ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 42
INGOMA 103 Abelusi—Izipho Ezingabantu
Bonisa Ukuthi Uyabonga “Ngezipho Ezingabantu”
“Lapho enyukela phezulu . . . , waphana ngezipho ezingabantu.”—EFE. 4:8.
AMAPHUZU ABALULEKILE
Sizoxoxa ngendlela izinceku ezikhonzayo, abadala nababonisi besigodi abasisiza ngayo nangokuthi singabonisa kanjani ukuthi siyabonga ngalokho okwenziwa yila madoda athembekile.
1. Yiziphi ezinye izipho uJesu asiphe zona?
AKEKHO umuntu owake waphana njengoJesu. Ngesikhathi esemhlabeni, wawasebenzisa ngokukhululekile amandla akhe ayisimangaliso ukuze asize abanye. (Luka 9:12-17) Wasipha isipho esikhulu kunazo zonke ngokunikela ngokuphila kwakhe ngenxa yethu. (Joh. 15:13) Selokhu avuswa, uJesu ubelokhu eqhubeka epha. Njengoba nje athembisa, wacela uJehova ukuba asiphe umoya ongcwele ukuze usifundise futhi usiduduze. (Joh. 14:16, 17 mbhw.; 16:13) Esebenzisa imihlangano yebandla, uJesu uyaqhubeka esiqeqesha ukuze senze abafundi emhlabeni wonke.—Math. 28:18-20.
2. Obani ‘abayizipho ezingabantu’ okukhulunywa ngabo kweyabase-Efesu 4:7, 8?
2 Cabanga ngesinye sezipho esivela kuJesu. Umphostoli uPawulu wabhala ukuthi ngemva kokuba uJesu enyukele ezulwini, “waphana ngezipho ezingabantu.” (Funda eyabase-Efesu 4:7, 8.) UPawulu wachaza ukuthi uJesu waphana ngalezi zipho ukuze zisize ibandla ngezindlela ezihlukahlukene. (Efe. 1:22, 23; 4:11-13) Namuhla, ‘izipho ezingabantu’ zihlanganisa izinceku ezikhonzayo, abadala bebandla nababonisi besigodi. a Kuyiqiniso ukuthi la madoda anesono, ngakho ayawenza amaphutha. (Jak. 3:2) Kodwa iNkosi yethu uJesu Kristu iyawasebenzisa ukuze asisize; kithi ayizipho ezivela kuyo.
3. Chaza ukuthi sonke singawusekela kanjani umsebenzi owenziwa ‘izipho ezingabantu.’
3 UJesu unike lezi “zipho ezingabantu” umsebenzi wokwakha ibandla. (Efe. 4:12) Kodwa sonke singazisiza ekwenzeni lo msebenzi obalulekile. Ngokwesibonelo: Abanye bethu basiza ngokuqondile ekwakheni iHholo LoMbuso. Abanye basekela lo msebenzi ngokuletha ukudla, ngokusiza ngezinto zokuhamba nangezinye izindlela. Ngendlela efanayo, sonke singasekela izinceku ezikhonzayo, abadala bebandla nababonisi besigodi ngalokho esikushoyo nesikwenzayo. Ake sixoxe ngokuthi sizuza kanjani ngokuzikhandla kwabo nangokuthi singababonisa kanjani ukuthi siyababonga bona noJesu, owasipha lezi “zipho ezingabantu.”
IZINCEKU EZIKHONZAYO ZENZA “IZINKONZO EZIWUSIZO”
4. Yiziphi ezinye “izinkonzo eziwusizo” ezazenziwa izinceku ezikhonzayo ngekhulu lokuqala?
4 Ngekhulu lokuqala, abanye abazalwane bamiswa njengezinceku ezikhonzayo. (1 Thim. 3:8) Kubonakala sengathi yibo ababenza “izinkonzo eziwusizo” uPawulu abhala ngazo. (1 Kor. 12:28) Ngokusobala, izinceku ezikhonzayo zazenza imisebenzi ebalulekile ukuze abadala bakwazi ukugxila ekufundiseni nasekwaluseni. Ngokwesibonelo, kungenzeka izinceku ezikhonzayo zazisiza ekukopisheni imiBhalo, noma kungenzeka zazithenga izinto ezazidingeka ukuze kwenziwe lo msebenzi.
