Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 37

“Ngizozamazamisa Zonke Izizwe”

“Ngizozamazamisa Zonke Izizwe”

Ngizozamazamisa zonke izizwe, izinto eziyigugu zazo zonke izizwe zizongena.HAG. 2:7.

INGOMA 24 Wozani Entabeni KaJehova

AMAZWIBELA *

1-2. Yiluphi uhlobo lokuzamazama okwabikezelwa ukuthi luyokwenzeka esikhathini sethu?

“NGEMIZUZU emibalwa nje izitolo namabhilidi amadala kwaqala ukuwa kulandelana. Wonke umuntu wayetatazela . . . Abantu abaningi bathi kwathatha imizuzu emibili kuphela. Kimi kwazwakala kuyisikhathi eside kakhulu kunaleso.” Yilokho okwashiwo abanye abasinda ekuzamazameni komhlaba okwaba seNepal ngo-2015. Uma ungase ubhekane nesimo esithusa njengaleso, ngeke usikhohlwe kalula.

2 Nokho, kukhona nolunye uhlobo lokuzamazama olwenzeka njengamanje, olungenzeki edolobheni noma ezweni elilodwa nje kuphela. Kunalokho, lwenzeka ezizweni zonke futhi sekungamashumi eminyaka lwenzeka. Lokhu kuzamazama kwabikezelwa umprofethi uHagayi. Wabhala: “Yilokhu uJehova wamabutho akushoyo, ‘Maduzane ngizophinde ngizamazamise amazulu nomhlaba nolwandle nezwe elomile.’”—Hag. 2:6.

3. Ukuzamazama okuchazwa uHagayi kuhluke kanjani ekuzamazameni komhlaba okungokoqobo?

3 Ukuzamazama okuchazwa uHagayi kuhlukile ekuzamazameni komhlaba okungokoqobo okuletha inhlekelele nje kuphela. Kona kuletha imiphumela emihle. UJehova usitshela ukuthi: “Ngizozamazamisa zonke izizwe, izinto eziyigugu zazo zonke izizwe zizongena kule ndlu; ngizoyigcwalisa ngenkazimulo.” (Hag. 2:7) Lesi siprofetho sasisho ukuthini kubantu ababephila ngesikhathi sikaHagayi? Sisho ukuthini kithi namuhla? Sizoxoxa ngezimpendulo zale mibuzo, sifunde nokuthi singaba kanjani nengxenye ekuzamazamiseni izizwe namuhla.

UMYALEZO OKHUTHAZAYO WANGOSUKU LUKAHAGAYI

4. Kungani uJehova athuma umprofethi uHagayi kubantu baKhe?

4 UJehova wanika umprofethi uHagayi umsebenzi obalulekile. Cabanga ngalokho okwenzeka ngaphambi kwalokho. Cishe uHagayi wayephakathi kwalabo ababekade bedingiselwe eBhabhiloni ababuyela eJerusalema ngo-537 B.C.E. Ngemva kwesikhashana zifikile, lezo zikhonzi ezithembekile zakha isisekelo sendlu kaJehova noma sethempeli. (Ezra 3:8, 10) Kungakabiphi isimo savele saba muncu. Badikibala bayeka ukusebenza ngenxa yokuphikiswa. (Ezra 4:4; Hag. 1:1, 2) Ngakho ngo-520 B.C.E., uJehova wayala uHagayi ukuba avuselele intshiseko yabo, abakhuthaze ukuba baqedele ithempeli. *Ezra 6:14, 15.

5. Kungani umyalezo kaHagayi wabakhuthaza abantu bakaNkulunkulu?

5 Inhloso yomyalezo kaHagayi kwakuwukuqinisa ukholo lwamaJuda kuJehova. Ngesibindi, lo mprofethi washo la mazwi kumaJuda ayedikibele: “‘Yibani nesibindi, nonke nina bantu bezwe,’ kusho uJehova, ‘nisebenze. Ngoba nginani,’ kusho uJehova wamabutho.” (Hag. 2:4) Amazwi athi “uJehova wamabutho” kumelwe ukuba abakhuthaza ngempela. UJehova unebutho elikhulu lezingelosi elingaphansi kwakhe, ngakho amaJuda kwakudingeka athembele kuye ukuze aphumelele.

