Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Bazali, Sizani Izingane Zenu Zakhe Ukholo

Bazali, Sizani Izingane Zenu Zakhe Ukholo

“Nina zinsizwa nani futhi zintombi . . . Mabadumise igama likaJehova.”​—IHU. 148:12, 13.

IZINGOMA: 88, 115

1, 2. (a) Iyiphi inselele abazali ababhekene nayo futhi bangayinqoba kanjani? (b) Yimaphi amaphuzu amane esizoxoxa ngawo manje?

UMBHANGQWANA waseFrance wathi: “Sikholelwa kuJehova, kodwa lokho akusho ukuthi nezingane zethu zizokholelwa kuye. Ukholo aluyona into ozalwa nayo. Izingane zethu ziba nalo kancane kancane.” Umzalwane wase-Australia wabhala: “Ukwakha ukholo enhliziyweni yengane yakho kungenye yezinto ezinzima kakhulu oyoke uzenze. Kudingeka usebenzise onke amathuluzi onawo. Ungase ube nomuzwa wokuthi uwuphendule ngokugculisayo umbuzo wengane yakho. Bese ivele iphinde ibuza umbuzo ofanayo! Izimpendulo ezanelisa ingqondo yengane yakho manje zingase zingayanelisi kusasa. Kungase kudingeke uxoxe ngendaba efanayo ngokuphindaphindiwe.”

2 Uma ungumzali, ingabe uzizwa ungakulungele ukufundisa nokubumba ingane yakho ukuba ibe indoda noma owesifazane wokholo? Ngempela, ngokuhlakanipha kwethu akekho ongakwazi ukwenza lo msebenzi! (Jer. 10:23) Kodwa singaphumelela uma sifuna isiqondiso sikaNkulunkulu. Cabanga ngezinto ezine ezingakusiza ukwazi ukusiza izingane zakho zakhe ukholo: (1) Zazi kahle. (2) Zifundise ngokusuka enhliziyweni. (3) Sebenzisa imifanekiso efanelekayo. (4) Yiba nesineke futhi uthandaze.

ZAZI KAHLE IZINGANE ZAKHO

3. Abazali bangasilingisa kanjani isibonelo sikaJesu sokufundisa?

3 UJesu wayengasabi ukubuza abalandeli bakhe ukuthi yini abayikholelwayo. (Math. 16:13-15) Lingisa isibonelo sakhe. Kungcono ucele izingane zakho ziveze imizwa yazo ngaphansi kwezimo ezikhululekile. Lokho kuhlanganisa ukukhuluma ngokungaqiniseki noma ukungabaza okungenzeka banako. Umzalwane oneminyaka engu-15 e-Australia wabhala: “Ngokuvamile ubaba uxoxa nami ngokholo lwami futhi angisize ngicabangisise. Uye angibuze: ‘Lithini iBhayibheli?’ ‘Ingabe uyakukholelwa lokho elikushoyo?’ ‘Kungani ukukholelwa?’ Ufuna ngiphendule ngamazwi ami ngingaphindi nje amazwi akhe noma kamama. Njengoba ngikhula, kwadingeka ngithuthukise izimpendulo zami.”

4. Kungani kubalulekile ukungayithathi kancane imibuzo yengane yakho? Nikeza isibonelo.

4 Uma ingane ingaqiniseki ngemfundiso ethile, ungasabeli ngokhahlo noma wenze sengathi uyayivikela leyo mfundiso. Ngesineke bonisana nayo. Ubaba othile wathi, “Ungayithathi kancane imibuzo yengane yakho. Ungayibheki njengengabalulekile futhi ungayigwemi leyo ndaba ngoba nje ikwenza uzizwe ungakhululekile.” Empeleni, kuyasiza ukubheka imibuzo eqotho yengane yakho njengophawu lokuthi inendaba futhi iyafuna ukuqonda. Ngisho nangesikhathi eneminyaka engu-12, uJesu wabuza imibuzo ebalulekile. (Funda uLuka 2:46.) Umfana oneminyaka engu-15 eDenmark uyakhumbula, “Lapho ngibuza ukuthi sisenkolweni yeqiniso yini, abazali bami bangilalela ngesineke​—ngisho noma kungenzeka ukuthi babekhathazekile ngami. Bayiphendula yonke imibuzo yami besebenzisa iBhayibheli.”