5. Yiziphi ezinye izinkonzo eziwusizo ezenziwa izinceku ezikhonzayo namuhla?
5 Cabanga ngezinye izinkonzo eziwusizo ezenziwa izinceku ezikhonzayo ebandleni okulo. (1 Pet. 4:10) Zingase zabelwe ukuba zinakekele izimali zebandla noma insimu yebandla, uku-odela ibandla izincwadi, ukusebenza nge-sound nangamavidiyo, ukuba zibe abalindi noma zisize ekunakekeleni iHholo LoMbuso. Zonke lezi zinkonzo zibalulekile ukuze izinto zihambe kahle ebandleni. (1 Kor. 14:40) Ngaphezu kwalokho, ezinye izinceku ezikhonzayo zingase zibeke izinkulumo eMhlanganweni Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu, zibeke nezinkulumo zeningi. Inceku ekhonzayo ingase icelwe nokuba isize umbonisi weqembu. Ngezinye izikhathi, izinceku ezikhonzayo ezifanelekayo zihamba nabadala lapho benza ukuhambela kokwelusa.
6. Yiziphi ezinye izizathu ezenza sizibonge izinceku ezikhonzayo ngokuzikhandla kwazo?
6 Umsebenzi owenziwa izinceku ezikhonzayo ulizuzisa kanjani ibandla? UBeberly, b udade waseBolivia, uthi: “Ngizibonga kakhulu izinceku ezikhonzayo ngokuthi ngiyijabulela ngokugcwele imihlangano. Ngenxa yomsebenzi eziwenzayo ngiyakwazi ukucula, nginikeze izimpendulo, ngilalele izinkulumo, ngifunde nakumavidiyo nasezithombeni. Ziyasiza ekuqikeleleni ukuthi labo abasemhlanganweni baphephile nokuthi labo abayithamele besemakhaya ngevidiyo bayakwazi ukuthola imihlangano. Ngemva komhlangano, ziyahola ekuhlanzeni iHholo LoMbuso, zisize ngezimali zebandla, ziqikelele nokuthi sinazo izincwadi esizidingayo. Ngizibonga kakhulu izinceku ezikhonzayo!” ULeslie ohlala eColombia, onomyeni okhonza njengomdala, uthi: “Umyeni wami usizwa yizinceku ezikhonzayo ukuze akwazi ukufeza izabelo ezihlukahlukene. Ngaphandle kwazo ubeyoba matasa ngisho nakakhulu, ngakho ngiyazibonga ngentshiseko yazo nangokuhlale zikulungele ukusiza.” Akungabazeki ukuthi nawe uzizwa ngendlela efanayo.—1 Thim. 3:13.
7. Singabonisa kanjani ukuthi siyabonga ngezinceku ezikhonzayo? (Bheka nesithombe.)
7 Nakuba kungenzeka ukuthi siyabonga ngezinceku ezikhonzayo, iBhayibheli lisikhuthaza nokuba sibonise ukuthi siyabonga. (Kol. 3:15) UKrzysztof umdala waseFinland ubonisa ngale ndlela ukuthi uyabonga: “Ngithumela ikhadi noma umyalezo, ngicaphune umbhalo futhi ngisho ngokuqondile indlela inceku ekhonzayo engikhuthaze ngayo noma ukuthi kungani ngibonga ngomsebenzi wayo.” UPascal noJael abahlala eNew Caledonia bayazithandazela izinceku ezikhonzayo. UPascal uyachaza: “Muva nje emithandazweni yethu yokucela, yokunxusa nokubonga besilokhu sibathandazela laba bazalwane abamisiwe basebandleni lethu.” UJehova uyayizwa imithandazo enjalo futhi lonke ibandla liyazuza.—2 Kor. 1:11.
