ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 44
Ligcine Liqinile Ithemba Lakho LobuKristu
“Themba uJehova.”—IHU. 27:14.
INGOMA 144 Bheka Njalo Umvuzo!
AMAZWIBELA *
1. Yiliphi ithemba uJehova asinike lona?
UJEHOVA usinike ithemba elimangalisayo lokuphila okuphakade. Abanye banethemba lokuphila phakade ezulwini njengezidalwa zomoya ezingafi. (1 Kor. 15:50, 53) Nokho, abaningi banethemba lokuphila phakade emhlabeni beyimiqemane futhi bejabule. (IsAm. 21:3, 4) Kungakhathaliseki ukuthi sibheke phambili ekuphileni phakade ezulwini noma emhlabeni, ithemba lethu liyigugu kithi.
2. Lisekelwe kuphi ithemba lethu, futhi kungani sisho kanjalo?
2 Njengoba lisetshenzisiwe eBhayibhelini, igama elithi “ithemba” lingachazwa ngokuthi “ukulindela ukuthi izinto ezinhle zizokwenzeka.” Ithemba lethu ngekusasa liqinisekisiwe ngoba livela kuJehova. (Roma 15:13) Siyakwazi akuthembisile futhi siyazi ukuthi uhlale ezigcwalisa izithembiso zakhe. (Num. 23:19) Siyaqiniseka ngokuthi uJehova unesifiso namandla okufeza konke athi uzokwenza. Ngakho, ithemba lethu alisekelwe emaphusheni noma enganekwaneni; lisekelwe ebufakazini nasezintweni ezingokoqobo.
3. Sizoxoxa ngani kulesi sihloko? (IHubo 27:14)
3 UBaba wethu osezulwini uyasithanda futhi ufuna simethembe. (Funda iHubo 27:14.) Uma ithemba lethu kuJehova liqinile, siyokwazi ukukhuthazelela uvivinyo, sibe nesibindi nenjabulo kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani. Ake sixoxe ngokuthi lisivikela kanjani ithemba lethu. Sizoqale sixoxe ngokuthi ithemba lethu lifana kanjani nehange nangokuthi lifana kanjani nesigqoko sokuzivikela. Sizobe sesixoxa ngokuthi singaliqinisa kanjani ithemba lethu.
ITHEMBA LETHU LINJENGEHANGE
4. Ithemba lifana kanjani nehange? (Hebheru 6:19)
4 Encwadini yakhe ayibhalela amaHebheru, umphostoli uPawulu wafanisa ithemba lethu nehange. (Funda eyamaHebheru 6:19.) UPawulu wayevame ukuhamba olwandle, ngakho wayazi ukuthi ihange lisetshenziselwa ukugcina umkhumbi unganyakazi. Ngelinye ilanga wayesemkhunjini lapho kuqala isiphepho esinamandla. Phakathi naleso siphepho, wabona amatilosi ephonsa amahange emanzini ukuze umkhumbi ungaphephukeli emadwaleni. (IzE. 27:29, 39-41) Njengoba ihange lenza umkhumbi unganyakazi, nethemba lethu liyasiqinisa ukuze singahlehli kuJehova lapho sibhekene nezikhathi ezinzima. Ithemba lethu eliqinile liyasisiza sikhuthazelele uvivinyo olunjengesiphepho ngoba siyaqiniseka ngokuthi izimo sezizoba ngcono. Khumbula, uJesu waxwayisa ngokuthi siyoshushiswa. (Joh. 15:20) Ngakho, ukuzindla ngomvuzo esithenjiswe ukuthi siyowuthola esikhathini esizayo kusisiza sihlale sigxile ekukhonzeni uJehova.
5. Ithemba lamsiza kanjani uJesu lapho esezofa?
5 Cabanga ngokuthi ithemba lamsiza kanjani uJesu wahlale ethembekile nakuba ayazi ukuthi uzofa kabuhlungu. NgePhentekoste lika-33 C.E., umphostoli uPetru wakhuluma ngesiprofetho esisencwadini yamaHubo esikuveza kahle ukuzola nokuqiniseka uJesu ayenako: “Ngiyohlala ethembeni; ngoba ngeke ungishiye eThuneni, futhi ngeke umvumele oqotho wakho abone ukonakala. . . . Uyongenza ngijabule kakhulu uma ungibheka ngomusa.” (IzE. 2:25-28; IHu. 16:8-11) Nakuba uJesu ayazi ukuthi uzofa, wayenethemba eliqinile lokuthi uNkulunkulu uzomvusa nokuthi uyojabulela ukuphinde abe noYise ezulwini.—Heb. 12:2, 3.
