Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Uyasicabangela Yize EnguMninimandla Onke

Uyasicabangela Yize EnguMninimandla Onke

“[UJehova] uyakwazi ukwakheka kwethu, ekhumbula ukuthi siluthuli.”—IHU. 103:14.

IZINGOMA: 30, 10

1, 2. (a) Ngokungafani nabantu abanamandla, uJehova ubaphatha kanjani abantu? (b) Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

NGOKUVAMILE abantu abanamandla nabanegunya bavame ukuzenza “izingqongqo phezu” kwabanye, baze ngisho babacindezele. (Math. 20:25; UmSh. 8:9) UJehova akalokothi akwenze lokho. Ngisho noma enguMninimandla onke, uyabacabangela abantu abanesono. Unomusa futhi uyacabangela. Uyayikhathalela imizwa yethu futhi uyazazi izidingo zethu. Ngenxa yokuthi ‘uyakhumbula ukuthi siluthuli,’ akalokothi afune ukuba senze okungaphezu kwamandla ethu.—IHu. 103:13, 14.

2 IBhayibheli linezibonelo eziningi zendlela uJehova asebenzelana ngayo nezinceku zakhe. Ake sixoxe ngezintathu. Esokuqala, indlela ebonisa ukucabangela uNkulunkulu asiza ngayo uSamuweli osemncane ukuba atshele uMpristi Ophakeme u-Eli isahlulelo; esesibili, isineke uJehova asibonisa lapho uMose enqaba ukuhola isizwe sakwa-Israyeli; esesithathu, indlela ebonisa ukucabangela uNkulunkulu akhipha ngayo isizwe sakwa-Israyeli eGibhithe. Njengoba sicabanga ngalezi zibonelo, masithole lokho ezisifundisa khona ngoJehova sibone ukuthi singakusebenzisa kanjani.

UBABA UCABANGELA UMFANA

3. Iyiphi into engavamile eyenzeka kuSamuweli osemusha ngobunye ubusuku, futhi lokho kuphakamisa muphi umbuzo? (Bheka isithombe esisekuqaleni.)

3 USamuweli waqala ‘ukukhonza uJehova’ etabernakele esemncane kakhulu. (1 Sam. 3:1) Ngobunye ubusuku uSamuweli eselele, kwenzeka into engavamile. * (Funda eyoku-1 Samuweli 3:2-10.) Wezwa izwi limbiza ngegama. Ecabanga ukuthi ubizwa uMpristi Ophakeme u-Eli owayesemdala, ngokuthobeka uSamuweli wagijima waya kuye wafike wathi: “Ngilapha, ngoba impela ungibizile.” U-Eli wathi akambizanga. Lapho kwenzeka okufanayo izikhathi ezimbili ngemva kwalokho, u-Eli waqaphela ukuthi uNkulunkulu owayebiza uSamuweli. Ngakho watshela umfana lokho okumelwe akwenze, uSamuweli walalela. Kungani uJehova engazange azembule kuSamuweli esebenzisa ingelosi zisuka nje? IBhayibheli alisho, kodwa indlela izinto ezenzeka ngayo ibonisa ukuthi uJehova wayemcabangela uSamuweli osemusha. Kanjani?

4, 5. (a) Yini uSamuweli ayenza lapho uNkulunkulu emthuma, futhi yini eyenzeka ngakusasa ekuseni? (b) Lokhu kulandisa kusifundisani ngoJehova?

4 Funda eyoku-1 Samuweli 3:11-18. UMthetho kaJehova wawuyala izingane ukuba zihloniphe abantu asebekhulile, ikakhulukazi izikhulu. (Eks. 22:28; Lev. 19:32) Ngakho kwakungaba nzima ngomfana omncane njengoSamuweli ukuvuka ekuseni aye ku-Eli, ngesibindi afike amtshele isahlulelo esibuhlungu esivela kuJehova. Ukulandisa kusitshela ukuthi uSamuweli “wayesaba ukutshela u-Eli ngalokho okwakubonakele.” Nokho, uNkulunkulu wakwenza kwamcacela u-Eli ukuthi nguYe owayebiza uSamuweli. Ngenxa yalokho, u-Eli watshela uSamuweli ukuba akhulume. Wathi kuye, ‘Ungangifihleli izwi kuwo wonke amazwi awakhulume kuwe.’ USamuweli “wamtshela wonke amazwi.”

