Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Izwi LikaNkulunkulu . . . Linamandla”

“Izwi LikaNkulunkulu . . . Linamandla”

“Izwi likaNkulunkulu liyaphila, linamandla.”​HEB. 4:12.

IZINGOMA: 114, 113

1. Kungani siqiniseka ngokuthi iZwi likaNkulunkulu linamandla? (Bheka isithombe esisekuqaleni.)

NJENGABANTU bakaJehova siyaqiniseka ukuthi iZwi likaNkulunkulu​—umyalezo kaNkulunkulu oya kubantu​—“liyaphila, linamandla.” (Heb. 4:12) Abaningi kithi bawubufakazi bokuthi iBhayibheli linamandla okushintsha ukuphila. Abanye kubafowethu nodadewethu babeyizigebengu, imilutha yezidakamizwa noma beziphethe kabi ngokocansi. Abanye babechuma kulesi simiso kodwa babona ukuthi kukhona okushodayo ekuphileni kwabo. (UmSh. 2:3-11) Ngokuphindaphindiwe, abantu ababengenalo ithemba baye bathola indlela eholela ekuphileni besizwa amandla aguqulayo eBhayibheli. Cishe uke wazifunda izindaba ezinjalo ezikhuthazayo ezihlokweni ze-Nqabayokulinda eziwuchungechunge ezithi “IBhayibheli Lishintsha Ukuphila.” Ngisho nangemva kokwamukela iqiniso, amaKristu ayaqhubeka ethuthuka ngokomoya esizwa yiBhayibheli.

2. Amandla eZwi likaNkulunkulu abasiza kanjani abantu bangekhulu lokuqala?

2 Ingabe kufanele kusimangaze ukuthi abantu abaningi namuhla baye benza izinguquko ezinkulu ekuphileni kwabo ngenxa yokutadisha iZwi likaNkulunkulu? Lutho neze! Okwenzeka namuhla kusikhumbuza abafowethu nodadewethu bangekhulu lokuqala ababenethemba lokuphila ezulwini. (Funda eyoku-1 Korinte 6:9-11.) Ngemva kokubala uhlobo lwabantu olungeke luzuze ifa loMbuso kaNkulunkulu, umphostoli uPawulu wanezela: “Yilokho abanye kini ababeyikho.” Kodwa base beguqukile, besizwa yiBhayibheli nomoya kaNkulunkulu ongcwele. Ngisho nangemva kokwamukela iqiniso, abanye benza amaphutha amakhulu alimaza ubuhlobo babo noJehova. IBhayibheli likhuluma ngomKristu ogcotshiwe wangekhulu lokuqala okwadingeka asuswe ekuhlanganyeleni; kodwa kamuva wabuyiselwa. (1 Kor. 5:1-5; 2 Kor. 2:5-8) Kuyasikhuthaza ukucabanga ngezinkinga ezihlukahlukene abafowethu nodadewethu abaye babhekana nazo futhi bazinqoba besizwa yiZwi likaNkulunkulu.

3. Yini esizoxoxa ngayo kulesi sihloko?

3 Ngenxa yokuthi iZwi likaNkulunkulu liyithuluzi elinamandla sonke esinalo, sifuna ukulisebenzisa ngokugcwele. (2 Thim. 2:15) Yingakho kulesi sihloko sizohlola indlela esingawasebenzisa ngayo ngokugcwele amandla eZwi likaNkulunkulu (1) ekuphileni kwethu, (2) lapho sishumayela nalapho (3) sifundisa endaweni yesikhulumi. Lezi zikhumbuzo zizosisiza sibonise ukuthi siyamthanda uBaba wethu osezulwini futhi siyambonga ngokusifundisa lokho okusizuzisayo.​—Isaya 48:17.

EKUPHILENI KWETHU

4. (a) Yini okudingeka siyenze ukuze iZwi likaNkulunkulu lisebenze kithi? (b) Wena ulifunda nini iBhayibheli?

4 Uma sifuna iZwi likaNkulunkulu lisebenze kithi kudingeka silifunde njalo​—nsuku zonke uma kungenzeka. (Josh. 1:8) Kuyavunywa ukuthi ukuphila kwabaningi kumatasa. Noma kunjalo, asifuni ukuvumela lutho​—ngisho nemisebenzi eyimfuneko​—kuphazamise uhlelo lwethu lokufunda iBhayibheli. (Funda eyabase-Efesu 5:15, 16.) Abantu bakaNkulunkulu abaningi bathole izindlela eziphumelelayo zokufunda iBhayibheli nsuku zonke, abanye balifunda ekuseni noma kusihlwa kanti abanye balifunda phakathi nosuku. Bazizwa njengomhubi owathi: “Yeka indlela engiwuthanda ngayo umthetho wakho! Uyinto engiyikhathalela usuku lonke.”​—IHu. 119:97.

5, 6. (a) Kungani ukuzindla kubalulekile? (b) Singazindla kanjani ngendlela ezuzisayo? (c) Wena uzuze kanjani ngokufunda iZwi likaNkulunkulu nokuzindla ngalo?

