Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 38

Bonisa Ukuthi Uthembekile

Bonisa Ukuthi Uthembekile

“Umuntu othembekile uyayigcina imfihlo.”​—IZAGA 11:13.

INGOMA 101 Ukusebenza Ndawonye Ngobunye

AMAZWIBELA *

1. Singambona kanjani umuntu esingamethemba?

 UMUNTU owethenjwayo ulwela ukugcina izithembiso azenzayo futhi ukhuluma iqiniso. (IHu. 15:4) Abantu bayazi ukuthi bangathembela kuye. Sifuna abafowethu nodadewethu bazizwe kanjalo ngathi. Yini esingayenza ukuze basethembe?

2. Singabonisa kanjani ukuthi abanye bangasethemba?

2 Ngeke sibaphoqe abanye ukuba basethembe. Ukwethenjwa kuyasetshenzelwa. Kuthiwa ukwethenjwa kufana nemali. Kutholakala kanzima, kulahleke kalula. UJehova usinikile izizathu zokumethemba. Akasoze asinika izizathu zokungabe sisamethemba ngoba “singakwethemba konke akwenzayo.” (IHu. 33:4) Ulindele ukuba simlingise. (Efe. 5:1) Ake sixoxe ngezibonelo zezinceku zikaJehova ezalingisa uYise osezulwini, zabonisa ukuthi zingathenjwa. Sizoxoxa nangezimfanelo ezinhlanu ezizosisiza sethenjwe.

FUNDA EZINCEKWINI ZIKAJEHOVA EZAZETHENJWA

3-4. Umprofethi uDaniyeli wabonisa kanjani ukuthi ungumuntu okungathenjelwa kuye futhi lokho kufanele kusenze sizibuze miphi imibuzo?

3 Umprofethi uDaniyeli wabeka isibonelo esihle kakhulu somuntu okungathenjelwa kuye. Nakuba ayethunjwe abaseBhabhiloni, ngokushesha waziwa njengendoda okungathenjelwa kuyo. Wethenjwa nakakhulu ngemva kokuba uJehova emsize wachaza amaphupho enkosi yaseBhabhiloni, uNebukhadinezari. Ngelinye ilanga kwadingeka uDaniyeli atshele inkosi ukuthi uJehova wayeyithukuthelele​—umyalezo inkosi eyayingathandi ukuwuzwa. Lokho kwakudinga isibindi ngoba lwalungafakwa kuNebukhadinezari! (Dan. 2:12; 4:20-22, 25) Eminyakeni eminingi kamuva uDaniyeli waphinde wabonisa ukuthi kungathenjelwa kuye lapho echaza umyalezo ongavamile owabonakala odongeni lwesigodlo saseBhabhiloni. (Dan. 5:5, 25-29) Kamuva, uDariyu umMede nezikhulu zakhe baphawula ukuthi uDaniyeli “wayenomoya ongavamile.” Bavuma ukuthi uDaniyeli “wayethembekile futhi akukho kudebesela noma inkohlakalo eyatholakala kuye.” (Dan. 6:3, 4) Impela, ngisho nababusi abangamkhonzi uNkulunkulu babebona ukuthi lesi sikhonzi sikaJehova kungathenjelwa kuso!

4 Sicabanga ngesibonelo sikaDaniyeli, senza kahle ngokuzibuza: ‘Ngaziwa njengomuntu onjani emphakathini? Ingabe ngaziwa njengomuntu onokwethenjelwa, okwenzayo okufanele akwenze?’ Kungani kufanele sizibuze le mibuzo? Kungoba sinika uJehova udumo uma singabantu abethenjwayo.

UNehemiya wakhetha amadoda anokwethenjelwa ukuba enze izabelo ezibalulekile (Bheka isigaba 5)

5. Kungani uHananiya ayaziwa ngokuthi unokwethenjelwa?

5 Ngo-455 B.C.E., ngemva kokuba uMbusi uNehemiya akhe kabusha izindonga zaseJerusalema, wafuna amadoda anokwethenjelwa ayezolinakekela kahle idolobha. Phakathi kwamadoda awakhetha, kwakukhona uHananiya, induna yeSakhiwo Esiqinile. IBhayibheli lichaza uHananiya ngokuthi “yindoda ethembekile neyesaba uNkulunkulu weqiniso ngaphezu kwabanye abaningi.” (Neh. 7:2) Ukuthanda uJehova nokwesaba ukumdumaza kwenza uHananiya wazikhandla kunoma yisiphi isabelo ayesinikwa. Lezo zimfanelo zingasisiza nathi sethenjwe enkonzweni kaNkulunkulu.

