Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Isihloko Esifundwayo 35

UJehova Uyazithanda Izinceku Zakhe Ezithobekile

UJehova Uyazithanda Izinceku Zakhe Ezithobekile

UJehova . . . uyambona othobekile.IHU. 138:6.

INGOMA 48 Ukuhamba NoJehova Nsuku Zonke

AMAZWIBELA *

1. UJehova uzizwa kanjani ngabantu abathobekile? Chaza.

UJEHOVA uyabathanda abantu abathobekile. Abantu abathobekile kuphela abangaba nobuhlobo obuseduze nobunothando naye. Kodwa, “ophakeme umazela kude kuphela.” (IHu. 138:6) Sonke siyafuna ukumjabulisa uJehova, sifuna nokusondelana naye, ngakho sinezizathu ezinhle zokuba sifune ukuba abantu abathobekile.

2. Yini esizoxoxa ngayo kulesi sihloko?

2 Kulesi sihloko, sizoxoxa ngezimpendulo zale mibuzo emithathu: (1) Kuyini ukuthobeka? (2) Kungani kufanele sithobeke? (3) Yiziphi izimo ezingavivinya ukuthobeka kwethu? Njengoba sizobona, lapho siba abantu abathobekile, sijabulisa inhliziyo kaJehova futhi sizizuzisa thina.—IzAga 27:11; Isaya 48:17.

KUYINI UKUTHOBEKA?

3. Kusho ukuthini ukuthobeka?

3 Ukuthobeka kusho ukungaqhoshi nokungazicabangi ubaluleke kakhulu kunabanye. IBhayibheli libonisa ukuthi umuntu othobekile uyaqonda ukuthi uJehova uNkulunkulu mkhulu kunaye futhi uyaliqaphela igunya labanye abantu. Umuntu othobekile uyaqonda nokuthi abanye bangcono kunaye ngandlela thile.—Fil. 2:3, 4.

4-5. Kungani abanye abantu bengase babonakale sengathi bathobekile kodwa empeleni bengabantu abangathobekile?

4 Abanye abantu bangase babonakale sengathi bathobekile. Kungenzeka ukuthi banamahloni futhi bayathula ngokwemvelo. Noma bayahlonipha futhi bangabantu abaphansi ngenxa yendlela abakhuliswe ngayo. Kodwa, kungenzeka ukuthi empeleni bangabantu abangathobekile. Ngokuhamba kwesikhathi, bayaziveza lokho abayikho ngempela.—Luka 6:45.

5 Ngakolunye uhlangothi, abantu ababonakala bezethemba futhi bengesabi ukuveza abakucabangayo akusho ukuthi bayaqhosha. (Joh. 1:46, 47) Nokho, abantu abangenawo amahloni kumelwe baqaphe bangathembeli emakhonweni abo. Kungakhathaliseki ukuthi sinamahloni noma asinawo, sonke kumelwe sizikhandle ukuze sithobeke ngempela.

Umphostoli uPawulu wayethobekile futhi akazange azibone ebalulekile kunabanye (Bheka isigaba 6) *

6. Njengoba kuboniswe kweyoku-1 Korinte 15:10, yini esingayifunda esibonelweni sikamphostoli uPawulu?

6 Cabanga ngesibonelo sikamphostoli uPawulu. UJehova wamsebenzisa kakhulu ekumiseni amabandla amasha emadolobheni ahlukahlukene. Kungenzeka nokuthi wafeza okuningi emsebenzini wokushumayela kunabo bonke abanye abaphostoli bakaJesu Kristu. Nokho, uPawulu akazange azibone engcono kunabafowabo. Ngokuthobeka wavuma: “Ngingomncane kunabo bonke abaphostoli, futhi angifaneleki ukubizwa ngomphostoli, ngenxa yokuthi ngashushisa ibandla likaNkulunkulu.” (1 Kor. 15:9) UPawulu wathi isizathu sokuba abe nobuhlobo obuhle noJehova sasingekona ukuthi wayengcono noma enamakhono akhethekile, kodwa kwakungenxa yomusa kaNkulunkulu ongafanelwe. (Funda eyoku-1 Korinte 15:10.) UPawulu wayeyisibonelo esihle ngempela somuntu othobekile. Lapho ebhala incwadi eyayiya kumaKristu aseKorinte, akazange aziqhayise nakuba abanye ebandleni babemgxeka.—2 Kor. 10:10.