ABADALA BAMABANDLA ‘BASEBENZA KANZIMA PHAKATHI KWETHU’
8. Kungani uPawulu athi abadala bangekhulu lokuqala ‘babesebenza kanzima’? (1 Thesalonika 5:12, 13)
8 Abadala bangekhulu lokuqala babesebenza kanzima ukuze basize ibandla. (Funda eyoku-1 Thesalonika 5:12, 13; 1 Thim. 5:17) ‘Babengamela’ ibandla—baqhube imihlangano futhi benze izinqumo njengendikimba yabadala. ‘Babeyala’ abafowabo nodadewabo—bebanika iseluleko esiqinile kodwa esibonisa uthando ukuze bavikele ibandla. (1 Thes. 2:11, 12; 2 Thim. 4:2) Kuyiqiniso ukuthi la madoda ayesebenza kanzima ukuze anakekele nemindeni yawo futhi agcine ubuhlobo bawo noJehova buqinile.—1 Thim. 3:2, 4; Thithu 1:6-9.
9. Yiziphi ezinye izabelo ezenziwa abadala namuhla?
9 Namuhla abadala bamatasa. Benza umsebenzi womvangeli. (2 Thim. 4:5) Babeka isibonelo esihle ngokushumayela ngentshiseko, bahlela umsebenzi wokushumayela ensimini yebandla, bayasiqeqesha ukuba sishumayele futhi sifundise ngendlela ephumelelayo. Babonisa umusa futhi abakhethi lapho behlulela. Lapho umKristu enza isono esikhulu, abadala balwela ukumsiza ukuze alungise ubuhlobo bakhe noJehova. Ngesikhathi esifanayo, bayaqikelela ukuthi bagcina ibandla lihlanzekile. (1 Kor. 5:12, 13; Gal. 6:1) Ngokuyinhloko, abadala baziwa ngokuba abelusi. (1 Pet. 5:1-3) Babeka izinkulumo ezisekelwe eBhayibhelini ezilungiselelwe kahle, bayazikhandla ukuze bazi wonke umuntu ebandleni, benza nokuhambela kokwelusa. Naphezu kwezinye izabelo abazenzayo, abanye abadala bayasiza nasekwakheni amaHholo OMbuso nokuwanakekela, bahlela imihlangano yesifunda, basize emaKomitini Okubonisana Nezibhedlela kanye nasemaQenjini Avakashela Iziguli. Abadala basebenza kanzima ukuze sizuze!
10. Yiziphi ezinye izizathu ezenza sibabonge abadala bethu abasebenza ngokuzikhandla?
10 UJehova wabikezela ukuthi abelusi babeyosinakekela kahle futhi ‘sasingeke sesabe noma sethuke.’ (Jer. 23:4) UJohanna, udade waseFinland, wakubona ukuba yiqiniso kwala mazwi lapho umama wakhe egula kakhulu. Uthi: “Nakuba ngikuthola kunzima ukutshela abanye indlela engizizwa ngayo, umdala engangingamjwayele kangako wangilalela ngesineke lapho sengikulungele ukumtshela okungikhathazayo, wathandaza nami, wangiqinisekisa ukuthi uJehova uyangithanda. Angikukhumbuli kahle lokho akusho, kodwa ngiyakhumbula ukuthi ngazizwa ngingasakhathazekile. Ngiyaqiniseka ukuthi uJehova wamthuma ukuba azongisiza ngesikhathi engangidinga ngaso usizo.” Wena bakusize kanjani abadala ebandleni okulo?
11. Singabonisa kanjani ukuthi siyabonga ngabadala? (Bheka nesithombe.)
11 UJehova ufuna sibabonge ngokusuka enhliziyweni abadala “ngenxa yomsebenzi wabo.” (1 Thes. 5:12, 13) UHenrietta naye ohlala eFinland, uthi: “Abadala basiza abanye ngokuzithandela, kodwa lokho akusho ukuthi banesikhathi esiningi noma amandla engeziwe kunabanye, noma ukuthi abanazo izinkinga. Ngezinye izikhathi ngivele ngithi kubo: ‘Uyaz’ ukuthini? Ungumdala okahle ngempela. Yilokho nje ebengifisa ukukutshela kona.’” Udade waseTürkiye c okuthiwa uSera uthi: “Abadala bayasidinga isikhuthazo ukuze bakwazi ukuqhubeka benza umsebenzi wabo. Ngakho singababhalela ikhadi, sibamemele esidlweni, noma sisebenze nabo ensimini.” Ukhona yini umdala ombonga ngokukhethekile ngenxa yokusebenza kwakhe ngokuzikhandla? Funa izindlela ongabonisa ngazo ukuthi uyabonga.—1 Kor. 16:18.
