ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 43
INGOMA 90 Khuthazanani
Indlela Yokunqoba Ukungabaza
“Qinisekani ngazo zonke izinto.”—1 THES. 5:21.
AMAPHUZU ABALULEKILE
Indlela yokunqoba ukungabaza okusihluphayo okungase kuthinte inkonzo esiyenzela uJehova.
1-2. (a) Yiziphi ezinye zezinto izinceku zikaJehova ezingazingabaza? (b) Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?
BONKE abantu bayangabaza a ngezinye izikhathi, kungakhathaliseki ukuthi baneminyaka emingaki. Ngokwesibonelo, cabanga ngoFakazi osemusha ozibuzayo ukuthi uJehova uyamkhathalela ngempela yini. Kungenzeka akaqiniseki ngokuthi kufanele abhapathizwe. Noma, cabanga ngomzalwane oneminyaka engaba ngu-40 okwathi lapho esemusha wakhetha ukubeka inkonzo kaJehova kuqala kunokukhetha ukwenza umsebenzi ozomenza agaye imali. Manje njengoba engasenayo kahle hle imali yokunakekela umndeni, kungenzeka useyazibuza ukuthi wenza isinqumo esihle yini ngesikhathi esemusha. Cabanga ngodade osekhulile ongasenawo kangako amandla. Angase azizwe edikibele ngenxa yokuthi akasakwazi ukwenza lokho ayekwazi ukukwenza. Wena wake wazibuza yini imibuzo enjengale: ‘UJehova uyangibona ngempela kodwa? Ingabe ukuzidela engimenzele kona bekufaneleka? Ngisewusizo yini kuye?’
2 Uma singazami ukuthola izimpendulo zale mibuzo, ukukhulekela kwethu kungaphazamiseka. Kulesi sihloko, sizoxoxa ngendlela ukugxila ezimisweni zeBhayibheli okungasisiza ngayo uma singabaza (1) ukuthi uJehova uyasikhathalela, (2) ukuthi izinqumo esazenza zazihlakaniphile, noma (3) ukuthi sisewusizo kuJehova.
OKUNGASISIZA LAPHO SINGABAZA
3. Yini engasisiza lapho singabaza?
3 Okungasisiza lapho singabaza ukufunda iZwi likaNkulunkulu ukuze sithole izimpendulo zemibuzo yethu. Uma senza kanjalo, ubuhlobo bethu noJehova buzoqina, sikhule ngokomoya, futhi ‘sime siqinile okholweni.’—1 Kor. 16:13.
4. Yini esingayenza ukuze ‘siqiniseke ngazo zonke izinto’? (1 Thesalonika 5:21)
4 Funda eyoku-1 Thesalonika 5:21. Phawula ukuthi iBhayibheli lisikhuthaza ukuba ‘siqiniseke ngazo zonke izinto.’ Singakwenza kanjani lokho? Singaqinisekisa ukuthi lokho esikukholelwayo kuyiqiniso yini ngokukuqhathanisa nalokho okushiwo iBhayibheli. Ngokwesibonelo, cabanga ngosemusha ozibuzayo ukuthi ubalulekile yini kuNkulunkulu. Ingabe kufanele avele akwamukele njengokuyiqiniso lokho akucabangayo? Cha, kufanele ‘aqiniseke ngazo zonke izinto’ ngokuthola umbono kaJehova ngaleyo ndaba.
5. “Simuzwa” kanjani uJehova ephendula imibuzo esinayo?
5 Lapho sifunda iZwi likaNkulunkulu, kuba njengokungathi “siyamuzwa” uJehova ekhuluma nathi. Kodwa kudingeka senze okwengeziwe ukuze sithole umbono wakhe ngemibuzo esinayo. Lapho sifunda iBhayibheli kudingeka sigxile endabeni esikhathazayo. Singacwaninga ngaleyo ndaba, sisebenzisa amathuluzi inhlangano kaJehova esinike wona. (IzAga 2:3-6) Singathandaza sicele uJehova asiqondise lapho sicwaninga futhi asisize sithole umbono wakhe. Ngemva kwalokho, singafuna izimiso zeBhayibheli namaphuzu awusizo asebenza esimweni sethu. Singase sizuze nangokufunda ngabantu okukhulunywa ngabo eBhayibhelini ababhekana nesimo esifanayo.
