ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 41
Ungayithola Injabulo Yangempela
“Uyajabula wonke umuntu owesaba uJehova, ohamba ngezindlela zaKhe.”—IHU. 128:1.
INGOMA 110 “Injabulo KaJehova”
AMAZWIBELA *
1. Kusho ukuthini ukuthi ‘siyamdinga uNkulunkulu,’ futhi kuhlobene kanjani nenjabulo?
INJABULO yangempela ayiwona nje umuzwa omnandi oba nawo ubuye uphele. Umuntu angaba nayo ukuphila kwakhe konke. Kanjani? ENtshumayelweni yakhe yasentabeni, uJesu wachaza: “Bayajabula abaqaphelayo ukuthi bayamdinga uNkulunkulu.” (Math. 5:3) UJesu wayazi ukuthi abantu badalwe nesifiso esinamandla sokwazi nokukhonza uMdali wabo, uJehova uNkulunkulu. Yilokho okushiwo ‘ukudinga uNkulunkulu.’ Njengoba uJehova ‘enguNkulunkulu ojabulayo,’ labo abamkhonzayo nabo bangajabula.—1 Thim. 1:11.
2-3. (a) UJesu wathi obani abanye abangajabula? (b) Sizoxoxa ngani kulesi sihloko, futhi kungani?
2 Ingabe singajabula kuphela uma singenazinkinga? Cha. Entshumayelweni yakhe, uJesu washo into emangalisayo. “Abalilayo” bangajabula—kungakhathaliseki ukuthi balila ngenxa yokudliwa izono zabo noma ngenxa yokwehlelwa izimo ezinzima ekuphileni. UJesu washo okufanayo nangalabo ‘abashushiswa ngenxa yokulunga’ noma ‘abahlanjalazwayo’ ngenxa yokuba abalandeli bakaKristu. (Math. 5:4, 10, 11) Kodwa kungenzeka kanjani ngempela ukuba umuntu ajabule ezimweni ezinje?
3 UJesu wayesifundisa ukuthi injabulo siyithola ngokwazi nokukhonza uNkulunkulu nangokusondela kuye, hhayi ngokuba nokuphila okungenazo izinkinga. (Jak. 4:8) Singakwenza kanjani lokho? Kulesi sihloko, sizoxoxa ngezinyathelo ezintathu eziholela enjabulweni yangempela.
FUNDA FUTHI UTADISHE IBHAYIBHELI
4. Yisiphi isinyathelo sokuqala sokuthola injabulo yangempela? (IHubo 1:1-3)
4 ISINYATHELO SOKUQALA: Ukuze sijabule ngempela, kumelwe sifunde futhi sitadishe iBhayibheli. UJesu wafanisa iZwi likaNkulunkulu nokudla. Abantu nezilwane badinga ukudla ukuze baphile. Kodwa ngabantu kuphela abangafunda iBhayibheli, futhi kufanele bakwenze lokho. Yingakho uJesu athi: “Umuntu akumelwe aphile ngesinkwa sodwa kodwa nangawo wonke amazwi aphuma emlonyeni kaJehova.” (Math. 4:4) Ngakho, akufanele sivumele ukuba kuphele usuku singazange silifunde iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli. Umhubi wathi: ‘Uyajabula umuntu ojabula ngomthetho kaJehova owufunda imini nobusuku.’—Funda iHubo 1:1-3.
5-6. (a) Sifundani eBhayibhelini? (b) Ukufunda iBhayibheli kungasisiza ngaziphi izindlela?
5 Ngothando, uJehova usitshelile eBhayibhelini ukuthi yini okumelwe siyenze ukuze sijabule. Lisitshela ukuthi iyini injongo yokuphila. Lisifundisa ukuthi singasondela kanjani kuye futhi sithethelelwe izono zethu. Lisifundisa nangethemba elihle lesikhathi esizayo. (Jer. 29:11) La maqiniso esiwathola ngokutadisha iBhayibheli enza izinhliziyo zethu zichichime injabulo!
6 Njengoba sazi, iBhayibheli liphinde libe nezeluleko eziwusizo esingazisebenzisa nsuku zonke. Lapho sizilalela lezo zeluleko, singajabula. Noma nini lapho ukhungathekile ngenxa yezinkinga, chitha isikhathi esengeziwe ufunda iZwi likaJehova, uzindle ngalo. UJesu wathi: “Abajabulayo yilabo abezwa izwi likaNkulunkulu baligcine!”—Luka 11:28.
