Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 40

“Kuqaphe Ophathiswe Kona”

“Kuqaphe Ophathiswe Kona”

“O Thimothewu, kuqaphe ophathiswe kona.”​—1 THIM. 6:20.

INGOMA 29 Ukuhamba Ngegama Lethu

AMAZWIBELA *

1-2. Ngokwencwadi yoku-1 Thimothewu 6:20, yini uThimothewu ayenikwe yona?

NGOKUVAMILE izinto zethu eziyigugu siziphathisa abanye. Ngokwesibonelo, singase sifake imali yethu ebhange. Lapho senza kanjalo, silindele ukuba ibhange lisigcinele yona kahle, ingalahleki noma intshontshwe. Ngakho siyaqonda ukuthi kusho ukuthini ukuphathisa omunye umuntu into eyigugu kithi.

2 Funda eyoku-1 Thimothewu 6:20. Umphostoli uPawulu wakhumbuza uThimothewu ukuthi wayethole into eyigugu—ulwazi olunembile ngenjongo kaNkulunkulu ngesintu. UThimothewu wayephathiswe nelungelo ‘lokushumayela izwi’ nokuba “enze umsebenzi womvangeli.” (2 Thim. 4:2, 5) UPawulu wanxusa uThimothewu ukuba akuqaphe lokho ayekuphathisiwe. NjengoThimothewu, nathi siphathiswe izinto eziyigugu. Yiziphi lezo zinto? Kungani kumelwe siwaqaphe amagugu uJehova asinike wona?

SIPHATHISWE AMAQINISO AYIGUGU

3-4. Yiziphi ezinye izizathu ezenza amaqiniso aseBhayibhelini abe yigugu?

3 Ngenxa yokuthi uyasithanda, uJehova usinike ulwazi olunembile lwamaqiniso ayigugu atholakala eZwini lakhe, iBhayibheli. La maqiniso ayigugu ngoba asifundisa ukuthi singaba kanjani nobuhlobo obuhle noJehova, asichazele nokuthi yini esenza sijabule ngempela ekuphileni. Lapho samukela la maqiniso futhi siphila ngawo, siyakhululeka ekugqilazweni izimfundiso zamanga nasekuziphatheni okubi.​—1 Kor. 6:9-11.

4 Esinye isizathu esenza amaqiniso atholakala eBhayibhelini abe yigugu ukuthi uJehova uwambulela abantu abathobekile kuphela ‘abathambekele ngokufanele.’ (IzE. 13:48) Abantu abanjalo bamukela umzila awusebenzisayo ukuze asazise lawo maqiniso namuhla. (Math. 11:25; 24:45) Siyaludinga usizo ukuze siqonde la maqiniso futhi ukuwaqonda kuyigugu kakhulu.​—IzAga 3:13, 15.

5. Yini enye uJehova asiphathise yona?

5 UJehova usiphathise nelungelo lokufundisa abanye iqiniso ngaye nangezinjongo zakhe. (Math. 24:14) Umyalezo esiwuphethe uyigugu kakhulu ngoba usiza abantu babe ingxenye yomndeni kaJehova, ubanike nethuba lokuthola ukuphila okuphakade. (1 Thim. 4:16) Kungakhathaliseki ukuthi sichitha isikhathi esincane noma esiningi enkonzweni, sonke sisekela umsebenzi obaluleke kunayo yonke imisebenzi eyenziwa namuhla. (1 Thim. 2:3, 4) Kuyilungelo ngempela ukusebenza kanye noNkulunkulu!​—1 Kor. 3:9.

BAMBELELA KULOKHO OKUNIKIWE!

UThimothewu kwadingeka ame aqine eqinisweni ngesikhathi abanye belishiya (Bheka isigaba 6)

6. Yini eyenzeka kwabanye abahluleka ukuhlale beqaphile?

6 Abanye ababephila ngesikhathi sikaThimothewu bahluleka ukwazisa ilungelo ababenalo lokusebenza kanye noNkulunkulu. Ngenxa yokuthi uDema wayethanda isimiso samanje sezinto, walilahla ilungelo lakhe lokukhonza noPawulu. (2 Thim. 4:10) Kubonakala sengathi uFigelu noHermogene bashiya inkonzo yabo ngoba besaba ukuthi bangase bashushiswe njengoPawulu. (2 Thim. 1:15) UHimenewu, u-Aleksandru noFiletu baba izihlubuki bashiya iqiniso. (1 Thim. 1:19, 20; 2 Thim. 2:16-18) Kubukeka sengathi bonke laba bantu bake bamthanda uJehova, kodwa ngokuhamba kwesikhathi bahluleka ukubona ukuthi yini ebaluleke ngempela.

