ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 39
Lapho Umuntu Esimthandayo Eshiya UJehova
‘Yeka ukuthi bamzwisa ubuhlungu kaningi kangakanani.’ —IHU. 78:40.
INGOMA 102 “Nisize Ababuthakathaka”
AMAZWIBELA *
1. Bazizwa kanjani abanye lapho kususwa umuntu abamthandayo?
UKHONA yini umuntu omthandayo osusiwe ekuhlanganyeleni? Kungaba buhlungu ngempela lokho! UDadeweth’ uHilda uthi, “Lapho umyeni wami othembekile eshona ngemva kweminyaka engu-41 sishadile, ngangizitshela ukuthi abukho ubuhlungu obudlula lobo. * Kodwa ubuhlungu engabuzwa lapho indodana yami ishiya ibandla, umkayo nezingane zayo, abuchazeki.”
2-3. Ngokusho kweHubo 78:40, 41, uJehova uzizwa kanjani lapho izikhonzi zakhe zimshiya?
2 Cabanga ukuthi uJehova wezwa ubuhlungu obungakanani lapho amalungu omndeni wakhe wezingelosi ehlubuka kuye! (Jude 6) Cabanga nokuthi waphatheka kabi kangakanani lapho ebona abantu bakhe abathandayo, ama-Israyeli, bevukela ngokuphindaphindiwe. (Funda iHubo 78:40, 41.) Qiniseka ngokuthi uBaba wethu osezulwini onothando naye uzwa ubuhlungu lapho umuntu omthandayo emshiya. Uyabuqonda ubuhlungu obuzwayo. Uzokubonisa uzwela akunike usizo nesikhuthazo osidingayo.
3 Kulesi sihloko, sizoxoxa ngokuthi yini esingayenza ukuze sithole usizo lukaJehova lapho kususwa umuntu esimthandayo. Sizoxoxa nangokuthi singabasiza kanjani abanye ebandleni ababhekene nesimo esifanayo. Kodwa ake siqale sixoxe ngendlela yokucabanga embi okufanele siyigweme.
GWEMA UKUZIBEKA ICALA
4. Abazali abaningi bazizwa kanjani lapho indodana noma indodakazi yabo ishiya uJehova?
4 Lapho indodana noma indodakazi yabo abayithandayo ishiya uJehova, kuvamile ukuba abazali bazibuze ukuthi benze konke okusemandleni yini ukuze bayisize iqhubeke ikhonza uJehova. Ngemva kokususwa kwendodana yakhe, uMfoweth’ uLuke wavuma: “Ngangizitshela ukuthi iphutha lami. Ngangize ngiphuphe kabi nasebusuku. Ngezinye izikhathi ngangikhala, inhliziyo yami yayibuhlungu.” U-Elizabeth, udade owabhekana nesimo esifanayo, wazibuza: “Yini engingayenzanga kahle njengomzali?” Uthi, “Ngacabanga ukuthi ngihlulekile ukugxilisa iqiniso endodaneni yami.”
5. Kusuke kuyiphutha likabani lapho umuntu eshiya uJehova?
5 Kudingeka sikhumbule ukuthi uJehova unike ngamunye wethu isipho esiyinkululeko yokuzikhethela. Lokho kusho ukuthi singakhetha ukuthi sifuna ukumlalela yini noma cha. Abanye abasebasha abangakhuliswanga kahle, bakhetha ukukhonza uJehova futhi bayaphumelela enkonzweni yabo. Abanye abanabazali abaye benza konke okusemandleni abo ukuze babakhulise ngezimiso zeBhayibheli, baye balishiya iqiniso lapho sebekhulile. Ekugcineni umuntu ngamunye kumelwe azikhethele ukuthi uzomkhonza yini uJehova. (Josh. 24:15) Ngakho nina bazali enibhekene naleso simo, ningacabangi ukuthi okwenzekile kuyiphutha lenu!
6. Lapho umzali eshiya uNkulunkulu, lokho kungayithinta kanjani ingane yakhe?
6 Ngezinye izikhathi kuba umzali oshiya iqiniso, aze ashiye ngisho nomndeni wakhe. (IHu. 27:10) Lokho kungazilimaza kakhulu izingane ebezimbheka njengesibonelo esihle. U-Esther, onobaba owasuswa, uthi: “Ngangikhala njalo ngoba ngaqaphela ukuthi akazange nje aqhele eqinisweni kodwa wayekhethe ukushiya uJehova ngamabomu. Ngiyamthanda ubaba, ngakho lapho esuswa ngangihlale ngikhathazekile ngaye. Ngangize ngigule ngenxa yokukhathazeka.”