6. Imihlangano inayiphi indima ekusisizeni sinqobe ukungabaza?
6 Siphinde “sizwe” uJehova ekhuluma nathi emihlanganweni yethu. Uma siya njalo emihlanganweni, singase sizwe okuthile enkulumweni noma empendulweni yothile okuyikho kanye esikudingayo ukuze sinqobe ukungabaza esinako. (IzAga 27:17) Manje ake sixoxe ngokuthi yini engasisiza lapho kunezinto ezithile ezisenza singabaze.
LAPHO UNGABAZA UKUTHI UJEHOVA UYAKUKHATHALELA
7. Yimuphi umbuzo abanye abangase bawubuze?
7 Ingabe wake wazibuza, ‘UJehova uyangiqaphela ngempela yini?’ Uma uzizwa ungabalulekile, ukucabanga nje ngokuba umngani noMdali wezulu nomhlaba kungazwakala kuyiphupho nje, into engenakwenzeka. Kungenzeka ukuthi iNkosi uDavide nayo yake yacabanga ngaleyo ndlela. Kwayimangaza ukuthi uJehova uyabaqaphela nokubaqaphela abantu, yabe isibuza: “O Jehova, uyini umuntu ukuba umqaphele, indodana yomuntu ofayo ukuba uyinake?” (IHu. 144:3) Ungayitholaphi impendulo yalo mbuzo?
8. Eyoku-1 Samuweli 16:6, 7, 10-12 ithi yini uJehova ayiqaphelayo kubantu?
8 IBhayibheli lisifundisa ukuthi uJehova uyabaqaphela labo ababonakala bengabalulekile kwabanye. Ngokwesibonelo, uJehova wathuma uSamuweli endlini kaJese ukuba ayogcoba enye yamadodana akhe eyayizoba inkosi yakwa-Israyeli. UJese wabiza amadodana akhe angu-7 kwangu-8 ukuba eze kuSamuweli, kodwa akazange ambize uDavide, umagcino. b Noma kunjalo, nguDavide owayekhethwe uJehova. (Funda eyoku-1 Samuweli 16:6, 7, 10-12.) UJehova wabona lokho uDavide ayeyikho ngempela ngaphakathi—wayazi ukuthi le nsizwa yayimthanda kakhulu.
9. Kungani ungaqiniseka ngokuthi uJehova uyakukhathalela? (Bheka nesithombe.)
9 Cabanga ngendlela uJehova asekubonise ngayo ukuthi uyakuqaphela. Ukunikeza iseluleko esifanelana nezidingo zakho. (IHu. 32:8) Lokho kufakazela ukuthi ukwazi kahle. (IHu. 139:1) Lapho usebenzisa iseluleko sikaJehova futhi ubona indlela esikusiza ngayo, uzoqiniseka ukuthi uyakukhathalela. (1 IziKr. 28:9; IzE. 17:26, 27) Uyayibona imizamo yakho. Uyazibona izimfanelo zakho futhi uyafuna ukukusiza. (Jer. 17:10) Ufuna usamukele isicelo sakhe sokuba uMngani wakho.—1 Joh. 4:19.
LAPHO UNGABAZA UKUTHI IZINQUMO OWAZENZA ZAZIHLAKANIPHILE
10. Lapho sicabanga ngezinqumo esazenza, yimiphi imibuzo esingase sizibuze yona?
10 Lapho abanye sebekhulile ngeminyaka bangase bazibuze ukuthi benza izinqumo ezihlakaniphile yini. Kungenzeka banquma ukuyeka umsebenzi ozobenza bagaye imali noma bayeka ibhizinisi elalizongenisa imali ukuze bakhonze uJehova ngokugcwele. Manje sekudlule iminyaka eminingi. Kungenzeka babona abanye abenza izinqumo ezihlukile futhi manje sekubonakala sengathi banemali eningi futhi baphila kahle. Ngenxa yalokho, kungenzeka bayazibuza: ‘Ingabe ukuzidela engakwenzela uJehova kwakufaneleka? Noma ingabe kwangenza ngalahlekelwa amathuba okwenza imali?’