6. UThikhiku wabonisa kanjani ukuthi ungumngane othembekile kumphostoli uPawulu?

6 Cabanga ngesibonelo sikaThikhiku, umngane kaPawulu othembekile. Ngesikhathi uPawulu eboshelwe endlini, wayethembele kuThikhiku, amchaza ngokuthi ‘isikhonzi esithembekile.’ (Efe. 6:21, 22) UPawulu wayemethemba ukuthi ngeke agcine ngokuhambisa izincwadi kubafowabo e-Efesu naseKolose kodwa wayeyobakhuthaza futhi abaduduze. UThikhiku usikhumbuza amadoda anokholo nesingathembela kuwo anakekela izidingo zethu ezingokomoya namuhla.​—Kol. 4:7-9.

7. Yini ongayifunda ngokuba umuntu owethenjwayo kubadala nezinceku ezikhonzayo ebandleni okulo?

7 Namuhla sibazisa kakhulu abadala bethu nezinceku ezikhonzayo abanokwethenjelwa. Bayibheka njengebalulekile imithwalo abayiphathisiwe, njengoDaniyeli, uHananiya noThikhiku. Ngokwesibonelo, lapho siya emhlanganweni waphakathi neviki sisuke siqiniseka ukuthi zonke izingxenye zomhlangano zabiwe. Kanti abadala bakwazisa ngempela ukuthi labo abanezabelo kungathenjelwa kubo ukuthi bazozilungiselela futhi bazenze izingxenye zabo emhlanganweni! Ngokwesibonelo, asingabazi ukumemela esifunda nabo iBhayibheli emhlanganweni wangempelasonto ngoba sesaba ukuthi othile ukhohliwe ukuhlela ukuba kube nenkulumo yeningi. Siyaqiniseka nangokuthi sizozithola izincwadi esizidingayo enkonzweni. Laba bazalwane abathembekile basinakekela kahle kakhulu futhi siyambonga uJehova ngabo! Kodwa iziphi izindlela esingabonisa ngazo ukuthi abanye bangasethemba?

BONISA UKUTHI ABANYE BANGAKWETHEMBA, UGCINE IMFIHLO

8. Singaba kanjani abalinganiselayo lapho sibonisa abanye ukuthi siyabakhathalela? (IzAga 11:13)

8 Siyabathanda abafowethu nodadewethu futhi siyabakhathalela. Nokho, kudingeka silinganisele, sizihloniphe izindaba zabo eziyimfihlo. Abanye ebandleni lobuKristu langekhulu lokuqala ‘babeyizinhlebi nogaxekile ezindabeni zabanye abantu, bekhuluma ngezinto okungafanele bakhulume ngazo.’ (1 Thim. 5:13) Ngokuqinisekile asifuni akufana nabo. Kodwa ake sithi othile usixoxela indaba eyimfihlo, asicele ukuba singayixoxeli muntu. Ngokwesibonelo, udade angase asitshele ukuthi uhlushwa isifo esithile noma asixoxele ngolunye uvivinyo abhekene nalo bese esicela ukuba sikugcine kuyimfihlo. Kufanele sikwenze lokho akucelayo. * (Funda izAga 11:13.) Manje ake sixoxe ngezinye izimo ezimbalwa okubalulekile ukuba sigcine imfihlo kuzo.

9. Amalungu omndeni angabonisa kanjani ukuthi anokwethenjelwa?

9 Emndenini. Ilungu lomndeni ngalinye linesibopho sokuzigcina ziyimfihlo izindaba zomndeni ezibucayi. Ngokwesibonelo, kungenzeka inkosikazi engumKristu inomkhuba ewenzayo umyeni wayo awuthola uhlekisa. Angakhuluma yini ngawo kwabanye, ambangele amahloni? Lutho neze! Uyamthanda umkakhe futhi akasoze enza noma yini engamzwisa ubuhlungu. (Efe. 5:33) Abasha bafuna ukuhlonishwa ngokwezinga elithile. Kubalulekile ukuba abazali bakuqaphele lokho. Akufanele bazibangele amahloni izingane zabo ngokuveza amaphutha azo phambi kwabanye. (Kol. 3:21) Izingane kudingeka zifunde ukubonisa ukuqonda, zingakhulumi izinto ezingawabangela amahloni amanye amalungu omndeni. (Dut. 5:16) Lapho ilungu lomndeni ngalinye lidlala indima yalo ukuze lizigcine ziyimfihlo izindaba zomndeni ezibucayi, umndeni usondelana nakakhulu.

