Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Lingisa Umusa KaJehova

Lingisa Umusa KaJehova

“NguJehova, nguJehova, uNkulunkulu onesihe nomusa.”​—EKS. 34:6.

IZINGOMA: 142, 12

1. UJehova wazembula kuMose ngayiphi indlela ekhethekile, kungani lokhu kubalulekile?

NGESINYE isikhathi, uJehova wazibonakalisa kuMose wamtshela igama laKhe nezimfanelo zakhe. Izimfanelo zokuqala aziveza kwakuyisihe nomusa. (Funda u-Eksodusi 34:5-7.) UJehova wayengagcizelela amandla akhe noma ukuhlakanipha kwakhe. Kodwa kuMose, owayefuna isiqinisekiso sokuthi uNkulunkulu uzomsekela, uJehova wagcizelela izimfanelo ezibonisa ukuzimisela kwaKhe ukusiza izinceku zakhe. (Eks. 33:13) Akukukhuthazi yini ukwazi ukuthi uNkulunkulu waveza lezi zimfanelo kuqala kunanoma yiziphi ezinye? Lesi sihloko sizogxila emfanelweni yomusa, okuwukuzwelana nomunye umuntu ekuhluphekeni kwakhe nesifiso sokufuna ukumsiza.

2, 3. (a) Yini ebonisa ukuthi kukithi ukukhathalela abanye? (b) Kungani kufanele ufune ukwazi lokho okushiwo yiBhayibheli ngomusa?

2 Abantu benziwa ngomfanekiso kaNkulunkulu. Ngenxa yokuthi uJehova unomusa, abantu bazalwa bethambekele ekukhathalelaneni. Ngisho nalabo abangamazi uNkulunkulu weqiniso bavame ukuba nomusa kwabanye. (Gen. 1:27) Sithola izindaba eziningi eBhayibhelini eziqokomisa ukukhathalela nozwela. Khumbula indaba yezifebe ezimbili ezaziphikisana phambi kukaSolomoni ngokuthi ubani ngempela ongunina wengane. Lapho uSolomoni ezivivinya ngokukhipha umyalo othi ingane mayisikwe phakathi, umama wangempela wavukwa inimba ngengane yakhe. Lokho kwamenza wavikela ingane yakhe, ngisho noma lokho kwakusho ukuyinika omunye owesifazane. (1 AmaKh. 3:23-27) Khumbula nendaba yendodakazi kaFaro eyasindisa ukuphila kukaMose. Nakuba yabona ukuthi usana eyayisanda kuluthola lwaluyingane yomHebheru nokuthi kufanele lubulawe, yaluzwela yanquma ukuba ilukhulise njengengane yalo.​—Eks. 2:5, 6.

3 Kungani kufanele sifune ukwazi ngale ndaba yomusa? Ngoba iBhayibheli lisinxusa ukuba silingise uJehova. (Efe. 5:1) Ngisho noma abantu babedalelwe ukuba babe nomusa, ukuba nesono njengenzalo ka-Adamu kusenza singabakhathaleli abanye. Ngezinye izikhathi singase sithole ukuthi kunzima ukunquma ukuthi sizobasiza yini abanye noma sizozinaka thina kuphela. Kwabanye, lena inkinga eqhubekayo. Yini engakusiza ukhathalele abanye? Okokuqala, zinike isikhathi sokuhlola indlela uJehova abonisa ngayo umusa nendlela abanye abaye bawubonisa ngayo. Okwesibili, cabanga ngendlela ongalingisa ngayo isibonelo sikaNkulunkulu nokuthi lokho kungakuzuzisa kanjani.

UJEHOVA​—ISIBONELO ESIPHELELE SOMUSA

4. (a) Kungani uJehova athumela izingelosi eSodoma? (b) Isifundisani indaba kaLoti namadodakazi akhe?

4 IBhayibheli linezibonelo eziningi zomusa kaJehova. Cabanga ngalokho uNkulunkulu akwenzela uLoti. Leyo ndoda elungile ‘yayicindezeleke kakhulu’ ngenxa yokuziphatha okungamanyala kwabantu baseSodoma neGomora. UNkulunkulu wanquma ukuthi labo bantu ababi bafanelwe ukufa. (2 Pet. 2:7, 8) UNkulunkulu wathumela izingelosi ukuba zisindise uLoti. Zamnxusa ukuba yena nomndeni wakhe baphume kulawo madolobha ayezobhujiswa. “Lapho elokhu elibala, khona-ke ngobubele bukaJehova obabuphezu kwakhe, la madoda abamba isandla sakhe nesandla somkakhe nezandla zamadodakazi akhe amabili amkhiphela ngaphandle ammisa ngaphandle komuzi.” (Gen. 19:16) Lesi sibonelo asibonisi yini ukuthi uJehova uzibona ngokucacile izimo abantu bakhe abathembekile ngezinye izikhathi abazithola bengaphansi kwazo?​—Isaya 63:7-9; Jak. 5:11; 2 Pet. 2:9.

