Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 43

Ungayeki!

Ungayeki!

“Masingayeki ukwenza okuhle.”​—GAL. 6:9.

INGOMA 68 Ukuhlwanyela Imbewu YoMbuso

AMAZWIBELA *

1. Yini esenza sijabule futhi siziqhenye?

SIYAJABULA futhi siyaziqhenya ngokuba oFakazi BakaJehova! Sibizwa ngegama likaNkulunkulu futhi siphila ngokuvumelana nalo ngokuhlanganyela emsebenzini wokushumayela nokwenza abafundi. Siyajabula lapho sikwazi ukusiza othile ‘onesimo esihle sengqondo esiyomenza athole ukuphila okuphakade’ abe ikholwa. (IzE. 13:48) Sizizwa njengoJesu, ‘owachichima injabulo ngomoya ongcwele’ lapho abafundi bakhe bebuya emkhankasweni wokushumayela owaba impumelelo.​—Luka 10:1, 17, 21.

2. Singabonisa kanjani ukuthi umsebenzi wokushumayela ubaluleke kakhulu kithi?

2 Umsebenzi wokushumayela ubaluleke kakhulu kithi. Umphostoli uPawulu wanxusa uThimothewu: “Zinake njalo wena nalokho okufundisayo.” UPawulu wanezela: “Ngokwenza lokhu uyozisindisa wena nabakulalelayo.” (1 Thim. 4:16) Ngakho lo msebenzi usindisa ukuphila. Kufanele sizinake njalo ngenxa yokuthi siyizakhamuzi zoMbuso kaNkulunkulu. Sihlale sifuna ukuziphatha ngendlela ezodumisa uJehova nezovumelana nezindaba ezinhle esizishumayelayo. (Fil. 1:27) Sibonisa ukuthi ‘siyakunaka lokho esikufundisayo’ ngokulungiselela kahle lapho siya enkonzweni nangokucela usizo lukaJehova ngaphambi kokuba siyoshumayela.

3. Abantu bangase basabele kanjani emyalezweni woMbuso? Nikeza isibonelo.

3 Nokho, ngisho nalapho senza konke okusemandleni, abantu abaningi bangase bangabi nandaba nomyalezo woMbuso esiwushumayelayo. Cabanga ngesibonelo sikaMfoweth’ uGeorg Lindal, owashumayela yedwa e-Iceland kusukela ngo-1929 kuya ku-1947. Wahambisa izincwadi eziningi kodwa akukho noyedwa owalamukela iqiniso. Wabhala: “Abanye babemelene neqiniso kodwa iningi lalingenandaba.” Ngisho nangemva kokuba sekufike izithunywa zevangeli eziqeqeshwe eGileyadi zizosiza emsebenzini wokushumayela, kwaphela iminyaka engu-9 ngaphambi kokuba kube khona abase-Iceland abazinikezela kuJehova babhapathizwa. *

4. Singase sizizwe kanjani lapho abantu bengasabeli kahle ezindabeni ezinhle?

4 Siphatheka kabi lapho abantu bengasabeli kahle. Singase sizizwe njengoPawulu owaba ‘nosizi olukhulu nobuhlungu obungapheli’ ngenxa yokuthi iningi lamaJuda lenqaba ukwamukela uJesu njengoMesiya othenjisiwe. (Roma 9:1-3) Kuthiwani uma naphezu kwemizamo nemithandazo yakho umuntu ofunda naye iBhayibheli engathuthuki futhi kudingeka uyeke ukufunda naye? Noma, kuthiwani uma ungakaze ufunde nomuntu iBhayibheli aze abhapathizwe? Ingabe kufanele uzizwe unecala, mhlawumbe ucabange ukuthi uJehova akayibusisi inkonzo yakho? Kulesi sihloko sizophendula imibuzo emibili: (1) Yini ebonisa ukuthi inkonzo iyaphumelela? (2) Yini okufanele siyilindele enkonzweni?

YINI EBONISA UKUTHI INKONZO IYAPHUMELELA?

5. Kungani ngezinye izikhathi umsebenzi esiwenzela uJehova ungabi nemiphumela ebesiyifisa?

5 Lapho likhuluma ngomuntu owenza intando kaNkulunkulu, iBhayibheli lithi: “Konke akwenzayo kuyophumelela.” (IHu. 1:3) Nokho, lokho akusho ukuthi yonke into esiyenzela uJehova izokwenzeka njengoba sifisa. Ukuphila “kugcwele izinkathazo” ngenxa yokuthi sonke sinesono. (Jobe 14:1) Ngaphezu kwalokho, abaphikisi bangase baphumelele okwesikhashana ekuphazamiseni indlela esivame ukwenza ngayo inkonzo yethu. (1 Kor. 16:9; 1 Thes. 2:18) Ngakho, uJehova unquma kanjani ukuthi inkonzo yethu iyaphumelela yini? Cabanga ngezinye zezimiso zeBhayibheli ezingasisiza siphendule lo mbuzo.

