Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ama-Israyeli Asendulo Ayelwa Izimpi​—Kungani Thina Singazilwi?

Ama-Israyeli Asendulo Ayelwa Izimpi​—Kungani Thina Singazilwi?

PHAKATHI neMpi Yezwe Yesibili isikhulu samaNazi sakhakhabisa iqembu loFakazi BakaJehova sathi: “Uma kukhona owenqaba ukulwa neFrance noma neNgilandi phakathi kwenu, nonke kumelwe nife!” Nakuba kwakunamasosha amaNazi ahlomile eduze, akukho ngisho noyedwa kubafowethu owavuma ukwephula imithetho kaJehova. Kwabonisa isibindi ngempela lokho! Lesi sibonelo siwuveza kahle umbono wethu njengoFakazi BakaJehova: Asizilwi izimpi zaleli zwe. Ngisho noma sisongelwa ngokufa, siyenqaba ukuthatha uhlangothi ezinxushunxushwini zaleli zwe.

Nokho, akuyena wonke umuntu ozibiza ngokuthi ungumKristu ovumelana nalo mbono. Abaningi bakholelwa ukuthi umKristu kufanele alwele izwe lakhe. Bangase bathi, ‘Ama-Israyeli asendulo ayengabantu bakaNkulunkulu futhi ayezilwa izimpi, pho kungani amaKristu namuhla kungafanele azilwe?’ Ungaphendula kanjani? Ungachaza ukuthi isimo sama-Israyeli asendulo sihluke kakhulu kunesabantu bakaNkulunkulu namuhla. Cabanga ngala maphuzu amahlanu.

1. ABANTU BAKANKULUNKULU BABEYISIZWE ESISODWA

Endulo, uJehova wakhetha isizwe esisodwa ukuba sibe abantu bakhe​—ama-Israyeli. Wabiza ama-Israyeli ngokuthi ‘impahla yakhe ekhethekile.’ (Eks. 19:5) UNkulunkulu waze wabanika nendawo yokuhlala ekhethekile. Ngakho, lapho uNkulunkulu eyala ama-Israyeli ukuba ayolwa nezinye izizwe, ayengalwi noma abulale izikhonzi ezikanye nawo. *

Namuhla, amaKristu eqiniso ‘aphuma kuzo zonke izizwe nezinhlanga nabantu nezilimi.’ (IsAm. 7:9) Uma abantu bakaNkulunkulu bengaya empini, bangalwa baze ngisho babulale nezikhonzi ezikanye nabo.

2. UJEHOVA WAYALA AMA-ISRAYELI UKUBA AYE EMPINI

Endulo, nguJehova owayenquma ukuthi ama-Israyeli aye nini empini nokuthi kungani kwakudingeka aye. Ngokwesibonelo, uNkulunkulu wayala ama-Israyeli ukuba akhiphe isahlulelo sakhe kumaKhanani, ayaziwa ngokukhonza amademoni, ngezenzo ezinyanyisayo zocansi nangokwenza imihlatshelo ngezingane. UJehova wayala ama-Israyeli ukuba asuse leli thonya elibi ezweni ayelithembise wona. (Lev. 18:24, 25) Ngemva kokuba ama-Israyeli esengenile eZweni Lesithembiso, ngezinye izikhathi uNkulunkulu wayegunyaza ukuba aye empini ukuze azivikele ezitheni ezaziwacindezela. (2 Sam. 5:17-25) Noma kunjalo, uJehova akakaze nangelilodwa ilanga avumele ama-Israyeli azinqumele wona ukuya empini. Uma bezinqumele ukuya, ngokuvamile imiphumela yayiba mibi.​—Num. 14:41-45; 2 IziKr. 35:20-24.

Namuhla, uJehova akabagunyazi abantu ukuba baye empini. Izizwe zilwela lokho ezikufunayo hhayi okufunwa uNkulunkulu. Zingase ziye empini ngenxa yokuthi zifuna umhlaba owengeziwe, zifuna ukwenza imali eningi noma ngenxa yezepolitiki. Kodwa kuthiwani ngalabo abathi balwa egameni likaNkulunkulu ukuze bavikele inkolo yabo noma balwa ukuze babulale izitha zikaNkulunkulu? UJehova uzovikela izikhonzi zakhe zeqiniso, abhubhise nezitha zakhe empini ezoba sesikhathini esizayo​—i-Armagedoni. (IsAm. 16:14, 16) Kuleyo mpi, ibutho likaNkulunkulu liyobe linezingelosi zakhe kuphela, ziyobe zingekho izikhonzi zakhe ezingabantu.​—IsAm. 19:11-15.

3. AMA-ISRAYELI AWABABULALANGA LABO ABABONISA UKHOLO KUJEHOVA

Ingabe izimpi zanamuhla azibabulali abathembekile njengoba impi kaJehova eJeriko ingambulalanga uRahabi nomndeni wakubo?

Endulo, ibutho lama-Israyeli lalibabonisa isihe labo ababebonisa ukholo kuNkulunkulu, libulale kuphela labo uJehova ayenqume ukuba babulawe. Phawula izibonelo ezimbili. Nakuba uJehova ayeyale ukuba iJeriko libhujiswe, ama-Israyeli awambulalanga uRahabi nomndeni wakubo ngenxa yokholo lwakhe. (Josh. 2:9-16; 6:16, 17) Kamuva, idolobha laseGibheyoni alizange libhujiswe ngenxa yokuthi abaseGibheyoni babonisa ukuthi bayamesaba uNkulunkulu.​—Josh. 9:3-9, 17-19.

