Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Basha, Qinisani Ukholo Lwenu

Basha, Qinisani Ukholo Lwenu

“Ukholo . . . ukuboniswa okusobala kwezinto ezingokoqobo nakuba zingabonakali.”​—HEB. 11:1.

IZINGOMA: 41, 69

1, 2. Iyiphi ingcindezi ehlupha intsha eningi namuhla futhi yiziphi izinto engazenza ukuze ibhekane nayo?

OMUNYE umfundi wathi kudade osemusha waseBrithani: “Ngendlela obukeka uhlakaniphe ngayo, akukufaneli ukukholelwa kuNkulunkulu.” Umzalwane eJalimane wabhala: “Othisha bami babheka ukulandisa kwendalo okuseBhayibhelini njengenganekwane futhi akubakhathazi nakancane ukuthi abafundi bakholelwa ekuziphendukeleni kwemvelo.” Udade osemusha eFrance wathi: “Othisha esikoleni bayamangala lapho bezwa ukuthi kunomfundi osakholelwa eBhayibhelini.”

2 Njengomkhulekeli kaJehova osemusha noma njengomuntu osafunda ngaYe, ingabe uzizwa ucindezelwa ukuba wamukele izinkolelo zeningi, njengokuziphendukela kwemvelo, kunokukholelwa kuMdali? Uma kunjalo, kunezinto ongazenza ukuze uqinise ukholo lwakho futhi luhlale luqinile. Phakathi kokunye, ungasebenzisa ikhono lokucabanga olinikwe uNkulunkulu, ‘eliyokuqapha.’ Liyokuvikela kumafilosofi aleli zwe angabulala ukholo lwakho.​—Funda izAga 2:10-12.

3. Yini esizoxoxa ngayo kulesi sihloko?

3 Ukholo lweqiniso lusekelwe olwazini olunembile ngoNkulunkulu. (1 Thim. 2:4) Ngakho njengoba utadisha iZwi likaNkulunkulu nezincwadi zethu zobuKristu, ungakhi nje phezulu. Sebenzisa ikhono lakho lokucabanga ukuze ‘uthole umqondo’ walokho okufundayo. (Math. 13:23) Ake sibone ukuthi ukwenza kanjalo kungakusiza kanjani uqinise ukholo lwakho kuNkulunkulu njengoMdali naseBhayibhelini​—izihloko esithola kuzo “ukuboniswa okusobala” kobufakazi.​—Heb. 11:1.

INDLELA YOKUQINISA UKHOLO LWAKHO

4. Kungani izinkolelo ngoNkulunkulu nemvelaphi yokuphila kuhlale kuhlanganisa ukholo, futhi yini ewukuhlakanipha okufanele siyenze?

4 Ingabe abantu bake bakutshela ukuthi bakholelwa ekuziphendukeleni kwemvelo ngenxa yokuthi le mfundiso isekelwe kuyisayensi kuyilapho ukukholelwa kuNkulunkulu kusekelwe okholweni? Abaningi banombono onjalo. Kodwa kuhle ukuba sihlale sikhumbula lokhu: Kungakhathaliseki ukuthi yini omunye umuntu ayikholelwayo ngoNkulunkulu noma ngokuziphendukela kwemvelo, kukhona akholelwa kukho. Kanjani? Akekho kithi oke wabona uNkulunkulu noma wabona okuthile kudalwa. (Joh. 1:18) Akekho umuntu​—kungakhaliseki ukuthi ungusosayensi noma cha—​oke wabona uhlobo oluthile lokuphila luphenduka luba olunye. Ngokwesibonelo akekho oke wabona inyoka noma isibankwa kuphenduka kuba isilwane esinjengengonyama noma indlovu. (Jobe 38:1, 4) Yingakho sonke kumelwe sihlole ubufakazi futhi sisebenzise ikhono lokucabanga ukuze sifinyelele iziphetho ezinengqondo. Ngokuphathelene nendalo, umphostoli uPawulu wabhala: “Izimfanelo [zikaNkulunkulu] ezingabonakali zibonakala ngokucacile kusukela ekudalweni kwezwe kuye phambili, ngoba ziqondakala ngezinto ezenziwe, ngisho namandla akhe angunaphakade nobuNkulunkulu bakhe, kangangokuthi abanazaba.”​—Roma 1:20.

