Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 37

“Ungasivumeli Isandla Sakho Siphumule”

“Ungasivumeli Isandla Sakho Siphumule”

“Hlwanyela imbewu yakho ekuseni futhi kuze kube kusihlwa ungasivumeli isandla sakho siphumule.”​—UMSH. 11:6.

INGOMA 68 Ukuhlwanyela Imbewu YoMbuso

AMAZWIBELA *

1-2. UmShumayeli 11:6 uhlobana kanjani nomsebenzi wokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso?

KWAMANYE amazwe, abantu abaningi basabela kahle lapho bezwa izindaba ezinhle. Kuba sengathi yilokho kanye ebebekudinga! Kanti kwamanye, abantu abanandaba kangako noNkulunkulu nangeBhayibheli. Endaweni ohlala kuyo, abaningi basabela kanjani lapho bezwa izindaba ezinhle? Kungakhathaliseki ukuthi basabela kanjani, uJehova ulindele ukuba siqhubeke sishumayela kuze kube yilapho ethi sekwanele.

2 Ngesikhathi esibekwe uJehova, umsebenzi wokushumayela uzophela, “khona-ke ukuphela kuyofika.” (Math. 24:14, 36) Kuze kube yileso sikhathi, singawalalela kanjani amazwi athi “ungasivumeli isandla sakho siphumule”? *​—Funda umShumayeli 11:6.

3. Yini esizoxoxa ngayo kulesi sihloko?

3 Isihloko esidlule sixoxe ngezinto ezine okudingeka sizenze ukuze siphumelele ekubeni “abadobi babantu.” (Math. 4:19) Lesi sihloko sizoxoxa ngezindlela ezintathu ezingasisiza sizimisele nakakhulu ukuqhubeka sishumayela, kungakhathaliseki ukuthi sibhekana nabuphi ubunzima. Sizofunda ukuthi kungani kubalulekile (1) ukuhlale sigxilile, (2) ukuba nesineke, (3) nokuhlale sinokholo oluqinile.

HLALE UGXILILE

4. Kungani kudingeka sihlale sigxilile emsebenzini uJehova asinike wona?

4 UJesu wathi izenzakalo nezimo ezibonisa ukuthi siphila ezinsukwini zokugcina zazingase zibaphazamise abalandeli bakhe bangakwazi ukuwufeza kahle umsebenzi wokushumayela. Watshela abafundi bakhe ukuthi ‘bahlale belindile.’ (Math. 24:42) Namuhla, sibhekana neziphazamiso ezifana nalezo abantu bangosuku lukaNowa ababhekana nazo, futhi zabavimbela ukuba banake isixwayiso esasishunyayelwa uNowa. (Math. 24:37-39; 2 Pet. 2:5) Yingakho sifuna ukuhlale sigxilile emsebenzini uJehova asinike wona.

5. IzEnzo 1:6-8 zibonisa ukuthi umsebenzi wokushumayela wawuyokwenziwa ngezinga elingakanani?

5 Namuhla, kudingeka sigxile ngempela emsebenzini wokushumayela ngoMbuso. UJesu wathi lo msebenzi wawuyokwenziwa ngezinga elikhulu futhi wawuyoqhubeka ngisho nalapho esefile. (Joh. 14:12) Ngemva kokufa kukaJesu, abanye kubafundi bakhe babuyela emsebenzini wabo wokudoba. Ngemva kokuvuswa kwakhe, uJesu wenza ukuba abanye abafundi bakhe babambe izinhlanzi ngokuyisimangaliso. Wasebenzisa leso simangaliso ukuze agcizelele ukuthi umsebenzi wokuba abadobi babantu yiwona obaluleke ukwedlula noma yimuphi omunye. (Joh. 21:15-17) Ngaphambi nje kokuba anyukele ezulwini, watshela abafundi bakhe ukuthi umsebenzi wokushumayela ayewuqalile wawuyokwenziwa nasezindaweni ezikude, udlule imingcele yakwa-Israyeli. (Funda izEnzo 1:6-8.) Eminyakeni eyalandela, uJesu wanika umphostoli uJohane umbono walokho okwakuyokwenzeka ‘ngosuku lweNkosi.’ * Phakathi kokunye, uJohane wabona umbono omangalisayo wengelosi ‘enezindaba ezinhle zaphakade’ eyayizimemezela “kuzo zonke izizwe nezinhlanga nezilimi nabantu.” (IsAm. 1:10; 14:6) Kuyacaca ukuthi intando kaJehova namuhla iwukuba sibe nengxenye kulo msebenzi omkhulu kuze kube yilapho uphela.