7. Yimaphi amaqhinga uSathane awasebenzisayo ukuze asiphambukise eqinisweni?

7 USathane uzama kanjani ukusenza silahle amagugu uJehova asiphathise wona? Phawula amanye amaqhinga asetshenziswa uSathane. Usebenzisa ezokuzijabulisa nabezindaba ukuze asenze sicabange, senze futhi siziphathe ngendlela ezosenza silidedele kancane kancane iqiniso. Uzama ukusithusa ngokusebenzisa ukucindezela kontanga noshushiso ukuze siyeke ukushumayela. Uzama nokusiyenga ukuba silalele “lokho okubizwa ngokungeyikho ngokuthi ‘ulwazi’” lwezihlubuki ukuze silahle iqiniso.​—1 Thim. 6:20, 21.

8. Yini oyifundayo kulokho okwenzeka kumfowethu uDaniel?

8 Uma singaqaphile, kancane kancane singalishiya iqiniso. Cabanga ngalokho okwenzeka kuDaniel * owayethanda imidlalo yamavidiyo. Uma echaza uthi: “Ngaqala ukudlala imidlalo yamavidiyo lapho ngineminyaka engu-10. Ekuqaleni, ngangidlala imidlalo engeyona ingozi. Kodwa ngokuhamba kwesikhathi, ngaqala ukudlala imidlalo enodlame nobudemoni.” Wagcina eseyidlala amahora angu-15 ngosuku. UDaniel uthi: “Uma ngikhuluma iqiniso, ngangazi kahle ukuthi imidlalo engangiyidlala nesikhathi engangisichitha kuyo kwakungiqhelisa kuJehova. Nokho, inhliziyo yami yayisikholelwa ukuthi lokho okushiwo iBhayibheli kwakungasebenzi kimi.” Uma singaqaphile, kalula nje ezokuzijabulisa zingasenza siqhele eqinisweni. Uma lokho kwenzeka, singagcina sesilahlekelwa izinto eziyigugu uJehova asinike zona.

INDLELA ESINGABAMBELELA NGAYO EQINISWENI

9. Ngokwencwadi yoku-1 Thimothewu 1:18, 19, uPawulu wamqhathanisa nani uThimothewu?

9 Funda eyoku-1 Thimothewu 1:18, 19. UPawulu waqhathanisa uThimothewu nesosha, wamnxusa ukuba ‘aqhubeke elwa impi enhle.’ UPawulu wayengakhulumi ngempi engokoqobo ephakathi kwamasosha. AmaKristu afana kanjani namasosha asempini? Yiziphi izimfanelo okumelwe sibe nazo njengoba singamasosha kaKristu? Ake sixoxe ngezifundo ezinhlanu esingazifunda emfanekisweni kaPawulu. Lezi zifundo zingasisiza sibambelele eqinisweni.

10. Kuyini ukuzinikela kuNkulunkulu, futhi kungani sikudinga?

10 Lwela ukuzinikela kuNkulunkulu. Isosha elihle liqotho. Lilwa kanzima ukuze livikele umuntu elimthandayo noma into eyigugu kulo. UPawulu wakhuthaza uThimothewu ukuba alwele ukuzinikela kuNkulunkulu—okuwukuthi, ukunamathela ngobuqotho kuNkulunkulu. (1 Thim. 4:7) Uma uthando lwethu nokuzinikela kwethu kuNkulunkulu kukukhulu, siyoba sikhulu nesifiso sokubambelela eqinisweni.​—1 Thim. 4:8-10; 6:6.