5 Ngokwezinga elithile u-Eli wayekulindele lokho akutshelwa uSamuweli. Kwakuvumelana nalokho okwakushiwo “umuntu kaNkulunkulu” ongabizwa ngegama owayekhulume nalo mpristi ophakeme. (1 Sam. 2:27-36) Lokhu kulandisa kukaSamuweli no-Eli kusibonisa indlela uJehova acabangela nahlakaniphe ngayo.

6. Singafunda ziphi izifundo endleleni uNkulunkulu asiza ngayo uSamuweli osemncane?

6 Ingabe ungumuntu osemusha? Uma kunjalo, indaba kaSamuweli osemusha ibonisa ukuthi uJehova uyaziqonda izinselele obhekana nazo nendlela ozizwa ngayo. Mhlawumbe unamahloni futhi ukuthola kunzima ukushumayeza abantu abadala noma ukwehluka kontanga yakho. Qiniseka ngokuthi uJehova ufuna ukukusiza. Ngakho thululela isifuba sakho kuJehova ngomthandazo. (IHu. 62:8) Cabanga ngezibonelo eziseBhayibhelini zabantu abasebasha njengoSamuweli. Khuluma namaKristu asekhulile nasemasha okungenzeka anqoba izinselele ezifana nalezo obhekene nazo. Ngempela, angase akutshele ngezikhathi lapho uJehova awasiza khona, mhlawumbe ngezindlela ayengazilindele.

UKUCABANGELA UMOSE

7, 8. UJehova wamcabangela kanjani uMose?

7 Lapho uMose eneminyaka engu-80, uJehova wamnika isabelo esinzima. UMose wayezokhulula ama-Israyeli ebugqilini eGibhithe. (Eks. 3:10) Ngemva kokuba ngumalusi iminyaka engu-40 kwaMidiyani, kumelwe ukuba wayeshaqekile lapho etshelwa lokhu. Wathi: “Ngingubani mina ukuthi ngingaya kuFaro futhi ngikhiphe abantwana bakwa-Israyeli eGibhithe?” UNkulunkulu waqinisekisa uMose: “Ngizoba nawe.” (Eks. 3:11, 12) Waphinde wamthembisa: Amadoda amadala akwa-Israyeli “azolilalela izwi lakho.” Noma kunjalo, uMose wabuza: Ngenzenjani uma ‘engalaleli?’ (Eks. 3:18; 4:1) Kwakunjengokungathi uMose uthi uNkulunkulu wenza iphutha! Kodwa uJehova waba nesineke. Empeleni, waze wenza okungaphezu kwalokho. Wanika uMose amandla okwenza izimangaliso, wamenza waba umuntu wokuqala emlandweni onamandla anjalo.—Eks. 4:2-9, 21.

8 UMose wazama ukusenqaba lesi sabelo, ethi akalona iqaphuqaphu. UNkulunkulu wathi: “Ngizoba nomlomo wakho futhi ngizokufundisa okufanele ukusho.” Ingabe lokhu kwayishintsha indlela uMose ayecabanga ngayo? Kubonakala kungazange kuyishintshe, ngoba wancenga uNkulunkulu ukuba athume omunye umuntu. Kulokhu, uJehova wamthukuthelela kufanele. Kodwa waqhubeka emkhathalela. Ebonisa ukuthi uyayicabangela indlela ayezizwa ngayo, uNkulunkulu wakhetha u-Aroni ukuba abe umkhulumeli kaMose.—Eks. 4:10-16.

9. Isineke nokucabangela kukaJehova kwamsiza kanjani uMose esabelweni sakhe?

9 Lokhu kulandisa kusifundisani ngoJehova? NjengoMninimandla onke, uNkulunkulu wayengamphoqa uMose ukuba asheshe avume. Kodwa uJehova waba nesineke nomusa, wazama ukuyiqinisa inceku yakhe ethobekile. Ingabe lokhu kumcabangela kwasebenza? Impela! UMose waba umholi ongcono kunabo bonke, wazama ukusebenzelana nabanye ngendlela emnene nangokucabangela, elingisa indlela uJehova ayemphathe ngayo.—Num. 12:3.