6. Wawuyoba yini umphumela wokuzamazama okwabikezelwa uHagayi?

6 UJehova wathuma uHagayi ukuba ahambise umyalezo owawuchaza ukuzamazama okungokomfanekiso kwazo zonke izizwe. Lo myalezo waqinisekisa labo bakhi bethempeli ababedikibele ngokuthi uJehova wayezozamazamisa iPheresiya, umbuso wezwe onamandla owawubusa izizwe eziningi ngaleso sikhathi. Wawuyoba yini umphumela walokho kuzamazama? Okokuqala, abantu bakaNkulunkulu babeyoqeda ukwakha ithempeli. Kamuva, ngisho nabantu abangewona amaJuda babeyohlanganyela nabo ekukhonzeni uJehova ethempelini elakhiwe kabusha. Lowo myalezo wabakhuthaza ngempela abantu bakaNkulunkulu!—Zak. 8:9.

UMSEBENZI OZAMAZAMISA UMHLABA NAMUHLA

Ingabe uhlanganyela ngokugcwele emsebenzini ozamazamisa umhlaba owenziwa namuhla? (Bheka izigaba 7-8) *

7. Yimuphi umsebenzi ozamazamisayo esinesandla kuwo namuhla? Chaza.

7 Sisho ukuthini isiprofetho sikaHagayi kithi namuhla? UJehova uphinde azamazamise zonke izizwe, kodwa kulokhu nathi sinesandla. Cabanga ngaleli qiniso: Ngo-1914, uJehova wamisa uJesu Kristu njengeNkosi yoMbuso waKhe wasezulwini. (IHu. 2:6) Ukumiswa kwalowo Mbuso kwakuzoba nemiphumela engemihle kubaholi bezwe. Kwakusho ukuthi “izikhathi ezimisiwe zezizwe”—isikhathi lapho kwakungekho mbusi omelela uJehova—zase zigcwalisekile noma zase ziphelile. (Luka 21:24) Beqaphela lelo qiniso, abantu bakaJehova ikakhulukazi kusukela ngo-1919, bebelokhu bethi uMbuso kaNkulunkulu uwukuphela kwethemba lesintu. Lokhu kushunyayelwa ‘kwezindaba ezinhle zoMbuso’ kuye kwazamazamisa umhlaba wonke.—Math. 24:14.

8. Ngokusho kweHubo 2:1-3, iningi lezizwe liwamukele kanjani lo myalezo?

8 Abantu bawamukela kanjani lo myalezo? Abaningi abawamukeli. (Funda iHubo 2:1-3.) Izizwe ziye zathukuthela. Ziyenqaba ukwamukela uMbusi okhethwe uJehova. Umyalezo woMbuso esiwushumayelayo aziwubheki ‘njengezindaba ezinhle.’ Empeleni, abanye ohulumeni baze bavala ngisho nomsebenzi wethu wokushumayela! Nakuba iningi lalaba babusi lithi likhonza uNkulunkulu, alifuni ukudela igunya elinalo. Njengabaholi bangosuku lukaJesu, ababusi banamuhla bamelana noGcotshiwe kaJehova ngokuhlasela abalandeli bakhe abaqotho.—IzE. 4:25-28.

9. UJehova uzizwa kanjani ngezizwe ezingawamukeli umyalezo?

9 UJehova uzizwa kanjani ngezizwe ezingawamukeli lowo myalezo? IHubo 2:10-12 liyaphendula: “Manje, nina makhosi, bonisani ukuqonda; bahluleli bomhlaba, kuvumeni ukuqondiswa. Khonzani uJehova ngokwesaba, nijabule ngokuthuthumela. Hloniphani indodana, ukuze uNkulunkulu angavuthi ngolaka bese nishabalala endleleni, ngoba intukuthelo yakhe igqamuka ngokushesha. Bayajabula bonke abaphephela kuye.” Ngomusa uJehova ubanika ithuba laba baphikisi. Basengashintsha bamukele uMbuso kaJehova. Nokho, sincane isikhathi esisele. Siphila “ezinsukwini zokugcina” zaleli zwe. (2 Thim. 3:1; Isaya 61:2) Kuphuthuma ngempela ukuba abantu bazi iqiniso futhi benze isinqumo esihle.

