Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Yiba Ocabangelayo Nonomusa Ulingise UJehova

Yiba Ocabangelayo Nonomusa Ulingise UJehova

“Uyajabula umuntu owenza ngokumcabangela ophansi.”—IHU. 41:1.

IZINGOMA: 130, 107

1. Uthando lubonakala kanjani kubantu bakaNkulunkulu?

ABANTU bakaNkulunkulu bawumndeni ongokomoya—obonakala ngothando. (1 Joh. 4:16, 21) Ngezinye izikhathi lolo thando balubonisa ngokwenzela abafowabo izinto ezinkulu, kodwa ngokuvamile balubonisa ngezenzo eziningi ezincane, njengamazwi abonisa ukucabangela nezenzo zomusa. Lapho siphatha abanye ngomusa futhi sibacabangela siba “ngabalingisi bakaNkulunkulu, njengabantwana abathandekayo.”—Efe. 5:1.

2. UJesu walubonisa kanjani uthando olunjengolukaYise?

2 UJesu wamlingisa ngokuphelele uYise. Wathi: “Wozani kimi, nina nonke enikhandlekayo nenisindwayo, ngizonenza niqabuleke . . . , ngoba nginomoya omnene futhi ngithobekile ngenhliziyo.” (Math. 11:28, 29) Lapho silingisa isibonelo sikaKristu “ngokumcabangela ophansi” siyojabula futhi senze uBaba wethu osezulwini ajabule. (IHu. 41:1) Ake sibone ukuthi singabacangela kanjani abanye emndenini, ebandleni nasenkonzweni yasensimini.

YIBA OCABANGELAYO EMNDENINI

3. Umyeni kufanele abonise kanjani ukuthi uyaqonda futhi uyacabangela? (Bheka isithombe esisekuqaleni.)

3 Abayeni kufanele bahole ekucabangeleni abanye emndenini. (Efe. 5:25; 6:4) Ngokwesibonelo, banxuswa ukuba bahlale namakhosikazi abo “ngokolwazi”—okuyinkulumo engahunyushwa nangokuthi ukuwacabangela, ukuwaqonda. (1 Pet. 3:7) Ukuqonda nokucabangela kuyahambisana. Ngokwesibonelo, umyeni onokuqonda uyazi ukuthi umkakhe, njengomsizi wakhe, uhlukile kuye ngezindlela eziningi, kodwa lokho akusho ukuthi ungcono kunaye. (Gen. 2:18) Umyeni uyayicabangela imizwa yakhe futhi amphathe ngenhlonipho. Inkosikazi yaseCanada yathi ngomyeni wayo: “Uhlala eyikhathalela indlela engizizwa ngayo futhi akathi: ‘Akufanele uzizwe ngaleyo ndlela.’ Uyisilaleli esihle. Lapho engisiza ukuba ngilungise umbono wami ngendaba ethile, lokho ukwenza ngomusa.”

4. Lapho esebenzelana nabanye abesifazane, umyeni kufanele abonise kanjani ukuthi uyamcabangela umkakhe?

4 Umyeni ocabangelayo uyayicabangela imizwa yomkakhe lapho esebenzelana nabanye abesifazane. Akalokothi abanake ngokweqile noma abonise isithakazelo esingafanele kubo; akakwenzi nalapho esebenzisa izinkundla zokuxhumana noma amawebhusayithi angena kuwo. (Jobe 31:1) Uhlala eqotho kumkakhe, hhayi nje ngenxa yokuthi uyamthanda kodwa nangenxa yokuthi uthanda uNkulunkulu futhi uyakuzonda okubi.—Funda iHubo 19:14; 97:10.

5. Inkosikazi ingamcabangela kanjani umyeni wayo?

5 Lapho umyeni elingisa isibonelo senhloko yakhe uJesu Kristu, usuke esiza umkakhe ukuba ‘amhloniphe ngokujulile.’ (Efe. 5:22-25, 33) Ukuhlonipha umyeni wakhe kuyomenza amcabangele lapho kudingeka ukuba enze imisebenzi yasebandleni noma lapho kunezinkinga ezimkhathazayo. Umyeni ohlala eBrithani uthi: “Ngezinye izikhathi, umkami uye abone ngoshintsho endleleni engenza ngayo izinto ukuthi kukhona okungikhathazayo. Ube esesebenzisa isimiso esitholakala encwadini yezAga 20:5, ngisho noma kungase kudingeke ukuba alinde kuze kube yisikhathi esifanele sokuba angibuze ukuthi ngikhathazwa yini uma kuyinto engingayixoxa naye.”

