Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Izwi likaNkulunkulu liyaphila”

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Liyini “izwi likaNkulunkulu” amaHebheru 4:12 athi ngalo “liyaphila, linamandla”?

Umongo ubonisa ukuthi umphostoli uPawulu wayebhekisela esigijimini noma enkulumweni yenjongo kaNkulunkulu, njengaleyo esiyithola eBhayibhelini.

Ngokuvamile incwadi yamaHebheru 4:12 ivame ukucashunwa ezincwadini zethu ukuze kuboniswe ukuthi iBhayibheli linamandla okuguqula ukuphila futhi kufaneleka kahle ukusetshenziswa kwayo ngale ndlela. Nokho kuyasiza ukuhlola amaHebheru 4:12 ngombono obanzi. UPawulu wayenxusa amaKristu angamaHebheru ukuba enze ngokuvumelana nezinjongo zikaNkulunkulu. Okuningi kwalokho kwabhalwa emibhalweni engcwele. UPawulu wasebenzisa ama-Israyeli ayekhululwe eGibhithe njengesibonelo. Babenethemba lokungena ezweni lesithembiso “eligeleza ubisi noju,” indawo ababeyothola kuyo ukuphumula kwangempela.​—Eks. 3:8; Dut. 12:9, 10.

Leyo kwakuyinjongo eyashiwo uNkulunkulu. Ngokuhamba kwesikhathi, ama-Israyeli enza izinhliziyo zaba lukhuni futhi ayeka ukubonisa ukholo, ngakho iningi lawo lehluleka ukungena kulokho kuphumula. (Num. 14:30; Josh. 14:6-10) Nokho, uPawulu wenezela wathi, “sisekhona isithembiso sokungena ekuphumuleni [kukaNkulunkulu].” (Heb. 3:16-19; 4:1) Ngokucacile, leso “sithembiso” siyingxenye yenjongo eyashiwo uNkulunkulu. Njengoba kwenza amaKristu angamaHebheru, nathi singafunda futhi senze ngokuvumelana naleyo njongo. Egcizelela ukuthi lesi sithembiso sisekelwe emiBhalweni, uPawulu wacaphuna izingxenye zikaGenesise 2:2 neHubo 95:11.

Ngokuqinisekile, kufanele kusithinte izinhliziyo ukuthi “sisekhona isithembiso sokungena ekuphumuleni [kukaNkulunkulu].” Siyethemba ukuthi amathemba asekelwe eBhayibhelini okungena ekuphumuleni kukaNkulunkulu azogcwaliseka ngempela futhi siye sathatha izinyathelo zokungena. Lokho asikwenzanga ngokuzama ukugcina uMthetho kaMose noma ukuthola ukwamukelwa uJehova ngokwenza eminye imisebenzi. Kunalokho, ngokholo siye senza ngokuvumelana nenjongo kaNkulunkulu eyembuliwe futhi siyaqhubeka senza ngokuvumelana nayo. Ngaphezu kwalokho, njengoba kubonisiwe ngenhla, izinkulungwane zabantu emhlabeni wonke ziye zaqala ukufunda iBhayibheli futhi zafunda ngalokho okuye kwashiwo ngenjongo kaNkulunkulu. Abaningi kulezo zinkulungwane, baye bashukumiseleka ukuba bashintshe ukuphila kwabo, babonise ukukholo futhi babhapathizwe babe amaKristu. Indlela abathinteka ngayo iwubufakazi obucacile bokuthi “izwi likaNkulunkulu liyaphila linamandla.” Injongo kaNkulunkulu, njengoba iveziwe eBhayibhelini, isikuthintile kakade ukuphila kwethu futhi izoqhubeka ibonisa amandla ekuphileni kwethu.