Lapho sibuya emsebenzini sikhathele siyimvithi, kungase kudingeke sizikhandle kakhudlwana ukuze siye emhlanganweni webandla. Kodwa uma siya siyajabula! (Bheka isigaba 11)

11. Kungani sidinga ukuzithiba?

11 Lwela ukuzithiba. Isosha kumelwe lisebenze kanzima ukuze lihlale liyilungele impi. UThimothewu wayehlale ekulungele ukumelana namathonya kaSathane ngoba walandela iseluleko sikaPawulu esiphefumulelwe sokuba abalekele izifiso ezingalungile, abe nezimfanelo ezijabulisa uNkulunkulu, azihlanganise namanye amaKristu. (2 Thim. 2:22) Lokho kwakudinga ukuzithiba. Kudingeka sizithibe ukuze silwe nezifiso ezingalungile. (Roma 7:21-25) Ngaphezu kwalokho, kudingeka sizithibe ukuze siqhubeke silahla ubuntu obudala, sigqoke obusha. (Efe. 4:22, 24) Lapho sikhathele siyimvithi ekupheleni kosuku, kungase kudingeke sizikhandle kakhudlwana ukuze siye emhlanganweni webandla.​—Heb. 10:24, 25.

12. Yiziphi izindlela esingathuthuka ngazo ekusebenziseni iBhayibheli?

12 Isosha kudingeka liphrakthize ukusebenzisa izikhali zalo. Ukuze likwazi ukuzisebenzisa kahle, kudingeka likwenze njalo lokho. Ngendlela efanayo, kudingeka silisebenzise kahle iZwi likaNkulunkulu. (2 Thim. 2:15) Imihlangano yethu isifundisa ezinye izindlela esingakwenza ngayo lokhu. Uma sifuna ukukholisa abanye ukuthi iqiniso leBhayibheli libalulekile, kudingeka silifunde njalo iBhayibheli. Kudingeka sisebenzise iZwi likaNkulunkulu ukuze siqinise ukholo lwethu. Lokho kuhilela okungaphezu kokumane sifunde iBhayibheli. Kudingeka sizindle ngalokho esikufundayo, sicwaninge nasezincwadini zethu ukuze siliqonde kahle iBhayibheli futhi senze lokho elikushoyo. (1 Thim. 4:13-15) Uma senza kanjalo siyokwazi ukusebenzisa iBhayibheli ukuze sifundise abanye. Ngempela lokho kuhilela okungaphezu kokumane sibafundele amavesi eBhayibheli. Sifuna ukusiza esibafundisayo baliqonde ivesi, baqonde nokuthi lisebenza kanjani kubo. Ngakho, uma silifunda njalo iBhayibheli singathuthuka endleleni esisebenzisa ngayo iZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe ukuze sifundise abanye.​—2 Thim. 3:16, 17.

13. Ngokuvumelana nencwadi yamaHebheru 5:14, kungani kumelwe sibe nokuqonda?

13 Yiba nokuqonda. Isosha kumelwe likwazi ukubona ingozi futhi liyigweme. Nathi kumelwe sikwazi ukubona izinto ezingase zisilimaze futhi sizigweme. (IzAga 22:3; funda amaHebheru 5:14.) Ngokwesibonelo, kudingeka sizikhethe ngokuhlakanipha izinto esizijabulisa ngazo nesichitha ngazo isizungu. Izinhlelo zethivi namamuvi ngokuvamile kuveza ukuziphatha okubi. Ukuziphatha okunjalo kuyamdumaza uNkulunkulu futhi nakanjani kudala izinkinga. Ngenxa yalokho, siyakugwema ukuzijabulisa ngezinto ezingase kancane kancane zipholise uthando lwethu ngoNkulunkulu.​—Efe. 5:5, 6.

14. Ukuqonda kwamsiza kanjani uDaniel?

14 UDaniel, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, waqonda ukuthi ukudlala imidlalo yamavidiyo enodlame nobudemoni kwakuyinkinga. Wacwaninga kuyi-Watchtower Library ukuze athole izinto ezizomsiza anqobe inkinga yakhe. Kwamthinta kanjani lokho? Wayeka ukudlala imidlalo yamavidiyo engalungile. Wayeka ukukhokhela ukuyidlala, wahlukana nabantu ayedlala nabo. Uthi: “Kunokuba ngidlale imidlalo yamavidiyo, ngaqala ukwenza izinto engingazenza ngingaphandle ngingekho endlini noma ukuchitha isikhathi nabafowethu enginabo ebandleni.” Manje uDaniel useyiphayona futhi ungumdala.

