Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 43

Ukuhlakanipha Kweqiniso Kumemeza Kakhulu

Ukuhlakanipha Kweqiniso Kumemeza Kakhulu

“Ukuhlakanipha kweqiniso kumemeza kakhulu emgwaqweni. Kuqhubeka kuphakamisa izwi lako ezigcawini.”​—IZAGA 1:20.

INGOMA 88 Ngenze Ngazi Izindlela Zakho

AMAZWIBELA *

1. Abantu abaningi basabela kanjani ekumemezeni kokuhlakanipha namuhla? (IzAga 1:20, 21)

 EMAZWENI amaningi bekujwayelekile ukubona abamemezeli boMbuso bemi emigwaqweni ephithizelayo benikeza abadlulayo izincwadi. Wake walwenza lolu hlobo lwenkonzo emnandi? Uma kunjalo, akungabazeki ukuthi wake wacabanga ngomfanekiso osencwadini yezAga​—wokuhlakanipha okumemeza abantu ezigcawini ukuze bezwe iseluleko sako. (Funda izAga 1:20, 21.) IBhayibheli nezincwadi zethu kuqukethe “ukuhlakanipha kweqiniso”​—ukuhlakanipha kukaJehova. Yilolu kanye ulwazi abantu abaludingayo ukuze bathathe isinyathelo sokuqala esiholela endleleni yokuphila. Siyajabula lapho othile amukela enye yezincwadi zethu. Kodwa akubona bonke abazamukelayo. Abanye abanandaba nalokho okushiwo iBhayibheli. Abanye bayasihleka. Bacabanga ukuthi iBhayibheli liphelelwe yisikhathi. Abanye bayazigxeka izimfundiso zeBhayibheli endabeni yokuziphatha, bathi labo abaphila ngazo abanamusa futhi bazibona belungile. Noma kunjalo, ngothando uJehova uyaqhubeka enza ukuhlakanipha kweqiniso kutholakale kubo bonke abantu. Kanjani?

2. Ukuhlakanipha kweqiniso kutholakala kanjani namuhla, kodwa yini abantu abaningi abakhetha ukuyenza?

2 IZwi lakhe iBhayibheli lingenye yezindlela uJehova azisebenzisayo ukuze enze ukuhlakanipha kweqiniso kuzwakale. Cishe wonke umuntu unayo leyo ncwadi. Kuthiwani ngezincwadi zethu ezisekelwe eBhayibhelini? Ngenxa yesibusiso sikaJehova, zitholakala ngezilimi ezingaphezu kuka-1 000. Labo abalalela noma abafunda futhi basebenzise abakufundayo bazozuza. Noma kunjalo, abantu abaningi bakhetha ukungalinaki izwi lokuhlakanipha. Uma kunezinqumo okufanele bazenze, bakhetha ukuthembela ekuhlakanipheni kwabo noma bakhethe ukulalela abanye abantu. Bangaze ngisho basibukele phansi ngenxa yokuthi sikhetha ukulalela lokho okushiwo iBhayibheli. Lesi sihloko sizoxoxa ngokuthi kungani abantu benza kanjalo. Nokho, okokuqala ake sixoxe ngokuthi singakuthola kanjani ukuhlakanipha okuvela kuJehova.

ULWAZI NGOJEHOVA LUHOLELA EKUHLAKANIPHENI

3. Kuhilelani ukuhlakanipha kweqiniso?

3 Ukuhlakanipha kusho ikhono lokusebenzisa esikwaziyo ukuze senze izinqumo ezinhle. Nokho, ukuhlakanipha kweqiniso kuhilela okungaphezu kwalokho. IBhayibheli lithi: “Ukwesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha, ulwazi ngoNgcwelengcwele lungukuqonda.” (IzAga 9:10) Ngakho, uma kunesinqumo esibalulekile okumelwe sisenze, kufanele sisisekele endleleni uJehova acabanga ngayo​—‘olwazini ngoNgcwelengcwele.’ Lokho singakwenza ngokufunda iBhayibheli nezincwadi ezisekelwe kulo. Uma senza kanjalo, sibonisa ukuhlakanipha kweqiniso.​—IzAga 2:5-7.