6. Singazisiza kanjani izingane ukuba zicabangele abanye, futhi izingane zizozuza kanjani?

6 Lapho abazali becabangelana basuke bebekela izingane zabo isibonelo esihle. Kuwumsebenzi wabazali ukufundisa izingane zabo ukucabangela abanye. Ngokwesibonelo, bangazifundisa ukuba zingadlali eHholo LoMbuso. Emcimbini, abazali bangatshela izingane zabo ukuba zidedele abantu abadala baphake kuqala. Kodwa bonke ebandleni bangabasiza abazali. Ngokwesibonelo, uma ingane icabangela abanye ngokwenza into enhle—mhlawumbe ngokubavulela umnyango—kufanele siyincome. Ukwenza lokho kungayisiza ingane, kuyifundise ukuthi “kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.”—IzE. 20:35.

‘CABANGELANANI’ EBANDLENI

7. UJesu wabonisa kanjani ukuthi uyayicabangela indoda eyisithulu, futhi yiziphi izifundo esingazifunda esibonelweni sakhe?

7 Ngesinye isikhathi uJesu esesifundeni saseDekapholi, abantu “baletha kuye umuntu oyisithulu futhi enamalimi.” (Marku 7:31-35) Kunokuba amphulukise phambi kwabantu, uJesu “wamsusa esixukwini” wabe esemphulukisa. Kungani? Kungenzeka ukuthi ukukhubazeka kwakhe kwakumenza abe namahloni uma ephakathi kwabantu. Mhlawumbe uJesu wakuqaphela lokhu wabe esemphulukisa ngasese. Thina asikwazi ukuphulukisa abantu ngokuyisimangaliso. Kodwa singakwazi ukucabangela izidingo nemizwa yabantu esikholwa nabo futhi kufanele sikwenze lokho. Umphostoli uPawulu wabhala: “Masicabangelane ukuze sivuselelane uthando nemisebenzi emihle.” (Heb. 10:24) UJesu wayiqonda indlela indoda eyisithulu eyayizizwa ngayo futhi wabonisa ukucabangela. Uyisibonelo esihle ngempela kithi!

8, 9. Singabonisa ngaziphi izindlela ukuthi siyabacabangela asebekhulile nababuthaka? (Nikeza izibonelo.)

8 Cabangela asebekhulile nababuthaka. Ibandla lobuKristu libonakala ngothando, hhayi nje ngokuhleleka kwalo. (Joh. 13:34, 35) Lolo thando lusishukumisela ukuba senze noma yini ukuze sisize asebekhulile nabakhubazekile ukuba baye emihlanganweni yobuKristu nokuba bashumayele izindaba ezinhle. Lokho siyakwenza ngisho noma kukuncane abakwazi ukukwenza. (Math. 13:23) UMichael ohamba ngesihlalo sabakhubazekile, ulwazisa ngokujulile usizo aluthola emndenini wakhe nakubazalwane eqenjini lensimu akulo. Uthi: “Ngenxa yosizo lwabo, ngiyakwazi ukuya cishe kuyo yonke imihlangano nokushumayela njalo ensimini. Engikuthanda kakhulu ukufakaza obala.”

9 Imindeni eminingi yaseBethel inasebekhulile nababuthaka. Ababonisi abakhathalelayo bayazicabangela lezi zinceku ezithembekile ngokuhlela ukuba zihlanganyele ekushumayeleni ngokubhala izincwadi nangocingo. UBill oneminyaka engu-86, obhalela abantu abahlala ezindaweni ezicezile uthi: “Siyalazisa ilungelo lokuba sibhale izincwadi.” UNancy osesondela eminyakeni engu-90, uthi: “Angibheki ukubhala izincwadi njengokugcwalisa nje izimvilophu. Kunalokho, ngikubheka njengokufakaza. Abantu kudingeka balazi iqiniso!” U-Ethel owazalwa ngo-1921 uthi: “Ngihlale nginezinhlungu. Ngezinye izinsuku kuba nzima ngisho nokugqoka.” Noma kunjalo, uyakujabulela ukufakaza ngocingo futhi unanezimpindelo. UBarbara oneminyaka engu-85 uyachaza: “Ngenxa yempilo yami ebuthaka, ngikuthola kunzima ukuya njalo enkonzweni yasensimini. Kodwa ukufakaza ngocingo kungisiza ngikwazi ukukhuluma nabanye. Ngiyakubonga Jehova!” Esikhathini esingaphansi konyaka, kuneqembu lasebekhulile elisebenze amahora angu-1 228 ensimini, labhala izincwadi ezingu-6 265, lashaya izingcingo ezingaphezu kuka-2 000, lahambisa nezincwadi ezingu-6 315! Ngokuqinisekile lokhu kwamjabulisa kakhulu uJehova!—IzAga 27:11.