Namuhla, izizwe ezilwayo ziyababulala nalabo ababonisa ukholo. Kanti ngezinye izikhathi, abantu abangenacala bayafa lapho izizwe zilwa.

4. AMA-ISRAYELI KWAKUFANELE ALANDELE IMITHETHO KANKULUNKULU YEMPI

Endulo, uJehova wayelindele ukuba amasosha angama-Israyeli alwe izimpi elandela iziqondiso zakhe. Ngokwesibonelo, ngezinye izikhathi uNkulunkulu wayewacela ukuba enze “isivumelwano sokuthula” nedolobha ayezolwa nalo. (Dut. 20:10) UJehova wayelindele nokuba amasosha angama-Israyeli azigcine ehlanzekile futhi agcine nekamu lawo lihlanzekile ngokoqobo nangokokuziphatha. (Dut. 23:9-14) Nakuba amabutho ezizwe ezizungezile ayevame ukudlwengula abesifazane basezindaweni azinqobile, uJehova wawenqabela ama-Israyeli ukuba enze kanjalo. Empeleni, ayengavunyelwe ukushada nowesifazane amthumbile kuze kuphele inyanga ngemva kokunqotshwa kwedolobha.​—Dut. 21:10-13.

Namuhla, amazwe amaningi aye asayina izivumelwano eziqondisa indlela izimpi okufanele zilwiwe ngayo. Nakuba lezi zivumelwano zihloselwe ukuvikela izakhamuzi, ngokudabukisayo le mithetho ivame ukwephulwa.

5. UNKULUNKULU WASILWELA ISIZWE SAKHE

Sikhona yini isizwe uNkulunkulu asilwelayo namuhla ngendlela alwela ngayo ama-Israyeli eJeriko?

Endulo, uJehova wayewalwela ama-Israyeli, ngezikhathi ezithile awasize anqobe ngokuyisimangaliso. Ngokwesibonelo, uJehova wawasiza kanjani ama-Israyeli ukuba anqobe idolobha laseJeriko? Lapho ama-Israyeli ‘ememeza kakhulu ngendlela okumemeza ngayo abantu abasempini, udonga lwabhidlika,’ njengoba uJehova ayeyalile, okwenza kwaba lula ukuba alinqobe idolobha. (Josh. 6:20) Awanqoba kanjani ama-Amori? ‘UJehova wawehlisela isichotho esikhulu sivela esibhakabhakeni. Empeleni, maningi abulawa yisichotho kunalawo abulawa ama-Israyeli ngenkemba.’​—Josh. 10:6-11.

Namuhla, asikho isizwe uJehova asilwelayo emhlabeni. UMbuso wakhe, obuswa iNkosi uJesu “awuyona ingxenye yaleli zwe.” (Joh. 18:36) Ngokuphambene nalokho, nguSathane onegunya phezu kwabo bonke ohulumeni babantu. Izimpi ezinyantisayo zaleli zwe zibonisa ubuntu bakhe obubi.​—Luka 4:5, 6; 1 Joh. 5:19.

AMAKRISTU EQINISO ANGABENZI BOKUTHULA

Njengoba sibonile, isimo sethu namuhla sihlukile kakhulu kunesama-Israyeli asendulo. Noma kunjalo, lo mehluko okhona akuwona kuphela owenza singayi empini. Zikhona nezinye izizathu. Ngokwesibonelo, uNkulunkulu wabikezela ukuthi ezinsukwini zokugcina, labo abafundisile ‘ngeke besayifunda impi.’ Ngakho, ngeke neze bahlanganyele kuyo. (Isaya 2:2-4) Ngaphezu kwalokho, uKristu wathi abafundi bakhe ‘[ngeke babe] ingxenye yezwe’; babengeke bathathe hlangothi ezingxabanweni zezwe.​—Joh. 15:19.

UKristu wanxusa abalandeli bakhe ukuba benze nokwengeziwe. Wabayala ukuba bagweme izinto ezibangela amagqubu, intukuthelo kanye nempi. (Math. 5:21, 22) Wabayala nokuba babe “abenzi bokuthula” futhi bathande izitha zabo.​—Math. 5:9, 44.

Kuthiwani ngathi? Nathi cishe asinaso isifiso sokulwa kunoma iyiphi impi, kodwa ingabe ikhona iminonjana yenzondo ezinhliziyweni zethu, engabangela izingxabano noma ukwehlukana ebandleni? Masiqhubeke sizama ukuyiqeda noma yimiphi imizwa enjalo.​—Jak. 4:1, 11.

Kunokuba sijoyine izingxabano zale lizwe, sikhuthaza uthando nokuthula phakathi kwethu. (Joh 13:34, 35) Masizimisele ukuqhubeka singathathi hlangothi njengoba sibheke phambili esikhathini lapho uJehova eyoziqeda ngokuphelele izimpi.​—IHu. 46:9.

^ Ngezinye izikhathi ama-Israyeli ayelwa wodwa, kodwa lezi zimpi zazingamjabulisi uJehova. (1 AmaKh. 12:24) Nokho, ngezinye izikhathi wayezigunyaza izimpi ezinjalo ngenxa yokuthi izizwe ezithile kuma-Israyeli zazimfulathele noma zenze izono ezinkulu kakhulu.​—AbaHl. 20:3-35; 2 IziKr. 13:3-18; 25:14-22; 28:1-8.