6. Wathini omunye umzalwane ngethemba?
6 Ithemba lethu lobuKristu selisize abafowethu nodadewethu abaningi bakhuthazela. Cabanga ngesibonelo sikaLeonard Chinn, umzalwane othembekile owayehlala eNgilandi. Phakathi neMpi Yezwe Yokuqala, waboshwa ngenxa yokuthi wenqaba ukuba isosha. Kwaphela izinyanga ezimbili evalelwe yedwa, ngemva kwalokho waphoqwa ukuba enze umsebenzi onzima. Kamuva wabhala: “Engabhekana nakho kwangisiza ngabona ukuthi silidinga kangakanani ithemba ukuze sikhuthazele. Sinesibonelo sikaJesu, abaphostoli, abaprofethi kanye nezithembiso ezinhle esizeBhayibhelini. Zonke lezi zinto zisinika ithemba elihle ngekusasa futhi ziyasiqinisa ukuze sikwazi ukukhuthazela.” Ithemba laba njengehange kuLeonard, lingaba njalo nakithi.
7. Uvivinyo luliqinisa kanjani ithemba lethu? (Roma 5:3-5; Jakobe 1:12)
7 Ithemba lethu liqina nakakhulu ngemva kokukhuthazelela uvivinyo, sibone uJehova esisiza futhi esamukela. (Funda eyabaseRoma 5:3-5; Jakobe 1:12.) Sibe sesiba nethemba eliqine nakakhulu kunalapho siqala ukwamukela izindaba ezinhle. USathane ufuna lusikhungathekise uvivinyo kodwa ngosizo lukaJehova singakwazi ukulukhuthazelela.
ITHEMBA LETHU LINJENGESIGQOKO SOKUZIVIKELA
8. Ithemba lifana kanjani nesigqoko sokuzivikela? (1 Thesalonika 5:8)
8 IBhayibheli liphinde lifanise ithemba lethu nesigqoko sokuzivikela. (Funda eyoku-1 Thesalonika 5:8.) Isosha lifaka isigqoko sokuzivikela ukuze livikele ikhanda lalo lapho izitha zizama ukulihlasela. Empini engokomoya, kudingeka sivikele izingqondo zethu ekuhlaseleni kukaSathane. Usebenzisa izinto ezihlukahlukene ukuze asilinge, onakalise nendlela esicabanga ngayo. Njengoba nje isigqoko sokuzivikela sivikela ikhanda lesosha, ithemba lethu livikela indlela esicabanga ngayo ukuze sihlale sithembekile kuJehova.
9. Uba yini uphumela uma abantu bengenalo ithemba?
9 Ithemba lethu lokuphila okuphakade lizosisiza senze ngokuhlakanipha nangokuqonda. Kodwa uma siphelelwa ithemba, sivumele izifiso zethu zisilawule, singase sikhohlwe ukuthi sinethemba lokuphila okuphakade. Cabanga ngalokho okwenzeka kumaKristu aseKorinte lasendulo. Aphelelwa ukholo esithembisweni sikaNkulunkulu esibalulekile—ithemba lovuko. (1 Kor. 15:12) UPawulu wathi abantu abangenalo ithemba ngekusasa baphilela olwanamuhla. (1 Kor. 15:32) Namuhla, abaningi abangazikholelwa izithembiso zikaNkulunkulu baphilela olwanamuhla, benza noma yini nje engabajabulisa. Kodwa thina siyazethemba izithembiso zikaNkulunkulu ngekusasa. Ithemba lethu linjengesigqoko sokuzivikela esingokomfanekiso esivikela indlela esicabanga ngayo futhi sisivikela ukuba singaphili ngendlela yokuzitika engaphazamisa ubungane bethu noJehova.—1 Kor. 15:33, 34.
