Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Bazalwane Asebekhulile​—⁠UJehova Uyajabula Ngobuqotho Benu

Bazalwane Asebekhulile​—⁠UJehova Uyajabula Ngobuqotho Benu

EMHLABENI wonke, abadala bayawajabulela amalungelo enkonzo abanawo enhlanganweni kaNkulunkulu. Bayisibusiso ngempela kithi sonke! Nokho, muva nje, kunoshintsho oluye lwenziwa. Abadala asebekhulile baye bacelwa ukuba badlulisele imisebenzi abayiphathisiwe kubazalwane abasebasha. Kanjani?

Ilungiselelo elisha liwukuthi ababonisi bezigodi kanye nabazalwane abafundisa ezikoleni zenkonzo bayeke ukwenza lezi zabelo lapho beba neminyaka engu-70. Abadala abaneminyaka engu-80 banikeza abazalwane abasebasha izabelo ababezenza, njengokuba umxhumanisi weKomiti Yegatsha noma ukuba umxhumanisi wendikimba yabadala ebandleni abakulo. Laba bazalwane asebekhulile baye basabela kanjani kulolu shintsho? Baye baba qotho kuJehova nasenhlanganweni yakhe!

UKen okhonze njengomxhumanisi weKomiti Yegatsha iminyaka ecishe ibe ngu-49 uthi, “Ngangivumelana ngokugcwele naleso sinqumo. Empeleni, ngalo lolo suku engezwa ngalo, ngangithandazile kuJehova, ngamchazela ngesidingo sokuba umxhumanisi kube umzalwane osemusha.” Indlela uKen azizwa ngayo iyafana neyabanye asebekhulile abathembekile emhlabeni wonke. Kuyiqiniso ukuthi njengoba bebekuthanda ukukhonza abafowabo, baqale baphoxeka lapho bezwa ngalolu shintsho.

U-Esperandio owayengumxhumanisi wendikimba yabadala ebandleni akulo, uthi, “Ngaphatheka kabi.” Kodwa uyavuma, “Ngangidinga isikhathi esengeziwe sokunakekela impilo yami njengoba ngiguga.” U-Esperandio uyaqhubeka ekhonza uJehova ngokwethembeka futhi uyisibusiso ebandleni akulo.

Kuthiwani ngababonisi asebejikeleze isikhathi eside abaye bashintshela kwezinye izabelo zenkonzo? U-Allan, okwaphela iminyaka engu-38 engumbonisi ojikelezayo, uyavuma: “Lapho ngizwa ngalokhu, ngashaqeka.” Noma kunjalo, waziqaphela izinzuzo zokuqeqesha amadoda asemasha ukuba enze umsebenzi futhi uyaqhubeka ekhonza uJehova ngokwethembeka.

URussel okwaphela iminyaka engu-40 engumbonisi ojikelezayo futhi efundisa esikoleni sabadala, uthi ekuqaleni lokhu kwabadumaza benomkakhe. “Sasiwuthanda kakhulu umsebenzi wethu futhi sasibona ukuthi sisenawo amandla okuqhubeka.” Manje uRussel nomkakhe basebenzisa ulwazi lwabo ebandleni abakulo futhi lokhu kuye kwabazuzisa kakhulu abamemezeli abakhonza nabo.

Ngisho noma ungakaze uzizwe ngendlela abaningi esesixoxe ngabo abazizwa ngayo, ukulandisa okusencwadini yesi-2 Samuweli kungakusiza uyiqonde kangcono indlela abazizwa ngayo.

INDODA ETHOBEKILE NEKWAZI UKUBHEKANA NAMAQINISO

Cabanga ngesikhathi lapho indodana yeNkosi uDavide u-Absalomu, ivukela. UDavide wabaleka esuka eJerusalema waya eMahanayimi, esempumalanga yoMfula iJordani. Kuleyo ndawo uDavide nalabo ababenaye babedinga izinto ezazizobasiza baphile. Ingabe uyakhumbula ukuthi kwenzekani?

Amadoda amathathu kuleyo ndawo aletha imibhede, ukudla okuhlukahlukene kanye namathuluzi ayedingeka. UBharizilayi wayengomunye walabo bantu. (2 Sam. 17:27-29) Ngemva kokuba u-Absalomu ovukelayo esevinjiwe, uDavide wakwazi ukuphindela eJerusalema ephelezelwa uBharizilayi baya eJordani. UDavide wamcela ukuba aye naye eJerusalema. Wamthembisa ukumnika ukudla, ngisho noma uBharizilayi ayecebe kakhulu futhi engadingi ukuphiwa ukudla. (2 Sam. 19:31-33) Kungenzeka uDavide wayezazisa izimfanelo zikaBharizilayi futhi efuna ukuzuza ezelulekweni zakhe. Cishe kwakuyoba ilungelo elijabulisayo ukuphila nokusebenza esigodlweni!

Ebhekana namaqiniso, uBharizilayi wachaza ukuthi uneminyaka engu-80. Wabe esenezela: “Ngisengakwazi yini ukuhlukanisa phakathi kokuhle nokubi?” Wayesho ukuthini? Ngenxa yesikhathi ayesiphilile, kumelwe ukuba uBharizilayi wayehlakaniphile. Ngenxa yalokho, wayengakwazi ukunika uDavide iseluleko njengoba nje “amadoda amadala” eluleka iNkosi uRehobowamu. (1 AmaKh. 12:6, 7; IHu. 92:12-14; IzAga 16:31) Amazwi ashiwo uBharizilayi ngokuphathelene nokuhlukanisa phakathi kokuhle nokubi kungenzeka ayebhekisela ezintweni ayengasakwazi ukuzenza ngenxa yokuguga. Wavuma ukuthi ukuguga kwase kuyishintsha indlela anambitha ngayo nezwa ngayo. (UmSh. 12:4, 5) Ngakho, uBharizilayi wanxusa uDavide ukuba athathe uKimihamu okungenzeka wayeyindodana yakhe.—2 Sam. 19:35-40.