10. Singabasiza kanjani abafowethu ukuba bazuze ngokugcwele emihlanganweni yobuKristu?

10 Bonisa ukucabangela emihlanganweni yobuKristu. Sifuna abafowethu bazuze ngokugcwele emihlanganweni yethu. Ukubacabangela kungabasiza bazuze. Kanjani? Enye yezindlela ukufika ngesikhathi ukuze singaphazamisi abanye ngokungenasidingo. Kuyavunywa ukuthi izimo ezingalindelekile zingenza ukuba singafiki ngesikhathi. Kodwa uma lokhu sekuba umkhuba, kufanele sicabange ngendlela esingabacabangela ngayo kakhudlwana abanye. Khumbula nokuthi sisuke simenywe uJehova neNdodana yakhe. (Math. 18:20) Kumelwe sibahloniphe ngokujulile.

11. Kungani labo abanezinkulumo emhlanganweni webandla kufanele balandele isiqondiso esikweyoku-1 Korinte 14:40?

11 Ukucabangela abafowethu kusho nokulalela lesi siqondiso: “Zonke izinto mazenzeke ngokufaneleyo nangohlelo.” (1 Kor. 14:40) Abafowethu abanezinkulumo emhlanganweni webandla balalela lesi siqondiso ngokuthi bangasidli isikhathi. Ukwenza kanjalo kubonisa ukuthi abacabangeli nje kuphela isikhulumi esilandelayo kodwa nebandla. Abanye abafowethu kubathatha isikhathi ukufika emakhaya. Abanye bahamba ngamatekisi nangamabhasi. Kanti abanye bashade nabantu abangewona amaKristu abasuke bejahe ukuthi babuye emakhaya.

12. Kungani abadala abazikhandlayo bekufanelekela ukuba ‘sibacabangele ngaphezu kokuvamile’? (Bheka ibhokisi elithi “ Babonise Ukucabangela Labo Abaholayo.”)

12 Abelusi abangamaKristu abazikhandlayo ebandleni nabahola ngentshiseko enkonzweni bayakufanelekela ukucatshangelwa ngendlela ekhethekile. (Funda eyoku-1 Thesalonika 5:12, 13.) Kumelwe ukuba uyawazisa umsebenzi abadala abawenzayo. Kwangathi-ke lokho ungakubonisa ngokubambisana nabo ngokuzithandela nangokubasekela. Phela, “baqapha imiphefumulo yenu njengabayolandisa.”—Heb. 13:7, 17.

BONISA UKUCABANGELA ENSIMINI

13. Yini esingayifunda endleleni uJesu ayephatha ngayo abantu?

13 Ngokuqondene noJesu, u-Isaya wabikezela: “Akukho mhlanga ofohlokile ayowuphula; futhi intambo yefilakisi esifiphele, ngeke ayicime.” (Isaya 42:3) Uthando uJesu ayenalo ngabantu lwalumenza abe nozwela. Wayeyiqonda imizwa yalabo abafana nomhlanga ofohlokile noma nesibani esesizocisha. Ngenxa yalokho wayecabangela, enomusa futhi enesineke. Ngisho nezingane zazimthanda. (Marku 10:14) Kuyiqiniso ukuthi asinakho ukuqonda nekhono lokufundisa elifana nelikaJesu. Kodwa singakwazi ukubacabangela abantu ensimini yethu, futhi kufanele sibacabangele. Lokho kuhlanganisa indlela esikhuluma ngayo nabo, ukuthi sikhuluma nini nabo nokuthi sikhuluma nabo isikhathi eside kangakanani.