4. Kungani kunguJehova kuphela ongasinika ukuhlakanipha kweqiniso?

4 NguJehova kuphela ongasinika ukuhlakanipha kweqiniso. (Roma 16:27) Kungani enguMthombo wokuhlakanipha? Okokuqala, njengoba enguMdali, unolwazi oluningi ngendalo yakhe futhi uyiqonda ngokuphelele. (IHu. 104:24) Okwesibili, konke akwenzayo kubonisa ukuthi uhlakaniphile. (Roma 11:33) Okwesithathu, izeluleko zakhe ezihlakaniphile zihlale zibazuzisa abazisebenzisayo. (IzAga 2:10-12) Ukuze sithole ukuhlakanipha kweqiniso, kumelwe siwamukele la maqiniso, siwavumele asiqondise lapho senza izinqumo nalapho senza okuthile.

5. Kuba namiphi imiphumela uma abantu bengafuni ukuvuma ukuthi uJehova unguMthombo wokuhlakanipha kweqiniso?

5 Abaningi esibathola ensimini bayavuma ukuthi indalo yenziwe ngendlela emangalisayo; kodwa bayaphika ukuthi uMdali ukhona, bathi izinto zaba khona ngokuziphendukela kwemvelo. Abanye esibatholayo bathi bayakholelwa kuNkulunkulu, kodwa babheka imithetho yeBhayibheli njengephelelwe isikhathi, bese bekhetha ukwenza abakuthandayo. Ibe yini imiphumela? Ingabe umhlaba uyindawo engcono ngenxa yokuthi abantu bancike kokwabo ukuhlakanipha kunokukaNkulunkulu? Bayitholile yini injabulo noma ithemba langempela lekusasa? Esikubonayo kusenza siqiniseke ngaleli qiniso: “Akukho ukuhlakanipha, ukuqonda noma iseluleko esingamelana noJehova.” (IzAga 21:30) Lokho kusikhuthaza ukuba sicele uJehova asiphe ukuhlakanipha kweqiniso. Ngokudabukisayo, iningi labantu alikuceli ukuhlakanipha kuJehova. Kungani?

OKWENZA ABANTU BAKWENQABE UKUHLAKANIPHA KWEQINISO

6. IzAga 1:22-25 zithi obani abangalaleli lapho ukuhlakanipha kweqiniso kumemeza?

6 Abaningi abalaleli lapho ukuhlakanipha kweqiniso “kumemeza kakhulu emgwaqweni.” Ngokusho kweBhayibheli, mathathu amaqembu abantu abenqaba ukuhlakanipha: ‘abangenalwazi,’ ‘abahleki bosulu’ ‘neziphukuphuku.’ (Funda izAga 1:22-25.) Ake sibheke izimfanelo ezimbi ezenza labo bantu bakwenqabe ukuhlakanipha kukaNkulunkulu, sibone nokuthi thina singazigwema kanjani.

7. Kungani abanye bekhetha ukuhlala ‘bengenalwazi’?

7 ‘Abangenalwazi’ yilabo abayiziwula, abakholelwa yizo zonke izinto abazizwayo noma abakhohliseka kalula. (IzAga 14:15, mbhw.) Sivamile ukuthola abanjalo ensimini. Ngokwesibonelo, cabanga ngezigidi zabantu abadukiswa abaholi benkolo noma bezepolitiki. Abanye bayashaqeka lapho bethola ukuthi labo baholi badlala ngabo. Kodwa labo okukhulunywa ngabo encwadini yezAga 1:22 bakhetha ukuhlala bengenalwazi ngoba bathanda ukuhlala benjalo. (Jer. 5:31) Bayakujabulela ukwenza abakuthandayo, abafuni ukufunda lokho iBhayibheli elikushoyo noma ukuphila ngemithetho yalo. Abaningi bazizwa njengowesifazane othanda isonto waseQuebec, eCanada, owathi kuFakazi owayemvakashele, “Uma umfundisi wethu esidukisile, yindaba yakhe leyo, thina asingeni ndawo lapho!” Asifuni neze ukulingisa abantu abanenkani abangafuni ukuthola ulwazi!​—IzAga 1:32; 27:12.

