Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Uma Nizazi Lezi Zinto, Niyajabula Uma Nizenza”

“Uma Nizazi Lezi Zinto, Niyajabula Uma Nizenza”

“Ukudla kwami kuwukuba ngenze intando yalowo ongithumileyo nokuba ngiqede umsebenzi wakhe.”—JOH. 4:34.

IZINGOMA: 80, 35

1. Umoya wezwe wobugovu ungasithonya kanjani?

KUNGANI kunzima ukwenza lokho esikufunda eZwini likaNkulunkulu? Esinye sezizathu ukuthi kudingeka sithobeke ukuze senze okulungile futhi kuyinselele enkulu ukuhlala sithobekile. Kulezi ‘zinsuku zokugcina,’ siphila nabantu “abazithandayo, abathanda imali, abazazisayo, abazidlayo,” ‘nabangenakho ukuzithiba.’ (2 Thim. 3:1-3) Njengezinceku zikaNkulunkulu, nakuba sazi ukuthi ukuziphatha okunjalo kubi, ngezinye izikhathi singase sibone sengathi labo abaziphatha ngale ndlela bayaphumelela futhi baphila kamnandi. (IHu. 37:1; 73:3) Kungenzeka sizibuze: ‘Ingabe kuyazuzisa ngempela ukukhathalela izidingo zabanye kuqala kunezami? Ingabe abantu bayoqhubeka bengihlonipha uma ngiziphatha “njengomncane”?’ (Luka 9:48) Ukuvumela umoya wezwe wobugovu usithonye kungalimaza ubuhlobo obuhle esinabo nabafowethu ebandleni futhi kwenze kube nzima ngabanye ukuba babone ukuthi singamaKristu. Kodwa siyazuza lapho sihlola izibonelo ezinhle eziseBhayibhelini futhi sizilingise.

2. Yini esingayifunda ezincekwini zikaNkulunkulu zasendulo ezithembekile?

2 Uma sifuna ukulingisa abantu ababethembekile kuNkulunkulu, kumelwe sicwaninge ukuthi yini abayenza ukuze bathole imiphumela emihle. Kwenzeka kanjani ukuthi babe abangane bakaNkulunkulu, bamukelwe nguye futhi babe namandla okwenza intando yakhe? Ukucwaninga okunjalo kubalulekile ukuze ukholo lwethu luqine.

UKUDLA OKWENZA UKHOLO LWETHU LUQINE

3, 4. (a) UJehova usifundisa kanjani? (b) Kungani ukuthola ukudla okungokomoya kuhilela okungaphezu kokuthola ulwazi?

3 Sithola iseluleko nokuqeqeshwa okuhle ngeBhayibheli, ngezincwadi zethu, ngewebhusayithi yethu, nge-JW Broadcasting, ngemihlangano yebandla nangemihlangano emikhulu. Kodwa amazwi kaJesu akuJohane 4:34 abonisa ukuthi ukuthola ukudla okungokomoya kuhilela okungaphezu kokuthola ulwazi. Yini enye ehilelekile? UJesu wathi: “Ukudla kwami kuwukuba ngenze intando yalowo ongithumileyo nokuba ngiqede umsebenzi wakhe.”

4 KuJesu, ukudla okungokomoya kwakuhlanganisa ukwenza intando kaNkulunkulu. Ngamuphi umqondo? Njengoba ukudla ukudla okunempilo kusiqinisa futhi kusenza sijabule, ukwenza intando kaNkulunkulu kuqinisa ukholo lwethu. Ngokwesibonelo, wake waya emhlanganweni wenkonzo yasensimini uzihudula ngenxa yokukhathala kodwa wazibona usujabule futhi uqabulekile lapho ubuya ensimini?

5. Yini esiyizuza ngokuba abahlakaniphile?

5 Ukuhlakanipha kusho ukwenza lokho uJehova athi sikwenze. (IHu. 107:43) Labo abahlakaniphile bathola imivuzo emihle. “Konke okunye okujabulelayo ngeke kulinganiswe nakho. . . . Kungumuthi wokuphila kulabo abakubambayo, futhi labo abakubamba bakuqinise kuyothiwa bayajabula.” (IzAga 3:13-18) UJesu wathi: “Uma nizazi lezi zinto, niyajabula uma nizenza.” (Joh. 13:17) Abafundi babeyoqhubeka bejabule uma nje beqhubeka benza lokho uJesu athi bakwenze. Ukulandela izimfundiso nesibonelo sakhe kwakuyoba indlela yabo yokuphila.