6. Singahlala kanjani sigxilile emsebenzini wokushumayela?

6 Singahlala sigxilile emsebenzini wokushumayela uma sicabanga ngakho konke uJehova akwenzayo ukuze asisize. Ngokwesibonelo, usinika izincwadi eziningi ezinyathelisiwe nezitholakala emishinini yethu yezobuchwepheshe, sinamavidiyo nezinto ezilalelwayo kanye nesiteshi se-inthanethi. Cabanga nje: Ewebusayithini yethu kutholakala izinto ngezilimi ezingaphezu kuka-1 000! (Math. 24:45-47) Ezweni elihlukene phakathi ngenxa yezepolitiki, ezenkolo nangenxa yokungalingani kwezomnotho, izinceku zikaNkulunkulu ezingaphezu kwezigidi ezingu-8 zikhonza uJehova ngobunye. Ngokwesibonelo, ngoLwesihlanu, Ephreli 19, 2019, oFakazi emhlabeni wonke babukela ingxoxo esekelwe emBhalweni walolo suku. Kusihlwa, abantu abangu-20 919 041 bahlangana ukuze bagubhe iSikhumbuzo sokufa kukaJesu. Ukubona nokuba ingxenye yalesi simangaliso sangosuku lwethu kusenza sifune ukuhlala simatasa emsebenzini wokushumayela ngoMbuso.

UJesu akazange avumele lutho lumphazamise ekufakazeleni iqiniso (Bheka isigaba 7)

7. Isibonelo sikaJesu sisisiza kanjani sihlale sigxilile?

7 Ukulandela isibonelo sikaJesu kungenye indlela esingahlala ngayo sigxilile. Akavumelanga lutho lumphazamise ekufakazeleni iqiniso. (Joh. 18:37) Akazange alingeke ngesikhathi uSathane ethembisa ukumnika “yonke imibuso yezwe nenkazimulo yayo”; akazange alingeke nalapho abanye befuna ukumenza inkosi. (Math. 4:8, 9; Joh. 6:15) Akazange aphazanyiswe isifiso sokuthanda izinto noma athuswe yilabo ababemphikisa. (Luka 9:58; Joh. 8:59) Lapho sibhekana nezimo ezivivinya ukholo lwethu, singakwazi ukuhlala sigxilile uma sikhumbula iseluleko sikamphostoli uPawulu. Wakhuthaza amaKristu ukuba alandele isibonelo sikaJesu ukuze ‘angakhathali aphele amandla’!​—Heb. 12:3.

YIBA NESINEKE

8. Siyini isineke, futhi kungani sidingeka kakhulu manje?

8 Isineke ikhono lokulinda ngaphandle kokutatazela kuze kube yilapho isimo sishintsha. Kungakhathaliseki ukuthi silangazelela ukuba kuphele isimo esisihlukumezayo noma silinde ukuba kwenzeke into ejabulisayo ekuphileni kwethu, sidinga ukuba nesineke. Umprofethi uHabakuki wayefisa kuphele udlame kwaJuda. (Hab. 1:2) Abafundi bakaJesu babenethemba lokuthi uMbuso ‘wawuzobonakala ngaso leso sikhathi’ bese ubakhulula ekucindezelweni amaRoma. (Luka 19:11) Nathi silangazelela usuku lapho uMbuso kaNkulunkulu uyoqeda bonke ububi futhi ulethe umhlaba omusha okuzohlala kuwo abantu abalungile. (2 Pet. 3:13) Nokho, kudingeka sibe nesineke, silinde isikhathi esibekwe uJehova. Nazi ezinye izindlela uJehova asifundisa ngazo ukuba nesineke.