10. Ithemba lingasivikela kanjani ekucabangeni ngendlela engafanele?
10 Ithemba lethu elinjengesigqoko sokuzivikela lingasivikela nasekucabangeni ukuthi asikho isidingo sokuzama ukujabulisa uJehova. Ngokwesibonelo, abanye bangase bathi: ‘Angisoze ngaba phakathi kwalabo abayophila phakade. Angifaneleki. Angisoze ngakwazi ukwenza lokho uNkulunkulu akufunayo.’ Khumbula ukuthi umduduzi wamanga, u-Elifazi, washo okufanayo kuJobe. Wathi: “Uyini umuntu ofayo ukuba abe msulwa?” Waqhubeka wathi ngoNkulunkulu: “Bheka! Akanalo ukholo kwabangcwele bakhe, ngisho namazulu awahlanzekile emehlweni akhe.” (Jobe 15:14, 15) Amanga aluhlaza lawo! Khumbula ukuthi ubani ofuna ucabange kanjalo—uSathane. Uyazi ukuthi uma ulokhu ugxila ezintweni ezinjalo, uyophelelwa ithemba. Ngakho, ungawanaki amanga anjalo, gxila ezithembisweni zikaJehova. Ungalokothi ungabaze ukuthi uyafuna uphile phakade futhi uzokusiza uwufinyelele lowo mgomo.—1 Thim. 2:3, 4.
LIGCINE LIQINILE ITHEMBA LAKHO
11. Kungani kufanele sibe nesineke njengoba silinde ukuba ithemba lethu ligcwaliseke?
11 Akubi lula ngaso sonke isikhathi ukuligcina liqinile ithemba lethu. Singase siphelelwe isineke njengoba sisalinde ukuba uNkulunkulu agcwalise izithembiso zakhe. Kodwa uJehova ubelokhu ekhona futhi indlela abheka ngayo isikhathi ihlukile kweyethu. (2 Pet. 3:8, 9) Uzozigcwalisa ngendlela enhle kakhulu izithembiso zakhe kodwa angase angakwenzi lokho ngesikhathi thina esilindele ukuba akwenze ngaso. Yini engasisiza siligcine liqinile ithemba lethu njengoba simlinde ngesineke uNkulunkulu ukuba agcwalise izithembiso zakhe?—Jak. 5:7, 8.
12. NgokweyamaHebheru 11:1, 6, ithemba lihlobana kanjani nokholo?
12 Sizoligcina liqinile ithemba lethu uma sihlale siseduze noJehova, lowo oqinisekisa ithemba esinalo. Empeleni, iBhayibheli lihlobanisa ithemba nokuba nokholo lokuthi uJehova ukhona nokuthi “uyabavuza labo abamfuna ngobuqotho.” (Funda eyamaHebheru 11:1, 6.) Uma sikukholelwa ngempela ukuthi uJehova ukhona, sizoqiniseka nakakhulu ukuthi uzokwenza konke akuthembisile. Ake sixoxe ngezindlela ezingasisiza siqinise ubungane bethu noJehova ngaleyo ndlela siligcine liqinile nethemba lethu.
13. Singasondela kanjani kuNkulunkulu?
13 Thandaza kuJehova, ufunde iZwi lakhe. Singasondela kuJehova ngisho noma singamboni. Singathandaza kuye, siqiniseka ngokuthi uzosilalela. (Jer. 29:11, 12) Singamlalela ngokufunda iZwi lakhe, sizindle ngalo. Njengoba sifunda ngendlela uJehova asiza ngayo labo ababeqotho kuye esikhathini esidlule, ithemba lethu liqina nakakhulu. Zonke izinto eziseZwini likaNkulunkulu “zalotshelwa ukuba kufundiswe thina, ukuze kuthi ngokukhuthazela kwethu nangenduduzo evela emiBhalweni sibe nethemba.”—Roma 15:4.
14. Kungani kufanele sizindle ngalokho uJehova akwenzele abanye?
14 Zindla ngendlela uJehova aye wazigcwalisa ngayo izithembiso zakhe. Cabanga ngalokho uNkulunkulu akwenzela u-Abrahama noSara. Iminyaka yabo yayingasabavumeli ukuba babe nabantwana. Noma kunjalo, uNkulunkulu wabathembisa ukuthi babezoba nomntwana. (Gen. 18:10) Wenzenjani u-Abrahama? IBhayibheli lithi: “Wayenokholo lokuthi wayezoba uyise wezizwe eziningi.” (Roma 4:18) Nakuba isimo sasibonakala singathembisi emehlweni omuntu, u-Abrahama wayeqiniseka ukuthi uJehova wayeyosigcwalisa isithembiso saKhe. Leyo ndoda ethembekile ayizange idumazeke. (Roma 4:19-21) Izindaba ezinjengalezi zisifundisa ukuthi singahlale simethemba uJehova ukuthi uzozigcwalisa izithembiso zakhe, kungakhathaliseki ukuthi kithi isimo sibukeka singenakunqobeka kangakanani.