UJehova uyayazisa imizamo yethu, kungakhathaliseki ukuthi sishumayela ngokuya kubantu, ngencwadi noma ngocingo (Bheka isigaba 6)

6. UJehova unquma kanjani ukuthi siyaphumelela yini emsebenzini esimenzela wona?

6 UJehova ubheka imizamo esiyenzayo nokukhuthazela kwethu. Emehlweni kaJehova sisuke siphumelela emsebenzini esimenzela wona uma siwenza ngokucophelela nangothando, kungakhathaliseki ukuthi abanye basabela kanjani. UPawulu wabhala: “UNkulunkulu akayena ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nothando enalubonisa egameni lakhe, ngokukhonza abangcwele nangokuqhubeka nibakhonza.” (Heb. 6:10) UJehova uyayikhumbula imizamo yethu nothando lwethu, ngisho noma leyo mizamo ingabi nemiphumela emihle. Ngakho lokho uPawulu akutshela abaseKorinte kungasebenza nakuwe: Umshikashika wenu awulona ize eNkosini,” kungakhathaliseki ukuthi uthola imiphumela obuyifisa noma cha.​—1 Kor. 15:58.

7. Singafundani endleleni umphostoli uPawulu achaza ngayo inkonzo yakhe?

7 Umphostoli uPawulu wayeyisithunywa sevangeli esishisekayo, wamisa amabandla amasha emadolobheni amaningi. Lapho kudingeka abonise ukuthi uyakufanelekela ukuba yisikhonzi sikaKristu, akazange aqokomise ukuthi wayesize abantu abaningi baba amaKristu. Kunalokho, ephikisa okwakushiwo yilabo ababefuna ukuziphakamisa, uPawulu wabhala: “Ngenze imisebenzi eminingi kunabo.” (2 Kor. 11:23) NjengoPawulu, khumbula ukuthi uJehova wazisa kakhulu imizamo yethu nokukhuthazela.

8. Yini okufanele siyikhumbule ngenkonzo yethu?

8 Inkonzo yethu iyamjabulisa uJehova. UJesu wathuma abafundi bakhe abangu-70 ukuba bayoshumayela umyalezo woMbuso, ekupheleni komkhankaso wabo wokufakaza “babuya bejabula.” Yini eyayibenza bajabule? Bathi: “Ngisho namademoni ayasithobela ngokusebenzisa igama lakho.” Nokho, uJesu walungisa indlela ababecabanga ngayo, wathi kubo: “Ningajatshuliswa ukuthi imimoya iyanithobela, kodwa jatshuliswani ukuthi amagama enu alotshiwe emazulwini.” (Luka 10:17-20) UJesu wayazi ukuthi babengeke bathole imiphumela emihle ngaso sonke isikhathi enkonzweni yabo. Empeleni, asazi nokuthi bangaki kulabo ababelalele labo bafundi ababa amakholwa. Abafundi kwakudingeka bangagcini ngokujatshuliswa yilokho abakufezile, kodwa okubaluleke nakakhulu, kwakumelwe bajatshuliswe ukwazi ukuthi uJehova uyajabula ngemizamo yabo yokuzikhandla.

9. NgokweyabaseGalathiya 6:7-9, uyoba yini umphumela uma sikhuthazela enkonzweni yethu?

9 Uma sikhuthazela enkonzweni yethu, sizothola ukuphila okuphakade. Njengoba sihlwanyela imbewu yeqiniso loMbuso ngenhliziyo yonke futhi siyihlakulela, ‘sihlwanyela sinombono womoya’ ngokuvumela umoya ongcwele kaNkulunkulu usebenze ekuphileni kwethu. Uma nje “singayeki” futhi “singakhathali,” uJehova uyasiqinisekisa ukuthi sizovuna ukuphila okuphakade, kungakhathaliseki ukuthi ukhona yini umfundi omusha esimsize wazinikezela kuNkulunkulu.​—Funda eyabaseGalathiya 6:7-9.

YINI OKUFANELE SIYILINDELE ENKONZWENI?

10. Yini enqumayo ukuthi abantu bazosabela kanjani enkonzweni yethu?

10 Indlela abantu abasabela ngayo incike ekutheni inhliziyo yabo injani. UJesu wachaza leli qiniso emfanekisweni wakhe womhlwanyeli owaphonsa imbewu ezinhlotsheni ezingafani zenhlabathi, yaba yodwa kuphela eyathela izithelo. (Luka 8:5-8) UJesu wathi izinhlobo ezingafani zenhlabathi zimelela izinhliziyo zabantu ezisabela ngezindlela ezingafani ‘eZwini likaNkulunkulu.’ (Luka 8:11-15) Njengalowo mhlwanyeli, asikwazi ukulawula ukuthi umsebenzi wethu uthela kangakanani ngoba kuncike ekutheni izinhliziyo zalabo abasilalele zinjani. Owethu umsebenzi ukuqhubeka sihlwanyela imbewu enhle ewumyalezo woMbuso. Njengoba umphostoli uPawulu asho, “umuntu ngamunye uyokwamukela umvuzo wakhe ngokomsebenzi wakhe,” hhayi ngokomphumela womsebenzi wakhe.​—1 Kor. 3:8.