7. UJehova uzizwa kanjani ngosemusha onomzali osusiwe?
7 Nina enisebasha, uma omunye wabazali benu esusiwe, sizwelana nani! Qinisekani ngokuthi uJehova ubazi kahle ubuhlungu enibuzwayo. Uyanithanda futhi uyabazisa ubuqotho benu, nabafowenu nodadewenu bazizwa kanjalo ngani. Khumbulani nokuthi akufanele nizibeke icala ngalokho abazali benu abakukhethayo. Njengoba kubonisiwe ekuqaleni, uJehova unike wonke umuntu ilungelo lokuzikhethela. Umuntu ngamunye ozinikezele wabhapathizwa kumelwe ‘athwale owakhe umthwalo.’—Gal. 6:5.
8. Yini amalungu omndeni athembekile angayenza lapho esalinde ukuba umuntu amthandayo abuyele kuJehova? (Bheka nebhokisi elithi “ Buyela KuJehova.”)
8 Lapho umuntu omthandayo eshiya uJehova, kungokwemvelo ukuba nethemba lokuthi ngelinye ilanga uyobuyela kuYe. Okwamanje yini ongayenza? Yenza konke okusemandleni ukuze ugcine ukholo lwakho luqinile. Ngokwenza kanjalo, uyoba isibonelo esihle kwamanye amalungu omndeni, mhlawumbe ngisho nakulowo osusiwe. Uzothola
namandla owadingayo ukuze ubhekane nobuhlungu obuzwayo. Ake sixoxe ngokuthi ungakwenza kanjani lokho.ONGAKWENZA UKUZE UGCINE UKHOLO LWAKHO LUQINILE
9. Iziphi izindlela esingathola ngazo amandla kuJehova? (Bheka nebhokisi elithi “ ImiBhalo Engakududuza Uma Umuntu Omthandayo Eshiye UJehova.”)
9 Yenza konke okusemandleni ukuze uqinise ukholo lwakho. Kubalulekile ukuba uqhubeke uziqinisa wena kanye namanye amalungu omndeni. Ungakwenza kanjani lokho? Ungathola amandla kuJehova ngokufunda iZwi likaNkulunkulu njalo, ngokuzindla ngalo nangokuya emihlanganweni yobuKristu. UJoanna, onobaba nodadewabo abashiya iqiniso, uthi: “Ngiyazola uma ngifunda ngabantu abafana no-Abhigayili, u-Esteri, uJobe, uJosefa noJesu eBhayibhelini. Izibonelo zabo zingisiza ngibe nemicabango emihle edambisa ubuhlungu. Izingoma zethu eziqanjiwe nazo ziye zangikhuthaza kakhulu.”
10. IHubo 32:6-8 lisitshelani ngendlela esingabhekana ngayo nokucindezeleka?
10 Thulula isifuba sakho kuJehova, umtshele konke okukukhathazayo. Lapho uzizwa ucindezelekile, ungayeki ukuthandaza. Ncenga uJehova akusize ubheke izinto ngombono wakhe, nokuba ‘akunike ukuqonda, akufundise indlela okufanele uhambe ngayo.’ (Funda iHubo 32:6-8.) Kuyavunywa ukuthi kungase kube nzima kakhulu ukutshela uJehova indlela ozizwa ngayo ngempela. Kodwa uJehova ubuqonda kahle ubuhlungu obusenhliziyweni yakho. Ukuthanda kakhulu futhi ukunxusa ukuba umthululele isifuba sakho.—Eks. 34:6; IHu. 62:7, 8.
11. Ngokwencwadi yamaHebheru 12:11, kungani kufanele sisethembe isiyalo sikaJehova sothando? (Bheka nebhokisi elithi “ Ukususwa Ekuhlanganyeleni—Isiyalo SikaJehova Sothando.”)
