Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Yiba Nesibindi . . . Futhi Uthathe Isinyathelo”

“Yiba Nesibindi . . . Futhi Uthathe Isinyathelo”

“Yiba nesibindi uqine futhi uthathe isinyathelo. Ungesabi noma wethuke, ngoba uJehova . .  unawe.”​1 IZIKR. 28:20.

IZINGOMA: 60, 29

1, 2. (a) Yisiphi isabelo esibalulekile esanikwa uSolomoni? (b) Kungani uDavide ayekhathazekile ngoSolomoni?

USOLOMONI wanikwa isabelo sokwengamela umsebenzi owawubaluleke kakhulu emlandweni​—wokwakha ithempeli laseJerusalema. Lelo thempeli kwakumelwe libe ‘lihle ngokwedlulele futhi lihluke kakhulu ngobuhle kuwo wonke amazwe.’ Okubaluleke nakakhulu ukuthi ithempeli lalizoba “indlu kaJehova uNkulunkulu weqiniso.” UJehova wakhipha isiqondiso sokuba kube uSolomoni owengamela lo msebenzi.​—1 IziKr. 22:1, 5, 9-11.

2 INkosi uDavide yayiqiniseka ngokuthi uNkulunkulu wayezomsekela kodwa uSolomoni ‘wayemncane futhi entekenteke.’ Wayezoba naso yini isibindi sokwakha ithempeli? Ingabe ukuba mncane nokuba ntekenteke kwakuzomvimba angawenzi umsebenzi? Ukuze uSolomoni aphumelele kwakuzodingeka abe nesibindi futhi athathe isinyathelo.

3. Yini uSolomoni ayengayifunda endleleni uyise abonisa ngayo isibindi?

3 Cishe uSolomoni wafunda lukhulu kuyise mayelana nokuba nesibindi. Ngesikhathi esemusha uDavide walwa nezilwane zasendle ezazithatha izimvu zikayise. (1 Sam. 17:34, 35) Wabonisa isibindi esikhulu lapho elwa nomdondoshiya owesabekayo. UDavide wabulala uGoliyathi ngetshe esizwa uJehova.​—1 Sam. 17:45, 49, 50.

4. Kungani uSolomoni kwakudingeka abe nesibindi?

4 Kwakufaneleka ngempela ukuba uDavide akhuthaze uSolomoni ukuba abe nesibindi futhi akhe ithempeli. (Funda eyoku-1 IziKronike 28:20.) Ukube uSolomoni wantula isibindi, ukwesaba kwakungamkhwantabalisa futhi ukungenzi lutho kwakungaba kubi kakhulu kunokwehluleka.

5. Kungani kudingeka sibe nesibindi?

5 NjengoSolomoni, sidinga usizo lukaJehova ukuze sikwazi ukuba nesibindi futhi sikwazi ukufeza umsebenzi esiwunikiwe. Ukuze sifinyelela lowo mgomo, singacabanga ngezibonelo zabantu basendulo ababonisa isibindi. Singacabanga nangendlela esingasibonisa ngayo isibindi nesingawufeza ngayo umsebenzi wethu.

IZIBONELO ZABANTU ABABONISA ISIBINDI

6. Yini oyithandayo ngesibindi sikaJosefa?

6 Cabanga ngesibindi esaboniswa uJosefa lapho umkaPotifari emyenga ukuba alale naye. Cishe wayazi ukuthi wayengabhekana nemiphumela ebuhlungu uma enqaba. Noma kunjalo, kunokuba alale naye waba nesibindi wathatha isinyathelo esiwujuqu.​—Gen. 39:10, 12.

7. Chaza indlela uRahabi asibonisa ngayo isibindi. (Bheka isithombe esisekuqaleni.)

7 Omunye owabonisa isibindi uRahabi. Lapho izinhloli zakwa-Israyeli zifika endlini yakhe eJeriko, wayengase agajwe ukwesaba bese ezixosha. Kodwa ngesibindi wazifihla lezi zinhloli ezimbili futhi wazisiza zabaleka ngenxa yokuthi wayethembele kuJehova. (Josh. 2:4, 5, 9, 12-16) URahabi wakwamukela ukuthi uJehova unguNkulunkulu weqiniso futhi wayeqiniseka ngokuthi ngandlela thile wayezolinika ama-Israyeli izwe labo. Akavumelanga ukwesaba abanye noma ukwesaba inkosi yaseJeriko namabutho ayo kumkhwantabalise. Kunalokho, wenza ngendlela eyabangela ukuba yena nomndeni wakhe basinde.​—Josh. 6:22, 23.