8. Yini ezosisiza sithole ulwazi olufanele?

8 Kuyafaneleka ukuba iBhayibheli lisikhuthaze ukuba singabi abangenalwazi, kodwa sibe “abakhule ngokugcwele endleleni [esiqonda] ngayo.” (1 Kor. 14:20) Ulwazi olufanele siluthola ngokusebenzisa izimiso zeBhayibheli. Kancane kancane siyazibonela ukuthi lezo zimiso zisisiza kanjani sigweme izinkinga, senze izinqumo ezihlakaniphile. Siyobe senza kahle uma sihlola intuthuko yethu kulokhu. Uma sekuphele isikhathi sifundelwa iBhayibheli siya nasemihlanganweni, singase sizibuze ukuthi kungani singakasithathi isinyathelo sokuzinikezela kuJehova futhi sibhapathizwe. Uma sesibhapathiziwe, ingabe singabashumayeli nabafundisi abathuthukayo? Izinqumo zethu ziyabonisa yini ukuthi siqondiswa izimiso zeBhayibheli? Lapho sisebenzelana nabanye, ingabe siyazibonisa izimfanelo zobuKristu? Uma kunesidingo sokuba sithuthukise okuthile, masinake izikhumbuzo zikaJehova ‘ezihlakaniphisa ongenalwazi.’​—IHu. 19:7.

9. ‘Abahleki bosulu’ babonisa kanjani ukuthi abakufuni ukuhlakanipha?

9 Iqembu lesibili labantu abangakunaki ukuhlakanipha kukaNkulunkulu ‘abahleki bosulu.’ Ngezinye izikhathi siyabathola abantu abanjalo lapho sishumayela. Bayakujabulela ukugcona abanye. (IHu. 123:4) IBhayibheli laxwayisa ngokuthi ezinsukwini zokugcina kuyoba khona abahleki bosulu abaningi. (2 Pet. 3:3, 4) Njengabakhwenyana bakwaLoti olungile, abanye abantu namuhla abazinaki izixwayiso ezivela kuNkulunkulu. (Gen. 19:14) Abaningi bayabahleka labo abaphila ngezimiso zeBhayibheli. Abahleki bosulu basuke beqhutshwa “izifiso zabo zezinto zokungamhloniphi uNkulunkulu.” (Jude 7, 17, 18) Indlela iBhayibheli elichaza ngayo abahleki bosulu izifanela kahle izihlubuki nabanye abashiye uJehova.

10. Njengoba kuboniswe kumaHubo 1:1, yini esingayenza ukuze singabi abahleki bosulu?

10 Yini esingayenza ukuze singabi abahleki bosulu? Kufanele singazihlanganisi nabantu abagxekayo. (Funda iHubo 1:1.) Lokho kusho ukuthi asizilaleli izihlubuki futhi asifundi lutho oluvela kuzo. Siyabona ukuthi uma singaqaphile, kungaba lula ukuba nomoya wokugxeka, bese siqala ukungabaza uJehova neziqondiso esizithola enhlanganweni yakhe. Ukuze sigweme leso simo, singazibuza: ‘Ingabe ngivame ukukhononda lapho sithola isiqondiso esisha noma incazelo entsha? Ngihlale ngithola amaphutha yini kulabo abaholayo?’ Uma sishesha ukulungisa izinto ezinjalo, uJehova uzojabula ngathi.​—IzAga 3:34, 35.

11. ‘Iziphukuphuku’ ziyibheka kanjani imithetho kaJehova yokuziphatha?

11 Iqembu lesithathu labantu abenqaba ukuhlakanipha ‘iziphukuphuku.’ Bayiziphukuphuku ngoba bayenqaba ukuphila ngemithetho kaNkulunkulu yokuziphatha. Benza lokho abacabanga ukuthi kulungile. (IzAga 12:15) Bayamenqaba uJehova, uMthombo wokuhlakanipha. (IHu. 53:1) Lapho sibathola ensimini, bavame ukusigxeka ngoba sihlonipha imithetho yeBhayibheli. Kodwa abanalutho olungcono abangasinika lona. IBhayibheli lithi: “Isiwula asinakukuthola ukuhlakanipha kweqiniso; asinalutho esingalusho esangweni ledolobha.” (IzAga 24:7) Isiphukuphuku asinawo amazwi ahlakaniphile esingawasho. Yingakho uJehova esixwayisa ngokuba ‘sihambele kude nomuntu oyisiphukuphuku’!​—IzAga 14:7.