7. Yini ongayenza ukuze uzuze ngokugcwele lapho ufunda iZwi likaNkulunkulu?
7 Lapho ufunda iZwi likaNkulunkulu, zinike isikhathi sokunambitha okufundayo. Ngokwesibonelo, kwake kwenzeka kuwe lokhu? Othile ukuphekela ukudla okuthandayo. Kodwa ngenxa yokuthi uyaphuthuma noma ucabanga izinto eziningi, uvele ukugwinye ungazange ukunambithisise. Kuthi lapho usuqedile, kube yima uqaphela ukuthi udle washeshisa, ufise sengathi ngabe awusheshisanga ukuze ukunambithe ukudla okudlayo. Ngendlela efanayo, wake walifunda iBhayibheli ushesha waze wangakwazi ukujabulela elikushoyo? Zinike isikhathi sokujabulela ukufunda iZwi likaNkulunkulu; kubone ngeso lengqondo okwenzekayo, yizwa imisindo yamaphimbo, ucabange ngalokho okufundile. Konke lokho kuzokwenza ujabule.
8. “Inceku ethembekile neqondayo” iyifeza kanjani indima yayo? (Bheka nombhalo waphansi.)
8 UJesu wamisa “inceku ethembekile neqondayo” ukuze isinikeze ukudla ngesikhathi esifanele futhi sithola izinto eziningi eziqinisa ukholo lwethu. * (Math. 24:45) ImiBhalo ephefumulelwe iyisithako esihamba phambili kukho konke okukhiqizwa yile nceku ethembekile. (1 Thes. 2:13) Lokho kudla okuqinisa ukholo lwethu kuyasisiza sazi indlela uJehova acabanga ngayo njengoba esambulele yona eBhayibhelini. Yingakho sifunda INqabayokulinda ne-Phaphama! nezihloko eziku-jw.org. Silungiselela imihlangano yaphakathi neviki neyangezimpelasonto. Sibukela nohlelo lwanyanga zonke lwe-JW Broadcasting® uma lukhona. Ukudla ukudla okwanele okuqinisa ukholo kuzosisiza sithathe isinyathelo sesibili esiholela enjabulweni.
PHILA NGEMITHETHO KAJEHOVA
9. Yisiphi isinyathelo sesibili esiholela enjabulweni yangempela?
9 ISINYATHELO SESIBILI: Ukuze sijabule ngempela, kudingeka siphile ngemithetho kaJehova. Umhubi wabhala: “Uyajabula wonke umuntu owesaba uJehova, ohamba ngezindlela zaKhe.” (IHu. 128:1) Ukwesaba uJehova kusho ukuthi simhlonipha kakhulu kangangokuba sigwema ukwenza noma yini engamjabulisi. (IzAga 16:6) Yingakho siqhubeka sizikhandla ukuze silalele imithetho kaNkulunkulu yokulungile nokungalungile echazwe eBhayibhelini. (2 Kor. 7:1) Sizojabula uma senza izinto ezithandwa uJehova futhi senqaba ukwamukela lezo azizondayo.—IHu. 37:27; 97:10; Roma 12:9.
10. Ngokuvumelana neyabaseRoma 12:2, yini okufanele siyenze?
10 Funda eyabaseRoma 12:2. Umuntu angase azi ukuthi uJehova unegunya lokunquma ukuthi yini elungile nengalungile kodwa kumelwe akwamukele nokuthi kufanele aphile ngemithetho kaNkulunkulu. Ngokwesibonelo, umuntu angase azi ukuthi uhulumeni unelungelo lokunquma isivinini okufanele kuhanjwe ngaso emgwaqweni. Kodwa angase angazimiseli ukwamukela leyo mithetho. Ngenxa yalokho, uhamba ngesivinini esingaphezu kwesinqunyiwe. Indlela esiziphatha ngayo ibonisa ukuthi sikukholelwa ngempela ukuthi ukulalela imithetho kaJehova kuyindlela engcono kakhulu yokuphila. (IzAga 12:28) UDavide wazizwa ngaleyo ndlela, wathi ngoJehova: “Ungenza ngiyazi indlela yokuphila. Ngichichima injabulo uma ungibheka ngomusa; ukuba ngasesandleni sakho sokudla kuletha injabulo kuze kube phakade.”—IHu. 16:11.