8. Isibindi sikaJesu saba namuphi umthelela kubaphostoli bakhe?

8 Abaphostoli bakaJesu abathembekile babeka isibonelo esihle sokuba nesibindi. Babeyibonile indlela uJesu ayenesibindi ngayo. (Math. 8:28-32; Joh. 2:13-17; 18:3-5) Leso sibonelo sabasiza baba nesibindi. Lapho bephikiswa abaSadusi, abaphostoli abayekanga ukufundisa ngoJesu.​—IzE. 5:17, 18, 27-29.

9. Eyesi-2 Thimothewu 1:7 isisiza kanjani sibone ukuthi singasithola kubani isibindi?

9 UJosefa, uRahabi, uJesu nabaphostoli babonisa ukuthi babenesibindi esabasiza benza okufanele. Abazange babe nesibindi ngenxa yokuthi babezethemba ngokweqile. Baba nesibindi ngoba babethembele kuJehova. Nathi sibhekana nezimo ezidinga sibe nesibindi. Kunokuthi sithembele emandleni ethu, kumelwe sithembele kuJehova. (Funda eyesi-2 Thimothewu 1:7.) Ake sixoxe ngezindawo ezimbili okudingeka sibe nesibindi kuzo: emindenini yethu nasebandleni.

IZIMO EZIDINGA ISIBINDI

10. Kungani intsha engamaKristu kudingeka ibe nesibindi?

10 Intsha engamaKristu ibhekana nezimo ezidinga ukuba ibe nesibindi ukuze ikhonze uJehova. Ingafunda futhi ilingise isibonelo sikaSolomoni njengoba abonisa isibindi lapho enza izinqumo ezihlakaniphile ukuze akhe ithempeli. Nakuba intsha engamaKristu kufanele ithole isiqondiso kubazali bayo, kunezinqumo ezibalulekile okufanele izenzele zona. (IzAga 27:11) Kudingeka ibe nesibindi ukuze yenze izinqumo ezihlakaniphile mayelana nokukhetha abangane abahle, ezokuzijabulisa ezihlanzekile, ukuziphatha kahle nokubhapathizwa. Kudingeka le ntsha ibe nesibindi ngoba ilwa nethonya likaSathane, okunguye oklolodela uNkulunkulu.

11, 12. (a) UMose wasibonisa kanjani isibindi? (b) Intsha ingasilingisa kanjani isibonelo sikaMose?

11 Esinye isinqumo esibalulekile intsha okumelwe isenze sihilela imigomo yayo. Kwamanye amazwe, intsha igqugquzelwa ukuba izibekele imigomo yemfundo ephakeme nokuthola umsebenzi oholela kahle. Kwamanye amazwe, izimo zomnotho zingabangela ukuba intsha ibone sengathi kumelwe igxile ekusebenzeni ukuze isize imindeni yayo. Uma nawe usesimweni esifanayo, cabanga ngesibonelo sikaMose. Ukukhuliswa indodakazi kaFaro kwakungenza uMose azibekele umgomo wokuvelela noma wokuceba. Kungenzeka ukuthi umndeni wakubo waseGibhithe, othisha nabeluleki babemcindezela ukuba enze lokho. UMose akavumelanga ukunqotshwa yilezo zingcindezi, kunalokho ngesibindi wamelela ukukhulekela kweqiniso. Washiya ingcebo yaseGibhithe wathembela kuJehova. (Heb. 11:24-26) Leso sinqumo sabangela ukuba uMose abusiswe uJehova futhi nakanjani uyothola izibusiso eziningi esikhathini esizayo.

12 Ngendlela efanayo uJehova uzoyibusisa intsha enesibindi ebeka inkonzo noMbuso kuqala ekuphileni kwayo. Uzoyisiza ikwazi ukunakekela izidingo zemindeni yayo. Ngekhulu lokuqala, lapho eseyinsizwa uThimothewu wagxila enkonzweni futhi nawe ungenza okufanayo. *​—Funda eyabaseFilipi 2:19-22.

Ingabe uzimisele ukuba nesibindi? (Bheka izigaba 13-17)

13. Kungani udade osemusha kwadingeka abe nesibindi sokufeza umgomo wakhe?

13 Udadewethu wase-Alabama, e-U.S.A, kwadingeka abe nesibindi ukuze azibekele imigomo engokomoya. Uthi: “Ngesikhathi ngisakhula nganginamahloni. Ngangingakwazi ngisho nokukhuluma nabantu eHholo LoMbuso, ayisaphathwa-ke eyokungqongqoza emizini yabantu engingabazi nhlobo.” Esizwa abazali bakhe nabanye ebandleni, lo mKristu osemusha wakwazi ukufinyelela umgomo wakhe wokuba yiphayona elivamile. Uthi: “Izwe likaSathane ligqugquzela imfundo ephakeme, udumo, imali nokuba nezinto eziningi ezibonakalayo njengokuba nemigomo emihle. Izikhathi eziningi leyo migomo ayifezeki, ikwenza ucindezeleke futhi udangale. Nokho ukukhonza uJehova kungenza ngijabule futhi nganeliseke.”