Ingabe uyamlingisa uJehova lapho usebenzelana nabanye? (Bheka isigaba 10)

10. Sizuza kanjani lapho silingisa ukucabangela kukaJehova?

10 Yini thina esiyifundayo kule ndaba? Ingabe ungumyeni, umzali noma umdala ebandleni? Uma kunjalo, unegunya ngezinga elithile. Kubalulekile-ke ukulingisa uJehova ngokuba ocabangelayo, onomusa nonesineke lapho usebenzelana nalabo abangaphansi kwegunya lakho. (Kol. 3:19-21; 1 Pet. 5:1-3) Lapho uzama ukulingisa uJehova noMose Omkhulu, uJesu Kristu, uzoba ongenekayo noqabulayo kwabanye. (Math. 11:28, 29) Uzobeka nesibonelo esikufanelekelayo ukulingiswa.—Heb. 13:7.

UMKHULULI ONAMANDLA KODWA OCABANGELAYO

11, 12. Lapho uJehova ekhipha ama-Israyeli eGibhithe, wawenza kanjani azizwa ephephile futhi elondekile?

11 Ngesikhathi ama-Israyeli ephuma eGibhithe ngo-1513 B.C.E., kungenzeka ayengaphezu kuka-3 000 000. Kuleli qembu kwakunezingane nasebekhulile futhi akungabazeki ukuthi kwakukhona nabagulayo nabakhubazekile. Ukukhipha isixuku esingaka sabantu eGibhithe ngokungangabazeki kwakudinga uMholi onokuqonda nocabangelayo. UJehova, esebenzisa uMose, wazibonakalisa eyilowo mholi. Ngenxa yalokho, ama-Israyeli azizwa elondekile lapho ephuma endaweni eyayiwukuphela kwekhaya ayelazi.—IHu. 78:52, 53.

12 UJehova wabenza kanjani abantu bakhe bazizwa bephephile futhi belondekile? Okokuqala, wabakhipha eGibhithe ngendlela ehlelekile “behlelelwe impi.” (Eks. 13:18) Ukuhleleka okunjalo kwawaqinisekisa ama-Israyeli ukuthi uNkulunkulu nguyena owayewahola. Okwesibili, uJehova wabonisa ukuthi nguye owaholayo “ngefu emini nangokukhanya komlilo” ebusuku. (IHu. 78:14) Kwakunjengokungathi uJehova uthi: “Ningesabi. Nginani ukuba nginihole futhi nginivikele.” Maduze ayezokudinga ukuqinisekiswa okunjalo.

Iyiphi into ebonisa ukucabangela uJehova ayenzela ama-Israyeli oLwandle Olubomvu? (Bheka isigaba 13)

13, 14. (a) Iziphi izinto ezibonisa ukucabangela uJehova azenzela ama-Israyeli oLwandle Olubomvu? (b) UJehova wababonisa kanjani abaseGibhithe ukuthi unamandla?

13 Funda u-Eksodusi 14:19-22. Ake uzibone ulapho, nivaleleke phakathi kwebutho likaFaro noLwandle Olubomvu. UNkulunkulu ube esengenela. Insika yefu iya ngemuva kwekamu, ivimbe abaseGibhithe futhi ibagcine besebumnyameni. Nokho, ikamu lenu elikhulu libusiswa ngokukhanya okumangalisayo. Ube usubona uMose elulela isandla sakhe olwandle futhi umoya omkhulu wasempumalanga uvula indlela ebanzi ewelela ngaphesheya. Ngendlela ehlelekile, wena, umndeni wakho nemfuyo yenu nihamba emhlabathini owomile nawo wonke umuntu. Masinyane, uphawula into ethile ekumangazayo. Umhlabathi awulona udaka kodwa womile futhi uqinile, okwenza kube lula ukuhamba kuwo. Ngenxa yalokho, ngisho nalabo abashaya ngolonwabu bawelela ngaphesheya ngokuphephile.