12. Yini ezosisiza singafani neziphukuphuku?

12 Sifunda ukuthanda izindlela zikaJehova ezihlanganisa nemithetho yakhe yokuziphatha, asifani nabantu abazonda izeluleko zikaNkulunkulu. Lolo thando singalujulisa ngokuqhathanisa imiphumela yokulalela neyokungalaleli. Bheka izinkinga abantu abazilethela zona ngenxa yokuthi bayiziphukuphuku, benqaba izeluleko zikaJehova ezihlakaniphile. Yibe usucabanga nangokuthi okwakho ukuphila kungcono kangakanani ngoba ulalela uNkulunkulu.​—IHu. 32:8, 10.

13. UJehova uyasiphoqa yini ukuba silalele izeluleko zakhe ezihlakaniphile?

13 UJehova unika bonke abantu ukuhlakanipha, kodwa akaphoqi muntu ukuba akwamukele. Noma kunjalo, uyayichaza imiphumela etholwa yilabo abangakulaleli ukuhlakanipha. (IzAga 1:29-32) Labo abakhetha ukungamlaleli uJehova “bayobhekana nemiphumela yezindlela zabo.” Ngokuhamba kwesikhathi, indlela abaphila ngayo iyobalethela usizi, izinkathazo nokubhujiswa ekugcineni. Ngakolunye uhlangothi, abantu abalalela izeluleko zikaJehova ezihlakaniphile futhi bazisebenzise, bathenjiswa lokhu: “Ongilalelayo uyohlala ngokulondeka angaphazanyiswa ukwesaba inhlekelele.”​—IzAga 1:33.

UKUHLAKANIPHA KWEQINISO KUYASIZUZISA

Ukuphendula emihlanganweni kuqinisa ubungane bethu noJehova (Bheka isigaba 15)

14-15. Sifundani encwadini yezAga 4:23?

14 Sizuza njalo lapho sisebenzisa ukuhlakanipha kukaNkulunkulu. Njengoba sesixoxile, uJehova wenza kube lula ukuba abantu bathole izeluleko zakhe. Ngokwesibonelo, kuyo yonke incwadi yezAga, usinikeza izeluleko ezihlale ziwusizo eziyothuthukisa ukuphila kwethu uma sizisebenzisa. Ake sifunde ngezibonelo ezine zezeluleko ezihlakaniphile.

15 Vikela inhliziyo yakho engokomfanekiso. IBhayibheli lithi: “Ngaphezu kwazo zonke izinto oziqaphayo, qapha inhliziyo yakho, ngoba imithombo yokuphila ivela kuyo.” (IzAga 4:23) Cabanga ngokuthi yini okudingeka siyenze ukuze sivikele inhliziyo yethu engokoqobo. Kudingeka sidle ukudla okunomsoco, sizivocavoce, sigweme nemikhuba emibi. Senza okufanayo ukuze sivikele inhliziyo yethu engokomfanekiso. Sizondla ngeZwi likaNkulunkulu njalo. Silungiselela imihlangano yobuKristu, siye kuyo futhi siphendule. Sihlale siphapheme ngokuzikhandla njalo enkonzweni. Sigwema nemikhuba emibi ngokungazihlanganisi nanoma yini engonakalisa imicabango yethu, njengezokuzijabulisa ezinokuziphatha okubi nabangane ababi.

Ukuba nombono olinganiselayo ngemali kusisiza ukuba saneliswe esinakho (Bheka isigaba 16)

16. Kungani izAga 23:4, 5 ziwusizo kangaka namuhla?

16 Yaneliswa yilokho onakho. Nasi iseluleko seBhayibheli: “Ungazikhandli ukuze uzuze ingcebo. . . . Lapho uphonsa amehlo akho kuyo, ayikho, ngoba nakanjani iyomila amaphiko njengokhozi indizele esibhakabhakeni.” (IzAga 23:4, 5) Asikho isiqinisekiso sokuthi abantu bayohlale benayo ingcebo yabo. Noma kunjalo, abantu abacebile nabahluphekayo baphilela ukwenza imali. Lokho kuvame ukubenza benze izinto ezilimaza idumela labo, ubuhlobo babo nabanye ngisho nempilo yabo. (IzAga 28:20; 1 Thim. 6:9, 10) Ngakolunye uhlangothi, ukuhlakanipha kusisiza sibe nombono olinganiselayo ngemali. Umbono onjalo usenza singabi nobugovu, saneliseke futhi sijabule.​—UmSh. 7:12.