Nakuba uNowa ashumayela ngokwethembeka iminyaka eminingi, akekho owangena naye emkhunjini ngaphandle komndeni wakhe. Noma kunjalo, uNowa wamlalela uNkulunkulu! (Bheka isigaba 11)

11. Kungani uNowa aba “umshumayeli wokulunga” ophumelelayo? (Bheka isithombe esisekhasini 1.)

11 Kuwo wonke umlando, izinceku zikaJehova eziningi zazishumayela kubantu abangafuni ukulalela. Ngokwesibonelo, uNowa waba “umshumayeli wokulunga,” cishe iminyaka eminingi kakhulu. (2 Pet. 2:5) Ngokungangabazeki, wayenethemba lokuthi abantu babeyokwamukela lokho ayekushumayela, kodwa uJehova akashongo ukuthi kwakuyoba njalo. Kunalokho, lapho uNkulunkulu eyala uNowa ukuba akhe umkhumbi wathi: “Kumelwe ungene emkhunjini, wena namadodana akho, umkakho nabafazi bamadodana akho.” (Gen. 6:18) Ecabanga ngokwakheka nobukhulu bomkhumbi uNkulunkulu ayethe akawakhe, kungenzeka uNowa wabona ukuthi ababaningi abantu ababeyokwamukela lokho ayekushumayela. (Gen. 6:15) Njengoba sazi, akekho noyedwa kulabo bantu abanobudlova owalalela umyalezo uNowa ayewushumayela. (Gen. 7:7) Ingabe uJehova wabheka uNowa njengesehluleki? Cha, akunjalo! Emehlweni kaNkulunkulu, uNowa waba umshumayeli ophumelelayo ngoba wakwenza ngokwethembeka lokho uJehova ayemcele ukuba akwenze.​—Gen. 6:22.

12. Umprofethi uJeremiya wayithola kanjani injabulo enkonzweni yakhe naphezu kokunganakwa nokuphikiswa?

12 Umprofethi uJeremiya naye washumayela iminyaka eminingi enganakwa futhi ephikiswa. Wadikibala ngenxa ‘yokuthukwa nokwedelelwa’ abaphikisi, waze wacabanga ngisho nokusiyeka isabelo sakhe. (Jer. 20:8, 9) Kodwa uJeremiya akazange ayeke! Yini eyamsiza wanqoba imicabango emibi, wathola injabulo enkonzweni yakhe? Wagxila emaqinisweni amabili abalulekile. Okokuqala, umyalezo kaNkulunkulu uJeremiya ayewutshela abantu wawuhlanganisa ‘ikusasa elihle nethemba.’ (Jer. 29:11) Okwesibili, uJeremiya wayekhethwe uJehova ukuba amelele igama laKhe. (Jer. 15:16) Nathi sihambisa umyalezo wethemba kubantu abangenalo ithemba, futhi sibizwa ngegama likaJehova njengoFakazi bakhe. Uma sigxila kula maqiniso amabili abalulekile, singaba nayo injabulo kungakhathaliseki ukuthi abantu basabela kanjani.

13. Sifundani emfanekisweni kaJesu osencwadini kaMarku 4:26-29?

13 Intuthuko engokomoya yenzeka kancane kancane. UJesu wafundisa ngaleli qiniso emfanekisweni wakhe womhlwanyeli olalayo. (Funda uMarku 4:26-29.) Isithelo somhlwanyeli sathela kancane kancane futhi akakwazanga ukusilawula. Nawe kungase kudlule isikhathi esithile ungayiboni imiphumela emsebenzini wokwenza abafundi ngenxa yokuthi intuthuko yenzeka kancane kancane nangezigaba. Njengoba nje nomlimi engeke aphoqe izitshalo zakhe ukuba zikhule ngejubane alifisayo, nathi asikwazi ukuphoqa umfundi weBhayibheli ukuba athuthuke ngezinga elifunwa yithi. Ngakho ungadikibali noma uyeke uma intuthuko yabo ithatha isikhathi eside kunaleso obusilindele. Njengokulima, ukwenza abafundi kudinga isineke.​—Jak. 5:7, 8.