UKUHLELELA IKUSASA

Ushintsho okukhulunywe ngalo ekuqaleni kwalesi sihloko oluthinta asebekhulile, luveza umbono ofana nalowo owaboniswa uBharizilayi. Kuyaqondakala ukuthi esikhathini sethu kuye kwadingeka kucatshangelwe okungaphezu nje kwamandla omuntu nalokho akwazi ukukwenza, njengoba kwakunjalo kuBharizilayi. Kwakunesidingo sokubhekana namaqiniso ekucabangeleni ukuthi yini engabalungela kangcono asebekhulile abakhonza ngokwethembeka emhlabeni wonke.

La madoda angamaKristu asekhulile ayabona ukuthi inhlangano kaJehova izoqina futhi ikhule uma imisebenzi ayeyenza inikezwa amadoda asemasha. Ezimweni eziningi, abazalwane asebekhulile yibo abaqeqesha abazalwane abasebasha, njengoba nje kungenzeka uBharizilayi waqeqesha indodana yakhe nomphostoli uPawulu waqeqesha uThimothewu. (1 Kor. 4:17; Fil. 2:20-22) Laba bazalwane abasebasha baye bazibonakalisa ‘beyizipho ezingabantu’ ezikwazi ukusiza ‘ekwakheni umzimba kaKristu.’—Efe. 4:8-12; qhathanisa noNumeri 11:16, 17, 29.

AMATHUBA AHLUKAHLUKENE ENKONZO

Abantu bakaNkulunkulu abaningi emhlabeni wonke abaye badlulisela izabelo ezithile kwabanye, manje bayakwazi ukwandisa inkonzo yabo emsebenzini kaJehova.

UMarco owaba umbonisi ojikelezayo iminyaka engu-19 uthi, “Manje izimo zami zingivumela ukuba ngisize abayeni abangakholwa bodade abasebandleni engikulo.”

UGeraldo okwaphela iminyaka engu-28 ejikeleza uthi, “Imigomo yethu emisha ihlanganisa ukusiza abapholile nokuqhuba izifundo zeBhayibheli ezengeziwe.” Ubika ukuthi manje yena nomkakhe baqhuba izifundo zeBhayibheli ezingu-15 futhi abantu abaningana abapholile sebeyeza emihlanganweni yebandla.

U-Allan okukhulunywe ngaye ekuqaleni, uthi: “Manje sinethuba lokuchitha isikhathi esengeziwe emsebenzini wokushumayela. Sijabulela ukufakaza ezindaweni zomphakathi, ezindaweni zamabhizinisi nokushumayeza omakhelwane bethu futhi ababili kubo bayeza eHholo LoMbuso.”

Uma ungumzalwane okhuthele noqotho futhi usanda kuthola isabelo esisha enhlanganweni, ikhona enye indlela ongasiza ngayo. Ungasekela umsebenzi kaJehova ngokunika amadoda asemasha ebandleni ulwazi onalo. URussel okuke kwakhulunywa ngaye uthi, “UJehova uqeqesha futhi asebenzise abasebasha abahle nabanamakhono. Inhlangano yonke iyazuza ngenxa yendlela enomdlandla abafundisa ngayo nabelusa ngayo!”—Bheka ibhokisi elithi “ Siza Amadoda Asemasha Akhule Ngokugcwele.”.”

UJEHOVA UYAJABULA NGOBUQOTHO BAKHO

Uma usanda kungenela uhlobo lwenkonzo oluhlukile, hlala unombono omuhle. Baningi abantu osubasizile kakade ngomsebenzi wakho owenza ngokuzikhandla futhi ungaqhubeka wenza kanjalo. Baningi abakuthandayo futhi ngokuqinisekile bazoqhubeka bekuthanda.

Okubaluleke nakakhulu ukuthi uzenzele igama elihle kuJehova. Ngeke ‘awukhohlwe umsebenzi wakho nothando owalubonisa kulo igama lakhe, ngoba uye wabakhonza abangcwele futhi uyaqhubeka ubakhonza.’ (Heb. 6:10) Lo mBhalo ophefumulelwe usiqinisekisa ngokuthi lesi sithembiso asibhekiseli kuphela kulokho esakwenza esikhathini esidlule. Uyigugu kakhulu kuJehova ukuba angayikhohlwa imisebenzi oyenzile naleyo oqhubeka uyenza ukuze umjabulise!

Kuthiwani uma ungekho phakathi kwalabo abashintshe isabelo njengoba kuchaziwe ngenhla? Le ndaba ingase ikuthinte ngokuqondile. Kanjani?

Uma manje usondelene nomzalwane othembekile osekhulile oshintshe isabelo, ungazuza olwazini nasemakhonweni akhe njengoba eseneminyaka ekhonza uNkulunkulu. Cela iseluleko sakhe. Cela umbono wakhe. Bheka indlela asenza ngayo isabelo sakhe manje esebenzisa ulwazi analo.

Kungakhathaliseki ukuthi ungumzalwane osekhulile owenza isabelo esisha noma ungudade noma umzalwane ongazuza olwazini lwabazalwane abangomakad’ ebona, khumbula ukuthi uJehova uyajabula ngalabo asebemkhonze ngobuqotho isikhathi eside nabaqhubeka bemkhonza.