Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 38

“Wozani Kimi, . . . Ngizonenza Niqabuleke”

“Wozani Kimi, . . . Ngizonenza Niqabuleke”

“Wozani kimi, nina nonke enikhandlekayo nenisindwayo, ngizonenza niqabuleke.”—MATH. 11:28.

INGOMA 17 “Ngiyathanda”

AMAZWIBELA *

1. Yisiphi isithembiso uJesu asenza njengoba kubhalwe kuMathewu 11:28-30?

UJESU wenza lesi sithembiso esijabulisayo esixukwini esasimlalele. Wathi: “Wozani kimi, . . . ngizonenza niqabuleke.” (Funda uMathewu 11:28-30.) Lesi sithembiso sasingeyona nje into engasho lutho. Ngokwesibonelo, cabanga ngalokho akwenza kowesifazane owayegula kakhulu.

2. Yini uJesu ayenzela owesifazane ogulayo?

2 Owesifazane wayedinga usizo ngempela. Wayeseye kodokotela abaningi, enethemba lokuthi uzolapheka. Kwase kuphele iminyaka engu-12 egula, kodwa engalutholi usizo. NgokoMthetho uJehova awunika ama-Israyeli, wayengcolile. (Lev. 15:25) Wezwa ukuthi uJesu angakwazi ukumsiza elapheke, ngakho wahamba wayomcinga. Lapho emthola, wathinta umphetho wengubo yakhe yangaphandle futhi ngaso leso sikhathi welapheka! Kodwa uJesu wenza okungaphezu nje kokumelapha—wabuyisa nesithunzi sakhe. Ngokwesibonelo, lapho ekhuluma naye wabonisa ukuthi uyamthanda futhi uyamhlonipha ngokumbiza ngokuthi “ndodakazi.” Kumelwe ukuba lona wesifazane wazizwa ekhuthazekile futhi eqabuleke ngempela!—Luka 8:43-48.

3. Yimiphi imibuzo esizoxoxa ngayo?

3 Phawula ukuthi lona wesifazane nguye owaya kuJesu. Wathatha isinyathelo sokuqala. Nathi namuhla kufanele senze okufanayo—kumelwe sithathe isinyathelo sokuqala ‘sokuza’ kuJesu. Namuhla, uJesu ngeke abelaphe ngokuyisimangaliso labo ‘abeza’ kuye. Kodwa uyasimema: “Wozani kimi, . . . ngizonenza niqabuleke.” Kulesi sihloko sizophendula le mibuzo emihlanu: Yini okufanele siyenze ukuze ‘size’ kuJesu? UJesu wayesho ukuthini lapho ethi: “Bekani ijoka lami phezu kwenu”? Yini esingayifunda kuJesu? Kungani umsebenzi asinike ukuba siwenze uqabula? Singahlala kanjani siqabulekile ngaphansi kwejoka likaJesu?

“WOZANI KIMI”

4-5. Yiziphi ezinye izindlela ‘esingeza’ ngazo kuJesu?

4 Indlela ‘esingeza’ ngayo kuJesu iwukufunda ngezinto azisho nazenza. (Luka 1:1-4) Akekho umuntu ongasenzela lokhu—kumelwe sizitadishele thina lokho iBhayibheli elikufundisa ngoJesu. Siphinde ‘size’ kuJesu ngokunquma ukubhapathizwa sibe abafundi bakhe.