Ukucabanga ngaphambi kokuba sikhulume kusisiza ukuba singabalimazi abanye ngesikushoyo (Bheka isigaba 17)

17. Singaba kanjani ‘nolimi lwabahlakaniphile’ njengoba kuboniswe encwadini yezAga 12:18?

17 Cabanga ngaphambi kokuba ukhulume. Uma singanakile, singenza umonakalo omkhulu ngesikushoyo. IBhayibheli lithi: “Inkulumo engacatshangiwe injengokuhlaba kwenkemba, kodwa ulimi lwabahlakaniphile luyaphilisa.” (IzAga 12:18) Sihlale sinobuhlobo obuhle nabanye uma sigwema ukuhleba ngabo. (IzAga 20:19) Ukuze esikushoyo kwelaphe kunokuba kulimaze, kumelwe sigcwalise izinhliziyo zethu ngolwazi oluseZwini likaNkulunkulu. (Luka 6:45) Lapho sizindla ngalokho iBhayibheli elikushoyo, amazwi ethu ayoba ‘njengomthombo wokuhlakanipha’ oqabula abanye.​—IzAga 18:4.

Ukulandela iziqondiso zenhlangano kusisiza ukuba sithuthuke enkonzweni yethu (Bheka isigaba 18)

18. Ukusebenzisa umBhalo wezAga 24:6 kungasisiza kanjani siphumelele enkonzweni?

18 Landela iziqondiso. Ukuze siphumelele, iBhayibheli linikeza lesi seluleko esiwusizo: “Ngesiqondiso esihlakaniphile uyolwa impi yakho, ngabeluleki abaningi kukhona impumelelo.” (IzAga 24:6, mbhw.) Cabanga ukuthi ukusebenzisa lesi simiso kusisiza kanjani siphumelele emsebenzini wethu wokushumayela nokufundisa. Kunokuba sishumayele ngendlela yethu, sizama ukusebenzisa amacebiso esiwanikeziwe. Sithola iziqondiso ezihlakaniphile emihlanganweni yobuKristu, lapho abeluleki abanolwazi benikeza khona izinkulumo ezisekelwe eBhayibhelini zokusiqeqesha. Ngaphezu kwalokho, inhlangano kaJehova isinikeza amathuluzi awusizo​—izincwadi namavidiyo—​angasisiza siqonde iBhayibheli. Ingabe uyafunda ukuwasebenzisa ngokuphumelelayo la mathuluzi?

19. Uzizwa kanjani ngokuhlakanipha esikunikwa uJehova? (IzAga 3:13-18)

19 Funda izAga 3:13-18. Asive sibonga ngezeluleko ezinhle esizithola eZwini likaNkulunkulu! Besingaba yini nje ngaphandle kwazo? Kulesi sihloko, sixoxe ngezibonelo zokuhlakanipha okuwusizo ezisencwadini yezAga. Yiqiniso, lonke iBhayibheli linezeluleko ezihlakaniphile ezivela kuJehova. Masizimisele ukukusebenzisa ngaso sonke isikhathi ukuhlakanipha okuvela kuJehova. Akubalulekile kithi ukuthi izwe likubheka kanjani lokho kuhlakanipha; thina siyaqiniseka ukuthi “labo abakubamba bakuqinise [ukuhlakanipha] kuyothiwa bayajabula.”

INGOMA 36 Siqapha Izinhliziyo Zethu

^ Ukuhlakanipha okuvela kuJehova kuphakeme kakhulu ngaphezu kwanoma yini leli zwe elingasinika yona. Kulesi sihloko, sizohlola umfanekiso omuhle osencwadini yezAga​—umfanekiso wokuhlakanipha okumemeza kakhulu esigcawini sedolobha. Sizoxoxa ngokuthi singakuthola kanjani ukuhlakanipha kweqiniso, sixoxe ngokuthi kungani abanye bengakulaleli ukuhlakanipha nangendlela esizuza ngayo lapho sikulalela ukumemeza kwako.