11 Sisekele isinqumo sabadala. Ukususwa eyamaHebheru 12:11.) Ukukhononda okungase kube khona ngesinqumo sabadala ngokuvamile kubangelwa othile ongalivezi lonke iqiniso ngomenzi wobubi. Asiwazi wonke amaqiniso ahilelekile. Ngakho, kuwukuhlakanipha ukuthemba ukuthi abadala abakhiphe isinqumo balandele izimiso ezingokomBhalo ukuze bahlulelele “uJehova.”—2 IziKr. 19:6.
ekuhlanganyeleni kuyingxenye yelungiselelo likaJehova. Isiyalo sakhe esinothando sizuzisa wonke umuntu, ngisho nomenzi wobubi. (Funda12. Yiziphi izinzuzo abanye abazitholile ngenxa yokusekela isiyalo sikaJehova?
12 Ukusekela isinqumo sabadala sokususa umuntu omthandayo ekuhlanganyeleni, empeleni kungase kumsize abuyele kuJehova. U-Elizabeth okukhulunywe ngaye ekuqaleni uyavuma: “Kwakunzima kakhulu ukuyeka ukuzihlanganisa nendodana yethu. Kodwa ngemva kokubuyela kwayo kuJehova, yavuma ukuthi kwakufanele isuswe. Ngokuhamba kwesikhathi yathi yayifunde izifundo eziningi. Ngasazisa isiyalo sikaJehova.” Umyeni wakhe uMark uyanezela: “Kamuva indodana yethu yangitshela ukuthi okunye okwakuyenze yafuna ukubuya ukuthi yayisibona ukuthi sasenza lokho okwakufanele sikwenze. Ngijabula kakhulu ngokuthi uJehova wasisiza salalela.”
13. Yini engakusiza ubhekane nobuhlungu obuzwayo?
13 Xoxa nabangane abaqonda indlela ozizwa ngayo. Zihlanganise namaKristu avuthiwe angakusiza uhlale unombono ofanele. (IzAga 12:25; 17:17) UJoanna, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, uthi: “Ngazizwa nginesizungu. Kodwa ukukhuluma nabangane engibethembayo kwangisiza ngakwazi ukubhekana naleso simo.” Kuthiwani-ke uma abanye ebandleni besho izinto ezikuphatha kabi?
14. Kungani kudingeka ‘siqhubeke sibekezelelana futhi sithethelelana ngokukhululekile’?
14 Babekezelele abafowenu nodadewenu. Ngokuvamile, akubona bonke abantu abazosho izinto ezinhle. (Jak. 3:2) Sonke sinesono, ngakho ungamangali lapho abanye bengazi ukuthi bazothini noma lapho besho izinto ezikuphatha kabi benganakile. Khumbula iseluleko sikaPawulu: “Qhubekani nibekezelelana futhi nithethelelana ngokukhululekile, ngisho noma umuntu enesizathu sokukhononda ngomunye.” (Kol. 3:13) Omunye udade onesihlobo esasuswa uyachaza: “UJehova ungisizile ngakwazi ukuthethelela abafowethu ababezama ukwenza okuhle kodwa bangizwisa ubuhlungu.” Yini ibandla elingayenza ukuze lisize amalungu omndeni athembekile?
IBANDLA LINGASIZA
15. Yini esingayenza ukuze sisize amalungu omndeni anomuntu amthandayo osanda kususwa?
15 Wamukele ngemfudumalo amalungu omndeni athembekile. UDadeweth’ uMiriam uyavuma ukuthi wayekhathazekile ngokuya emihlanganweni ngemva kokususwa komfowabo. Uthi: “Ngangisaba ukuthi abantu bazothini.
Kodwa kunabangane abazwelana nami futhi babengakhulumi izinto ezimbi ngomfowethu. Ngenxa yabo, angizange ngizizwe ngingedwa.” Omunye udade wathi: “Ngemva kokususwa kwendodana yethu, abangane bethu basiduduza. Abanye bavuma ukuthi babengazi ukuthi bazothini. Abanye babekhala nami noma bangibhalele incwadi. Lokho abakwenza kwangisiza kakhulu!”16. Ibandla lingaqhubeka kanjani lisekela labo abanamalungu omndeni asusiwe?