UKarl F. Klein, umzalwane othobekile owayeyilungu leNdikimba Ebusayo (Bheka isigaba 7)

 

7. Omunye umzalwane owayaziwa kudala wabonisa kanjani ukuthi uthobekile?

7 Abantu bakaJehova abaningi baye bakhuthazwa indaba yokuphila kaMfoweth’ uKarl F. Klein, owayeyilungu leNdikimba Ebusayo. Endabeni yakhe yokuphila, uMfoweth’ uKlein wavuma ngokuthobeka ukuthi maningi amaphutha nobuthakathaka okwadingeka alwe nakho. Ngokwesibonelo, ngawo-1920, ngesikhathi eshumayela okokuqala endlini ngendlu, akazange akujabulele kangangokuba kwaze kwaphela iminyaka ecishe ibe mibili engayi enkonzweni yasendlini ngendlu. Kamuva, ngesikhathi esekhonza eBethel, lapho umzalwane othile emnikeza iseluleko wamcasukela okwesikhashana. Wabuye wagula ngekhanda kodwa ngokuhamba kwesikhathi walulama. Yize kunjalo, wajabulela ukufeza izabelo eziningi enhlanganweni. Cabanga ukuthi kwakudinga ukuthobeka okungakanani ngomzalwane owayaziwa kangaka ukuba axoxele abantu amaphutha akhe! Abafowethu nodadewethu abaningi bayayikhumbula indaba yokuphila kaMfoweth’ uKlein eyayibonisa ukuthi uqotho futhi uthembekile. *

KUNGANI KUFANELE SITHOBEKE?

8. Eyoku-1 Petru 5:6 isisiza kanjani sibone ukuthi lapho sithobekile sijabulisa uJehova?

8 Isizathu esibalulekile esisenza sifune ukuthobeka siwukuthi sijabulisa uJehova uma sithobekile. Umphostoli uPetru wakuveza ngokucacile lokhu. (Funda eyoku-1 Petru 5:6.) Lapho ikhuluma ngamazwi kaPetru, incwadi ethi “Woza Ube Ngumlandeli Wami” ithi: “Ukuzidla kufana noshevu. Kungadala umonakalo. Kuyimfanelo engenza umuntu oneziphiwo kunabo bonke angabi yilutho kuNkulunkulu. Kanti ukuthobeka kungenza ngisho nomncane kunabo bonke abe usizo olukhulu kuJehova. . . . UNkulunkulu wethu uyokujabulela ukukuvuza nawe ngokuthobeka kwakho.” * Ayikho enye into esiyifuna kakhulu ukudlula ukujabulisa uJehova!—IzAga 23:15.

9. Ukuthobeka kusenza kanjani sisondelane nabanye?

9 Ngaphandle kokujabulisa uJehova, kuningi esikuzuzayo lapho sithobekile. Ukuthobeka kusenza sisondelane nabanye. Ukuze ukuqonde lokhu, ake ucabange ngohlobo lwabantu wena othanda ukuhlala nabo. (Math. 7:12) Ngokuvamile asikuthandi ukuhlala nabantu abahlale befuna kwenziwe izinto ngendlela yabo noma abantu abangafuni ukwamukela imibono yabanye. Kodwa siyakujabulela ukuba nabafowethu nodadewethu lapho ‘besibonisa uzwela, benothando lobuzalwane, benobubele besisa futhi bethobekile engqondweni.’ (1 Pet. 3:8) Uma wena uthanda ukuhlala nabantu abanjalo, cishe nabo bayosondelana nawe, uma nje uthobekile.

10. Ukuthobeka kusisiza kanjani sikwazi ukubhekana namaqiniso okuphila?

10 Ukuthobeka kusisiza sikwazi ukubhekana namaqiniso okuphila. Ngezinye izikhathi singase sibone noma sibhekane nezimo esicabanga ukuthi azinabulungisa. Indoda ehlakaniphile iNkosi uSolomoni yathi: “Ngiboné izinceku zigibele amahhashi kodwa izikhulu zihamba phansi emhlabathini njengezinceku.” (UmSh. 10:7) Ngezinye izikhathi, abantu abenza izinto ezinhle abanconywa. Kuthi labo abangenamakhono banconywe noma bathandwe. Noma kunjalo, uSolomoni waqaphela ukuthi kungcono samukele indlela izinto ezenzeka ngayo ekuphileni kunokuba sithukuthele ngenxa yezinto ezimbi ezenzekayo. (UmSh. 6:9) Uma sithobekile, kuyoba lula ukwamukela ukuphila njengoba kunjalo, singafuni izinto zenzeke ngendlela esicabanga ngayo.