5. Abazali bangabonisa kanjani ukuthi bayaluqaphela ukholo lwezingane zabo?

5 Zazi kahle izingane zakho​—indlela ezicabanga ngayo, imizwa yazo nalokho okuzikhathazayo. Ungalokothi uphethe ngokuthi zinokholo ngoba nje ziya emihlanganweni yebandla noma ziya enkonzweni yasensimini nawe. Emisebenzini yansuku zonke yibani nezingxoxo ezingokomoya. Thandaza nezingane zakho futhi uzithandazele. Zama ukuqaphela izinto ezivivinya ukholo lwazo futhi uzisize zikwazi ukubhekana nazo.

FUNDISA NGOKUSUKA ENHLIZIYWENI

6. Lapho abazali begxilisa iqiniso leBhayibheli ezinhliziyweni zabo, basizakala kanjani njengabafundisi?

6 Njengomfundisi, uJesu wafinyelela izinhliziyo ngoba wayethanda uJehova, iZwi lakhe nabantu. (Luka 24:32; Joh. 7:46) Uthando olufanayo luyosiza abazali bafinyelele izinhliziyo zezingane zabo. (Funda uDuteronomi 6:5-8; Luka 6:45.) Ngakho, bazali yibani abafundi abakhuthele beBhayibheli nezinsiza-kufunda zalo. Yibani nesithakazelo endalweni nasezihlokweni ezitholakala ezincwadini zethu ezikhuluma ngale ndaba. (Math. 6:26, 28) Ukwenza kanjalo kuyokwandisa ulwazi lwakho, kujulise ukwazisa kwakho ngoJehova futhi kukwenze ukulungele ukufundisa izingane zakho.​—Luka 6:40.

7, 8. Lapho izinhliziyo zabazali zigcwele iqiniso leBhayibheli, iyoba yini imiphumela? Fanekisa.

7 Lapho inhliziyo yakho igcwele iqiniso leBhayibheli, uyofuna ukuxoxa ngalo nomndeni wakho. Lokhu ungagcini nje ngokukwenza lapho ulungiselela imihlangano yobuKristu noma phakathi nokukhulekela komkhaya kodwa ukwenze noma nini. Ngaphezu kwalokho, izingxoxo ezinjalo akufanele ziphoqwe kodwa kufanele zibe ngokwemvelo futhi zizenzakalele​—njengengxenye yezingxoxo zansuku zonke. Umbhangqwana e-United States uzindla ngoJehova lapho umndeni ujabulela ukubuka indalo noma udla ukudla okuthile. Abazali bathi, “Sikhumbuza izingane zethu ngothando nangendlela uJehova asicabangela ngayo kukho konke asenzela kona.” Lapho wenza ingadi namadodakazi awo amabili, umbhangqwana eNingizimu Afrika uveza izici ezimangalisayo njengendlela imbewu ehluma ngayo bese kumila izitshalo. Abazali bathi, “Sizama ukuhlakulela emadodakazini ethu inhlonipho ejulile ngokuphila nendlela okuyinkimbinkimbi ngayo.”