11. Yini eyayikhathaza umbhali weHubo 73?
11 Uma nawe ikukhathaza imibuzo enjalo, cabanga ngendlela ayezizwa ngayo umbhali weHubo 73. Wabona abanye ababebonakala sengathi bayimiqemane, bayachuma futhi abakhathazwa yilutho. (IHu. 73:3-5, 12) Njengoba ebabuka ebona nokuthi babonakala sengathi bayaphumelela, waba nomuzwa wokuthi imizamo yakhe yokukhonza uJehova yayingasizi ngalutho. Lo mcabango oqeda amandla ‘wawumkhathaza usuku lonke.’ (IHu. 73:13, 14) Wayinqoba kanjani le mizwa eyayimkhathaza?
12. IHubo 73:16-18 lithi yini umbhali ayenza ukuze asizakale njengoba ayekhathazekile?
12 Funda iHubo 73:16-18. Umhubi waya endlini engcwele kaJehova enokuthula. Elapho, wakwazi ukucabanga kahle. Waqonda ukuthi nakuba ukuphila kwabanye kwakungase kubonakale kuhamba kahle, kodwa babengenalo ikusasa. Esekuqonda lokhu, waba nokuthula kwengqondo, azi ukuthi ukubeka kuqala izinto ezingokomoya kuyisinqumo esihle kunazo zonke. Ngenxa yalokho, waphinde wazimisela ukuqhubeka ekhonza uJehova.—IHu. 73:23-28.
13. Ungakuthola kanjani ukuthula kwengqondo uma ungabaza izinqumo owazenza esikhathini esidlule? (Bheka nesithombe.)
13 Nawe ungathola ukuthula kwengqondo okufanayo ngosizo lweZwi likaNkulunkulu. Kanjani? Cabanga ngokuba yigugu kwezinto onazo—ezihlanganisa ingcebo esezulwini—bese uqhathanisa lokho nomphumela ozotholwa abantu abanake kuphela izinto zaleli zwe. Kungenzeka bona bathembele ngokuphelele ezintweni abanazo manje ngoba abanalo ithemba ngekusasa. Kodwa wena uJehova ukuthembisa izibusiso ongakaze uzicabange.(IHu. 145:16) Nakhu okunye okufanele ukucabange: Siyazi ngempela yini ukuthi ukuphila kwethu bekuyoba njani ukube senza izinqumo ezihlukile? Nakhu esiqiniseka ngakho: Labo abenza izinqumo ezisekelwe ekuthandeni kwabo uNkulunkulu nabantu, abaphuthelwa yilutho oluhle.
LAPHO UNGABAZA UKUTHI UWUSIZO KUJEHOVA
14. Kungani abanye bezizwa bengabalulekile, futhi yimuphi umbuzo abangase bazibuze wona?
14 Ezinye zezinceku zikaJehova sezikhulile ngeminyaka, zihlushwa impilo ebuthaka noma zikhubazekile. Lokho kungazenza zibe nomuzwa wokuthi azibalulekile kuJehova. Zingase zizibuze, ‘Ngisewusizo nje kuJehova?’
15. Umbhali weHubo 71 wayeqiniseka ngani?
15 Umbhali weHubo 71 wayezizwa ngendlela efanayo. Wathandaza wathi: “Ungangishiyi lapho amandla ami ephela.” (IHu. 71:9, 18) Noma kunjalo, lo mhubi wayeqiniseka ngokuthi uma ekhonza uJehova ngobuqotho, uJehova wayezomqondisa futhi amsekele. Wafunda ukuthi uJehova uyathokoza ngabantu abenza okusemandleni abo ukuze bamkhonze naphezu kokulinganiselwa kwabo.—IHu. 37:23-25.