16 Qhubeka uwasekela amalungu omndeni athembekile. Badinga uthando nesikhuthazo sakho manje kunanini ngaphambili. (Heb. 10:24, 25) Ngezinye izikhathi, amalungu omndeni anabantu abasusiwe azizwa engeyona ingxenye yebandla. Ningabenzi bazizwe kanjalo! Abasebasha abanabazali abashiye iqiniso bakudinga kakhulu ukunconywa kanye nesikhuthazo. UMaria, onomyeni owasuswa washiya nomndeni, uthi: “Abanye abangane beza emzini wami basiphekela futhi basisiza ekukhulekeleni komkhaya. Babuzwa ubuhlungu bami, bakhala kanye nami. Babengivikela lapho abantu bekhuluma izinto ezingamanga ngami. Babengikhuthaza ngempela!”—Roma 12:13, 15.
17. Abadala bangabasekela kanjani futhi babaduduze labo abacindezelekile?
17 Badala, sebenzisani wonke amathuba avelayo ukuze niqinise amalungu omndeni athembekile. Ninomthwalo okhethekile wokududuza enikhonza nabo abanamalungu omndeni ashiye uJehova. (1 Thes. 5:14) Sebenzisani isikhathi sangaphambi nangemva kwemihlangano ukuze nibakhuthaze. Bavakasheleni, nithandaze nabo. Shumayelani nabo, noma ngezinye izikhathi nibameme babe nani ekukhulekeleni komkhaya. Njengabelusi, abadala kudingeka bazwele izimvu zikaJehova ezisosizini, bazithande futhi bazinakekele.—1 Thes. 2:7, 8.
THEMBELA KUJEHOVA FUTHI UNGALILAHLI ITHEMBA
18. Ngokweyesi-2 Petru 3:9, siyini isifiso sikaNkulunkulu ngabenzi bokubi?
18 UJehova “akafisi ukuba kubhubhe ngisho noyedwa, kodwa ufisa ukuba bonke baphenduke.” eyesi-2 Petru 3:9.) Nakuba umuntu engase enze isono esikhulu, ukuphila kwakhe kuseyigugu kuNkulunkulu. Cabanga ngokuthi uJehova wakhokha inani elikhulu kangakanani—wanikela ngeNdodana yakhe ethandekayo ukuba ibe isihlengo—ngenxa yokuphila kwezoni. Ngothando, uJehova uzama ukusiza izoni ukuba zibuyele kuye. Unethemba lokuthi zizokhetha ukubuya, njengoba kwenzeka emfanekisweni kaJesu wendodana yolahleko. (Luka 15:11-32) Abaningi abashiya iqiniso, kamuva baye babuyela kuBaba wabo osezulwini onothando. Ibandla nalo labamukela ngemfudumalo. U-Elizabeth, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, wajabula lapho indodana yakhe ibuyiselwa ekuhlanganyeleni. Uma ecabanga ngokwenzeka uthi, “Ngibabonga kakhulu labo abasikhuthaza ukuba singalilahli ithemba.”
(Funda19. Kungani singaqhubeka sithembela kuJehova?
19 Singathembela kuJehova ngaso sonke isikhathi. Akasoze asinika isiqondiso esingasilimaza. UnguBaba ophanayo nonozwela, obathanda kakhulu bonke labo abamthandayo nabamkhonzayo. Qiniseka ngokuthi uJehova akasoze akushiya lapho usosizini. (Heb. 13:5, 6) UMark, okukhulunywe ngaye ekuqaleni uthi, “UJehova akazange asishiye. Lapho sibhekene nobunzima, usuke engekude nathi.” UJehova uzoqhubeka ekunika “amandla angaphezu kwavamile.” (2 Kor. 4:7) Yebo, ungakwazi ukuhlala uthembekile futhi unethemba ngisho noma umuntu omthandayo eshiya uJehova.
INGOMA 44 Umthandazo Womuntu Ophansi
^ par. 5 Kuba buhlungu ngempela lapho umuntu esimthandayo eshiya uJehova! Lesi sihloko sixoxa ngendlela uNkulunkulu azizwa ngayo lapho lokho kwenzeka. Sixoxa nangalokho amalungu omndeni angakwenza ukuze abhekane nobuhlungu, agcine nokholo lwawo luqinile. Lesi sihloko sizoxoxa nangendlela bonke ebandleni abangaduduza futhi basekele ngayo lowo mndeni.
^ par. 1 Amanye amagama kulesi sihloko ashintshiwe.