9. Yiziphi izibonelo ezibonisa ukuthi uJehova unesineke?

9 Akekho umuntu odlula uJehova ngokuba nesineke. Wanika uNowa isikhathi esanele sokwakha umkhumbi nesokuba “umshumayeli wokulunga.” (2 Pet. 2:5; 1 Pet. 3:20) UJehova walalela ngesikhathi u-Abrahama elokhu embuza imibuzo mayelana nesinqumo saKhe sokubhubhisa abantu baseSodoma naseGomora. (Gen. 18:20-33) Kwaphela iminyaka eminingi uJehova esibonisa isineke esikhulu isizwe sakwa-Israyeli esingathembekile. (Neh. 9:30, 31) Siyasibona nanamuhla isineke sikaJehova njengoba esanike bonke labo afuna babe abangane bakhe isikhathi ‘sokuba baphenduke.’ (2 Pet. 3:9; Joh. 6:44; 1 Thim. 2:3, 4) Isibonelo sikaJehova sisinikeza isizathu esihle sokuba nesineke njengoba siqhubeka sishumayela futhi sifundisa. Kunomfanekiso oseZwini lakhe awusebenzisayo ukuze asifundise ukuba nesineke.

Njengomlimi ozikhandlayo kodwa onesineke, nathi sifuna ukulinda imiphumela yokuzikhandla kwethu (Bheka izigaba 10-11)

10. Njengoba kuboniswe encwadini kaJakobe 5:7, 8, sisifundisani isibonelo somlimi?

10 Funda uJakobe 5:7, 8Isibonelo somlimi otshalayo sisifundisa ukuba nesineke. Kuyiqiniso ukuthi ezinye izitshalo ziyashesha ukukhula. Nokho eziningi, ikakhulukazi lezo ezikhiqiza izithelo, zithatha isikhathi eside ukukhula. Kwa-Israyeli, izitshalo zazithatha izinyanga ezingaba ngu-6 ukuba zikhule. Umlimi wayetshala imbewu yakhe ngemva kwemvula yokuqala ekwindla bese evuna ngemva kwemvula yokugcina entwasahlobo. (Marku 4:28) Siyobe sihlakaniphile uma silingisa isineke somlimi. Nokho, ukwenza kanjalo akulula.

11. Isineke sizosisiza kanjani enkonzweni yethu?

11 Abantu abanesono bafuna ukuyibona ngokushesha imiphumela yomsebenzi wabo. Nokho, uma sifuna insimu yethu ithele, kumelwe siyinakekele ngaso sonke isikhathi—sivule imisele, sitshale, sisuse ukhula futhi siyinisele. Umsebenzi wokwenza abafundi udinga ukuzikhandla okufanayo. Kuthatha isikhathi ukusiphula ukhula lobandlululo kubantu esibafundela iBhayibheli. Isineke sizosisiza sigweme ukudikibala lapho abantu bengasilaleli. Ngisho nalapho abanye besilalela, kusadingeka sibe nesineke. Asikwazi ukuphoqa abantu esibafundela iBhayibheli ukuba babe nokholo. Ngezinye izikhathi, nabafundi bakaJesu babengasheshi ukuziqonda izinto ayezifundisa. (Joh. 14:9) Masikhumbule ukuthi singatshala futhi sinisele, kodwa nguNkulunkulu okhulisayo.​—1 Kor. 3:6.

12. Singasibonisa kanjani isineke lapho sixoxa ngeBhayibheli nezihlobo zethu ezingebona oFakazi?

12 Kungase kube nzima ukuba nesineke lapho sixoxa ngeBhayibheli nezihlobo zethu ezingebona oFakazi. Isimiso esitholakala kumShumayeli 3:1, 7 singasisiza. Uthi: “Kukhona . . . isikhathi sokuthula nesikhathi sokukhuluma.” Ukuziphatha kwethu okuhle kungazisiza izihlobo zethu zifune ukulalela umyalezo weBhayibheli, kodwa kumelwe sihlale siwafuna amathuba okuxoxa nazo ngeqiniso. (1 Pet. 3:1, 2) Kumelwe sibabonise isineke bonke abantu​—okuhlanganisa namalungu emindeni yethu—njengoba sishumayela futhi sifundisa ngentshiseko.