14. Yiziphi izimo ezidinga ukuba abazali abangamaKristu babe nesibindi?

14 Abazali abangamaKristu nabo kudingeka babe nesibindi. Ngokwesibonelo, izikhathi eziningi umqashi wakho angase akucele ukuba usebenze isikhathi esithe xaxa ebusuku noma ngezimpelasonto​—izikhathi okungenzeka uhlele ukwenza ngazo ukukhulekela komkhaya, ukuya ensimini nokuya emihlanganweni yobuKristu. Kudingeka ube nesibindi ukuze ukwazi ukwenqaba izicelo ezinjalo futhi ubekele izingane zakho isibonelo esihle. Noma mhlawumbe abazali abathile ebandleni bavumela izingane zabo zenze izinto ongafuni zenziwe ingane yakho. Labo bazali bangase bakubuze ukuthi kungani ingane yakho ingazenzi lezo zinto. Ngesibindi, uyokwazi yini ukuchaza ngokuhlakanipha isizathu sesinqumo sakho?

15. IHubo 37:25, eyamaHebheru 13:5 ingabasiza kanjani abazali ukuba babe nesibindi?

15 Sisuke sibonisa isibindi lapho sisiza izingane zethu zizibekele futhi zifinyelele imigomo engokomoya. Ngokwesibonelo, abanye abazali bangase banqikaze ukukhuthaza izingane zabo ukuba ziphayone, zikhonze endingekweni, eBethel noma zisize ekwakhiweni kwezakhiwo zenhlangano. Abazali bangase besabe ukuthi izingane zabo ngeke zikwazi ukubanakekela lapho sebegugile. Nokho, abazali abahlakaniphile babonisa ukuthi banesibindi futhi baba nokholo ezithembisweni zikaJehova. (Funda iHubo 37:25; eyamaHebheru 13:5.) Enye indlela ongabonisa ngayo ukuthi unesibindi futhi uthembele kuJehova ukusiza ingane yakho ukuba nayo ibe nesibindi futhi ithembele kuJehova.​—1 Sam. 1:27, 28; 2 Thim. 3:14, 15.

16. Abanye abazali baye bazisiza kanjani izingane zabo zabeka imigomo engokomoya futhi lokho kuzuzise kanjani?

16 Abazali base-United States basiza izingane zabo zazibekela imigomo engokomoya. Umyeni uthi: “Ngaphambi kokuba izingane zethu zifunde ukukhuluma nokuhamba, sasizixoxela ngenjabulo yokuphayona nokukhonza ibandla. Manje lona sekuwumgomo wazo. Ukuba nemigomo engokomoya nokufuna ukuyifinyelela kusiza izingane zethu zikwazi ukumelana nezingcindezi ezilethwa isimiso sikaSathane nokugxila kokubaluleke kakhulu​—uJehova.” Umzalwane onezingane ezimbili wabhala: “Abazali abaningi bachitha isikhathi esiningi futhi basebenzise imali eningi ukuze basize izingane zabo zifinyelele imigomo kwezemidlalo, kwezokuzijabulisa nakwezemfundo. Kanti kunengqondo ukuchitha isikhathi nokusebenzisa imali ukuze usize izingane zakho zifinyelele imigomo ezozisiza zihlale zinobuhlobo obuhle noJehova. Kwasijabulisa ngempela ukubona izingane zethu zifinyelela imigomo engokomoya nokusebenza nazo enkonzweni.” Qiniseka ngokuthi uNkulunkulu uzobabusisa abazali abasiza izingane zabo zibeke futhi zifinyelele imigomo engokomoya.

UKUBONISA ISIBINDI EBANDLENI

17. Yisho izibonelo zokubonisa isibindi ebandleni lobuKristu.

17 Kunesidingo sokubonisa isibindi nasebandleni. Ngokwesibonelo abadala kudingeka babe nesibindi lapho besingatha izindaba zokwahlulela noma lapho besiza labo ababhekene nezimo ezisongela ukuphila. Abanye abadala bavakashela iziboshwa ukuze bazifundise ngoNkulunkulu. Kuthiwani ngodade abangashadile? Manje asemaningi amathuba okwandisa inkonzo avulekele odade abangashadile njengokuphayona, ukukhonza endingekweni, ukusebenza emnyangweni obizwa ngokuthi i-Local Design/Construction noma ukubhalisa eSikoleni Sabashumayeli Bevangeli LoMbuso. Abanye baze ngisho baye eSikoleni saseGileyadi.