YIZIPHI IZIMO EZINGAVIVINYA UKUTHOBEKA KWETHU?

Kungani kuba nzima ukuthobeka lapho sibhekene nesimo esinjengalesi? (Bheka izigaba 11-12) *

11. Yini okufanele siyenze lapho sinikezwa iseluleko?

11 Usuku nosuku siba namathuba amaningi okubonisa ukuthi sithobekile yini. Cabanga ngalezi zimo ezimbalwa. Lapho sinikezwa iseluleko. Kufanele sikhumbule ukuthi uma othile echitha isikhathi sakhe ukuze asinike iseluleko, kungenzeka ukuthi sisuke senze into embi kakhulu kunalokho esikucabangayo. Lapho umuntu eseluleka, cishe into yokuqala esingase siyenze ukusenqaba leso seluleko. Singase sigxeke umuntu oselulekayo noma singathandi indlela akhulume ngayo nathi. Kodwa uma sithobekile, siyozama ukubonisa isimo sengqondo esifanele.

12. Ngokwencwadi yezAga 27:5, 6, kungani kufanele sijabule lapho othile esinika iseluleko? Fanekisa.

12 Umuntu othobekile uyasijabulela iseluleko. Ake sifanekise: Zicabange usemhlanganweni wobuKristu. Ngemva kokuxoxa nabafowenu nodade abambalwa, oyedwa kubo ube esekubizela eceleni akutshele ukuthi unokudla emazinyweni. Akungabazeki ukuthi uyoshaywa amahloni. Kodwa ngeke yini ukujabulele ukuthi ukutshelile? Empeleni ungafisa sengathi ngabe othile usheshe wakutshela! Ngendlela efanayo, kufanele sithobeke futhi sijabule lapho umfowethu noma udadewethu eba nesibindi sokusinika iseluleko lapho sisidinga. Kumelwe sibheke lowo oselulekayo njengomuntu osithandayo, hhayi osizondayo.—Funda izAga 27:5, 6; Gal. 4:16.

Kungani ukuthobeka kudingeka lapho abanye bethola izabelo? (Bheka izigaba 13-14) *

13. Singabonisa kanjani ukuthi sithobekile lapho abanye bethola izabelo namalungelo ebandleni?

13 Lapho abanye bethola izabelo namalungelo ebandleni. UJason ongumdala uthi: “Lapho abanye bethola izabelo, ngezinye izikhathi ngike ngizibuze ukuthi kungani kungakhethwanga mina.” Ingabe nawe uke uzizwe ngaleyo ndlela? Akukubi ‘ukuzama ukufinyelela’ izabelo namalungelo engeziwe enhlanganweni kaJehova. (1 Thim. 3:1) Nokho, kumelwe siqaphe indlela esicabanga ngayo. Uma singaqaphile, singase sivumele ukuqhosha kukhule enhliziyweni yethu. Ngokwesibonelo, umzalwane angase aqale ukucabanga ukuthi nguye ofaneleka kangcono ukwenza izabelo ezithile ebandleni. Noma inkosikazi yomzalwane ingase icabange, ‘Umyeni wami angasenza kangcono lesi sabelo kuno sban’bani!’ Uma sithobeke ngempela, ngeke silokothe sicabange ngale ndlela.

14. Yini esingayifunda endleleni uMose asabela ngayo lapho abanye bethola amalungelo?

14 Singafunda endleleni uMose asabela ngayo lapho abanye bethola amalungelo. Wayesazisa isabelo sakhe sokuhola isizwe sakwa-Israyeli. Kodwa wenzenjani lapho uJehova ekhetha abanye ukuba bamsize esabelweni sakhe? Akazange abe nomona. (Num. 11:24-29) Wathobeka futhi wavumela abanye ukuba bamsize emsebenzini wokwahlulela isizwe. (Eks. 18:13-24) Manje kwase kunamadoda engeziwe ayengahlulela ama-Israyeli kangcono kunangaphambili. Ngaleyo ndlela, uMose wabonisa ukuthi wayenendaba nenhlalakahle yabantu kunamalungelo ayenawo. Lesi isibonelo esihle ngempela! Masikhumbule ukuthi uma sifuna uJehova asisebenzise, ukuthobeka ikona okufanele kuhambe phambili kunamakhono esinawo. Nakuba ‘uJehova ephakeme, uyambona othobekile.’—IHu. 138:6.

