Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 36

Ingabe Ukulungele Ukuba Umdobi Wabantu?

Ingabe Ukulungele Ukuba Umdobi Wabantu?

“Yeka ukwesaba. Kusukela manje kuqhubeke uzobe udoba abantu bephila.”—LUKA 5:10.

INGOMA 73 Sinikeze Isibindi

AMAZWIBELA *

1. Yisiphi isimemo uJesu asinika abadobi abane, futhi basabela kanjani?

ABAFUNDI uPetru, u-Andreya, uJakobe noJohane babenebhizinisi lokudoba. Cabanga ukuthi bamangala kanjani lapho bezwa lesi simemo sikaJesu: “Ngilandeleni, ngizonenza abadobi babantu.” * Basabela kanjani? IBhayibheli lithi: ‘Bashiya amanetha ngaso leso sikhathi, bamlandela.’ (Math. 4:18-22) Leso sinqumo sakushintsha unomphela ukuphila kwabo. Esikhundleni sokudoba izinhlanzi, ‘babezodoba abantu bephila.’ (Luka 5:10) Namuhla, uJesu ubanika isimemo esifanayo abanhliziyo ziqotho abathanda iqiniso. (Math. 28:19, 20) Ususamukele yini isimemo sikaJesu sokuba umdobi wabantu?

2. Kungani kungafanele sisithathe kalula isinqumo sokuba abadobi babantu, futhi yini eyosisiza sithathe leso sinyathelo?

2 Mhlawumbe kunentuthuko osuyenzile njengoba ufundelwa iBhayibheli futhi manje sekudingeka unqume ukuthi uyafuna yini ukuba ummemezeli wezindaba ezinhle. Uma wesaba ukwamukela isimemo sikaJesu, ungapheli amandla. Ukuthi uyesaba kungenzeka kusho ukuthi uyazi ukuthi sibaluleke kakhulu kangakanani lesi sinqumo. Yiqiniso ukuthi iBhayibheli lithi uPetru nabangane bakhe bawashiya “ngaso leso sikhathi” amanetha abo. Nokho, uPetru nomfowabo abasenzanga ngokuxhamazela leso sinqumo. Kwase kuphele izinyanga ezingaphezu kweziyisithupha bazi ukuthi uJesu unguMesiya futhi bekwamukela lokho. (Joh. 1:35-42) Nawe kungenzeka kuningi osukufundile ngoJehova nangoJesu futhi ufuna ukuqhubeka usondelana noJehova. Kodwa kufanele ucabangisise ngalesi sinqumo ngaphambi kokuba usenze. Yini eyasiza uPetru, u-Andreya, nabanye ukuba benze lesi sinqumo?

3. Yiziphi izimfanelo ezizokhulisa isifiso sakho sokwamukela isimemo sikaJesu?

3 Abafundi bokuqala bakaJesu babenesifiso sokushumayela, benolwazi, benesibindi, futhi bekwazi ukuzikhuza. Akungabazeki ukuthi lezo zimfanelo zabasiza baba abadobi babantu abaphumelelayo. Lesi sihloko sizoxoxa ngokuthi ungaba kanjani nalezo zimfanelo ukuze ube umfundi kaKristu ophumelelayo.

KHULISA ISIFISO SAKHO SOKUSHUMAYELA

UPetru nabanye baba abadobi babantu. Lo msebenzi omkhulu usaqhubeka nanamuhla (Bheka izigaba 4-5)

4. Yini eyakhuthaza uPetru ukuba abe umdobi?

4 UPetru wayedoba izinhlanzi ukuze ondle umndeni wakhe, kodwa kuye ukudoba kwakungaphezu nje komsebenzi awenzayo ukuze athole ukudla. Kubonakala sengathi wayekuthanda ukudoba. (Joh. 21:3, 9-15) Wakuthanda nokuba umdobi wabantu. Ngosizo lukaJehova, uPetru wawenza kahle kakhulu lowo msebenzi.​—IzE. 2:14, 41.