11-12. (a) Lapho sinezinkinga noma sikhungathekile, yini okumelwe siyiqaphele? (b) Amazwi akweyabaseFilipi 4:8 angasisiza kanjani lapho sikhetha ezokuzijabulisa?
11 Lapho sinezinkinga noma sikhungathekile, singase sifune indlela yokugwema ukukhathazeka. Kuyaqondakala lokho kodwa kumelwe siqaphele ukuba singenzi into ezondwa uJehova.—Efe. 5:10-12, 15-17.
12 Encwadini ayibhalela abaseFilipi, umphostoli uPawulu wanxusa amaKristu ukuba aqhubeke ecabanga ngezinto “ezilungile, . . . ezimsulwa, . . . ezithandekayo, . . . [nanoma] yibuphi ubuhle.” (Funda eyabaseFilipi 4:8.) Nakuba uPawulu ayengakhulumi ngokukhethekile ngezokuzijabulisa, akubhala kufanele kuthinte indlela esikhetha ngayo izinto esizijabulisa ngazo. Zama lokhu: Kuleli vesi, noma yikuphi lapho kuvela khona igama elithi “izinto,” shintsha ufake igama elithi “izingoma,” “amamuvi,” “izincwadi,” noma “imidlalo yamavidiyo.” Ukwenza lokho kungakusiza ukwazi ukubona ukuthi yiziphi ezamukelekayo nezingamukeleki kuNkulunkulu. Sifuna ukuphila ngemithetho ephakeme kaJehova. (IHu. 119:1-3) Ngemva kwalokho, ngonembeza omsulwa singathatha isinyathelo esilandelayo esiholela enjabulweni yangempela.—IzE. 23:1.
YENZA UKUKHONZA UJEHOVA KUZE KUQALA
13. Yisiphi isinyathelo sesithathu esiholela enjabulweni yangempela? (Joh. 4:23, 24)
13 ISINYATHELO SESITHATHU: Qiniseka ukuthi ukukhonza uJehova kuza kuqala ekuphileni kwakho. NjengoMdali wethu, uJehova kumfanele ngempela ukuba simkhonze. (IsAm. 4:11; 14:6, 7) Ngakho, kufanele kuze kuqala ukumkhonza ngendlela ayamukelayo, “ngomoya nangeqiniso.” (Funda uJohane 4:23, 24.) Sifuna umoya ongcwele kaNkulunkulu uqondise indlela esimkhonza ngayo ukuze ivumelane namaqiniso atholakala eZwini lakhe. Ukumkhonza kwethu kumelwe kuze kuqala ngisho noma sihlala ezweni lapho umsebenzi wethu ubekelwe khona imingcele noma uvinjelwe. Njengamanje, bangaphezu kuka-100 abafowethu nodadewethu ababoshiwe ngenxa nje yokuthi bangoFakazi BakaJehova. * Noma kunjalo, bayakujabulela ukwenza noma yini abangayenza ukuze bathandaze, batadishe futhi baxoxele abanye ngoNkulunkulu nangoMbuso wakhe. Lapho sigxekwa noma sishushiswa, singajabula ngokwazi ukuthi uJehova unathi futhi uyosivuza.—Jak. 1:12;1 Pet. 4:14.
ISIBONELO SOKWENZEKA NGOKOQOBO
14. Yini eyenzeka kumzalwane osemusha waseTajikistan, futhi kungani?
14 Izibonelo zokwenzeka ngokoqobo zisiqinisekisa ngokuthi izinyathelo ezintathu esisanda kuxoxa ngazo ziholela enjabulweni yangempela, kungakhathaliseki ukuthi zinjani izimo zethu. Cabanga ngokwenzeka kuJovidon Bobojonov oneminyaka engu-19, ohlala eTajikistan, owenqaba ukuba isosha. Ngo-Okthoba 4, 2019, wathathwa ekhaya, wagqunywa esitokisini izinyanga eziningi futhi waphathiswa okwesigebengu. Amazwe amaningi ezwa ngalokhu kungabi nabulungisa. Kwabikwa ukuthi washaywa bezama ukumphoqa ukuba enze izifungo zempi futhi agqoke iyunifomu yamasosha. Ngemva kwalokho, wagwetshwa wayiswa ekamu kwaze kwaba yilapho umongameli walelo zwe emxolela futhi eyala ukuba adedelwe. Phakathi naso sonke leso sikhathi uJovidon wahlala eqotho futhi ejabule. Wakwenza kanjani? Ngokuhlala eqaphela ukuthi uyamdinga uNkulunkulu.