13-14. Yiziphi ezinye izibonelo zabantu ababonisa isineke esingazilingisa?

13 Singafunda ukuba nesineke ezibonelweni zabantu abathembekile bangezikhathi zeBhayibheli nabangosuku lwethu. UHabakuki wayefuna ububi buphele, kodwa wabonisa isineke lapho ethi: “Ngizoqhubeka ngimile endaweni yami yokuqapha.” (Hab. 2:1) Umphostoli uPawulu wathi wayefisa ‘ukuqeda’ inkonzo yakhe. Noma kunjalo, waba nesineke waqhubeka ‘enikeza ubufakazi obuphelele ngezindaba ezinhle.’​—IzE. 20:24.

14 Cabanga ngesibonelo sendoda nomkayo abathweswa iziqu eSikoleni SaseGileyadi futhi babelwa ukuyokhonza ezweni elinoFakazi abambalwa nelinabantu abaningi abasonta ezinkolweni ezingezona ezobuKristu. Bambalwa kakhulu abantu ababevuma ukufunda nabo iBhayibheli. Ngakolunye uhlangothi, labo ababesekilasini nabo babelokhu bebaxoxela ngabantu abafunda nabo iBhayibheli asebebhapathiziwe baba oFakazi. Le ndoda nomkayo babonisa isineke baqhubeka beshumayela nakuba abantu abaningi ensimini abakuyo babengalaleli. Ngemva kokushumayela iminyaka engu-8 kuleyo nsimu, bajabula kakhulu lapho ekugcineni omunye ababefunda naye iBhayibheli ebhapathizwa. Yini ezifana ngayo lezi zibonelo zakudala nezangosuku lwethu? Bonke laba bantu abathembekile abazange bayinciphise intshiseko yabo noma bavumele isandla sabo siphumule, futhi uJehova wababusisa ngenxa yokuba nesineke. Kwangathi singaba “abalingisi balabo okuthi ngokholo nangokubekezela bazuze izithembiso njengefa.”​—Heb. 6:10-12.

HLALE UNOKHOLO OLUQINILE

15. Iyiphi indlela ukholo olusisiza ngayo sizimisele ukushumayela?

15 Sinokholo emyalezweni esiwushumayelayo, ngakho sifuna ukuwutshela abantu abaningi. Siyazethemba izithembiso eziseZwini likaNkulunkulu. (IHu. 119:42; Isaya 40:8) Sizibonile iziprofetho zeBhayibheli zigcwaliseka namuhla. Sibonile ukuthi ukuphila kwabantu kuba ngcono lapho beqala ukusebenzisa iseluleko seBhayibheli ekuphileni kwabo. Lokhu kusenza sikukholelwe nakakhulu ukuthi bonke abantu kudingeka bazizwe izindaba ezinhle zoMbuso.

16. Ngokuvumelana neHubo 46:1-3, ukuba nokholo kuJehova nakuJesu kusisiza kanjani sizimisele ukushumayela?

16 Sinokholo nakuJehova, onguMthombo womyalezo esiwushumayelayo, nakulowo ambeke waba iNkosi yoMbuso, uJesu. (Joh. 14:1) UJehova uzohlale eyisiphephelo namandla ethu kungakhathaliseki ukuthi sibhekana naziphi izimo. (Funda iHubo 46:1-3.) Ngaphezu kwalokho, siyaqiniseka ukuthi uJesu usebenzisa amandla negunya uJehova amnike lona ukuze aqondise umsebenzi wokushumayela esezulwini.​—Math. 28:18-20.