Njengoba ubonisana nabanye, wasebenzise kahle amathuluzi atholakala ngolimi lwakho (Bheka isigaba 5)

5. Thina njengabantu bakaNkulunkulu sihlonyiswe kanjani ukuze sisebenzise amandla ethu okuqonda?

5 “Ukuqonda” kusho ukubona into ethile okungenzeka ukuthi ayibonakali ngokushesha noma ayicaci kahle. (Heb. 11:3) Ngakho, abantu abanokuqonda basebenzisa ingqondo yabo, hhayi amehlo nezindlebe zabo nje kuphela. Inhlangano kaJehova iye yasinika izinsiza-kufunda ezicwaningwe ngokucophelela ukuze zisisize. Zingasisiza ‘sibone’ uMdali wethu ngamehlo okholo. (Heb. 11:27) Lezi zinsiza-kufunda zihlanganisa i-video ethi The Wonders of Creation Reveal God’s Glory, incwajana ethi Ingabe Izinto Eziphilayo Zadalwa? nethi The Origin of Life​—Five Questions Worth Asking, kanye nencwadi ethi Is There a Creator Who Cares About You? Sithola nokudla okunomsoco komagazini bethu okusisiza sicabange. I-Phaphama! ngokuvamile inezingxoxo nososayensi nabanye abaye bachaza isizathu esiye sabenza bakholelwa kuNkulunkulu. Uchungechunge lwezihloko ezithi “Ingabe Kwaklanywa” ziye zaqokomisa izibonelo zemiklamo emangalisayo esiyibona endalweni. Ngokuvamile ososayensi balwela ukulingisa le miklamo ebabazekayo.

6. Yiziphi izinzuzo zokusebenzisa amathuluzi esinawo futhi uye wazuza kanjani?

6 Mayelana nezincwajana ezimbili esisanda kukhuluma ngazo, umzalwane oneminyaka engu-19 wase-United States wathi: “Ziye zaba usizo kakhulu kimi. Lezi zi zincwajana ngizifunde izikhathi eziningana.” Udade eFrance wabhala: “Izihloko ezithi ‘Ingabe Kwaklanywa’ zingihlaba umxhwele! Zibonisa ukuthi onjiniyela abanekhono bangalingisa kodwa ngeke bakwazi ukwenza imiklamo eyinkimbinkimbi esiyibona endalweni.” Abazali bosemusha oneminyaka engu-15 eNingizimu Afrika bathi: “Into yokuqala indodakazi yethu evame ukuyifunda kuyi-Phaphama! isihloko esithi ‘Ingxoxo Nothile.’” Kuthiwani ngawe? Ingabe uwasebenzisa ngokugcwele la malungiselelo? Angenza ukholo lwakho lube njengesihlahla esinezimpande ezijulile. Ngaleyo ndlela ukholo lwakho luyokusiza umelane nezimfundiso zamanga ezifana nesiphepho esinamandla.​—Jer. 17:5-8.

UKHOLO LWAKHO EBHAYIBHELINI

7. Kungani uNkulunkulu efuna usebenzise amandla akho okucabanga?

7 Ingabe kubi ukubuza imibuzo eqotho ngeBhayibheli? Lutho neze! UJehova ufuna usebenzise ‘amandla akho okucabanga’ ukuze uzitholele ngokwakho iqiniso. Akafuni ukholwe nje ngoba nabanye bekholwa. Ngakho, sebenzisa ikhono lakho lokucabanga ukuze uthole ulwazi olunembile. Lolo lwazi luyobe seluba isisekelo esiqinile sokholo lwangempela. (Funda eyabaseRoma 12:1, 2; eyoku-1 Thimothewu 2:4.) Ukuphishekela imikhuba yokutadisha kuyokusiza uthole lolu lwazi.