5 Ngaphezu kokufunda iBhayibheli, kubalulekile ukuzindla ngalokho esikufundayo. (IHu. 1:1-3) Ukuhlakanipha okungaphelelwa yisikhathi okuseBhayibhelini kuyosisiza kuphela uma sizindla ngesikufundayo. Kungakhathaliseki ukuthi silifunda emakhasini anyathelisiwe noma emishinini ephathwayo, umgomo wethu kufanele kube ukuthatha lokho okubhaliwe sikufake ezinhliziyweni zethu.

6 Singazindla kanjani ngendlela ezuzisayo? Abaningi baye bakuthola kusiza ukuma kancane ngemva kokufunda amavesi athile bese bezibuza le mibuzo: ‘Lokhu kungifundisani ngoJehova? Ngisisebenzisa ngaziphi izindlela isimiso esikule ngxenye yeZwi likaNkulunkulu? Ngingathuthukisa kuphi?’ Njengoba sizindla ngeZwi likaNkulunkulu ngosizo lomthandazo, siyoshukumiseleka ukuba sisebenzise iseluleko salo ngokugcwele. Yebo, siyowasebenzisa ngokugcwele amandla alo ekuphileni kwethu.​—2 Kor. 10:4, 5.

ENKONZWENI

7. Kumelwe silisebenzise kahle ngayiphi indlela iZwi likaNkulunkulu enkonzweni yethu?

7 Yini engasisiza silisebenzise kahle iZwi likaNkulunkulu enkonzweni yethu? Okokuqala, ukulisebenzisa njalo lapho sishumayela nalapho sifundisa. Omunye umzalwane wathi, “Ukube ubushumayela endlini ngendlu noJehova, ubungeke yini umvumele akhulume kuyo yonke imizi?” Nakhu ayezama ukukuveza: Uma silifunda ngokuqondile iZwi likaNkulunkulu lapho sisenkonzweni sivumela uJehova akhulume nomninikhaya. UmBhalo okhethwe kahle cishe uyoba namandla kakhulu ukudlula noma yini engakhulunywa yithi. (1 Thes. 2:13) Zibuze, ‘Ingabe ngicinga wonke amathuba okufundela abantu engishumayela kubo ivesi leBhayibheli?’

8. Kungani kudingeka senze okungaphezu nje kokufunda imiBhalo lapho sishumayela?

8 Kuyiqiniso ukuthi akwanele nje ukufundela umuntu ivesi leBhayibheli, kuningi okudingekayo. Kungani? Kungoba abantu abaningi banolwazi oluncane lweBhayibheli noma abanalo nhlobo. Kwakunjalo ngekhulu lokuqala, kusenjalo nanamuhla. (Roma 10:⁠2) Ngakho akufanele siphethe ngokuthi umuntu uzokuqonda lokho okushiwo yivesi esimfundela lona. Kudingeka silichaze ivesi simbonise amaphuzu akulo​—mhlawumbe siphinde sifunde amagama ayinhloko​—bese simchazela ukuthi lisho ukuthini. Ukwenza kanjalo kungabasiza kakhulu labo esixoxa nabo, kwenze umyalezo weZwi likaNkulunkulu ufinyelele izinhliziyo nezingqondo zabo.​—Funda uLuka 24:32.

9. Singayethula kanjani imiBhalo ngendlela ebonisa ukuthi siyalihlonipha iBhayibheli? Yisho isibonelo.

9 Senza kahle nangokwethula imiBhalo ngendlela ebonisa ukuthi siyalihlonipha iBhayibheli. Ngokwesibonelo singathi, “Ake sibone lokho okushiwo uMdali kule ndaba.” Lapho sikhuluma nomuntu ongeyena umKristu singase sithi, “Ngicela ukukubonisa lokho imiBhalo eNgcwele esitshela kona.” Uma sixoxa nomuntu ongenandaba nenkolo singase simbuze, “Wake wasizwa yini lesi saga sasendulo?” Sishumayeza umuntu ngamunye ngokwalokho ayikho.​—1 Kor. 9:22, 23.

10. (a) Chaza okwenzeka komunye umzalwane. (b) Uye wawabona kanjani amandla eZwi likaNkulunkulu enkonzweni yakho?

10 Abaningi baye bathola ukuthi ukusebenzisa iZwi likaNkulunkulu enkonzweni kungenza umehluko omkhulu kulabo abashumayela kubo. Nasi isibonelo. Umzalwane waphindela kubaba osekhulile okwase kuphele iminyaka efunda omagazini bethu. Kunokuba avele amnike INqabayokulinda yakamuva, umzalwane wanquma ukufunda umBhalo okulowo magazini. Wafunda eyesi-2 Korinte 1:3, 4 ethi: “UYise wesihe noNkulunkulu wenduduzo yonke osiduduza osizini lwethu lonke.” Lawo mazwi amthinta umninikhaya kangangokuba wacela umzalwane ukuba awuphinde lowo mBhalo. Le ndoda yachaza indlela yona nomkayo ababedinga ngayo ukududuzwa, yabe isicela ukwazi okwengeziwe ngeBhayibheli. Awuvumi yini ukuthi iZwi likaNkulunkulu linamandla enkonzweni yethu?​—IzE. 19:20.