5. Ngokwencwadi kaLuka 5:8-11, kungani uPetru ayesaba, futhi yini engasisiza sinqobe imizwa efanayo?

5 Sishumayela ngoba simthanda uJehova; yileso isizathu esibalulekile sokwenza lo msebenzi. Ukuthanda uJehova kungasisiza sinqobe noma yikuphi ukuzenyeza. Ngesikhathi uJesu emema uPetru ukuba abe umdobi wabantu, wathi kuye: “Yeka ukwesaba.” (Funda uLuka 5:8-11.) UPetru wayengakusabi lokho okwakungase kwenzeke kuye uma eba umfundi kaJesu. Kunalokho, wayemangazwe yisimangaliso sokubamba izinhlanzi uJesu ayesanda kusenza, wabona kungamfanele ukucelwa ukuba asebenze noJesu. Nawe ungase wethuke lapho uthola ukuthi yini ehilelekile ekubeni umfundi kaKristu. Uma uzizwa kanjalo, khulisa uthando lwakho ngoJehova, ngoJesu nangomakhelwane wakho, lokho kuzokwenza wamukele isimemo sikaJesu sokuba umdobi wabantu.​—Math. 22:37, 39; Joh. 14:15.

6. Yiziphi ezinye izizathu ezenza sifune ukushumayela?

6 Cabanga ngezinye izizathu ezenza sifune ukushumayela. Sifuna ukulalela umyalo kaJesu: “Hambani niyokwenza . . . abafundi.” (Math. 28:19, 20) Sishumayela nangenxa yokuthi abantu ‘baphundlekile futhi bahlakazekile,’ bakudinga ngempela ukufunda iqiniso ngoMbuso. (Math. 9:36) UJehova ufuna zonke izinhlobo zabantu zifinyelele olwazini olunembile lweqiniso futhi zisindiswe.​—1 Thim. 2:4.

7. EyabaseRoma 10:13-15 ibonisa kanjani ukuthi umsebenzi wokushumayela ubalulekile?

7 Ukucabanga ngomthelela ukushumayela okungaba nawo ekuphileni kwabantu, kuyosenza sifune ukwenza lo msebenzi obalulekile. Ngokungafani nomdobi ozithengisayo noma ozidlayo izinhlanzi azibambile, thina “sidoba” abantu ukuze sisindise ukuphila kwabo.​—Funda eyabaseRoma 10:13-15; 1 Thim. 4:16.

JULISA ULWAZI LWAKHO

8-9. Yini okumelwe umdobi ayazi, futhi kungani?

8 Ngezikhathi zikaJesu, umdobi ongumIsrayeli kwakudingeka azi ukuthi uhlobo olunjani lwenhlanzi angase alubambe. (Lev. 11:9-12) Kwakudingeka azi nokuthi angaluthola kuphi lolo hlobo lwenhlanzi. Izinhlanzi zivame ukuhlala emanzini eziwathandayo nalapho zizothola khona ukudla okuningi. Kubalulekile yini ukuthi umdobi udoba ngasiphi isikhathi? Mayelana nesikhathi esikahle sokubamba izinhlanzi, phawula lokho okwashiwo omunye umzalwane ohlala esiqhingini sasePacific ngesikhathi ememe esinye isithunywa sevangeli ukuba siyodoba naye. Isithunywa sevangeli sathi, “Asihlangane ngo-9 ekuseni kusasa.” Umzalwane waphendula wathi, “Ngeke kulunge. Sizohamba ngesikhathi izinhlanzi ezitholakala ngaso, hhayi ngesikhathi esithandwa yithi.”

9 Abadobi babantu bangekhulu lokuqala nabo babeya ezindaweni “izinhlanzi” ezitholakala kuzo, nangezikhathi ezitholakala ngazo. Ngokwesibonelo, abalandeli bakaJesu babeshumayela ethempelini nasemasinagogeni, endlini ngendlu, nasesigcawini. (IzE. 5:42; 17:17; 18:4) Nathi kudingeka sizazi izindawo nezikhathi abantu basendaweni abatholakala ngazo. Kudingeka sivumelane nezimo, sishumayele ezindaweni abantu abatholakala kuzo, nangezikhathi abatholakala ngazo.​—1 Kor. 9:19-23.