14. Isiphi isibonelo esibonisa ukuthi imiphumela yenkonzo yethu ingase yenzeke kancane kancane?

14 Kwamanye amasimu, kungase kuthathe iminyaka ngaphambi kokuba imiphumela yenkonzo yethu ibonakale. Cabanga ngalokho okwenzeka kuGladys noRuby Allen, izingane zandawonye ezabelwa ukukhonza njengamaphayona avamile eQuebec, eCanada ngo-1959. * Ngenxa yokucindezelwa umphakathi nethonya lesonto lamaKatolika, abantu babengazimisele ukulalela umyalezo woMbuso. UGladys uyakhumbula: “Kwaphela iminyaka emibili sishumayela endlini ngendlu amahora angu-8 singatholi ngisho nomuntu oyedwa esingakhuluma naye! Abantu babeza eminyango, uma besibona, bavele babuyele emuva. Kodwa asizange siyeke.” Ngokuhamba kwesikhathi, isimo sengqondo sabantu sashintsha, abanye baqala ukulalela. Manje sekunamabandla amathathu kulelo dolobha.​—Isaya 60:22.

15. Eyoku-1 Korinte 3:6, 7 isifundisani ngomsebenzi wokwenza abafundi?

15 Ukwenza abafundi kuhilela ukubambisana. Ibandla lonke lingaba nesandla ekusizeni othile aze abhapathizwe. (Funda eyoku-1 Korinte 3:6, 7.) Ngokwesibonelo, umzalwane unika umuntu othanda ukufunda ngeBhayibheli ipheshana noma umagazini. Lo mzalwane uthola ukuthi akanaso isikhathi sokubuyela kumuntu axoxe naye, ngakho ucela omunye ummemezeli ukuba abuyele kuye. Lowo mmemezeli uqalisa isifundo seBhayibheli. Ube esemema abanye abazalwane nodade lapho eqhuba isifundo futhi ngamunye wabo ukhuthaza umfundi ngendlela ehlukile. Umzalwane noma udade ngamunye oke wethulwa kulo mfundi, uyasiza ekuniseleni imbewu yeqiniso. Ngaleyo ndlela, njengoba nje uJesu asho, umhlwanyeli nomvuni bangajabula kanyekanye ekuvuneni okungokomoya.​—Joh. 4:35-38.

16. Kungani ungajabula enkonzweni ngisho noma impilo yakho ibuthaka noma amandla engasavumi?

16 Kuthiwani uma umsebenzi wakho wokushumayela izindaba ezinhle nokwenza abafundi usulinganiselwe ngenxa yempilo noma yamandla angasavumi? Usengayithola injabulo engxenyeni yakho yokuvuna. Cabanga ngalokho okwenzeka lapho iNkosi uDavide namadoda ayekanye nayo bekhulula imindeni nempahla yabo kubaphangi abangama-Amaleki. Amadoda angu-200 ayekhathele kakhulu ukuba angalwa, ngakho asala agada imithwalo. Ngemva kokunqoba kwabo, uDavide wayala ukuba okwakuphangiwe kuhlukaniselwe bonke abantu ngokulinganayo. (1 Sam. 30:21-25) Kwenzeka okufanayo nasemsebenzini wethu womhlaba wonke wokwenza abafundi. Wonke umuntu owenza okusemandleni kulo msebenzi uyajabula njalo lapho kuba khona ofunda ngoJehova aze abhapathizwe.

17. Kungani kufanele simbonge uJehova?

17 Siyambonga uJehova ngendlela enothando abheka ngayo umsebenzi esimenzela wona. Uyazi ukuthi ngeke sikwazi ukulawula imiphumela yemizamo yethu. Noma kunjalo, uyakubona ukuzikhandla kwethu nezisusa zethu ezinhle, asinike umvuzo. Usifundisa nokuthi singayithola kanjani injabulo engxenyeni esinayo ekuvuneni okukhulu. (Joh. 14:12) Singaqiniseka ukuthi uNkulunkulu uyajabula ngathi uma nje singayeki!

INGOMA 67 “Shumayela Izwi”

^ par. 5 Siyajabula lapho abantu bezamukela izindaba ezinhle, kodwa siphatheka kabi lapho bengazamukeli. Kuthiwani uma umuntu ofunda naye iBhayibheli engathuthuki? Noma kuthiwani uma ungakaze usize umuntu aze abhapathizwe? Ingabe kufanele uphethe ngokuthi ukuhlulile umsebenzi wokwenza abafundi? Kulesi sihloko, sizobona ukuthi kungani singaphumelela enkonzweni futhi sijabule kungakhathaliseki ukuthi abantu bayasilalela noma abasilaleli.

^ par. 3 Bheka i-Ncwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2005 kk. 206-212.

^ par. 14 Bheka indaba yokuphila kaGladys Allen ethi, “Akukho Nokukodwa Ebengingakushintsha!,” kuyi-Nqabayokulinda kaSepthemba 1, 2002.