LAPHO UFUNDISA ENDAWENI YESIKHULUMI

11. Yimuphi umthwalo abazalwane ababeka izinkulumo abanawo?

11 Sonke siyakuthanda ukuya emihlanganweni yethu yobuKristu emincane nemikhulu. Ngokuyinhloko sibuthana ukuze sikhonze uJehova. Sizuza kakhulu nakulokho esikufundiswayo. Abazalwane ababeka izinkulumo kule mihlangano banelungelo elikhulu nelibalulekile. Kodwa kufanele baqaphele ukuthi banomthwalo osindayo. (Jak. 3:1) Kumelwe baqikelele njalo ukuthi lokho abakufundisayo kusekelwe ngokuyinhloko eZwini likaNkulunkulu. Uma uthola isabelo sokubeka inkulumo, uwasebenzisa kanjani amandla eBhayibheli enkulumweni yakho?

12. Isikhulumi singaqikelela kanjani ukuthi inkulumo yaso isekelwe ngokuphelele emiBhalweni?

12 Qikelela ukuthi inkulumo yakho isekelwe ngokuphelele emiBhalweni. (Joh. 7:16) Lokho kuhilelani? Qaphela ukuba ungavumeli lutho​—izindaba zokuphila, imifanekiso ngisho nendlela obeka ngayo inkulumo​—kwemboze noma kwenze abantu banganaki lokho okushiwo amavesi eBhayibheli owasebenzisayo. Ukhumbule nokuthi ukumane nje ufunde imiBhalo eminingi akunakubhekwa njengokufundisa ngeBhayibheli. Empeleni, ukusebenzisa imiBhalo eminingi kungabangela ukuba izilaleli zingakhumbuli nowodwa umBhalo. Ngakho yikhethe ngokucophelela imiBhalo eyinhloko, uzinike isikhathi sokuyifunda, uyichaze, ufanekise bese ubonisa ukuthi isebenza kanjani. (Neh. 8:8) Uma inkulumo isekelwe ohlakeni oluvela enhlanganweni, lutadishe uhlaka nemiBhalo ekulo. Zama ukuqonda ukuhlobana okukhona phakathi kwemisho esohlakeni nemiBhalo ekhonjiwe. Yibe usukhetha imiBhalo ozoyisebenzisela ukufundisa amaphuzu asohlakeni. (Ungathola amacebiso awusizo ezifundweni 21 kuya ku-23 encwadini ethi Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini.) Ngaphezu kwalokho, thandaza ucele uJehova akusize uchaze amaphuzu ayigugu aseZwini lakhe.​—Funda u-Ezra 7:10; izAga 3:13, 14.

13. (a) Udade othile wathintwa kanjani ukusetshenziswa kwemiBhalo emhlanganweni wobuKristu? (b) Uzuze kanjani emfundweni esekelwe emiBhalweni esiyithola emihlanganweni yethu?

13 Udade wase-Australia yamthinta ngokujulile indlela imiBhalo eyayisetshenziswa ngayo emihlanganweni yobuKristu. Nakuba akhula kabuhlungu, wawulalela umyalezo weBhayibheli futhi wanikezela ukuphila kwakhe kuJehova. Noma kunjalo, kwakunzima ukuba akholelwe ukuthi uJehova uyamthanda. Nokho, ngokuhamba kwesikhathi, wagcina eseqiniseka ngokuthi uNkulunkulu uyamthanda. Yini eyamsiza wafinyelela kuleso siphetho? Ukucabanga kwakhe kwashintsha lapho ezindla ngomBhalo owawufundwe komunye wemihlangano yethu, wabe esehlobanisa lo mBhalo neminye imiBhalo yeBhayibheli. * Ingabe nawe ike yakuthinta indlela imiBhalo esetshenziswa ngayo emihlanganweni emincane nemikhulu?​—Neh. 8:12.

14. Singabonisa kanjani ukubonga kwethu ngeZwi likaNkulunkulu?

14 Asimbongi yini uJehova ngeZwi lakhe elilotshiwe, iBhayibheli? Akagcinanga nje ngokulinika isintu kodwa uye wagcwalisa isithembiso sakhe sokuthi liyohlala likhona. (1 Pet. 1:24, 25) Senza kahle ngokufunda iZwi likaNkulunkulu njalo, silisebenzise ekuphileni kwethu nalapho sisiza abanye abantu. Ngaleyo ndlela siyobe sibonisa uthando lwethu nokubonga ngale ncwadi eyigugu nangoMlobi wayo uJehova uNkulunkulu.

^ isig. 13 Bheka ibhokisi elithi “ Ushintsho.”