5 Enye indlela ‘esiza’ ngayo kuJesu iwukuya kubadala bebandla lapho sidinga usizo. UJesu usebenzisa lezi “zipho ezingabantu” ukuze anakekele izimvu zakhe. (Efe. 4:7, 8, 11; Joh. 21:16; 1 Pet. 5:1-3) Kumelwe sithathe isinyathelo sokuqala sokuyocela usizo kubo. Asikwazi ukulindela ukuthi abadala bafunde izingqondo zethu futhi bazi izinto esizidingayo. Cabanga ngalokho okushiwo umzalwane okuthiwa uJulian: “Kwadingeka ngishiye isabelo sami eBethel ngenxa yokugula, ngakho omunye umngane wami wasikisela ukuthi ngicele abadala bazongivakashela ukuze bangikhuthaze. Ekuqaleni ngangicabanga ukuthi angikudingi lokho. Kodwa kamuva, ngabacela futhi ukufika kwabo kwaba isipho esikhulu kunazo zonke engake ngasithola.” Abadala abathembekile, njengalaba ababili abavakashela uJulian, bangasisiza sazi “umqondo kaKristu,” okuwukuthi, siqonde futhi silingise indlela yakhe yokucabanga nesimo sakhe sengqondo. (1 Kor. 2:16; 1 Pet. 2:21) Lapho besisiza ngale ndlela, bayobe besinika isipho esikhulu kunazo zonke.

“BEKANI IJOKA LAMI PHEZU KWENU”

6. Wayesho ukuthini uJesu lapho ethi: “Bekani ijoka lami phezu kwenu”?

6 Lapho uJesu ethi: “Bekani ijoka lami phezu kwenu,” kungenzeka wayesho ukuthi “Zithobeni egunyeni lami.” Kungenzeka nokuthi wayesho ukuthi “Ngena nami ngaphansi kwejoka futhi sisebenzele uJehova ndawonye.” Kunoma yikuphi, igama elithi ijoka lisho ukuthi kufanele sisebenze.

7. NgokukaMathewu 28:18-20, yimuphi umsebenzi esiwunikeziwe, futhi yini esingaqiniseka ngayo?

7 Samukela isimemo sikaJesu lapho sinikezela ukuphila kwethu kuJehova futhi sibhapathizwe. Leso simemo sivulekele wonke umuntu—uJesu akasoze axosha noma ubani ofuna ngempela ukukhonza uJehova. (Joh. 6:37, 38) Bonke abalandeli bakaKristu banikwe ilungelo lokwenza umsebenzi uJehova acela uJesu ukuba awenze. Ngakho singaqiniseka ngokuthi uJesu uyohlale enathi ukuze asisize senze lowo msebenzi.—Funda uMathewu 28:18-20.

“NIFUNDE KIMI”

Yenza abanye bazizwe beqabulekile njengoba kwenza ujesu (bheka izigaba 8-11) *

8-9. Kungani abantu abathobekile babedonseleka kuJesu, futhi yimiphi imibuzo okufanele sizibuze yona?

8 Abantu abathobekile babedonseleka kuJesu. (Math. 19:13, 14; Luka 7:37, 38) Kungani? Cabanga ngomahluko owawukhona phakathi kukaJesu nabaFarisi. Labo baholi benkolo babengenalo uthando futhi babeqhosha. (Math. 12:9-14) UJesu wayenothando futhi ethobekile. AbaFarisi babethanda izikhundla nokubukwa. UJesu wafundisa okuphambene nalokho, watshela abafundi bakhe ukuba bathobeke futhi bakhonze abanye. (Math. 23:2, 6-11) AbaFarisi babebasabisa abantu ngoba befuna ukubalawula. (Joh. 9:13, 22) UJesu wayebakhuthaza abanye ngokuthi abathande futhi akhulume nabo ngamazwi anomusa.

9 Ingabe wena uyamlingisa uJesu? Zibuze: ‘Ingabe abanye bangibheka njengomuntu onomoya omnene nothobekile? Ingabe ngiyayenza imisebenzi ephansi ukuze ngikhonze abanye? Ngiyababonisa yini abanye umusa?’