5. IZwi likaNkulunkulu, njengakweyoku-1 Johane 3:​17, lisifundisa kanjani ukubonisa umusa?

5 UJehova akagcinanga nje ngokubonisa umusa kodwa uye wafundisa abantu bakhe ukubaluleka kokuwubonisa. Cabanga ngomthetho owanikwa ama-Israyeli ngokuphathelene nokuthathwa kwengubo yomuntu njengesibambiso. (Funda u-Eksodusi 22:26, 27.) Umuntu obolekisayo ongenamusa angase alingeke ukuba athathe ingubo yobolekayo, emshiya engenayo ingubo yokulala. Kodwa uJehova wafundisa abantu bakhe ukuba bakugweme ukungabi nazwela okunjalo. Abantu bakhe kwakumelwe babe nomusa. Yini esiyifunda kulesi simiso okusekelwe kuso lo mthetho? Akumelwe nanini singazinaki izidingo zamaKristu esikanye nawo. Uma sikwazi ukusiza umzalwane noma udade ohluphekayo, sifuna ukukwenza lokho.​—Kol. 3:12; Jak. 2:15, 16; funda eyoku-1 Johane 3:17.

6. Yini esiyifunda endleleni uJehova abonisa ngayo ama-Israyeli onayo umusa?

6 UJehova wabazwela abantu bakhe, ama-Israyeli, ngisho nalapho bona. Siyafunda: “UJehova uNkulunkulu wokhokho babo waqhubeka ethumela kubo ngezithunywa zakhe, ethumela ngokuphindaphindiwe, ngoba waba nobubele ngabantu bakhe nangendawo yakhe yokuhlala.” (2 IziKr. 36:15) Akufanele yini sibazwele ngendlela efanayo abantu abangase baphenduke bayeke okubi, bathole umusa kaNkulunkulu? UJehova akafuni ukuba kubhubhe noyedwa lapho kufika usuku lwakhe lokwahlulela. (2 Pet. 3:9) Kuze kube yilapho uNkulunkulu ebhubhisa ababi, masiqhubeke simemezela isixwayiso sakhe somusa.

7, 8. Kungani umndeni othile ukholelwa ukuthi uJehova wawubonisa umusa?

7 Ziningi izibonelo ezibonisa izenzo zikaNkulunkulu zomusa. Cabanga ngalokho okwenzeka emndenini womfana oneminyaka engu-12 esizombiza ngokuthi uMilan. Kwakuphakathi kwezinxushunxushu zobuhlanga ngasekuqaleni kwawo-1990. UMilan, umfowabo, abazali bakhe noFakazi abaningana babesebhasini besuka eBosnia beya eSerbia. Babeya emhlanganweni abazali bakaMilan ababezobhapathizwa kuwo. Kodwa lapho befika emngceleni, amasosha akhipha lo mndeni ebhasini ngenxa yohlanga lwawo, abe esevumela abanye ukuba baqhubeke nohambo. Ngemva kokuvalela lo mndeni izinsuku ezimbili, isosha elaliphethe lathintana nenduna yalo ngocingo ukuze libuze ukuthi kwenziweni ngalo mndeni. Njengoba likhuluma nenduna yalo, umndeni wawukhona ulalele. Ngakho wezwa lapho induna ithi, “Bakhiphele ngaphandle, ubadubule!”

8 Njengoba isosha eliphethe likhuluma namasosha angaphansi kwalo, amadoda amabili asondela kulo mndeni afike awuchazela ukuthi angoFakazi. Ayetshelwe abazalwane ababegibele ibhasi nalo mndeni ngalokho okwakwenzekile. La madoda atshela uMilan nomfowabo ukuba baye emotweni yawo ngale komngcele njengoba amasosha ayengawahloli amaphepha ezingane. La madoda abe esetshela abazali ukuba beqe umngcele, babezohlangana ngale kwawo. UMilan wayengazi ukuthi ahleke noma akhale lapho la madoda emtshela lokho okwakumelwe akwenze. Abazali babuza, “Nicabanga ukuthi bazosiyeka nje sihambe?” Kodwa lapho behamba kwaba sengathi amasosha awababoni nhlobo. Abazali nezingane bahlangana ngale komngcele. Bahamba baya emhlanganweni, beqiniseka ngokuthi uJehova uyiphendulile imithandazo yabo. Siyazi ukuthi eBhayibhelini zikhona izikhathi lapho uJehova engazange angenele ngokuqondile ukuze avikele izinceku zakhe. (IzE. 7:58-60) Noma kunjalo, uMilan uchaza indlela azizwa ngayo, “Kimi kwaba sengathi izingelosi zavala amehlo amasosha, uJehova wasisindisa.”​—IHu. 97:10.