6. Kungani kudingeka siqhubeke sisebenzisa lokho esikufundayo?

6 Nanamuhla, kubalulekile ukuba siqhubeke sisebenzisa lokho esaziyo ukuthi kuyiqiniso. Ngokwesibonelo, umuntu olungisa izimoto angase abe namathuluzi, imishini nolwazi. Kodwa ngeke zimsize lezi zinto uma engazisebenzisi. Uma engumakhenikha ongumakad’ ebona, kumelwe aqhubeke esebenzisa lokho akufunda ukuze ahlale enekhono futhi ewenza kahle umsebenzi wakhe. Ngendlela efanayo, ekuqaleni singase siphumelele ngoba sikusebenzisa lokho esikufunda eBhayibhelini. Nokho, ukuze sihlale sijabule kumelwe siqhubeke sikusebenzisa nsuku zonke lokho uJehova asifundisa khona.

7. Ukuze sihlakaniphe, kumelwe sisabele kanjani ezibonelweni esizifunda eBhayibhelini?

7 Ake sihlole izimo ezihlukahlukene ukuthobeka okungavivinyeka kuzo, sibone indlela izinceku zikaNkulunkulu zasendulo ezahlala ngayo zithobekile ngaphansi kwezimo ezifanayo. Ukuze siqine ngokomoya kudingeka okungaphezu kokuba nolwazi. Ngakho, cabanga ngendlela wena ongawasebenzisa ngayo la maphuzu bese uwasebenzisa ngokushesha.

UNGABABUKELI PHANSI ABANYE

8, 9. Izenzakalo ezilotshwe encwadini yezEnzo 14:8-15 zembulani ngokuthobeka kukaPawulu? (Bheka isithombe esisekuqaleni.)

8 Intando kaNkulunkulu iwukuba “zonke izinhlobo zabantu zisindiswe futhi zifinyelele olwazini olunembile lweqiniso.” (1 Thim. 2:4) Uyini umbono wakho ngezinhlobo ezihlukahlukene zabantu ezingakalazi iqiniso? Nakuba umphostoli uPawulu ayeshumayeza labo abamaziyo uNkulunkulu emasinagogeni, akagcinanga lapho, washumayeza nalabo ababekhonza onkulunkulu bamanga. Indlela labo abakhulekela onkulunkulu bamanga abasabela ngayo yakuvivinya ukuthobeka kukaPawulu.

9 Ngokwesibonelo, ohambweni lukaPawulu njengesithunywa sevangeli, lapho abantu baseLikawoniya bebona yena noBarnaba bacabanga ukuthi bangonkulunkulu—onkulunkulu bamanga, uZeyusi noHermesi. Ingabe uPawulu noBarnaba balingeka ukuba balwamukele lolo dumo? Ingabe babebheka lokho njengekhefu eliqabulayo ekushushisweni ababekuthole emadolobheni amabili ababesuka kuwo? Ingabe bacabanga ukuthi lokho kunakwa kwakuzobasiza bashumayele izindaba ezinhle? Lutho neze! Ngokushesha bamelana nalokho, baklebhula izingubo zabo bagxumela esixukwini bememeza bethi: “Kungani nenza lezi zinto na? Nathi singabantu abanobuthakathaka obufanayo nobenu.”—IzE. 14:8-15.

10. Kungani singathi uPawulu noBarnaba abazange bababukele phansi abantu baseLikawoniya?

10 Ngokuvuma ukuthi nabo babenesono, uPawulu noBarnaba babengasho ukuthi indlela yabo yokukhulekela yayifana neyalabo ababekhonza onkulunkulu bamanga. Bona babeyizithunywa zevangeli ezenza umsebenzi okhethekile. (IzE. 13:2) Babegcotshwe ngomoya ongcwele futhi benethemba elihle kakhulu. Kodwa uPawulu noBarnaba babeqonda ukuthi abantu baseLikawoniya nabo babengathola ithemba lokuphila ezulwini uma bamukela izindaba ezinhle.