ABABONISI BESIGODI BAYASIQINISA
12. Ngekhulu lokuqala, yimaphi amalungiselelo enziwa ukuze kuqiniswe amabandla? (1 Thesalonika 2:7, 8)
12 UJesu Kristu wanika ibandla ‘izipho ezingabantu’ ezenza inkonzo ehlukile. Beqondiswa nguye, abadala baseJerusalema bathumela uPawulu, uBarnaba nabanye ukuba babe ababonisi abajikelezayo. (IzE. 11:22) Kungani? Ukuze baqinise amabandla njengoba kwakunjalo nangezinceku ezikhonzayo nabadala ababemisiwe. (IzE. 15:40, 41) La madoda adele izinto ezithile, aze abeka ngisho nokuphila kwawo engozini ukuze afundise futhi akhuthaze abanye.—Funda eyoku-1 Thesalonika 2:7, 8.
13. Yiziphi ezinye izabelo ezenziwa ababonisi besigodi?
13 Ababonisi besigodi bahlezi behamba. Abanye bahamba amabanga amade bevakashela amabandla. Isonto ngalinye, umbonisi wesigodi wenza izinkulumo eziningana, enze ukuhambela kokwelusa, aqhube umhlangano wamaphayona, aqhube umhlangano wabadala nomhlangano wenkonzo yasensimini. Ulungiselela izinkulumo, ahlele imihlangano yesigodi neyesifunda. Ufundisa ezikoleni zamaphayona, ahlele umhlangano okhethekile wamaphayona esigodi, enze neminye imisebenzi—ngezinye izikhathi ephuthumayo—ayabelwe ihhovisi legatsha.
14. Yiziphi ezinye izizathu ezenza sibabonge ababonisi besigodi ngokuzikhandla kwabo?
14 Amabandla azuza kanjani emsebenzini oyigugu owenziwa ababonisi bezigodi? Ekhuluma ngokuvakashelwa ababonisi abajikelezayo, umzalwane waseTürkiye uthi: “Njalo lapho besivakashele ngiyakhuthazeka ukuba ngichithe isikhathi esengeziwe ekusizeni abafowethu nodadewethu. Baningi ababonisi besigodi esengibazi; nokho akekho noyedwa kubo owayebonakala sengathi akangeneki noma umatasa kakhulu ukuba angakhuluma nami.” UJohanna, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, waya nombonisi wesigodi ensimini, kodwa abatholanga muntu emizini ababeshumayela kuyo. Uthi: “Noma kunjalo, ngiyohlale ngilukhumbula lolo suku. Odadewethu ababili babesanda kuthutha futhi ngangibakhumbula kakhulu. Umbonisi wesigodi wangikhuthaza kakhulu wangisiza ngabona ukuthi enkonzweni kaJehova ukuqhelelana nezihlobo zethu nabangani kuyinto yesikhashana, kodwa ezweni elisha siyoba namathuba amaningi okuchitha isikhathi ndawonye.” Iningi lethu libathanda kakhulu ababonisi besigodi futhi sibabonga kakhulu ngendlela abasisize ngayo.—IzE. 20:37–21:1.
15. (a) Ngokwalokho okushiwo eyesi-3 Johane 5-8, singabonisa kanjani ukuthi siyabonga ngababonisi abajikelezayo? (Bheka nesithombe.) (b) Kungani kufanele sibonise ukuthi siyawacabangela amakhosikazi amadoda amisiwe, futhi singakwenza kanjani lokho? (Bheka ibhokisi elithi “ Ungawakhohlwa Amakhosikazi Abo.”)