10. Kwakunjani ukusebenza noJesu kulabo ababesebenza naye?

10 UJesu wenza ukuba labo ayesebenza nabo bakujabulele ukusebenza naye futhi wayekujabulela ukubaqeqesha. (Luka 10:1, 19-21) Wakhuthaza abafundi bakhe ukuba babuze imibuzo futhi naye wayethanda ukuzwa imibono yabo. (Math. 16:13-16) Njengezitshalo ezivikelekile ezimweni zezulu ezimbi, emakhazeni nasemoyeni, abafundi baqhakaza. Bazifunda izifundo uJesu abafundisa zona futhi bathela izithelo ngemisebenzi yabo emihle.

Ngeneka futhi ube nobungane

Zikhandle futhi ube nentshiseko

Thobeka futhi ukhuthale *

11. Yimiphi imibuzo okufanele sizibuze yona?

11 Ingabe unegunya kwabathile? Uma kunjalo, zibuze: ‘Ngibaphatha kanjani abantu emsebenzini nasekhaya? Ingabe ngikhuthaza ukuthula? Ngiyabakhuthaza yini abanye ukuba babuze imibuzo? Ingabe ngiyathanda ukulalela imibono yabo?’ Asifuni nanini ukufana nabaFarisi ababethukuthelela abantu ababebabuza imibuzo nababehlukumeza labo ababengavumelani nemibono yabo.—Marku 3:1-6; Joh. 9:29-34.

“NIZOTHOLELA IMIPHEFUMULO YENU UKUQABULEKA”

12-14. Kungani umsebenzi uJesu asinike wona uqabula?

12 Kungani kusiqabula ukwenza umsebenzi uJesu asinike wona? Ziningi izizathu, kodwa sizoxoxa ngezimbalwa.

13 Sinabaphathi abangcono kunabo bonke. UJehova, uMphathi wethu Omkhulu, akayona inkosi engabongi ngomsebenzi owenziwa izinceku zayo. Uyawazisa umsebenzi esiwenzayo. (Heb. 6:10) Usinika namandla okuwenza lo msebenzi asiphathise wona. (2 Kor. 4:7; Gal. 6:5) UJesu, iNkosi yethu, usibekela isibonelo esihle. (Joh. 13:15) Abadala abasinakekelayo bazama ukulingisa uJesu, “umalusi omkhulu.” (Heb. 13:20; 1 Pet. 5:2) Benza konke okusemandleni abo ukuze babe nomusa, basikhuthaze futhi babe nesibindi njengoba besiqondisa futhi besivikela.

14 Sinabangane abangcono kunabo bonke. Abekho abantu abanabangane abanothando njengalabo esinabo. Cabanga nje: Sisebenza nabafowethu nodadewethu abaphila ukuphila okungcono kakhulu, kodwa abaziboni bengcono kunabanye. Banamakhono amaningi kodwa abaqhoshi ngalokho, babheka abanye njengabakhulu kunabo. Abasibheki njengabantu esisebenza nabo kuphela kodwa nanjengabangane. Uthando abasithanda ngalo lukhulu kangangokuba bangasifela ngisho nokusifela!

15. Kufanele sizizwe kanjani ngomsebenzi esiwenzayo?

15 Sinomsebenzi ongcono kunayo yonke. Sifundisa abantu iqiniso ngoJehova, siweneke obala amanga kaSathane. (Joh. 8:44) USathane ucindezela abantu ngemithwalo abangakwazi ukuyithwala. Ngokwesibonelo, ufuna sikholwe ukuthi uJehova akasithandi nokuthi ngeke azithethelele izono esizenzayo. Amanga aluhlaza lawo! Lapho ‘siza’ kuKristu, izono zethu ziyathethelelwa. Iqiniso liwukuthi uJehova usithanda kakhulu sonke. (Roma 8:32, 38, 39) Kujabulisa ngempela ukufundisa abantu ukuba bathembele kuJehova nokubabona bethuthukisa ukuphila kwabo!