ABADOBI ABANEKHONO . . . 1. basebenza ezindaweni nangezikhathi izinhlanzi ezitholakala ngazo (Bheka izigaba 8-9)

10. Yimaphi amathuluzi inhlangano kaJehova esilungiselele wona?

10 Umdobi udinga amathuluzi afanele, futhi kumelwe azi ukuthi asetshenziswa kanjani. Nathi kufanele sibe namathuluzi afanele emsebenzini wethu. Kufanele sazi nokuthi asetshenziswa kanjani. UJesu wanikeza abafundi bakhe iziqondiso ezicacile zokuthi kufanele babadobe kanjani abantu. Wabatshela ukuthi kufanele baphatheni, bashumayele kuphi, nokuthi bathini. (Math. 10:5-7; Luka 10:1-11) Namuhla, inhlangano kaJehova ilungiselele iBhokisi Lamathuluzi Okufundisa elinamathuluzi asebenza kahle kakhulu. * Siphinde sifundiswe ukuthi singawasebenzisa kanjani la mathuluzi. Lokho kuqeqeshwa kuyasisiza sikwazi ukuzethemba futhi siphumelele emsebenzini wethu.​—2 Thim. 2:15.

ABADOBI ABANEKHONO . . . 2. baqeqeshiwe ukuze basebenzise amathuluzi afanele (Bheka isigaba 10)

YIBA NESIBINDI

11. Kungani abadobi babantu kufanele babe nesibindi?

11 Abadobi abathengisayo kudingeka babe nesibindi. Ngezinye izikhathi babhekana nezimo abangazilindele olwandle. Bavame ukusebenza ebusuku futhi kungenzeka kuhlasele isiphepho kungazelelwe. Abadobi babantu nabo kudingeka babe nesibindi. Lapho siqala ukushumayela futhi sitshela abantu ukuthi singoFakazi BakaJehova, singase sihlangabezane “nesiphepho” esiwukuphikiswa amalungu omndeni, abantu abasaziyo basenze inhlekisa, abanye kungenzeka bangafuni nokusilalela. Kodwa lokhu akusimangazi. UJesu waxwayisa abalandeli bakhe ngokuthi babezohlangana nabantu abazobaphikisa lapho beshumayela.​—Math. 10:16.

12. Ngokuvumelana noJoshuwa 1:7-9, yini engasisiza sibe nesibindi?

12 Ungaba kanjani nesibindi? Okokuqala, qiniseka ngokuthi uJesu uyaqhubeka nokuqondisa lo msebenzi esezulwini. (Joh. 16:33; IsAm. 14:14-16) Yibe usuqinisa ukholo onalo esithembisweni sikaJehova sokukunakekela. (Math. 6:32-34) Lapho ukholo lwakho luqina, siyokhula nesibindi sakho. UPetru nabangane bakhe babonisa ukholo olukhulu lapho beshiya ibhizinisi labo ukuze balandele uJesu. Nawe wabonisa ukholo olukhulu lapho utshela abantu obaziyo namalungu omndeni wakho ukuthi usuqale ukufunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova futhi uya nasemihlanganweni yabo! Akungabazeki ukuthi lukhulu ushintsho osulwenzile endleleni oziphatha ngayo nasendleleni ophila ngayo ukuze uphile ngemithetho kaJehova. Nalokho kwakudinga ube nokholo nesibindi. Njengoba uqhubeka uzama ukuba nesibindi, qiniseka ngokuthi “uJehova uNkulunkulu wakho unawe nomaphi lapho uya khona.”​—Funda uJoshuwa 1:7-9.