14. Kungani kufanele siyinake indlela esikhuluma ngayo nabantu?

14 Kufanele sikhulume kanjani nabantu? Namuhla, izigidi zabantu “ziphundlekile futhi zihlakazekile” ngenxa yabaholi abakhohlakele nabangenazwela bezentengiselwano, bezombusazwe nabenkolo. (Math. 9:36) Ngenxa yalokho, abantu abaningi abathembi muntu futhi abanalo ithemba. Ngakho, kubalulekile ukuba sibe nomusa nozwela kulokho esikushoyo nendlela esikusho ngayo. Abantu abaningi bayasilalela isigijimi sethu, hhayi nje ngenxa yolwazi lwethu lweBhayibheli nendlela esilichaza ngayo, kodwa nangenxa yokuthi sibacabangela ngobuqotho futhi siyabahlonipha.

15. Yiziphi izindlela esingabonisa ngazo ukuthi siyabacabangela abantu esishumayela kubo?

15 Ziningi izindlela esingabonisa ngazo ukuthi siyabacabangela abantu esibashumayezayo. Ngokwesibonelo, imibuzo iyindlela enhle yokufundisa. Kufanele siyibuze ngomusa nangenhlonipho. Iphayona elalishumayela endaweni enabantu abanamahloni lafunda ukuthi akumelwe libuze imibuzo ebenza babe namahloni. Lena ihlanganisa imibuzo umuntu angase angakwazi ukuyiphendula. Ngokwesibonelo, laliyigwema imibuzo efana nethi, ‘Uyalazi igama likaNkulunkulu?’ noma ‘Uyazi ukuthi uyini uMbuso kaNkulunkulu?’ Kunalokho lalisho into enjengokuthi, “Ngithe lapho ngifunda iBhayibheli ngathola ukuthi uNkulunkulu unegama. Ungathanda ngikubonise lona?” Le ndlela yokufundisa ayisebenzi yonke indawo ngoba abantu namasiko awafani. Nokho, kufanele njalo sibe abacabangelayo futhi sihloniphe abanye, okuhlanganisa nokubazi kahle abantu bendawo esikuyo.

16, 17. Singakubonisa kanjani ukucabangela lapho (a) sinquma isikhathi esishumayela ngaso emizini yabantu? (b) sinquma ukuthi sizokhuluma isikhathi eside kangakanani nabo?

16 Kufanele siye nini emizini yabantu? Lapho sishumayela endlini ngendlu, abantu basuke bengazi ukuthi sizofika. Ngakho kubaluleke kakhulu ukuba lapho siyoshumayela sikhethe isikhathi esihle abantu abatholakala ngaso. (Math. 7:12) Ngokwesibonelo, ingabe abantu ensimini yenu abasheshi ukuvuka ngezimpelasonto? Uma kunjalo, ungaqala ngokuhambisa umagazini, ukufakaza obala noma ukuphindela kubantu abazokwazi ukuxoxa nawe.

17 Kufanele sihlale isikhathi eside kangakanani? Abantu abaningi bamatasa, ngakho kungase kufaneleke ukuba lapho ufika okokuqala ungahlali isikhathi eside. Kungcono ukugcina ingxoxo imfushane kunokuba uhlale isikhathi eside. (1 Kor. 9:20-23) Lapho abantu bebona ukuthi siyaziqaphela izimo zabo futhi siyabona ukuthi bamatasa, bangase bakulungele ukusivumela ukuba siphinde sibuye. Izithelo zomoya kaNkulunkulu kufanele zibonakale ngokucacile enkonzweni yethu. Ziyosenza sibe “yizisebenzi ezikanye noNkulunkulu” futhi uJehova angase asisebenzise ukuze sisize othile afunde iqiniso.—1 Kor. 3:6, 7, 9.

18. Lapho sibacabangela abanye, yiziphi izibusiso esingazithola?

18 Ngakho masenze konke esingakwenza ukuze sicabangele abanye—emindenini yethu, ebandleni nasenkonzweni yasensimini. Lapho senza lokho siyothola izibusiso eziningi manje nasesikhathini esizayo. IHubo 41:1, 2 lithi: “Uyajabula umuntu owenza ngokumcabangela ophansi; ngosuku lwenhlekelele uJehova uyomenzela indlela yokuphunyuka. . . . Kuyothiwa uyajabula emhlabeni.”