18. Odade asebekhulile bangasibonisa kanjani isibindi?

18 Abesifazane asebekhulile bayisibusiso ebandleni. Ave sibathanda lab’ odadewethu! Abanye kungenzeka abasakwazi ukwenza izinto ababekwazi ukuzenza ngaphambili enkonzweni kaNkulunkulu kodwa bangasibonisa isibindi futhi bathathe isinyathelo. (Funda uThithu 2:3-5.) Ngokwesibonelo, udade osekhulile kudingeka abe nesibindi uma ecelwa ukuba akhulume nodade osemusha mayelana nokugqoka ngesizotha. Ngeke aze amthethise ngendlela agqoka ngayo kodwa angase asize lona osemusha abone ukuthi indlela agqoka ngayo ingase ibalimaze abanye. (1 Thim. 2:9, 10) Isenzo esinjalo sothando singaba nomphumela omuhle.

19. (a) Abazalwane ababhapathiziwe bangaba kanjani nesibindi? (b) EyabaseFilipi 2:13; 4:13 ingabasiza kanjani abazalwane babe nesibindi?

19 Abanye okufanele babe nesibindi futhi bathathe isinyathelo, abazalwane ababhapathiziwe. Amadoda anesibindi azimisele ukwamukela amalungelo engeziwe ayisibusiso ebandleni. (1 Thim. 3:1) Nokho abanye bangase banqikaze. Mhlawumbe umzalwane wenza amaphutha ngesikhathi esidlule futhi manje uzibona engakufanelekeli ukuba inceku ekhonzayo noma umdala. Omunye umzalwane angase azenyeze acabange ukuthi ngeke asenze kahle isabelo esithile. Uma uzizwa ngaleyo ndlela, uJehova angakusiza ube nesibindi. (Funda eyabaseFilipi 2:13; 4:13.) Khumbula ukuthi ngesinye isikhathi uMose wayezibona engakufanelekeli ukwenza isabelo ayesinikwe uNkulunkulu. (Eks. 3:11) Noma kunjalo, uJehova wamsiza futhi ngokuhamba kwesikhathi uMose waba nesibindi sokwenza umsebenzi wakhe. Umzalwane obhapathiziwe angaba nesibindi esifanayo ngokuthandaza acele uNkulunkulu ukuba amsize futhi afunde iBhayibheli nsuku zonke. Ukucabangisisa ngabantu ababonisa isibindi nakho kungamsiza. Ngokuthobeka angacela abadala bamqeqeshe bese ekhuthalela ukusiza kunoma yini. Sinxusa bonke abazalwane ababhapathiziwe ukuba babe nesibindi futhi basebenze kanzima ebandleni.

“UJEHOVA . . . UNAWE”

20, 21. (a) UDavide wamqinisekisa ngani uSolomoni? (b) Yini thina esingaqiniseka ngayo?

20 INkosi uDavide yakhumbuza uSolomoni ukuthi uJehova wayeyoba naye aze aqede ukwakha ithempeli. (1 IziKr. 28:20) USolomoni wawagxilisa engqondweni nasenhliziyweni yakhe amazwi kayise futhi akavumelanga ukuba ubusha bakhe nokuntula kwakhe ulwazi kumvimbe ekufezeni isabelo sakhe. Wabonisa isibindi, wathatha isinyathelo futhi ngosizo lukaNkulunkulu waqeda ukwakha ithempeli elibabazekayo ngeminyaka engu-7 nesigamu.

21 Njengoba nje uJehova asiza uSolomoni, nathi angasisiza sibe nesibindi futhi sifeze umsebenzi wethu emindenini yethu nasebandleni. (Isaya 41:10, 13) Lapho sibonisa isibindi ekukhulekeleni kwethu uJehova singaqiniseka ngokuthi uzosibusisa, manje nasesikhathini esizayo. Ngakho-ke, “yiba nesibindi . . . futhi uthathe isinyathelo.”

^ isig. 12 Isihloko esithi “Sebenzisa Imigomo Engokomoya Ukuze Ukhazimulise UMdali Wakho” kuyi-Nqabayokulinda kaJulayi 15, 2004, sinezinto ongazenza ukuze uzibekele imigomo engokomoya.