11. Lapho sishumayela, singasilingisa kanjani isibonelo sikaPawulu sokuthobeka?

11 Singasilingisa kanjani isibonelo sikaPawulu sokuthobeka? Okokuqala, kumelwe sisenqabe isilingo sokulindela noma sokwamukela udumo ngezinto esizenza ngamandla esiwanikwa uJehova. Ngamunye kithi wenza kahle ngokuzibuza: ‘Ngibabheka kanjani abantu engibashumayezayo? Ingabe ngibabheka ngendlela engeyinhle evamile emphakathini engikuwo?’ Ngokujabulisayo, oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke bahlale bezama ukuthola labo abangase bazilalele izindaba ezinhle. Ngezinye izikhathi, lokho kungase kuhilele ukufunda izilimi noma ukujwayelana namasiko alabo ababukelwa phansi. UmKristu oshumayeza abantu abanjalo akalokothi azibone engcono kunabo. Kunalokho uzama ukuqonda umuntu ngamunye ukuze afinyelele izinhliziyo ngezindaba zoMbuso.

THANDAZELA ABANYE UBABIZE NGAMAGAMA

12. U-Ephafra wabonisa kanjani ukuthi ubakhathalela ngempela abanye?

12 Enye indlela esibonisa ngayo ukuthi sisilalela ngokuthobeka isiqondiso sikaNkulunkulu, ukuthandazela labo kakade “abazuze ukholo, oluyilungelo elilinganayo nelethu.” (2 Pet. 1:1) Yilokho u-Ephafra akwenza. IBhayibheli likhuluma ngaye kathathu kuphela ezincwadini zikaPawulu. Ngesikhathi uPawulu eboshiwe eRoma, uPawulu wabhalela amaKristu ayehlala eKolose ewatshela ngo-Ephafra, wathi kuwo: U-Ephafra uzikhandla “ngaso sonke isikhathi ngenxa yenu emithandazweni yakhe.” (Kol. 4:12) U-Ephafra wayebazi kahle abazalwane futhi ebakhathalela ngokujulile. Ukuba “isithunjwa esikanye” noPawulu akuzange kumenze angaziboni izidingo zabanye. (Filem. 23) Empeleni wenza okuthile ngakho. Ingabe lokho akubonisi ukuthi wayebakhathalela futhi engenabugovu? Ukuthandazela izinceku zikaJehova kunamandla, ikakhulu lapho sizibiza ngamagama.—2 Kor. 1:11; Jak. 5:16.

13. Ungasilingisa kanjani isibonelo sika-Ephafra lapho uthandaza?

13 Cabanga ngalabo ongabathandazela, ubabize ngamagama. Njengo-Ephafra, abazalwane nodade abaningi bathandazela labo abahlanganyela nabo ebandleni noma imindeni ethwele kanzima noma okudingeka yenze izinqumo ezinzima noma imelane nezilingo. Abaningi bathandazela labo amagama abo abhalwe esihlokweni esiku-jw.org/zu esithi “OFakazi BakaJehova Baboshelwe Ukholo Lwabo.” (Bheka ngaphansi kwesithi IZINDABA > IZINDABA ZOMTHETHO.) Ngaphezu kwalokho, senza kahle ngokukhumbula labo abaye bashonelwa abantu ababathandayo, labo abasinde ezinhlekeleleni noma ezimpini zakamuva nalabo abakhuthazelela izimo zomnotho ezinzima. Kuyacaca ukuthi baningi abazalwane nodade abadinga ukuba sibathandazele nabangazuza emithandazweni yethu. Lapho sibathandazela, sibonisa ukuthi sikhathalela hhayi izidingo zethu kuphela kodwa nezabanye. (Fil. 2:4) UJehova uyayizwa imithandazo enjalo.

‘SHESHA UKUZWA’

14. UJehova usibekela kanjani isibonelo sokuba isilaleli esihle?

14 Enye indlela esibonisa ngayo ukuthi sithobekile ukuba yizilaleli ezinhle. UJakobe 1:19 uthi kufanele ‘sisheshe ukuzwa.’ UJehova usibekela isibonelo esihle kakhulu kule ndaba. (Gen. 18:32; Josh. 10:14) Cabanga ngalokho esingakufunda engxoxweni elotshwe ku-Eksodusi 32:11-14. (Funda.) Ngisho noma sasingekho isidingo, uJehova wanika uMose ithuba lokuveza indlela ayezizwa ngayo. Wena ungaba naso yini isineke sokulalela umbono womuntu osho izinto eziyiphutha bese wenza lokho akushoyo? Kodwa uJehova yena ubalalela ngesineke abantu abathandaza kuye ngokholo.