8, 9. (a) Imiphi imikhuba yokutadisha okungenzeka abanye banayo? (b) Abanye baye bazuza kanjani ngokuzindla ngalokho abakutadishayo?

8 Abanye baye bakhetha ukucwaninga ngezihloko ezihlanganisa isiprofetho seBhayibheli noma umlando weBhayibheli, imivubukulo nokunemba kwesayensi. Esinye seziprofetho esithakazelisayo esingasicabangela siku-Genesise 3:15. Lelo vesi lethula isihloko esiyinhloko seBhayibheli, esiwukulwelwa kobukhosi bukaNkulunkulu nokungcweliswa kwegama lakhe ngoMbuso. Lelo vesi elilodwa—kusetshenziswa ulimi olungokomfanekiso—liveza indlela uJehova ayoxazulula ngayo konke ukuhlupheka abantu abaye babhekena nakho kusukela e-Edene. Ungawutadisha kanjani uGenesise 3:15? Enye indlela kungaba ukulungiselela uhlelo lwezikhathi. Lungaba nohlu lwemiBhalo eyinhloko ebonisa indlela uNkulunkulu embula ngayo kancane kancane abantu namalungiselelo okukhulunywa ngawo kuleli vesi; imiBhalo enikeza ubufakazi bokuthi lesi siprofetho sizogcwaliseka. Njengoba ubona imiBhalo ivumelana kahle, ngokuqinisekile uyophetha ngokuthi kumelwe ukuba abaprofethi nabalobi beBhayibheli “babeqhutshwa umoya ongcwele.”​—2 Pet. 1:21.

9 Umzalwane eJalimane wacabanga ngendlela incwadi ngayinye yeBhayibheli equkethe ngayo imininingwane ngoMbuso. Wathi: “Lokhu kwenzeka ngisho noma iBhayibheli lalotshwa amadoda angu-40. Amaningi kuwo aphila ngezikhathi ezingefani futhi ayengakaze abonane.” Udade wase-Australia washukunyiswa isihloko esifundwayo se-Nqabayokulinda ka-December 15, 2013, esasikhuluma ngencazelo yePhasika. Leso senzakalo sihlobene kakhulu noGenesise 3:15 nokuza kukaMesiya. Uyabhala: “Leso sihloko sangenza ngabona indlela uJehova amuhle ngayo. Kwangihlaba umxhwele kakhulu ukucabanga ngendlela enzela ngayo ama-Israyeli leli lungiselelo nokugcwaliseka kwalo kuJesu. Kwadingeka ngime ngicabange ngendlela esenzeka ngayo leso sidlo sePhasika esiyisiprofetho!” Kungani lo dade azizwa ngale ndlela? Wacabanga ngokujulile ngalokho ayekufunda futhi wathola “umqondo wako.” Lokhu kwasiza ekuqiniseni ukholo lwakhe futhi kwamsondeza nakakhulu kuJehova.​—Math. 13:23.

10. Ukwethembeka kwabalobi beBhayibheli kuluqinisa kanjani ukholo lwethu ngalokho abakuloba?

10 Esinye isici esiqinisa ukholo okumelwe sisicabangele yisibindi nokwethembeka kwamadoda aloba iBhayibheli. Abalobi basendulo abaningi babedumisa abaholi babo futhi bekhazimulisa imibuso yabo. Nokho, abaprofethi bakaJehova babekhuluma iqiniso ngaso sonke isikhathi. Babezimisele ukuveza amaphutha abantu besizwe sabo ngisho namakhosi abo. (2 IziKr. 16:9, 10; 24:18-22) Bakubeka obala ukushiyeka kwabo nokwezinye izikhonzi zikaNkulunkulu. (2 Sam. 12:1-14; Marku 14:50) Umzalwane osemusha eBrithani wathi, “Ukwethembeka okunjalo akuvamile.” Lokhu kusenza siqiniseke nakakhulu ukuthi iBhayibheli livela kuJehova ngempela.”