14 Funda u-Eksodusi 14:23, 26-30. Kuthi kusenjalo, uFaro oqhoshayo noyisiwula ungena ephulukundlela olwandle enijaha. UMose uphinde elulele isandla sakhe olwandle. Kulokhu, izindonga zolwandle ezimbili eziqinile ziyawa. Ulwandle lubuya ngamandla ngapha nangapha, lugqibe uFaro nebutho lakhe.—Eks. 15:8-10.

15. Le ndaba ikufundisani ngoJehova?

15 Kule ndaba siyabona ukuthi uJehova unguNkulunkulu ohlelekile—okuyimfanelo esisiza sizizwe siphephile futhi silondekile. (1 Kor. 14:33) UJehova uphinde azibonakalise engumalusi onothando, onakekela abantu bakhe ngezindlela ezingokoqobo. Ubasondeza kuye, abavikele ezitheni zabo. Ave esikhuthaza la maqiniso njengoba sisondela ekupheleni kwalesi simiso sezinto!—IzAga 1:33.

16. Singazuza kanjani ngokuhlola indlela uJehova akhulula ngayo ama-Israyeli?

16 Nanamuhla, uJehova uyabanakekela abantu bakhe njengeqembu—ngokomoya nangokwenyama. Uzolokhu ebanakekela phakathi nosizi olukhulu olusondela ngokushesha. (IsAm. 7:9, 10) Ngakho, kungakhathaliseki ukuthi umncane noma umdala, ungumqemane noma ukhubazekile, abantu bakaNkulunkulu ngeke bathuthumele noma besabe phakathi nosizi olukhulu. * Kunalokho, kuyokwenzeka okuhlukile. Bayokhumbula la mazwi kaJesu Kristu: “Yimani niqonde futhi niphakamise amakhanda enu, ngoba ukukhululwa kwenu kuyasondela.” (Luka 21:28) Bayohlala benesibindi ngisho nalapho behlaselwa uGogi—inhlanganisela yezizwe eziyobe zinamandla amakhulu kunoFaro wasendulo. (Hez. 38:2, 14-16) Yini eyobangela ukuba abantu bakaNkulunkulu bahlale benesibindi? Bayazi ukuthi uJehova akashintshi. Nakulokhu, uyozibonakalisa enguMkhululi onakekelayo nocabangelayo.—Isaya 26:3, 20.

17. (a) Singazuza kanjani ezindabeni eziseBhayibhelini zendlela uJehova anakekela ngayo abantu bakhe? (b) Sizoxoxa ngani esihlokweni esilandelayo?

17 Izibonelo ezikulesi sihloko, ziphakathi kweziningi ezibonisa indlela enomusa nebonisa ukucabangela uJehova anakekela, ahole futhi akhulule ngayo abantu bakhe. Njengoba ucabangisisa ngalezi zindaba, nakisisa izinto ezicashile eziveza izimfanelo zikaJehova. Ukwenza lokho kuyogxilisa lezo zimfanelo ezinhle engqondweni nasenhliziyweni yakho, kukwenze umthande nakakhulu uNkulunkulu futhi ube nokholo kuye. Isihloko esilandelayo sizoxoxa ngezindlela esingamlingisa ngazo uJehova ekucabangeleni abanye. Sizogxila emndenini, ebandleni lobuKristu nasenkonzweni yasensimini.

^ isig. 3 Isazi-mlando esingumJuda uJosephus sithi uSamuweli wayeneminyaka engu-12 ngaleso sikhathi.

^ isig. 16 Kunengqondo ukuphetha ngokuthi abanye babantu abayosinda e-Armagedoni bayobe bekhubazekile. Ngesikhathi esemhlabeni, uJesu welapha abantu abanayo “yonke inhlobo yesifo,” ngaleyo ndlela esinika amazwibela alokho ayokwenzela abantu abayobe besinde e-Armagedoni, hhayi abayobe bevusiwe. (Math. 9:35) Ngokuqinisekile abavusiwe bayobe beyimiqemane, bengakhubazekile.