8 Lapho indodana yakhe ineminyaka engaba yishumi, ubaba e-Australia wasebenzisa ithuba lokuya eMnyuziyamu ukuze asize indodana yakhe iqinise ukholo ngoNkulunkulu nangendalo. Ubaba uyalandisa, “Sabona umbukiso wezilwane zasendulo ezibizwa ngokuthi ama-ammonoid nama-trilobite. Kwasimangaza ukubona ukuthi lezi zilwane ezingasekho zazizinhle, ziyinkimbinkimbi futhi zakheke ngokuphelele​—zifana nalezo esingazibona namuhla. Uma ukuphila kwaziphendukela kusuka ohlotsheni olulula kwaya koluyinkimbinkimbi, kungani lezi zilwane zasendulo zase ziyinkimbinkimbi kakade? Leso kwakuyisifundo esangithinta ngokujulile futhi ngasifunda nendodana yami.”

SEBENZISA IMIFANEKISO EPHUMELELAYO

9. Kungani imifanekiso iphumelela futhi umama othile wakubonisa kanjani lokhu?

9 Ngokuvamile uJesu wayesebenzisa imifanekiso eyayenza olalele acabange, yayifinyelela inhliziyo futhi isiza olalele angakhohlwa. (Math. 13:34, 35) Kulula ngezingane ukubona izinto ngeso lengqondo. Ngakho, bazali, zamani ukusebenzisa imifanekiso ngokukhululekile lapho nifundisa. Umama eJapane wenza lokho kanye. Ngesikhathi abafana bakhe ababili beneminyaka engu-8 no-10, wabafundisa ngomkhathi womhlaba nangokucophelela uJehova akubonisa lapho ewudala. Ukuze enze lokho wanika abafana ubisi, ushukela nekhofi. Ngemva kwalokho wacela umfana ngamunye ukuba amenzele ikhofi. Wachaza, “Balenza ngokucophelela. Lapho ngibabuza ukuthi kungani becophelela kangaka, bathi bafuna ukwenza ikhofi engizolithanda. Ngachaza ukuthi uJehova wahlanganisa amakhemikhali emkhathini ngokucophelela okufanayo​—ngendlela efanele.” Lo mfanekiso wawufanelana neminyaka yabo futhi wabafundisa kangcono ukudlula ukufunda nje encwadini. Akungabazeki ukuthi lesi sifundo sahlala ezingqondweni zabo!

Ningasebenzisa izinto ezivamile ukuze nakhe ukholo kuNkulunkulu nasendalweni (Bheka isigaba 10)

10, 11. (a) Yimuphi umfanekiso ongawusebenzisa ukuze usize ingane yakho yakhe ukholo kuNkulunkulu? (Bheka isithombe esisekuqaleni.) (b) Yimiphi imifanekiso oyithola iphumelela?

10 Ungasebenzisa neziqondiso zokubhaka ukuze usize ingane yakho yakhe ukholo kuNkulunkulu. Kanjani? Ngemva kokubhaka amakhekhe chaza okufezwa yiziqondiso zokubhaka. Yibe usunika ingane isithelo, mhlawumbe i-apula, bese uyayibuza: “Ingabe bewazi ukuthi leli apula lenziwa ngeziqondiso zokwenza i-apula?” Yibe usulisika i-apula, bese unika ingane imbewu. Ungayichazela ukuthi embewini “kwabhalwa” iziqondiso eziyinkimbinkimbi ezidlula lezo ozithola encwadini yokupheka. Ungase uyibuze: “Uma iziqondiso zokwenza ikhekhe zabhalwa othile, ubani owabhala iziqondiso eziyinkimbinkimbi zokwenza i-apula?” Uma uxoxa nengane esikhulile, ungachaza ukuthi iziqondiso zokwenza i-apula​—empeleni, iziqondiso ezenza isihlahla sikhule—​zaziyingxenye yekhodi kuyi-DNA. Ningahlola ndawonye imifanekiso ethile emakhasini 10-20 encwajaneni yethu ethi The Origin of Life​—Five Questions Worth Asking.