16. Yiziphi izindlela asebekhulile abawusizo ngazo kuJehova? (IHubo 92:12-15)
16 Nina esenikhulile, zibhekeni ngendlela uJehova anibheka ngayo. Anganisiza ngokomoya ngisho noma kungenzeka ukuthi akusekuningi enikwazi ukukwenza. (Funda iHubo 92:12-15.) Kunokuba nigxile kulokho eningasakwazi ukukwenza, gxilani kulokho enikwazi ukukwenza. Ngokwesibonelo, ningabaqinisa abanye ngesibonelo senu sokwethembeka futhi nibonise ukuthi niyabakhathalela. Ningabaxoxela ngendlela uJehova anisekele ngayo kuyo yonke le minyaka, nibaxoxele nangezithembiso zakhe enilangazelela ukuzibona zigcwaliseka. Ningalokothi nikhohlwe nokuthi ukuthandazela abanye ngokusuka enhliziyweni kungafeza lukhulu kangakanani. (1 Pet. 3:12) Kungakhathaliseki ukuthi izimo zethu zinjani, sonke sinokuthile esingakwenzela uJehova nabanye.
17. Kungani kungafanele siziqhathanise nabanye?
17 Uma kukuphatha kabi ukuthi awusakwazi ukwenza okwengeziwe enkonzweni kaJehova, qiniseka ngokuthi noma yini okwazi ukuyenza iyigugu kuye. Ungase uzame ukuqhathanisa lokho okwazi ukukwenza nalokho okwenziwa abanye. Ungakwenzi lokho! Kungani? Kungoba uJehova naye akasiqhathanisi nabanye. (Gal. 6:4) Ngokwesibonelo, uMariya wapha uJesu amafutha anamakha abizayo. (Joh. 12:3-5) Kanti umfelokazi ohluphekayo yena wanikela ethempelini ngezinhlamvu zemali ezimbili ezincane, ezazibiza inani elincane kakhulu. (Luka 21:1-4) Kodwa uJesu wabheka zombili lezi zipho njengezibonisa ukholo. UBaba wakhe, uJehova, uyibheka njengeyigugu noma yini oyenza ngoba uzinikele kuye futhi umthanda, noma ngabe ibonakala incane kangakanani leyo nto kuwe.
18. Yini ezosisiza sinqobe ukungabaza? (Bheka nebhokisi elithi “ IZwi LikaJehova Lingakusiza Unqobe Ukungabaza.”)
18 Sonke siyaba nokungabaza ngezinye izikhathi. Kodwa njengoba sibonile, iZwi likaNkulunkulu elinokwethenjelwa, iBhayibheli, lingasisiza sikunqobe. Ngakho, yenza konke ongakwenza ukuze unqobe ukungabaza, uma wenza kanjalo, uyoba nokuqiniseka esikhundleni sokungabaza. Ngempela uJehova uyakuqaphela. Uyakwazisa ukuzidela kwakho futhi uzimisele ukukuvuza. Qiniseka ngokuthi uJehova ubheka zonke izinceku zakhe eziqotho njengezikufanelekelayo ukuba azibonise ukuthi uyazithanda futhi uyazikhathalela.
INGOMA 111 Sinezizathu Zokujabula
a INCAZELO YAMAGAMA: Kulesi sihloko sixoxa ngokungabaza okusenza singaqiniseki ukuthi sibalulekile yini kuJehova noma ukuthi izinqumo esazenza zazihlakaniphile yini. Asixoxi ngokungabaza okukhulunywa ngako eBhayibhelini okungabonisa ukungabi nokholo kuJehova nasezithembisweni zakhe.
b Nakuba iBhayibheli lingasitsheli ngokuthe ngqo iminyaka kaDavide ngesikhathi uJehova emkhetha, cishe wayesemusha.—Bheka INqabayokulinda kaSepthemba 1, 2011, k. 29, isig. 2.