11. Abasebasha bangakukhulisa kanjani ukwazisa ngokubaluleka kwezimiso zeBhayibheli?

11 Ngenxa yezimiso zalo eziqondisayo, abaningi bayaqiniseka ukuthi iBhayibheli laphefumulelwa uNkulunkulu. (Funda iHubo 19:7-11.) Udade osemusha eJapane wabhala: “Ngesikhathi umndeni wakithi usebenzisa izimfundiso zeBhayibheli, sasijabula ngempela. Sathola ukuthula, ubunye nenjabulo.” Izimiso zeBhayibheli ziyasivikela ekuhlanganyeleni ekukhulekeleni kwamanga nasezinkolelweni ezingamanga ezigqilaza abantu abaningi. (IHu. 115:3-8) Ingabe amafilosofi athi akekho uNkulunkulu ayabathinta abantu? Izimfundiso ezifana nokuziphendukela kwemvelo zenza imvelo ibe unkulunkulu othile, ziyinikeza amandla angakaJehova kuphela. Labo abathi akekho uNkulunkulu, bathi ikusasa lethu lisezandleni zethu ngokuphelele. Nokho, abasiniki ithemba lekusasa elingcono.​—IHu. 146:3, 4.

UKUBONISANA NABANYE

12, 13. Iyiphi indlela ephumelelayo yokuxoxa ngendalo noma iBhayibheli nabafundi ofunda nabo, othisha noma abanye?

12 Ungaphumelela kanjani lapho ubonisana nabanye ngendalo nangeBhayibheli? Okokuqala, ungasheshi uphethe ngokuthi uyakwazi lokho abanye abakukholelwayo. Abanye abantu bathi bakholelwa ekuziphendukeleni kwemvelo, kodwa banomuzwa wokuthi uNkulunkulu ukhona. Bacabanga ukuthi uNkulunkulu wasebenzisa ukuziphendukela kwemvelo ukuze adale izinhlobo ezihlukahlukene zokuphila. Abanye bakholelwa ekuziphendukeleni kwemvelo ngoba becabanga ukuthi le mfundiso ibingeke ifundiswe esikoleni ukube ibiyiphutha. Abanye bayayeka ukukholelwa kuNkulunkulu ngenxa yokuthi badunyazwe inkolo. Ngakho lapho uxoxa nothile ngokuthi ukuphila kwaqala kanjani, ngokuvamile kuwukuhlakanipha ukubuza imibuzo kuqala. Thola ukuthi yini umuntu ayikholelwayo. Uma ucabangela futhi uzimisele ukulalela, angase avume ukukulalela nawe.​—Thithu 3:2.

13 Uma kubonakala sengathi othile uhlasela inkolelo yakho yendalo, ngokuhlakanipha kungakuhle ukuthi ugudluzele izinto kuye umbuze imibuzo ezomenza anabe. Ungase umcele ukuba achaze indlela ukuphila okwaqala ngayo ngaphandle koMdali. Ukuze isidalwa esiphilayo sokuqala siqhubeke siphila, kwadingeka ukuba sizale, senze ezinye izidalwa ezifana naso. Omunye uprofesa wokusebenza kwamakhemikhali wathi ezinye zezinto ezaziyodingeka, (1) yi-membrane evikelayo (2) ikhono lokuthola nokusebenzisa amandla, (3) imininingwane ezakhini zofuzo (4) nekhono lokukhiqiza leyo mininingwane. Wenezela: “Ngisho nohlobo lokuphila olulula kakhulu luyasimangaza ngenxa yokuba yinkimbinkimbi kwalo.”

