Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Zuza Esiqondisweni SikaJehova Namuhla

Zuza Esiqondisweni SikaJehova Namuhla

ISINQUMO ESIHLAKANIPHILE EPOLAND

“NGANGINEMINYAKA engu-15 lapho ngibhapathizwa, ngemva kwezinyanga eziyisithupha ngangenela inkonzo yamaphayona asizayo. Ngemva konyaka, ngafaka isicelo sokungenela inkonzo yamaphayona avamile. Lapho ngiqeda esikoleni samabanga aphakeme, ngacela ukuyokhonza lapho kunendingeko enkulu yabamemezeli boMbuso. Ngangifuna ukuthutha ekhaya ngishiye nogogo wami engangihlala naye kodwa owayengeyena omunye woFakazi BakaJehova. Yeka ukuthi ngadumala kanjani lapho umbonisi wesigodi engitshela ukuthi insimu engiyabelwe yayikulo kanye idolobha engazalelwa kulo! Ngazama ukufihla indlela engangizizwa ngayo. Ngibheke phansi, ngahamba ngiyocabanga ngalokho ayekushilo. Ngatshela udade enganginaye enkonzweni: “Ngicabanga ukuthi sengenzisa okukaJona. Ekugcineni uJona waya eNineve. Ngakho, nami ngizokhonza lapho engabelwe khona.’’

“Sengiphayone edolobheni langakithi iminyaka emine futhi ngiyabona ukuthi kwakuwukuhlakanipha ngami ukulandela isiqondiso engangisinikiwe. Isimo sami sengqondo esingesihle besilokhu siyinkinga enkulu. Manje ngithola injabulo enkulu. Enyangeni eyodwa, ngakwazi ukuqhuba izifundo zeBhayibheli ezingu-24. Ngosizo lukaJehova, ngakwazi ukuqalisa isifundo seBhayibheli nogogo wami owayephikisa.”

UMPHUMELA OJABULISAYO EFIJI

Umfundi weBhayibheli eFiji kwadingeka akhethe phakathi kokuya emhlanganweni omkhulu wamaKristu nokuhamba nomyeni wakhe baye esihlotsheni sabo esasinomcimbi wokugubha usuku lokuzalwa. Umyeni wakhe wamvumela ukuba aye emhlanganweni. Umyeni wakhe wamtshela ukuthi wayengafika ngemva komcimbi. Nokho, lapho ebuyela ekhaya ngemva komhlangano, wabona ukuthi kwakungcono akugweme ngisho nokuzifaka esimweni esingabeka ingokomoya lakhe engozini, ngakho wakhetha ukungayi.

Lapho umyeni wakhe etshela izihlobo ukuthi inkosikazi yakhe ithe izofika ntambama lapho ibuya “emhlanganweni woFakazi,” zathi, “Ngeke ifike; oFakazi BakaJehova abalugubhi usuku lokuzalwa!” *

Umphumela waba wukuthi umyeni wakhe waziqhenya kakhulu ngokuthi inkosikazi yakhe yamelela izinkolelo nonembeza wayo. Kamuva, inkambo yayo yokwethembeka yayivulela ithuba lokufakaza kumyeni wayo nakwabanye. Umphumela? Umyeni wavuma ukufundelwa iBhayibheli futhi waqala ukuya emihlanganweni nenkosikazi yakhe.

^ isig. 7 Bheka “Imibuzo Evela Kubafundi” kuyi-Nqabayokulinda ka-December 15, 2001.