UKUSABELA OKUHLE EKUZANYAZANYISWENI

10. UHagayi 2:7-9 uchaza muphi umphumela omuhle oba khona ngenxa yomsebenzi wokuzamazamisa?

10 Ukuzamazama okungokomfanekiso okwabikezelwa uHagayi kunomphumela omuhle kwabanye. Usitshela ukuthi ngenxa yalokho kuzamazama “izinto eziyigugu [abantu abanezinhliziyo eziqotho] zazo zonke izizwe zizongena” zizokhonza uJehova. * (Funda uHagayi 2:7-9.) U-Isaya noMika nabo babikezela okufanayo okwakuyokwenzeka “ezinsukwini zokugcina.”—Isaya 2:2-4; Mika 4:1, 2.

11. Omunye umzalwane wasabela kanjani lapho eqala ukuzwa umyalezo woMbuso?

11 Cabanga ngendlela lo myalezo ozamazamisa umhlaba owamthinta ngayo uMfoweth’ uKen okhonza endlunkulu yomhlaba wonke. Usakhumbula kahle lapho eqala ukuzwa umyalezo woMbuso eminyakeni engaba ngu-40 edlule. UKen uthi: “Ngesikhathi ngiqala ukuzwa iqiniso eliseZwini likaNkulunkulu, kwangijabulisa ukufunda ukuthi siphila ezinsukwini zokugcina zaleli zwe. Ngabona ukuthi ukuze uNkulunkulu angamukele, ngithole ukuphila okuphakade, kwakumelwe ngishiye leli zwe ngime ngiqine ohlangothini lukaJehova. Ngosizo lomthandazo ngakwenza ngokushesha lokho. Ngalishiya emuva izwe ngabalekela esivikelweni soMbuso kaNkulunkulu ongenakuzanyazanyiswa.”

12. Ithempeli likaJehova elingokomoya liye lagcwala kanjani inkazimulo phakathi nalezi zinsuku zokugcina?

12 Kusobala ukuthi uJehova ubelokhu ebabusisa abantu bakhe. Phakathi nalezi zinsuku zokugcina liye landa kakhulu inani lalabo abamkhonzayo. Ngo-1914 sasiyizinkulungwane ezimbalwa nje. Manje bangaphezu kwezigidi ezingu-8 abakhonza uNkulunkulu ngentshiseko, kunezinye izigidi eziba nathi unyaka ngamunye ngeSikhumbuzo. Ngaleyo ndlela, amagceke asemhlabeni ethempeli likaJehova elingokomoya—ilungiselelo lakhe lokuba akhonzwe ngendlela emsulwa—aye agcwaliswa “izinto eziyigugu zazo zonke izizwe.” Igama likaJehova liye lakhazinyuliswa ngenxa yezinguquko laba bantu abazenzile lapho begqoka ubuntu obusha.—Efe. 4:22-24.

13. Yiziphi ezinye iziprofetho ezigcwalisekile ngenxa yokwanda kwezikhonzi? (Bheka isithombe esisekhasini 1.)

13 Lezi zinto zigcwalise nezinye iziprofetho, njengaleso esitholakala ku-Isaya isahluko 60. Ivesi 22 laleso sahluko lithi: “Omncane uyoba yinkulungwane, umuntukazana abe yisizwe esinamandla. Mina Jehova, ngiyokusheshisa ngesikhathi sako.” Ngenxa yokwanda kwezikhonzi zeqiniso kwenzeka into enhle kakhulu. Lezi ‘zinto eziyigugu’ ziza namakhono ahlukahlukene futhi zizimisele ukuhlanganyela emsebenzini wokushumayela ‘izindaba ezinhle zoMbuso.’ Ngenxa yalokho, njengoba u-Isaya asho, abantu bakaJehova bayaluthola “ubisi lwezizwe.” (Isaya 60:5, 16) Ngosizo lwalaba besifazane nabesilisa abayigugu, umsebenzi wokushumayela sewenziwa emazweni angu-240, nezincwadi sezikhiqizwa ngezilimi ezingaphezu kuka-1 000.