HLALE UQABULEKILE NGAPHANSI KWEJOKA LIKAJESU

16. Umthwalo uJesu asicela ukuba siwuthwale uhluke kanjani kweminye okumelwe siyikhuthazelele?

16 Umthwalo uJesu asicela ukuba siwuthwale uhlukile kweminye okumelwe siyithwale. Ngokwesibonelo, ngemva kosuku olude emsebenzini wokuziphilisa, abaningi abagcini nje ngokuzizwa bekhathele kodwa futhi basuke bengajabule. Ngokuphambene nalokho, lapho sichitha isikhathi sethu enkonzweni kaJehova noKristu, sizizwa sijabule futhi sanelisekile. Singase sikhathale ngemva kosuku olude emsebenzini futhi kudingeke sizihudule ukuze siye emhlanganweni webandla ntambama. Kodwa ngokuvamile, sibuya ekhaya sesiqabulekile futhi sikhuthazekile ngemva komhlangano. Kwenzeka okufanayo nalapho sizikhandla sishumayela nalapho sitadisha iBhayibheli. Umvuzo esiwutholayo uba mkhulu kakhulu kunamandla esisuke siwasebenzisile!

17. Yini okumelwe siyiqonde njengabantu ngabanye, futhi yini okumelwe siyicabangisise?

17 Kumelwe siqonde ukuthi umuntu ngamunye unamandla alinganiselwe. Ngakho, kumelwe sicabangisise ngezinto esizenzayo. Ngokwesibonelo, singase sichithe amandla ethu amaningi sifuna izinto zaleli zwe. Phawula lokho uJesu akusho kwenye insizwa ecebile eyambuza: “Yini okumelwe ngiyenze ukuze ngizuze ifa lokuphila okuphakade?” Le nsizwa yayivele iwugcina uMthetho. Kumelwe ukuba yayingumuntu okahle ngoba eVangelini likaMarku kuthiwa uJesu ‘wezwa eyithanda.’ UJesu wayimema le nsizwa, wathi, “Hamba, uthengise lokho onakho . . . bese uza ube ngumlandeli wami.” Le nsizwa yayifuna ukumlandela uJesu. Kodwa kwakunzima ukushiya ‘impahla [yayo] eningi.’ (Marku 10:17-22) Ngenxa yalokho, yenqaba ukuthatha ijoka likaJesu futhi yaqhubeka iyisigqila ‘seNgcebo.’ (Math. 6:24) Wena wawuyokwenzenjani?

18. Yini okufanele sidamane siyenza, futhi kungani?

18 Kuhle sidamane sihlola ukuthi yini eza kuqala ekuphileni kwethu. Kungani? Ukuze siqiniseke ngokuthi amandla ethu siwasebenzisa ngokuhlakanipha. Cabanga ngalokho okwashiwo enye insizwa okuthiwa uMark: “Iminyaka eminingi ngangicabanga ukuthi ngiphila ukuphila okulula. Ngangiphayona, kodwa ngangihlale ngicabanga ngokuthola imali nokuthi ngingakuphila kanjani ukuphila okunethezekile. Ngangizama ukuqonda ukuthi kungani ukuphila kwami kuba nzima. Ngabe sengibona ukuthi ngangichitha isikhathi sami esiningi ngenza izinto zami, kuyilapho nginika uJehova izinsalela zesikhathi namandla ami.” UMark washintsha indlela ayecabanga ngayo nendlela ayephila ngayo ukuze enze okwengeziwe enkonzweni kaJehova. Uthi, “Ngezinye izikhathi ngiyakhathazeka ngemali, kodwa ngosizo lukaJehova noJesu ngiyakwazi ukugxila ekukhonzeni uJehova.”