15. Yiziphi izimo ezintsha abanye abafowethu nodadewethu abaye babhekana nazo?

15 Lapho izimo zethu zishintsha. Eminyakeni edlule, abafowethu nodadewethu abaningi asebeneminyaka bekhonza uJehova baye bashintshwa izabelo. Ngokwesibonelo, ngo-2014, ababonisi besifunda nomkabo bacelwa ukuba benze ezinye izabelo enkonzweni yesikhathi esigcwele. Ngawo futhi lowo nyaka, inhlangano yathi abazalwane asebeneminyaka engu-70 kwakufanele bayeke ukukhonza njengababonisi besifunda. Abazalwane abaneminyaka engu-80 kuya phezulu kwakufanele bayeke ukukhonza njengabaxhumanisi bendikimba yabadala emabandleni. Ngaphezu kwalokho, eminyakeni edlule, abaningi eBethel baye bacelwa ukuba bayokhonza njengamaphayona. Abanye kuye kwadingeka bayeke ukukhonza enkonzweni ekhethekile yesikhathi esigcwele ngenxa yezinkinga zempilo, ukunakekela umndeni kanye nezinye izizathu.

16. Abafowethu nodadewethu babonise kanjani ukuthobeka lapho bamukela ushintsho?

16 Kwaba nzima ngabafowethu nodadewethu abaningi ukwenza lolu shintsho. Babezithanda kakhulu izabelo zabo futhi abanye kwase kuphele iminyaka bezenza. Ngakho bezwa ubuhlungu obukhulu njengoba bezama ukujwayela izimo ezintsha. Nokho, ngokuhamba kwesikhathi bakwazi ukujwayela. Kungani? Kungenxa yokuthi bathanda uJehova kakhulu. Bayazi ukuthi bazinikezela kuJehova—hhayi emsebenzini noma esabelweni abebesenza. (Kol. 3:23) Bayakujabulela ukuqhubeka bekhonza uJehova ngokuthobeka kunoma yiziphi izabelo. ‘Baphonsa zonke izinkathazo [zabo] phezu kwakhe,’ bazi ukuthi uyabakhathalela.—1 Pet. 5:6, 7.

17. Kungani sijabula ngokuthi iZwi likaNkulunkulu lisikhuthaza ukuba sithobeke?

17 Ave sijabula ngokuthi iZwi likaNkulunkulu lisikhuthaza ukuba sithobeke. Lapho sithobekile, kuzuza thina nabanye. Siyakwazi nokukhuthazelela izinkinga zokuphila. Ngaphezu kwakho konke, sisondela nakakhulu kuBaba wethu osezulwini. Siyajabula ngokwazi ukuthi nakuba ‘ePhakeme futhi eMkhulu,’ uyazithanda futhi uyajabula ngezinceku zakhe ezithobekile!—Isaya 57:15.

INGOMA 45 Ukuzindla Kwenhliziyo Yami

^ par. 5 Ave kubalulekile ukuba sibe abantu abathobekile. Kuyini ukuthobeka? Kungani kufanele sithobeke? Yiziphi izimo ezingavivinya ukuthobeka kwethu? Lesi sihloko sizoxoxa ngale mibuzo ebalulekile.

^ par. 7 Bheka isihloko esithi “Jehovah Has Dealt Rewardingly With Me” kuyi-Nqabayokulinda yesiNgisi ka-Okthoba 1, 1984.

^ par. 53 INCAZELO YESITHOMBE: Lapho besemzini womzalwane, umphostoli uPawulu ubonisa ukuthobeka ngokuthi axoxe nabanye akhonza nabo, kuhlanganise nezingane.

^ par. 58 INCAZELO YESITHOMBE: Umzalwane wamukela iseluleko esivela eBhayibhelini kumzalwane osemusha.

^ par. 60 INCAZELO YESITHOMBE: Umzalwane osekhulile akanawo umona ngomzalwane osemusha othole isabelo ebandleni.