15. Kungani kufanele sicabange ngalokho uNkulunkulu asenzele kona?
15 Cabanga ngalokho uJehova akwenzele kona. Cabanga ngendlela wena osuzuze ngayo ekugcwalisekeni kwezithembiso eziseZwini likaNkulunkulu. Ngokwesibonelo, uJesu uthembise ukuthi uYise uzokunika izidingo zokuphila. (Math. 6:32, 33) Ukuqinisekise nangokuthi uJehova uzokunika umoya ongcwele lapho uwucela. (Luka 11:13) UJehova uzigcwalisile lezo zithembiso. Cishe ungacabanga ngezinye izithembiso ezithinta wena aye wazigcwalisa. Ngokwesibonelo, uthembisa ukuthi uzokuthethelela, akududuze futhi akondle ngokomoya. (Math. 6:14; 24:45; 2 Kor. 1:3) Lapho uzindla ngalokho uNkulunkulu asekwenzele kona, uzoqinisa ithemba lakho kulokho azokwenzela kona esikhathini esizayo.
JABULA ETHEMBENI
16. Kungani ithemba liyisipho esiyigugu kangaka?
16 Ithemba lethu lokuphila okuphakade liyisipho esiyigugu esivela kuNkulunkulu. Sibheke phambili esikhathini esizayo esimangalisayo—esiqiniseka ngempela ukuthi sizofika. Leli themba linjengehange, liyasiqinisa ukuze sikwazi ukukhuthazelela uvivinyo, simelane noshushiso, sikwazi ngisho nokubhekana nokufa. Lifana nesigqoko sokuzivikela, livikela indlela esicabanga ngayo ukuze sikwazi ukwenqaba okubi, sibambelele kokuhle. Ithemba lethu elisekelwe eBhayibhelini lisisondeza nakakhulu kuNkulunkulu futhi lembula ukuthi usithanda kangakanani. Sizuza kakhulu njengoba siligcina liqinile ithemba lethu.
17. Kungani ithemba lethu liholela enjabulweni?
17 Encwadini ayibhalela amaRoma, umphostoli uPawulu wawakhuthaza wathi: “Jabulani ethembeni.” (Roma 12:12) UPawulu wayengajabula ngoba wayeqiniseka ukuthi uma ehlale ethembekile, wayezothola ukuphila okuphakade ezulwini. Nathi singajabula ethembeni lethu ngoba siyaqiniseka ukuthi uJehova uzozigcwalisa izithembiso zakhe. Umhubi wabhala: “Uyajabula lowo . . . othembele kuJehova uNkulunkulu wakhe, . . . ohlala ethembekile ngaso sonke isikhathi.”—IHu. 146:5, 6.
INGOMA 139 Zibone Lapho Konke Sekukusha
^ UJehova usinike ithemba elimangalisayo ngekusasa. Lelo themba liyasikhuthaza, lisisize sibheke ngale kovivinyo esinalo manje. Lisinika amandla okuqhubeka sithembekile kungakhathaliseki ukuthi sibhekana nabuphi ubunzima. Lingasivikela nasogibeni lokucabanga izinto ezingalungile. Njengoba sizobona kulesi sihloko, zonke lezi yizizathu ezinhle zokugcina ithemba lethu lobuKristu liqinile.
^ INCAZELO YESITHOMBE: Njengoba nje isigqoko sokuzivikela sivikela ikhanda lesosha nehange liqinisa umkhumbi, nethemba lethu livikela indlela esicabanga ngayo futhi liyasiqinisa lapho sibhekene novivinyo. Udade uthandaza kuJehova ngokuqiniseka. Umzalwane uzindla ngendlela uJehova azigcwalisa ngayo izithembiso zaKhe ku-Abrahama. Omunye umzalwane ucabanga ngendlela abusiswe ngayo.