11 Abazali abaningi bayakujabulela ukuxoxa nezingane zabo ngezihloko ze-Phaphama! eziwuchungechunge ezithi “Ingabe Kwaklanywa?” Noma basebenzisa lezi zihloko ukuze bafundise abantwana babo izimfundiso ezilula. Ngokwesibonelo, umbhangqwana eDenmark waqhathanisa izindiza nezinyoni. Uthi, “Izindiza zifana nezinyoni. Kodwa ingabe izindiza zingazalela amaqanda bese zichamisela izindiza ezincane? Ingabe izinyoni zidinga imigwaqo yezindiza ukuze zihlale phansi? Ungawuqhathanisa kanjani umsindo wezindiza nomculo wezinyoni? Ubani-ke ohlakaniphile​—umenzi wezindiza noma uMdali wezinyoni?” Izingxoxo ezinjalo nemibuzo ephusile ingasiza ingane ibe ‘nekhono lokucabanga’ futhi yakhe ukholo kuNkulunkulu.​—IzAga 2:10-12.

12. Imifanekiso ingazisiza kanjani izingane zakhe ukholo eBhayibhelini?

12 Imifanekiso efanelekayo ingaqinisa ukholo lwengane ekunembeni kweBhayibheli. Ngokwesibonelo, cabanga ngoJobe 26:7. (Funda.) Ungabonisa kanjani ukuthi lo mBhalo waphefumulelwa? Kunokumanje nje usho amaqiniso, kungani ungashukumisi ukucabanga kwengane yakho?. Chaza ukuthi uJobe waphila ngaphambi kokuba kube khona ama-telescope nemikhumbi-mkhathi. Umsebenzi wengane yakho ungaba ukubonisa ukuthi kungaba nzima kangakanani ngabanye ukukholelwa ukuthi into enkulu kangaka, njengomhlaba, ingalenga phezu kweze. Ingane ingasebenzisa ibhola noma itshe ukuze ifanekise ngokubonisa ukuthi izinto ezinesisindo kumelwe zihlale phezu kokuthile. Isifundo esinjalo singagxilisa enganeni yakho ukuthi uJehova wabangela ukuba kulotshwe amaqiniso eBhayibheli, kusasele isikhathi eside ngaphambi kokuba abantu baveze ubufakazi balokho.​—Neh. 9:6.

FANEKISA UKUBALULEKA KWEZIMISO ZEBHAYIBHELI

13, 14. Abazali bangagcizelela kanjani ezinganeni zabo ukubaluleka kwezimiso zeBhayibheli?

13 Kubaluleke kakhulu ukugxilisa enganeni yakho ukubaluleka kwezimiso zeBhayibheli. (Funda iHubo 1:1-3.) Ziningi izindlela zokwenza lokhu. Ngokwesibonelo, ungacela izingane zakho ukuba ngamehlo engqondo zizibone zihlala esiqhingini esicezile, bese kudingeka ukuba zikhethe abantu ezizohlala nabo. Yibe usuzibuza, “Iziphi izimfanelo okumelwe umuntu ngamunye abe nazo uma iqembu lizohlala ngokuthula futhi lizwane?” Ungakhuluma nazo nangeziqondiso ezihlakaniphile ezitholakala kweyabaseGalathiya 5:19-23.

14 Lokho kungazifundisa izifundo ezimbili ezibalulekile. Esokuqala, izindinganiso zikaNkulunkulu zithuthukisa ukuthula nobunye kwangempela. Esesibili, ngokusifundisa manje, uJehova usilungiselela ukuphila ezweni elisha. (Isaya 54:13; Joh. 17:3) Ungalenza leli phuzu ligqame ngokukhetha okuhlangenwe nakho ezincwadini zethu. Ungase ukuthole ezihlokweni eziwuchungechunge ezithi, “IBhayibheli Lishintsha Ukuphila,” ezitholakala kuyi-Nqabayokulinda. Noma uma othile ebandleni okulo enze izinguquko ezinkulu ukuze ajabulise uJehova, ungase ummemele kwakho bese exoxa ngokuhlangenwe nakho kwakhe. Izibonelo ezinjalo zenza izimiso zeBhayibheli ziphile!​—Heb. 4:12.