17. Nikeza isibonelo sokuthi kungani kufanele siqhubeke sishumayela.

17 Ukholo lusenza siqiniseke ukuthi uJehova uzokubusisa ukuzikhandla kwethu, ngezinye izikhathi uzosibusisa ngezindlela esingazilindele. (UmSh. 11:6) Ngokwesibonelo, usuku nosuku abantu abadlulayo babuka izincwadi zethu ematafuleni nasezinqoleni zokushumayela. Ingabe le ndlela yokushumayela iyaphumelela? Impela! INkonzo Yethu YoMbuso kaNovemba 2014 yakhuluma ngomfundi waseyunivesithi owayefuna ukubhala ngoFakazi BakaJehova. Akakwazanga ukuthola iHholo LoMbuso, kodwa wathola itafula elibonisa izincwadi zethu eyunivesithi futhi lokho kwamsiza wathola okuningi ayezobhala ngakho. Ekugcineni wabhapathizwa waba uFakazi, manje useyiphayona elivamile. Izindaba ezifana nalezi zisikhuthaza ukuba siqhubeke sishumayela ngoba zibonisa ukuthi basekhona abantu abadinga ukuzwa izindaba ezinhle zoMbuso.

ZIMISELE UKUNGAVUMELI ISANDLA SAKHO SIPHUMULE

18. Kungani siqiniseka ngokuthi umsebenzi wokushumayela ngoMbuso uzophela ngendlela uJehova afuna ngayo?

18 Singaqiniseka ngokuthi umsebenzi wokushumayela ngoMbuso uzophela ngesikhathi esifanele. Cabanga ngalokho okwenzeka ngosuku lukaNowa. UJehova wabonisa ukuthi akekho ogcina isikhathi njengaye. Eminyakeni engaba ngu-120 ngaphambi kokuba kuqale uZamcolo, wabeka isikhathi esiqondile sokuthi wawuzoqala nini. Eminyakeni eminingi kamuva, uJehova watshela uNowa ukuba akhe umkhumbi. Eminyakeni mhlawumbe engaba ngu-40 noma ngu-50 ngaphambi kokuba kuqale uZamcolo, uNowa waqhubeka esebenza kanzima. Nakuba abantu babengamlaleli, waqhubeka ebaxwayisa kwaze kwaba yilapho uJehova ethi sekuyisikhathi sokuba afake izilwane emkhunjini. Ngesikhathi esifanele, ‘uJehova wabe esevala umnyango.’​—Gen. 6:3; 7:1, 2, 16.

19. Yini esingalangazelela ukuyibona uma singasivumeli isandla sethu siphumule?

19 Maduze, uJehova uzowuqeda umsebenzi wokushumayela ngoMbuso; ‘uzovala umnyango’ waleli zwe likaSathane futhi alethe umhlaba omusha okuzohlala kuwo abantu abalungile. Singakafiki leso sikhathi, kwangathi singalingisa uNowa, uHabakuki nabanye abangazange basivumele isandla sabo siphumule. Kwangathi singahlale sigxilile emsebenzini wokushumayela, sibe nesineke futhi sihlale sinokholo oluqinile kuJehova nasezithembisweni zakhe.

INGOMA 75 “Nangu Mina! Thuma mina!”

^ par. 5 Isihloko esidlule sikhuthaze abantu esibafundela iBhayibheli abathuthukayo ukuba bamukele isimemo sikaJesu sokuba abadobi babantu. Lesi sihloko sizoxoxa ngezindlela ezintathu ezingasiza bonke abamemezeli, abasanda kuqala ukushumayela nasebenesikhathi eside beshumayela, ukuba bazimisele ukuqhubeka beshumayela ngoMbuso kuze kube yilapho uJehova ethi sekwanele.

^ par. 2 INCAZELO YAMAGAMA: Kulesi sihloko, inkulumo ethi “ungasivumeli isandla sakho siphumule” isho ukuthi kudingeka sizimisele ukuqhubeka sishumayela izindaba ezinhle kuze kube yilapho uJehova ethi sekwanele.

^ par. 5 ‘Usuku lweNkosi’ lwaqala ngesikhathi uJesu eba iNkosi ngo-1914, luzoqhubeka kuze kube sekupheleni kweMinyaka Eyinkulungwane Yokubusa kwakhe.