ukuklolodela kukaSathane!​—IzAga 27:11.

Ngokubuyela kuJehova, ususondele nakakhulu kuye futhi naye uthembisa ukuthi uzosondela kuwe. (Jak. 4:8) Nokho, kudingeka okungaphezu kokuba abanye bazi ukuthi usuphinde waba ingxenye yebandla. Kumelwe uqhubeke uqinisa uthando lwakho ngoBaba noMngane wakho, uJehova. Ungakwenza kanjani lokho?

ZIBEKELE IMIGOMO EFINYELELEKAYO

Zama ukuzibekela imigomo efinyelelekayo. Khumbula ukuthi lokho ukholo lwakho olusekelwe kukho​—ulwazi onalo ngoJehova nangezithembiso zakhe ngekusasa—​cishe akushintshile. Kodwa sekumelwe wakhe kabusha isakhiwo, esiyindlela owawuphila ngayo usengumKristu, futhi lokho kuhlanganisa ukushumayela izindaba ezinhle nokuhlanganyela njalo nabafowenu nodadewenu. Cabanga ngale migomo elandelayo.

Khuluma njalo noJehova. UYihlo uyaqonda ukuthi umuzwa wecala ongapheli ungase wenze kube nzima ukuba uthandaze kuye. (Roma 8:26) Noma kunjalo, ‘phikelela emthandazweni,’ utshele uJehova ukuthi ukufuna kangakanani ukuba umngane wakhe. (Roma 12:12) U-Andrej uyakhumbula: “Ngangihlale ngizizwa nginomuzwa wecala omkhulu futhi ngizenyeza. Kodwa njalo ngemva kokuthandaza, leyo mizwa yayiba ngcono. Ngangizizwa nginokuthula kwengqondo.” Uma ungazi ukuthi yini ongase uyisho emithandazweni yakho, hlola imithandazo yeNkosi uDavide eyaphenduka, etholakala kumaHubo 51 no-65.

Litadishe njalo iBhayibheli. Lokho kuzokusiza uqinise ukholo lwakho, ukhulise nothando onalo ngoJehova. (IHu. 19:7-11) UFelipe uthi: “Ukungabi naso nhlobo isimiso esiqondile sokutadisha yikona okwangilimaza, kwangenza ngaba buthaka ngadumaza uJehova. Ngangingafuni ukuphinde ngenze iphutha elifanayo, ngakho nganquma ukuba isifundo somuntu siqu sibe isivikelo sami.” Nawe ungenza okufanayo. Uma udinga usizo lokukhetha izihloko ezifanelekayo zesifundo somuntu siqu, kungani ungaceli umngane ovuthiwe akusize?

Vuselela ubungane bakho nabafowenu nodadewenu. Abanye ababuyela ebandleni bakhathazeka ngokuthi abanye bangase bababheke kabi. ULarissa wavuma: “Ngangizenyeza kakhulu. Ngezwa sengathi ngilidumazile ibandla. Ngazizwa ngaleyo ndlela isikhathi eside.” Qiniseka ngokuthi abadala nabanye abavuthiwe banesifiso sokukusiza njengoba wakha kabusha ubuhlobo bakho noJehova. (Bheka ibhokisi elithi “ Yini Abadala Abangayenza?”) Bayajabula ngokuthi ubuyile futhi bakufisela okuhle!​—IzAga 17:17.

Yini engakwenza usondelane nakakhulu nebandla? Hlanganyela ngokugcwele kulokho abafowenu nodadewenu abakwenzayo​—ukuba khona emihlanganweni nokuba khona njalo enkonzweni yasensimini. Kuzokusiza kanjani lokho? UFelix wathi: “Ibandla lalibheke phambili ekubuyeni kwami. Ngazizwa ngibalulekile. Bonke bangisiza ngaphinde ngaba ingxenye yomndeni, ngazizwa ngithethelelwe, ngakwazi nokuqhubeka ngikhonza uJehova.”​—Bheka ibhokisi elithi “ Yini Ongayenza?

UNGAYEKI!

USathane uzoqhubeka eletha “iziphepho” ukuze azame ukukwenza ube buthaka njengoba wakha kabusha ubungane bakho noJehova. (Luka 4:13) Zilungiselele ngokuyiqinisa manje indlu yakho engokomoya.

Ekhuluma ngezimvu zakhe, uJehova uyathembisa: “Elahlekile ngiyoyifuna, edukile ngiyoyibuyisa, elimele ngiyoyibopha, ebuthakathaka ngiyoyiqinisa.” (Hez. 34:16) UJehova uye wasiza abaningi balungisa ubuhlobo babo naye. Qiniseka ngokuthi uyafuna ukukusiza uqhubeke wakha ubuhlobo obuqine nakakhulu naye.

^ par. 4 Amagama akulesi sihloko ashintshiwe.