10. Yini okufanele uyenze ukuze ube umngane weqiniso? (IzAga 17:17)

10 Kubangane bethu. Ngezinye izikhathi, abaningi bethu bafisa sengathi bangathululela isifuba sabo kumngane wabo omkhulu. Lokhu kungase kungabi lula ngaso sonke isikhathi. Kungenzeka asijwayele ukuxoxela umuntu izinto ezijulile esizicabangayo, ngakho singadumazeka kakhulu uma kamuva singathola ukuthi umngane wethu uxoxele abanye lokho esimtshele kona. Ngakolunye uhlangothi, simazisa ngempela umuntu okwazi ukugcina imfihlo! ‘Ungumngane weqiniso.’—Funda izAga 17:17.

Abadala abazembuli izindaba eziyimfihlo emindenini yabo (Bheka isigaba 11) *

11. (a) Abadala nomkabo babonisa kanjani ukuthi banokwethenjelwa? (b) Sifundani endleleni umdala enza ngayo lapho esenomndeni wakhe ngemva kokuxoxa ngendaba eyimfihlo ethinta ibandla? (Bheka isithombe.)

11 Ebandleni. Abadala abagcina izimfihlo ‘bayindawo yokucashela umoya’ noma ‘indawo yokucasha’ kubafowabo. (Isaya 32:2) Siyazi ukuthi singakhuluma ngokukhululekile nala madoda, siqiniseka ngokuthi azokugcina kuyimfihlo konke esiwatshela kona. Asiwacindezeli ukuba asitshele izinto okufanele azigcine ziyimfihlo. Ngaphezu kwalokho, siyawazisa amakhosikazi abadala ngokuthi awababeleseli abayeni bawo, ezama ukuthola izindaba. Kuyisibusiso ngempela ukuthi amakhosikazi abadala awatshelwa izindaba eziyimfihlo zabafowethu nodadewethu. Enye inkosikazi yomdala yathi: “Ave ngibonga ngokuthi umyeni wami akazikhulumi izinto eziyimfihlo ezimayelana nalabo abonana nabo lapho enza ukuhambela kokwalusa noma labo abadinga usizo ngokomoya, akangitsheli ngisho namagama abo. Ngiyakwazisa ukuthi akangethwesi umthwalo wokukhathazeka ngezinto engingeke ngenze lutho ngazo. Ngenxa yalokhu, ngikwazi ukukhuluma ngokukhululekile nawo wonke umuntu ebandleni. Ngiyaqiniseka nangokuthi lapho ngitshela umyeni wami izinkinga zami noma indlela engizizwa ngayo, nalokhu uyokugcina kuyimfihlo.” Yiqiniso, sonke sifuna ukwaziwa njengabantu abanokwethenjelwa. Yiziphi izimfanelo ezingasisiza saziwe kanjalo? Ake sixoxe ngezinhlanu.

THUTHUKISA IZIMFANELO EZIKUSIZA UKUBA WETHENJWE

12. Kungani sithi uthando luyisisekelo sokwethenjwa? Nikeza isibonelo.

12 Uthando luyisisekelo sokwethenjwa. UJesu wathi imiyalo emibili emikhulu kunayo yonke iwukuthanda uJehova nokuthanda umakhelwane wethu. (Math. 22:37-39) Uthando lwethu ngoJehova lusenza sifune ukulingisa isibonelo sakhe esiphelele sokwethenjwa. Ngokwesibonelo, uthando lwethu ngabafowethu nodadewethu lusenza sizigcine ziyimfihlo izindaba zabo ezibucayi. Asisoze safuna ukuveza into engabalimaza, ibabangele amahloni noma ibazwise ubuhlungu.​—Joh. 15:12.

13. Ukuthobeka kusisiza kanjani sethenjwe?

13 Ukuthobeka kuzosisiza sethenjwe. UmKristu othobekile akazami ukwenza abanye bacabange ukuthi ubalulekile ngokuthi kube nguye okhuluma izinto kuqala. (Fil. 2:3) Akazami ukuziveza engcono kunabanye ngokusikisela ukuthi kunezinto azaziyo okungafanele akhulume ngazo. Ukuthobeka kuzosisiza sigweme nokusakaza izindaba esingenawo amaqiniso aphelele ngazo, okungakhulunywa ngazo eBhayibhelini noma ezincwadini zethu ezisekelwe kulo.

14. Ukuqonda kusisiza kanjani sethenjwe?

14 Ukuqonda kuzosiza umKristu ukuba akwazi ukuhlukanisa phakathi “kwesikhathi sokuthula nesikhathi sokukhuluma.” (UmSh. 3:7) Kwamanye amasiko kunenkulumo evamile ethi: “Kuhle ukukhuluma kodwa ukuthula kuhle kakhulu.” Ngamanye amazwi, kunezikhathi lapho kungcono khona ukuthula kunokukhuluma. Kuyafaneleka-ke ukuba izAga 11:12 ziseluleke zithi: “Umuntu onokuqonda kwangempela uyathula.” Cabanga ngalesi sibonelo. Omunye umdala onesipiliyoni uvame ukucelwa ukuba asize amabandla anezinkinga eziyinselele. Ekhuluma ngalo mdala, omunye umdala wathi: “Uyaqikelela ukuthi akazikhulumi izinto ezibucayi ezithinta amanye amabandla.” Ngenxa yokuthi lo mdala unokuqonda, abadala abakhonza naye endikimbeni ebandleni akulo bayamhlonipha. Bayaqiniseka ngokuthi akasoze akhuluma izindaba zabo eziyimfihlo kwabanye.