ABADOBI ABANEKHONO . . . 3. basebenza ngesibindi ngisho nalapho izimo zishintsha (Bheka izigaba 11-12)

13. Ukuzindla nokuthandaza kungakusiza kanjani ube nesibindi?

13 Iyiphi enye indlela ongaba ngayo nesibindi? Thandaza ucele isibindi. (IzE. 4:29, 31) UJehova uzoyiphendula imithandazo yakho futhi akasoze akulahle. Uhlale ekulungele ukukusiza. Ungazindla nangezindlela uJehova abasindise ngazo abanye esikhathini esedlule. Cabanga nangezindlela akusize ngazo wanqoba izinkinga, wakunika namandla okushintsha indlela ophila ngayo. Siyaqiniseka ngokuthi Lowo owahola abantu bakhe ngesikhathi bedabula uLwandle Olubomvu angakusiza nawe ube umfundi kaKristu. (Eks. 14:13) Yiba nokholo olufana nolomhubi owathi: “UJehova ungakimi; ngeke ngesabe. Umuntu wasemhlabeni angangenzani?”​—IHu. 118:6.

14. Yini oyifunda kulokho okwenzeka kuMasae noTomoyo?

14 Enye indlela engakusiza ube nesibindi ukufunda ukuthi uJehova ubasize kanjani abantu abanamahloni ngokwemvelo kodwa abakwazile ukuwanqoba baba nesibindi. Cabanga ngalokho okwenzeka kudadewethu uMasae. Wayenamahloni futhi ecabanga ukuthi akasoze akwazi ukukhuluma ngokholo lwakhe phambi kwabantu. KuMasae ukukhuluma nabantu angabazi kwakufana nodonga olude kakhulu angasoze akwazi ukulweqa. Ngakho wakhetha ukwenza izinto ezizomsiza ajulise indlela amthanda ngayo uNkulunkulu nomakhelwane bakhe. Wacabanga ngendlela ophuthuma ngayo umsebenzi wokushumayela futhi wathandazela ukuba nesifiso esinamandla sokushumayela. Wakunqoba ukwesaba, waze waba yiphayona elivamile. UJehova angasiza ngisho nabamemezeli abasha ukuba ‘babe nesibindi.’ Phawula lokho okwenzeka kudadewethu uTomoyo. Ngesikhathi eshumayela okokuqala endlini ngendlu, umama amthola endlini yokuqala wavele wamemeza: “Angibafuni oFakazi BakaJehova!” wayesegaklaza umnyango. Akumthusanga lokho uTomoyo, wathi kummemezeli ayehamba naye: “Umzwile? Uvele wazibonela nje ukuthi ngiwuFakazi KaJehova, ngingakawuvuli nokuwuvula umlomo. Kuyangijabulisa lokho!” Manje uTomoyo useyiphayona elivamile.

ZIKHUZE

15. Kusho ukuthini ukuzikhuza, futhi kungani kubalulekile kumaKristu?

15 Abadobi abaphumelelayo bayakwazi ukuzikhuza. Ukuzikhuza kuye kwachazwa ngokuthi “yikhono elikwenza ukwazi ukwenza izinto okufanele uzenze.” Abadobi abathengisayo kumelwe bakwazi ukuzikhuza ukuze bavuke ekuseni kakhulu, bahlale kuze kuphele umsebenzi, futhi baphikelele ngisho noma kunesimo esibi sezulu. Nathi kudingeka sikwazi ukuzikhuza uma sifuna ukukhuthazela futhi siqede umsebenzi wethu.​—Math. 10:22.

16. Singakwazi kanjani ukuzikhuza?

16 Asizalwa nalo ikhono lokuzikhuza. Ngokuvamile sinesifiso esingokwemvelo sokwenza lokho esikubona kulula. Ukuzikhuza kudinga ukuzithiba. Ngakho, sidinga usizo ukuze siziqeqeshe senze izinto okungelula ukuzenza. UJehova uyasinikeza lolo sizo esebenzisa umoya wakhe ongcwele.​—Gal. 5:22, 23.