15. Kwenzeka kanjani ukuba uJovidon aqhubeke efunda ngoJehova ngesikhathi eboshiwe?
15 Ngesikhathi eboshiwe, uJovidon waqhubeka efunda ngoJehova, ngisho noma ayengenalo iBhayibheli noma izincwadi zethu. Wakwenza kanjani lokho? Abazalwane nodade bendawo babemlethela ukudla bese bebhala umbhalo wosuku ezikhwameni okwakusuke kufakwe kuzo ukudla. Ngakho wayekwazi ukufunda iBhayibheli azindle ngalo nsuku zonke. Ngemva kokukhululwa ejele, wabeluleka kanjena labo abangakabhekani novivinyo olunzima: “Kubaluleke kakhulu ukuba uyisebenzise ngokugcwele inkululeko onayo, ujulise ulwazi lwakho ngoJehova ngokufunda iZwi lakhe nezincwadi zethu.”
16. Wayecabanga ngani uJovidon?
16 Umfowethu wayephila ngemithetho kaJehova. Kunokuba acabange ngezifiso ezingalungile bese eziphatha kabi, wayegxila kuJehova nasezintweni ezithandwa uJehova. Babummangaza ubuhle bendalo kaJehova. Wayevuka njalo ekuseni ezwe umsindo wezinyoni. Ebusuku wayebuka inyanga nezinkanyezi. Wathi: “Lezo zipho ezivela kuJehova zazingijabulisa zingikhuthaza.” Uma sizazisa izipho ezivela kuJehova eziqinisa ukholo lwethu nezisekela ukuphila kwethu, siyajabula futhi leyo njabulo ingasisiza sikhuthazele.
17. Amazwi akweyoku-1 Petru 1:6, 7 angasebenza kanjani kumuntu okungenzeka abe sesimweni esifana nesikaJovidon?
17 Ukukhonza uJehova nakho kweza kuqala kuJovidon. Wayekwazi ukubaluleka kokugcina ubuqotho bakhe kuNkulunkulu weqiniso. UJesu wathi: “NguJehova uNkulunkulu wakho okumelwe umkhonze, nguye yedwa okumelwe unikele kuye inkonzo engcwele.” (Luka 4:8) Izikhulu zempi namasosha babefuna uJovidon ayiyeke inkolo yakhe. Kunokuba ayiyeke, wayethandaza ngokujulile ubusuku nemini, ecela uJehova ukuba amsize angayiyeki inkolo yakhe futhi ahlale ethembekile. Naphezu kokuphathwa ngesihluku, wahlale ethembekile ngempela. Ngenxa yalokho, ujabula kakhulu ngokuthi unento ayengenayo ngaphambi kokuba athathwe ekhaya, ashaywe futhi aboshwe—ukholo oluvivinyiwe.—Funda eyoku-1 Petru 1:6, 7.
18. Singahlala kanjani sijabule?
18 UJehova uyakwazi esikudingayo ukuze sijabule ngempela. Uma ulandela izinyathelo ezintathu eziholela enjabulweni yangempela, ungahlale ujabule naphezu kwezinkinga ezinzima. Nawe uyokwazi ukuthi: “Bayajabula abantu abanoNkulunkulu onguJehova!”—IHu. 144:15.
INGOMA 89 Lalela, Ubusiswe
^ Kunzima kwabaningi ukuthola injabulo yangempela ngenxa yokuthi bayifuna ngezindlela ezingafanele; ngokulandela izifiso zabo, ngokujaha ingcebo, ukufuna udumo noma ukuba negunya. Kodwa ngesikhathi uJesu esemhlabeni, wabatshela abantu ukuthi bangayithola kanjani. Kulesi sihloko, sizoxoxa ngezinyathelo ezintathu ezingasisiza sithole injabulo yangempela.
^ Bheka isihloko esithi “Ingabe Uthola ‘Ukudla Ngesikhathi Esifanele’?” kuyi-Nqabayokulinda ka-Agasti 15, 2014.
^ Ukuze uthole imininingwane eyengeziwe, bheka isihloko esithi “Baboshelwe Ukholo Lwabo” ku-jw.org.
^ INCAZELO YESITHOMBE: Kulesi sithombe esifanekisa okwenzeka ngokoqobo, oFakazi basekela umzalwane oboshiwe oseyiswa enkantolo ukuze kuyoqulwa icala lakhe.