15. Nikeza isibonelo esibonisa ukuthi ukukhuluma iqiniso kungabenza kanjani abanye bakwethembe.

15 Ukukhuluma iqiniso kungenye yezinto ezisenza sethenjwe. Umuntu okhuluma iqiniso siyamethemba ngoba siyazi ukuthi akasoze awaqamba amanga. (Efe. 4:25; Heb. 13:18) Ngokwesibonelo, ake sithi ufuna ukuthuthukisa ikhono lakho lokufundisa. Cela othile ukuba alalele inkulumo yakho futhi akunike amacebiso angakusiza uthuthuke. Ubani ongamethemba ukuba akutshele iqiniso? Kungaba umuntu ozokutshela lokho ofisa ukukuzwa noma ozokutshela iqiniso ngomusa? Impendulo isobala. IBhayibheli lithi: “Ukusola okwambuliwe kungcono kunothando olufihliwe. Amanxeba abangelwa umngane athembekile.” (IzAga 27:5, 6) Nakuba ekuqaleni kungaba nzima ukukwamukela loko ozokutshelwa umngane wakho, yikona okuzokuzuzisa.

16. IzAga 10:19 zisigcizelela kanjani isidingo sokuzithiba?

16 Ukuzithiba kubaluleke kakhulu ukuze abanye basethembe. Leyo mfanelo isisiza sikwazi ukuzibamba lapho sifikelwa isilingo sokuba sikhulume into esitshelwe ukuba siyigcine iyimfihlo. (Funda izAga 10:19.) Kungase kube nzima ukuzithiba lapho sisebenzisa izinkundla zokuxhumana. Uma singaqaphile singase sembule izimfihlo kubantu abaningi singaqondile. Lapho sesiyisakazile leyo ndaba, ngeke sisakwazi ukulawula ukuthi izosetshenziswa kanjani noma ukuthi izokwenza umonakalo ongakanani. Ukuzithiba kuyasisiza nokuba sithule lapho abaphikisi bezama ngobuqili ukusenza sisho izinto ezingafaka ukuphila kwabafowethu nodadewethu engozini. Lokhu kungase kwenzeke lapho amaphoyisa esiphenya ngemibuzo ezweni lapho umsebenzi wethu uvinjelwe khona noma ubekelwe imingcele. Kulezi zimo nakwezinye singasebenzisa isimiso sokuba ‘sifake isifonyo emlonyeni [wethu].’ (IHu. 39:1) Kungakhathaliseki ukuthi sisebenzelana nemindeni yethu, abangane bethu, abafowethu nodadewethu, ngisho nanoma ubani, kudingeka sibe abantu abathenjwayo. Nokho, ukuze sethenjwe, kudingeka sizithibe.

17. Yini esingayenza ukuze kube nomoya wokwethembana ebandleni?

17 Asive sibonga ngokuthi uJehova usidonsele enhlanganweni enabantu abanothando nesingabethemba! Sonke sinesibopho sokwenza abafowethu nodadewethu basethembe. Lapho ngamunye wethu esebenzela ukubonisa uthando, ukuthobeka, ukuqonda, ukukhuluma iqiniso nokuzithiba, senza kube nomoya wokwethembana ebandleni. Kufanele siqhubeke sikusebenzela ukwenza abanye basethembe. Kwangathi singalingisa uNkulunkulu wethu uJehova, siqhubeke sibonisa abanye ukuthi bangasethemba.

INGOMA 123 Ukuzithoba Ngobuqotho

^ Uma sifuna abanye basethembe, yithi okumelwe sibonise ukuthi singathenjwa. Kulesi sihloko, sizobuyekeza ukuthi kungani ukwethenjwa kubaluleke kangaka nokuthi yiziphi izimfanelo ezingasisiza sibe umuntu owethenjwayo.

^ Uma sithola ukuthi othile ebandleni wenze isono esikhulu, kufanele simcele afune usizo lwabadala. Uma engakwenzi lokho, ukuba qotho kuJehova nasebandleni lobuKristu kufanele kusenze silubike udaba kubadala.

^ INCAZELO YESITHOMBE: Ngemva kokuxoxa ngendaba eyimfihlo ethinta ibandla, umdala akayembuli lapho esenomndeni wakhe.