17. Kweyoku-1 Korinte 9:25-27, umphostoli uPawulu uyichaza kanjani imizamo ayenzayo ukuze abe nekhono lokuzikhuza?

17 Umphostoli uPawulu wayekwazi ukuzikhuza. Kodwa wavuma ukuthi kwakudingeka ‘awutube’ umzimba wakhe ukuze enze okulungile. (Funda eyoku-1 Korinte 9:25-27.) Wanxusa nabanye ukuba baziqeqeshe futhi benze zonke izinto “ngokufaneleyo nangohlelo.” (1 Kor. 14:40) Kumelwe sizikhuze ukuze siqhubeke sikhonza uJehova, okuhlanganisa ukuwenza njalo umsebenzi wokudoba ongokomfanekiso.​—IzE. 2:46.

UNGAPHOLISI MASEKO

18. Yini ezokwenza uJehova asibheke njengabaphumelelayo emsebenzini wokushumayela?

18 Umdobi othengisayo ukala impumelelo yakhe ngokuthi ziningi kangakanani izinhlanzi azibambile. Ngokuhlukile, thina eyethu impumelelo asiyikali ngokuthi bangakanani abantu esibalethe enhlanganweni kaNkulunkulu. (Luka 8:11-15) Uma nje sisaqhubeka nokushumayela izindaba ezinhle futhi sifundisa abanye, kuJehova sisuke siphumelela kulo msebenzi. Kungani? Kungenxa yokuthi siyamlalela yena neNdodana yakhe.​—Marku 13:10; IzE. 5:28, 29.

19-20. Yisiphi isizathu esibalulekile esinaso sokushumayela manje?

19 Kwamanye amazwe, ukudoba kuvumeleke ngezinyanga ezithile kuphela. Kulawo mazwe, uba mkhulu umuzwa wokuphuthuma kubadobi uma sekuzophela leyo nkathi yokudoba. Njengoba singabadobi babantu, nasi esinye isizathu sokushumayela manje: Ukuphela kwaleli zwe kusondela ngesikhulu isivinini! Isikhathi esisele sokwenza lo msebenzi osindisa ukuphila sesinciphe kakhulu. Ungapholisi maseko noma ucabange ukuthi kufanele ulinde ithuba elikahle lokuba nengxenye kulo msebenzi obalulekile.​—UmSh. 11:4.

20 Thatha isinyathelo njengamanje ukhulise isifiso sakho sokushumayela, ujulise ulwazi lwakho ngeBhayibheli, ube nesibindi, futhi ukwazi ukuzikhuza. Joyina abadobi babantu abangaphezu kwezigidi ezingu-8, uzothola injabulo evela kuJehova. (Neh. 8:10) Zimisele ukuhlanganyela ngokugcwele kulo msebenzi, uwenze uJehova aze athi sekwanele. Isihloko esilandelayo sizoxoxa ngezindlela ezintathu esingakuqinisa ngazo ukuzimisela kwethu ukuqhubeka nomsebenzi wokushumayela ngoMbuso njengabadobi babantu.

INGOMA 66 Memezelani Izindaba Ezinhle

^ par. 5 UJesu wamema abadobi abathobekile nabasebenza kanzima ukuba babe abafundi bakhe. Namuhla, uJesu usaqhubeka nokumema abantu abanalezo zimfanelo ukuba babe abadobi babantu. Lesi sihloko sizoxoxa ngezinto okudingeka zenziwe yilabo abafundelwa iBhayibheli abangabaza ukwamukela isimemo sikaJesu.

^ par. 1 INCAZELO YAMAGAMA: Inkulumo ethi “abadobi babantu” ibhekisela kubo bonke abashumayela izindaba ezinhle nabafundisa abanye ukuze babe abafundi bakaKristu.

^ par. 10 Bheka isihloko esithi “Ukufundisa Iqiniso” kuyi-Nqabayokulinda ka-Okthoba 2018, kk. 11-16.