ISIKHATHI SOKWENZA ISINQUMO

Abantu bakaNkulunkulu emhlabeni wonke baye bajabulela ukushumayeza abantu ngoMbuso kaNkulunkulu (Bheka isigaba 13)

14. Yisiphi isinqumo abantu okufanele basenze manje?

14 Kulesi sikhathi sokuphela, ukuzanyazanyiswa kwezizwe kuphoqa abantu ukuba benze isinqumo. Ingabe bazosekela uMbuso kaNkulunkulu noma bazobeka ithemba labo kohulumeni baleli zwe? Lesi isinqumo okuzodingeka senziwe yibo bonke abantu. Nakuba abantu bakaJehova beyilalela imithetho yohulumeni bezwe abahlala kulo, abaluthathi nhlobo uhlangothi kwezepolitiki. (Roma 13:1-7) Bayazi ukuthi uMbuso kaNkulunkulu uwukuphela kwekhambi lezinkinga zesintu. Lowo Mbuso awuyona ingxenye yaleli zwe.—Joh. 18:36, 37.

15. Iluphi uvivinyo olukhulu lobuqotho oluchazwe encwadini yesAmbulo?

15 Incwadi yesAmbulo ichaza ukuvivinywa kobuqotho babantu bakaNkulunkulu ezinsukwini zokugcina. Lolo vivinyo luzoqhubeka lusenza sicindezeleke nakakhulu. Ohulumeni baleli zwe bazofuna ukuba sibakhulekele, futhi bazoshushisa labo abenqabayo ukubasekela. (IsAm. 13:12, 15) Bazophoqa “bonke abantu—abantukazana nezikhulu, abacebile nabampofu, abakhululekile nezigqila—ukuba babekwe uphawu esandleni sabo sokudla noma esiphongweni sabo.” (IsAm. 13:16) Ezikhathini zasendulo, izinceku zazibekwa uphawu ukuze kubonakale ukuthi ubani umnikazi wazo. Ngokufanayo, bonke abantu osukwini lethu kuzolindeleka ukuba babe nophawu olungokomfanekiso esandleni noma esiphongweni sabo. Imicabango yabantu nezenzo zabo kuzobonisa ukuthi bavumelana nezepolitiki futhi bayazisekela.

16. Kungani kuphuthuma ukuba siqinise ubuqotho bethu kuJehova manje?

16 Sizovuma yini ukubekwa lolo phawu olungokomfanekiso, sisekele ohulumeni bezepolitiki? Labo abenqabayo ukubekwa uphawu bazobhekana nobunzima futhi babe sengozini. Incwadi yesAmbulo ithi: ‘Akekho umuntu ozokwazi ukuthenga noma ukuthengisa ngaphandle komuntu onophawu.’ (IsAm. 13:17) Kodwa abantu bakaNkulunkulu bayazi ukuthi yini uNkulunkulu azoyenza kulabo abanophawu okukhulunywa ngalo encwadini yesAmbulo 14:9, 10. Kunokuba babe nalolo phawu, kuyoba sengathi babhale ukuthi “OkaJehova” esandleni sabo. (Isaya 44:5) Manje isikhathi sokuba siqiniseke ukuthi ubuqotho bethu kuJehova buqinile. Uma buqinile, nakanjani uJehova uzosamukela njengabantu bakhe!

UKUZANYAZANYISWA KOKUGCINA

17. Yini okumelwe siyikhumbule mayelana nokubekezela kukaJehova?

17 UJehova ubonise ukubekezela okukhulu phakathi nalezi zinsuku zokugcina. Akafuni ukuba kubhubhe ngisho nomuntu oyedwa. (2 Pet. 3:9) Ubanike bonke ithuba lokuphenduka, benze isinqumo esihle. Kodwa ngeke abekezele unomphela. Labo abalenqabayo leli thuba bazobhekana nesimo esifana naleso uFaro abhekana naso ngosuku lukaMose. UJehova wathi kuFaro: “Manje ngabe sengiselulile isandla sami ukuze ngishaye wena nabantu bakho ngesifo esiyingozi kakhulu, futhi ngabe awusekho emhlabeni. Kodwa ngikugcine ngenxa yaso kanye lesi sizathu: ukuze ngikubonise amandla ami futhi ngenze igama lami limenyezelwe emhlabeni wonke.” (Eks. 9:15, 16) Ekugcineni zonke izizwe kuyomelwe zazi ukuthi nguJehova kuphela onguNkulunkulu weqiniso. (Hez. 38:23) Lokhu kuyokwenzeka kanjani?

18. (a) Yiluphi olunye ohlobo lokuzanyazanyiswa oluchazwe kuHagayi 2:6, 20-22? (b) Sazi kanjani ukuthi amazwi kaHagayi azogcwaliseka esikhathini esizayo?