15. Kufanele ube yini umgomo wakho oyinhloko lapho ufundisa izingane zakho?

15 Nali iphuzu: Lapho ufundisa izingane zakho, ungakwenzi lokho ngoba nje ugcina icala. Sabalalisa ingqondo yakho. Shukumisa ukucabanga kwezingane zakho, ucabangele iminyaka yazo. Yenza ukufunda kujabulise futhi kuqinise ukholo. Ubaba othile wathi, “Ungakhathali, hlale uzama izindlela ezintsha zokuchaza izihloko ezifanayo.”

YIBA NOKHOLO, ISINEKE FUTHI UTHANDAZE

16. Lapho ufundisa izingane, kungani isineke sibalulekile? Fanekisa.

16 Sidinga umoya kaNkulunkulu ukuze sibe nokholo oluqinile. (Gal. 5:22, 23) Njengezithelo ezingokoqobo, ukholo ludinga isikhathi ukuze lukhule. Ngakho kuyodingeka ube nesineke futhi ubekezele lapho ufundisa izingane zakho. Ubaba onezingane ezimbili eJapane wathi, “Mina nomkami siyazinaka izingane zethu. Kusukela zisezincane, ngangifunda nezingane zami imizuzu engu-15 nsuku zonke, ngaphandle kwalapho sinemihlangano yobuKristu. Kwakulula ngathi nangezingane ukufunda imizuzu engu-15.” Umbonisi wesigodi wabhala: “Nakuba nganginemibuzo kanye nokungabaza okuningi ngesikhathi ngisemusha, imbalwa kakhulu imibuzo engayibuza. Ngemva kwesikhathi, imibuzo eminingi yaphenduleka emihlanganweni noma phakathi nokukhulekela komkhaya noma esifundweni somuntu siqu. Yingakho kubalulekile ngabazali ukuba baqhubeke befundisa.”

Ukuze ube umfundisi ophumelelayo, iZwi likaNkulunkulu kumelwe libe senhliziyweni yakho kuqala (Bheka isigaba 17)

17. Kungani isibonelo esihle sabazali sibalulekile, futhi omunye umbhangqwana wawabekela kanjani amadodakazi awo isibonelo esihle?

17 Iqiniso, into ebaluleke kakhulu isibonelo sakho sokholo. Izingane zakho zizobuka lokho okwenzayo futhi ngokuqinisekile kuyoba nomthelela omuhle kuzo. Ngakho njengabazali, qhubekani nakha ukholo lwenu. Vumelani izingane zibone indlela uJehova angokoqobo ngayo kini. Lapho umbhangqwana eBermuda ukhathazekile, uthandazela isiqondiso sikaJehova ukanye nezingane zawo futhi uzikhuthaze ukuba nazo zizithandazele. “Sibuye sitshele indodakazi yethu endala, ‘Thembela kuJehova ngokuphelele, zigcine umatasa enkonzweni yoMbuso futhi ungakhathazeki kakhulu.’ Lapho ibona imiphumela, iyazi ukuthi uJehova uyasisiza. Lokhu kuye kwaluqinisa kakhulu ukholo lwayo kuNkulunkulu naseBhayibhelini.”

18. Yiliphi iqiniso elibalulekile abazali okumelwe baliqaphele?

18 Iqiniso, ekugcineni izingane kumelwe zizakhele ukholo lwazo. Njengabazali, ningatshala futhi ninisele. UNkulunkulu kuphela ongakhulisa. (1 Kor. 3:6) Ngakho, thandazelani umoya wakhe futhi nizikhandle ekufundiseni izingane zenu eziyigugu, ngokwenza kanjalo, ninika uJehova isizathu sokunibusisa ngokucebile.​—Efe. 6:4.