19. Kungani kubalulekile ukuhlale sinombono ofanele?

19 Siyoqhubeka siqabuleka ngaphansi kwejoka likaJesu uma senza lezi zinto ezintathu. Okokuqala, hlale unombono ofanele ngezinto. Umsebenzi esiwenzayo okaJehova, ngakho kumelwe siwenze ngendlela yaKhe. Siyizinceku, uJehova uyiNkosi. (Luka 17:10) Uma sizama ukwenza umsebenzi wakhe ngendlela yethu, siyozilimaza thina. Ngisho nenkunzi enamandla cishe iyozilimaza, iphele namandla uma izama ukuya lapho ithanda khona futhi ilwa nejoka elidonswa umniniyo. Ngakolunye uhlangothi, uma silandela isiqondiso sikaJehova, singafeza izinto ezinkulu futhi sinqobe noma ngabe yiziphi izinkinga. Khumbula ukuthi akekho ongavimba uJehova ukuba enze intando yakhe!—Roma 8:31; 1 Joh. 4:4.

20. Kufanele sibe yini isisusa sethu sokuza ngaphansi kwejoka likaJesu?

20 Okwesibili, sebenza unesisusa esifanele. Umgomo wethu uwukuletha udumo kuBaba wethu onothando, uJehova. Ngesikhathi sikaJesu, abantu ababenza izinto ngenxa yomona nobugovu bagcine bengajabule futhi balilahla ijoka likaJesu. (Joh. 6:25-27, 51, 60, 66; Fil. 3:18, 19) Ngokungafani nabo, labo ababenza izinto ngoba bethanda uJehova nomakhelwane bakujabulela ukuba ngaphansi kwejoka ukuphila kwabo konke besemhlabeni, benethemba lokukhonza noKristu ezulwini. Njengabo, nathi siyokujabulela ukuba ngaphansi kwejoka likaJesu sinesisusa esifanele.

21. NgokukaMathewu 6:31-33, yini esingalindela ukuba uJehova ayenze?

21 Okwesithathu, yiba nombono ofanele ngalokho okulindele. Sikhethe ukuphila kokuzidela nokokuzikhandla. UJesu wasixwayisa ngokuthi sizoshushiswa. Kodwa singalindela ukuthi uJehova uzosinika amandla okukhuthazelela noma iyiphi inkinga. Lapho siqhubeka sikhuthazela, siba namandla kakhulu. (Jak. 1:2-4) Singalindela nokuthi uJehova uzosinika konke esikudingayo, ukuthi uJesu uzoselusa nokuthi abafowethu nodadewethu bazosikhuthaza. (Funda uMathewu 6:31-33; Joh. 10:14; 1 Thes. 5:11) Sinakho konke esikudingayo ukuze sikwazi ukukhuthazela!

22. Yini esingajabula ngayo?

22 Owesifazane uJesu amelapha waqabuleka ngalo kanye lolo suku alapheka ngalo. Kodwa ukuqabuleka kwaphakade wayeyokuthola kuphela uma ayeba umfundi kaKristu. Ucabanga ukuthi wenzenjani? Uma kuwukuthi wakhetha ukuthatha ijoka likaJesu, cabanga ngomvuzo ayeyowuthola—ukukhonza noJesu ezulwini! Noma yikuphi ukuzidela ayeyokwenza ukuze alandele uJesu kwakuyoba yize uma kuqhathaniswa naleso sibusiso. Kungakhathaliseki ukuthi yiliphi ithemba esinalo—ukuphila phakade ezulwini noma emhlabeni—singajabula ngokuthi samukela isimemo sikaJesu esithi: “Wozani kimi!”

INGOMA 13 UKristu, Isibonelo Sethu

^ par. 5 UJesu wasimema ukuba size kuye. Yini okufanele siyenze ukuze samukele isimemo sakhe? Lesi sihloko sizophendula lowo mbuzo futhi sizosikhumbuza indlela esingaqabuleka ngayo ngokusebenza noKristu.

^ par. 60 INCAZELO YESITHOMBE: UJesu wenza abanye bazizwa beqabulekile ngezindlela eziningi.

^ par. 66 INCAZELO YEZITHOMBE: Ngokufanayo, umzalwane wenza abanye bazizwe beqabulekile ngezindlela ezihlukahlukene.