9. UJesu wazizwa kanjani ngezixuku ezazimlandela? (Bheka isithombe esisekuqaleni.)

9 Singafunda isifundo kuJesu. “Lapho ebona izixuku wafikelwa isihawu ngazo, ngoba zaziphundlekile futhi zihlakazekile njengezimvu ezingenamalusi.” Yini ayenza? ‘Wazifundisa izinto eziningi.’ (Math. 9:36; funda uMarku 6:34.) Indlela ayecabanga ngayo yayihluke ngokuphelele kweyabaFarisi ababengenaso isifiso sokusiza abantu abavamile. (Math. 12:9-14; 23:4; Joh. 7:49) NjengoJesu, cishe nawe unesifiso esinamandla sokufundisa abantu ngoJehova.

10, 11. Ingabe ukubonisa umusa kuyafaneleka ngazo zonke izikhathi? Chaza.

10 Kodwa lokhu akusho ukuthi kumelwe sibonise umusa ngaphansi kwazo zonke izimo. Umusa kaNkulunkulu wawufaneleka ezibonelweni eziseBhayibhelini esesixoxe ngazo. Nokho, iNkosi uSawule yephula umthetho kaNkulunkulu ngokwenza lokho eyayicabanga ukuthi ukubonisa umusa. USawule akazange ambulale u-Agagi owayeyisitha sabantu bakaNkulunkulu, waphinde wazithathela nemfuyo okwakufanele ayibulale. Ngenxa yalokho, uJehova akabange esambheka njengenkosi yakwa-Israyeli. (1 Sam. 15:3, 9, 15) UJehova ungumaHluleli olungile. Uyakwazi ukufunda izinhliziyo zabantu, wazi kahle ukuthi kunini lapho umusa ufaneleka khona. (IsiL. 2:17; Hez. 5:11) Maduzane uzokwahlulela bonke abenqaba ukumlalela. (2 Thes. 1:6-10) Leso kuyobe kungesona isikhathi sokuba abonise abantu ababi umusa. Kunalokho, ukubabulala kuyoba yindlela efanele yokubonisa umusa kwabalungile ayobasindisa.

11 Kuyacaca ukuthi akukhona okwethu ukwahlulela abantu ukuthi bazobhujiswa yini noma cha. Thina kudingeka senze konke okusemandleni ethu ukuze sisize abantu. Singawubonisa kanjani umusa ngezindlela ezingokoqobo? Nazi izindlela ezimbalwa.

UKUHLAKULELA NOKUBONISA UMUSA

12. Ungawubonisa kanjani umusa kwabanye?

12 Yiba usizo ekuphileni kwansuku zonke. Ukubonisa omakhelwane nabafowethu abangamaKristu umusa kuyimfuneko kulabo abazama ukulingisa uJesu. (Joh. 13:34, 35; 1 Pet. 3:8) Enye inkulumo ehlobene nokubonisa umusa, “ukuhlupheka ndawonye.” Umuntu obonisa umusa uzama ukusiza abahluphekayo, mhlawumbe ngokubasiza baxazulule izinkinga zabo. Funa amathuba okwenza lokho! Ngokwesibonelo, ungamsiza yini umuntu ngokumenzela umsebenzi othile, mhlawumbe ukumyela ezitolo?​—Math. 7:12.