18 Emakhulwini eminyaka ngemva kokufa kukaHagayi, umphostoli uPawulu waphefumulelwa ukuba abonise ukuthi amazwi atholakala kuHagayi 2:6, 20-22 ayesazogcwaliseka esikhathini esizayo. (Yifunde.) UPawulu wabhala: “Manje uthembisile, wathi: ‘Ngizophinde ngizamazamise hhayi umhlaba kuphela kodwa futhi nezulu.’ Manje inkulumo ethi ‘ngizophinde’ ibonisa ukususwa kwezinto ezizanyazanyiswayo, izinto ezenziwe, ukuze izinto ezingazanyazanyiswanga zihlale.” (Heb. 12:26, 27) Ngokungafani nokuzanyazanyiswa okukhulunywa ngako kuHagayi 2:7, lokhu kuzanyazanyiswa kuzobhubhisa phakade bonke labo abafana noFaro, abenqabayo ukwamukela ukuthi uJehova unelungelo lokubusa.

19. Yini engeke izanyazanyiswe, futhi sazi kanjani?

19 Yini engeke izanyazanyiswe noma isuswe? UPawulu waqhubeka wathi: “Njengoba sizokwamukela uMbuso ongenakunyakaziswa, masiqhubeke sithola umusa omkhulu, esinganikela ngawo inkonzo engcwele ngendlela eyamukelekayo kuNkulunkulu ngokwesaba nangokuthuthumela.” (Heb. 12:28) Ngemva kwalokho kuzanyazanyiswa okukhulu kokugcina, uMbuso kaNkulunkulu kuphela ongeke uzanyazanyiswe. Uyoqhubeka ukhona!—IHu. 110:5, 6; Dan. 2:44.

20. Isiphi isinqumo abantu okumelwe basenze, futhi singabasiza kanjani?

20 Asikho isikhathi sokupholis’ amaseko! Abantu kufanele bakhethe: Ingabe bazoqhubeka besekela indlela yokuphila egqugquzelwa yileli zwe, eholela ekubhujisweni noma ingabe bazosebenza kanzima ukuze bavumelanise ukuphila kwabo nentando kaNkulunkulu, eholela ekuphileni okuphakade? (Heb. 12:25) Ngomsebenzi wethu wokushumayela, singasiza abantu bakwazi ukukhetha ukuthi bazoba ngakuluphi uhlangothi kule ndaba ebalulekile. Kwangathi singasiza abaningi abengeziwe abayigugu bakwazi ukusekela uMbuso kaNkulunkulu. Kwangathi singahlale sikhumbula namazwi eNkosi yethu uJesu: “Lezi zindaba ezinhle zoMbuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke ukuze kube ubufakazi ezizweni zonke, ngemva kwalokho ukuphela kuyofika.”—Math. 24:14.

INGOMA 40 Singabakabani?

^ par. 5 Le ngxoxo izothuthukisa indlela esiqonda ngayo uHagayi 2:7. Kulesi sihloko sizofunda ngendlela esingahlanganyela ngayo emsebenzini ojabulisayo ozamazamisa zonke izizwe. Sizofunda nokuthi abanye basabela kahle kulo msebenzi kanti abanye abasabeli kahle.

^ par. 4 Siyazi ukuthi uHagayi waphumelela esabelweni sakhe ngoba ukwakhiwa kwethempeli kwaphela ngo-515 B.C.E.

^ par. 10 Lokhu kuthuthukisa indlela ebesiwuqonda ngayo lo mbhalo. Ngezinye izikhathi sasithi akukona ukuzanyazanyiswa kwezizwe okudonsela abantu abanezinhliziyo eziqotho kuJehova. Bheka “Imibuzo Evela Kubafundi” kuyi-Nqabayokulinda kaMeyi 15, 2006.

^ par. 63 INCAZELO YEZITHOMBE: UHagayi wanxusa abantu bakaNkulunkulu ukuba balakhe kabusha ngentshiseko ithempeli; abantu bakaNkulunkulu namuhla baye bawushumayela ngentshiseko umyalezo wakhe. Indoda nomkayo benza umsebenzi wokuhambisa umyalezo ozamazamisa umhlaba omayelana nokuzanyazanyiswa kokugcina okuzayo.