14. Yini ongayeza uma unomuzwa wokuthi awukulungele ukukhuluma ngokuziphendukela kwemvelo nendalo?

14 Uma uzizwa ungakulungele ukuxoxa ngokuziphendukela kwemvelo noma indalo, ungazama ukusebenzisa indlela yokubonisana nabanye elula eyasetshenziswa uPawulu. Waloba: “Yileyo naleyo ndlu yakhiwa othile, kodwa lowo owakha izinto zonke uNkulunkulu.” (Heb. 3:4) Le ndlela iyaqondakala futhi iyaphumelela! Yebo, imiklamo eyinkimbinkimbi yenziwa ingqondo ehlakaniphile. Ungasebenzisa nencwadi efanelekayo. Omunye udade wasebenzisa izincwajana ezimbili okukhulunywe ngazo ekuqaleni lapho exoxa nensizwa eyathi ayikholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhona futhi yamukela imfundiso yokuziphendukela kwemvelo. Ngemva kwesonto le nsizwa yathi: “Manje ngikholelwa kuNkulunkulu.” Le nsizwa yaqala ukufundelwa iBhayibheli futhi yaba omunye wabafowethu.

15, 16. Ungayithuthukisa kanjani indlela oxoxa ngayo ngeBhayibheli, futhi kumelwe ube yini umgomo wakho?

15 Ungasebenzisa izimiso eziyisisekelo lapho uxoxa nothile ongabaza iBhayibheli. Thola ukuthi yini ayikholelwayo nokuthi yiziphi izihloko angase azithande. (IzAga 18:13) Uma ethanda izinto zesayensi angase abe nesithakazelo lapho ukhuluma ngamaphuzu abonisa ukunemba kweBhayibheli ngokwesayensi. Abanye bangase bathintwe yizibonelo ezibonisa ukuthi iBhayibheli lineziprofetho ezinembile futhi linembile ngokomlando. Noma ungase uveze izimiso zeBhayibheli eziqondisayo njengalezo ezitholakala eNtshumayelweni yaseNtabeni.

16 Khumbula, umgomo wakho kufanele ube ukuzuza izinhliziyo, hhayi ukunqoba izimpikiswano. Ngakho yiba yisilaleli esihle. Buza ngobuqotho, ukhulume ngesizotha nangenhlonipho ikakhulukazi uma ukhuluma nabantu abadala. Cishe bayokuthola kulula ukuhlonipha imibono yakho. Bayobona nokuthi ucabange ngokujulile ngezinkolelo zakho eziyisisekelo. Lokho kuyinto intsha eningi engayenzi. Kuhle ukukhumbula ukuthi awubophekile ukuphendula labo abangacabangeli noma abafuna ukuhlekisa ngalokho okukholelwayo.—IzAga 26:4.

YENZA IQINISO LIBE NGELAKHO

17, 18. (a) Yini engakusiza wenze iqiniso libe ngelakho? (b) Yimuphi umbuzo esizoxoxa ngawo esihlokweni esilandelayo?

17 Ukholo oluqinile ludinga okungaphezu nje kolwazi oluyisisekelo lweBhayibheli. Ngakho yimba ujule eZwini likaNkulunkulu njengokungathi ufuna amagugu afihliweyo. (IzAga 2:3-6) Wasebenzise kahle amathuluzi atholakala ngolimi lwakho, njenge-Watchtower Library kuyi-DVD, I-ONLINE LIBRARY YeBhayibheli kanye ne-Watch Tower Publications Index noma INcwadi Yokucwaninga YoFakazi BakaJehova. Kwenze umgomo wakho ukulifunda lonke iBhayibheli. Ungase uzame ukulifunda ngezinyanga ezingu-12. Zimbalwa kakhulu izinto ezakha ukholo lwethu njengokufunda iZwi likaNkulunkulu. Ecabanga ngezinsuku zobusha bakhe, umbonisi wesigodi wathi: “Into eyangisiza ngalazisa iBhayibheli njengeZwi likaNkulunkulu kwakuwukulifunda lonke. Izindaba zeBhayibheli engazifunda ngiseyingane, ngaziqonda ekugcineni. Lokho kwasho ushintsho olukhulu ekukhuleni kwami okungokomoya.”

18 Bazali​—nidlala indima ebalulekile ekukhuleni okungokomoya kwezingane zenu. Ungazisiza kanjani zibe nokholo oluqinile? Isihloko esilandelayo sizodingida lokhu.