15. Singamlingisa kanjani uJehova ngokunaka abanye?

15 Ngamunye wethu wenza kahle ngokuzibuza: ‘Uma uJehova ekwazi ukuzehlisa ukuze alalele abantu ngendlela alalela ngayo u-Abrahama, uRaheli, uMose, uJoshuwa, uManowa, u-Eliya noHezekiya, akufanele yini ngabe sisebenzelana kangcono nabo bonke abafowethu ngokulalela imibono yabo nangokwenza okuhle abakushoyo? Ukhona yini umuntu ebandleni noma emndenini okufanele ngimnake? Yini okufanele ngiyenze ngalokho? Yini engizoyenza ngalokho?’—Gen. 30:6; AbaHl. 13:9; 1 AmaKh. 17:22; 2 IziKr. 30:20.

“MHLAWUMBE UJEHOVA UZOBONA”

UDavide wathi: “Myekeni!” Wena wawuyokwenzenjani? (Bheka isigaba 16, 17)

16. Yini eyenziwa yiNkosi uDavide lapho echukuluzwa uShimeyi?

16 Ukuthobeka kusisiza nokuba sizithibe lapho abanye besiphatha kabi. (Efe. 4:2) Isibonelo esivelele salokhu sisithola kweyesi-2 Samuweli 16:5-13. (Funda.) UDavide nezinceku zakhe babekezelela ukuthukwa nokuchukuluzwa uShimeyi, isihlobo seNkosi uSawule. UDavide wakubekezelela lokhu yize ayenamandla okukuvimba. Yini eyasiza uDavide wazithiba? Impendulo singayithola ngokuhlola iHubo lesithathu.

17. Yini eyasiza uDavide wazithiba, futhi singamlingisa kanjani?

17 Umbhalo ongenhla encwadini yeHubo 3 ubonisa ukuthi leli Hubo laqanjwa uDavide “lapho ebalekela u-Absalomu indodana yakhe.” Ivesi lokuqala nelesibili lichaza izenzakalo ezichazwe esahlukweni 16 sikaSamuweli Wesibili. IHubo 3:4 libe seliqokomisa ukuqiniseka kukaDavide: “Ngizombiza uJehova ngezwi lami, futhi uzongiphendula esentabeni yakhe engcwele.” Nathi singathandaza lapho sihlaselwa. UJehova uyosiphendula, asinike umoya wakhe ongcwele ongasisiza sikhuthazele. Sikhona yini isimo osicabangayo okudingeka uzithibe kuso noma uthethelele umuntu okonile? Ingabe uyaqiniseka ukuthi uJehova uyalubona usizi lwakho nokuthi uzokubusisa?

“UKUHLAKANIPHA KUYINTO EYINHLOKO”

18. Kuyosisiza kanjani ukuqhubeka silalela iziqondiso zikaJehova?

18 Lapho senza lokho esaziyo ukuthi kulungile siyothola izibusiso. Yingakho izAga 4:7 zithi “ukuhlakanipha kuyinto eyinhloko” noma ebaluleke kunazo zonke! Nakuba ukuhlakanipha kusekelwe olwazini, kuhilela kakhulu izinqumo esizenzayo kunolwazi esinalo. Ngisho nezintuthwane ziyabonisa ukuthi zihlakaniphile. Izintuthwane zibonisa ukuthi zihlakaniphile ngokuqongelela ukudla kwazo ehlobo. (IzAga 30:24, 25) UKristu, “ongamandla kaNkulunkulu,” uhlale enza izinto ezijabulisa uYise. (1 Kor. 1:24; Joh. 8:29) UNkulunkulu uyawazi umehluko phakathi kokunquma kahle nokwenza ngokuvumelana naleso sinqumo. Uyabavuza labo ababonisa ukuthobeka nokukhuthazela, abenza lokho abaziyo ukuthi kulungile. (Funda uMathewu 7:21-23.) Ngakho, lwela ukugcina ibandla liyindawo esingakhonza kuyo uJehova ngokuthobeka. Ukusebenzisa lokho esaziyo ukuthi kulungile kudinga isikhathi nesineke, kodwa lokho kuwuphawu lokuthobeka okuyosenza sijabule manje naphakade.