Bonisa umusa kwabanye ngokubasiza ngezindlela ezingokoqobo (Bheka isigaba 12)

13. Yiziphi izimfanelo zabantu bakaNkulunkulu ezibonakala ngokucacile lapho kwenzeka izinhlekelele?

13 Hlanganyela emsebenzini wokusiza lapho kunezinhlekelele. Ukuhlupheka kwalabo abehlelwe izinhlekelele kwenza abaningi babonise umusa. Abantu bakaNkulunkulu baziwa ngokusiza lapho kuvela izimo ezinjalo. (1 Pet. 2:17) Udade othile waseJapane wayehlala endaweni eyalinyazwa kakhulu ukuzamazama komhlaba ne-tsunami ngo-2011. Uthi “wakhuthazwa futhi waduduzwa” yimizamo yamavolontiya amaningi avela kwezinye izindawo zeJapane nakwamanye amazwe ayezosiza ngokulungiswa kwezindawo ezilimele. Uyabhala: “Okwenzeka kwangisiza ngabona ukuthi uJehova uyasikhathalela, nokuthi oFakazi bayakhathalelana. Abafowethu nodadewethu emhlabeni wonke bayasithandazela.”

14. Ungabasiza kanjani abagulayo nabagugile?

14 Siza abantu abagulayo nabagugile. Lapho sibona abanye begula futhi beguga sishukumiseleka kufanele ukuba sibabonise umusa. Silangazelela ukubona ukugula nokuguga kungasekho. Ngakho sithandazela ukuba uMbuso kaNkulunkulu ufike. Kodwa okwamanje, senza konke okusemandleni ethu ukuze sisize abadinga usizo. Cabanga ngalokho okwashiwo umbhali othile ngomama wakhe owayenesifo se-Alzheimer. Ngolunye usuku wazimoshela. Njengoba ezama ukuhlanza umonakalo, kwangqongqoza umuntu emnyango. Lapho evula kwakungoFakazi ababehlale bemvakashela. Odade bambuza ukuthi bangamsiza yini. Lapho ephendula wathi, “Yebo, ukuthi nje ngishaywa amahloni.” Odade base bemsiza. Ngemva kwalokho bamenzela itiye bahlala naye baxoxa. Kwayijabulisa kakhulu indodana lokho. Iyabhala: “Ngiyabahlonipha lab’ oFakazi. Benza lokho abakushumayezayo.” Ingabe ukuzwela kwakho abagulayo nabagugile kukushukumisela ukuba wenze konke ongakwenza ukuze ubasize?​—Fil. 2:3, 4.

15. Umsebenzi wokushumayela usinika amathuba okwenzani?

15 Siza abantu bazi uJehova. Izinkinga zabantu nezinto ezibakhathazayo zisenza ukuba sibasize bazi uJehova. Indlela engcono kakhulu yokwenza lokho ukubafundisa ngoNkulunkulu nangalokho uMbuso wakhe ozobenzela kona. Enye indlela, ukubasiza babone ukuhlakanipha kokuphila ngemithetho kaNkulunkulu. (Isaya 48:17, 18) Zama ukwandisa isikhathi osichitha enkonzweni, umsebenzi odumisa uJehova ngempela, ubonise abanye umusa.​—1 Thim. 2:3, 4.

UKUBA NOMUSA KUYAKUZUZISA NAWE!

16. Ukuba nomusa kuzuzisa kanjani?

16 Odokotela bengqondo bathi ukuba nomusa kungathuthukisa impilo yakho, inhlalakahle yakho nobuhlobo bakho nabanye. Lapho usiza abanye, uyajabula, uba nethemba, isizungu siyaphela futhi awubi nemicabango emibi. Ngempela, uyazuza ngokuba nomusa. (Efe. 4:31, 32) AmaKristu akuthandayo ukusiza abanye abusiswa ngokuba nonembeza omuhle, ngenxa yokuthi asuke enza ngokuvumelana nemithetho kaNkulunkulu. Ukwenza lokho kusiza umuntu abe umzali onakekela kakhudlwana, aphathe kahle ashade naye futhi abe umngane ongcono. Labo ababonisa abanye umusa bazibeka ethubeni lokusizwa nokusekelwa abanye lapho kuphakama isidingo.​—Funda uMathewu 5:7; uLuka 6:38.

17. Kungani ufuna ukuhlakulela nokubonisa umusa?

17 Ukwazi ukuthi ukuba nomusa kuyakuzuzisa akufanele kube yisizathu esiyinhloko sokuwuhlakulela. Isizathu esiyinhloko kufanele kube yisifiso sakho sokulingisa nokukhazimulisa uMthombo wothando nomusa, uJehova uNkulunkulu. (IzAga 14:31) Usibekela isibonelo esiphelele. Kwangathi singenza konke okusemandleni ethu ukuba simlingise​—sandise uthando phakathi kwabazalwane bethu futhi sibe nobuhlobo obuhle nomakhelwane bethu ngokubabonisa umusa.​—Gal. 6:10; 1 Joh. 4:16.