15 Umphostoli uPawulu wakhuthaza uGayu ukuba abonise umoya wokungenisa izihambi kubazalwane ababevakashile, lapho sebehamba ‘abasize ngendlela ejabulisa uNkulunkulu.’ (Funda eyesi-3 Johane 5-8.) Enye indlela esingakwenza ngayo lokho ukumemela umbonisi wesigodi esidlweni. Okunye esingakwenza ukusekela amalungiselelo ensimu ngesikhathi asivakashele ngaso ebandleni. ULeslie, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, naye ukubonisa nangezinye izindlela ukuthi uyabonga. Uthi: “Ngiyathandaza kuJehova ngimcele ukuba anakekele izidingo zabo. Mina nomyeni wami sike sababhalela nezincwadi sibatshela indlela okusisize ngayo ukusivakashela kwabo.” Ungakhohlwa ukuthi ababonisi besigodi nabo bangabantu. Ngezinye izikhathi bayagula, bacindezeleke futhi badikibale. Mhlawumbe amazwi akho anomusa noma isipho esincane kuyoba impendulo yomthandazo wombonisi wesigodi!—IzAga 12:25.
SIYAZIDINGA ‘IZIPHO EZINGABANTU’
16. Ngokwalokho okushiwo izAga 3:27, yimiphi imibuzo abazalwane abangazibuza yona?
16 Emhlabeni wonke, siyabadinga abazalwane abengeziwe abazokhonza ‘njengezipho ezingabantu.’ Uma ungumzalwane obhapathiziwe, ingabe “kusemandleni akho ukusiza”? (Funda izAga 3:27.) Uyafuna yini ukufanelekela ukukhonza njengenceku ekhonzayo? Uma usuyinceku ekhonzayo, ungathanda yini ukuzibekela umgomo wokukhonza njengomdala? d Ungakwazi yini ukuhlela izimo zakho ukuze ukwazi ukufaka isicelo sokuya eSikoleni Sabashumayeli Bevangeli LoMbuso? Leso sikole sizokuqeqesha, sikuvulele amathuba engeziwe okusetshenziswa uJesu ngokugcwele. Uma uzizwa ungafaneleki, thandaza kuJehova. Mcele akuphe umoya wakhe ongcwele ukuze ukwazi ukusifeza ngempumelelo noma yisiphi isabelo onikezwe sona.—Luka 11:13; IzE. 20:28.
17. ‘Izipho ezingabantu,’ yini eziyifakazelayo ngeNkosi yethu uJesu Kristu?
17 Abazalwane abamiswe uJesu ukuba babe ‘yizipho ezingabantu’ bawubufakazi bokuthi ubelokhu esihola phakathi nalezi zinsuku zokugcina. (Math. 28:20) Awujabuli yini ngokuthi sineNkosi enothando, ephanayo, eyaziyo ukuthi sidingani, nesinike abazalwane abafanelekayo ukuze banakekele izidingo zethu? Uma kunjalo, bheka amathuba okubonisa ukuthi uyabonga ngala madoda asebenza kanzima. Ungalokothi ukhohlwe ukubonga uJehova onguMthombo wazo “zonke izipho ezinhle nazo zonke izipho eziphelele.”—Jak. 1:17.
INGOMA 99 Abazalwane Abaningi
a Abadala abangamalungu eNdikimba Ebusayo, abasizi beNdikimba Ebusayo, amalungu eKomiti Yegatsha, nalabo abenza ezinye izabelo zenkonzo nabo ‘bayizipho ezingabantu.’
b Amanye amagama ashintshiwe.
c Eyayibizwa ngokuthi iTurkey.
d Ukuze uthole okwengeziwe ngalokho ongakwenza ukuze ukwazi ukufanelekela ukukhonza njengenceku ekhonzayo noma njengomdala, bheka isihloko esithi “Bazalwane—Niyazibekela Yini Umgomo Wokuba Inceku Ekhonzayo?” nesithi “Bazalwane—Niyazibekela Yini Umgomo Wokuba Umdala?” kuyi-Nqabayokulinda kaNovemba 2024.