15. Kungani izindaba ezingamanga ziyingozi?

15 NjengoThimothewu, kumelwe sikuqonde ukuba yingozi kwezinto ezingamanga ezisakazwa izihlubuki. (1 Thim. 4:1, 7; 2 Thim. 2:16) Ngokwesibonelo, zingase zizame ukusakaza izindaba ezingamanga ngabafowethu noma zisenze singabaze inhlangano kaJehova. Amanga anjalo angalwenza buthaka ukholo lwethu. Kumelwe sigweme ukukhohliswa yiwo. Kungani? Ngenxa yokuthi lezi zindaba ezingamanga zisakazwa ‘abantu abonakalisiwe engqondweni nabaphangwe iqiniso.’ Abakufunayo nje ukuqala ‘imibuzo nokuphikisana ngamazwi.’ (1 Thim. 6:4, 5) Bafuna sikholwe ukunyundela kwabo, siqale ukungabaza abafowethu.

16. Yiziphi iziphazamiso okumelwe sizigweme?

16 Gwema iziphazamiso. “Njengesosha elihle likaKristu Jesu,” uThimothewu kwakumelwe agxile enkonzweni kunokuba aphazanyiswe izinto zaleli zwe. (2 Thim. 2:3, 4) NjengoThimothewu, akufanele sivumele ukuphazanyiswa isifiso sokuba nezinto zaleli zwe eziningi. “Amandla engcebo okukhohlisa” angasenza siyeke ukuthanda uJehova, singabe sisalazisa iZwi likaNkulunkulu, aqede nesifiso sokuxoxa nabanye ngalo. (Math. 13:22) Kumelwe sigcine ukuphila kwethu kulula, isikhathi sethu namandla ethu sikusebenzisele ‘ukuqhubeka sifuna kuqala umbuso.’​—Math. 6:22-25, 33.

17-18. Yini esingayenza ukuze sivikele ubuhlobo bethu noJehova?

17 Kulungele ukusheshe uthathe isinyathelo. Isosha kumelwe lihlele kusengaphambili ukuthi yini elizoyenza ukuze lizivikele. Ukuze siqaphe izinto uJehova asiphathise zona, kudingeka sithathe isinyathelo ngokushesha lapho sibona ingozi. Yini engasisiza senze kanjalo? Kudingeka sihlele kusengaphambili ukuthi yini esizoyenza lapho kuphakama isimo esiyingozi.

18 Ukuze sifanekise, lapho kunomhlangano endaweni ethile, abantu abathamele lowo mhlangano bakhonjiswa iminyango abangaphuma ngayo ngaphambi kokuba uqale. Kungani kwenziwa kanjalo? Ukuze bakwazi ukusheshe baphume uma kwenzeka kuphakama isimo esiyingozi esidinga baphume ngokushesha. Ngendlela efanayo, singazilungiselela kusengaphambili ukuthi sizokwenzenjani uma sizithola sesihlangana nokuziphatha okubi, izinto ezinodlame noma zezihlubuki lapho sisebenzisa i-inthanethi noma sibukele imuvi noma uhlelo lwethivi. Uma sicabanga kusengaphambili ngalokho okungase kwenzeke, singakwazi ukusheshe sithathe isinyathelo ukuze sivikele ubuhlobo bethu noJehova futhi sihlale sihlanzekile emehlweni akhe.​—IHu. 101:3; 1 Thim. 4:12.

19. Yiziphi izibusiso esiyozithola uma siqapha izinto eziyigugu uJehova asinike zona?

19 Kumelwe siziqaphe izinto eziyigugu uJehova asinike zona​—amaqiniso eBhayibheli ayigugu nelungelo lokuwafundisa abanye. Uma senza kanjalo, siyoba nonembeza ohlanzekile, siyophila ukuphila okunenjongo, sijabulele nokusiza abanye bazi uJehova. Ngosizo lwakhe, siyokwazi ukuqapha lokho asiphathise kona.​—1 Thim. 6:12, 19.

INGOMA 127 Uhlobo Lomuntu Okufanele Ngibe Yilo

^ par. 5 Sinelungelo elikhethekile lokwazi iqiniso nokulifundisa abanye. Lesi sihloko sizosisiza sibambelele kulelo lungelo futhi singalokothi silidedele.

^ par. 8 Igama lishintshiwe.