Amacebiso Okutadisha
Izinto Zokufundisa Izingane
Abazali banomsebenzi omkhulu wokufundisa izingane zabo ngoJehova. (Efe. 6:4) Ukuze inhlangano kaJehova isize abazali, iye yakhipha izihloko, amavidiyo nezingoma ezihlukahlukene. Ungazisebenzisa kanjani lezi zinto ukuze uqeqeshe izingane zakho?
Thola izinto ozozisebenzisa. I-JW.ORG inazo zonke izinto ezenzelwe abasebasha, ezihlanganisa amavidiyo nezinto ezibhalwayo. a Ukuze uzithole, bhala ukuthi “Izingane” noma “Intsha” endaweni ethi “Funa.”
Khetha okulungele ingane yakho. Izinto ezingaphansi kwengxenye ethi “Izingane” zingakusiza ukhethe izinto ezifanele ingane yakho. Ukuze uzithole, bhala ukuthi “Imisebenzi YokuKhulekela Komkhaya.”
Yiba khona ukuze uxoxe nezingane zakho ngalezi zinto. Gwema ukusebenzisa la mavidiyo noma izinto ezibhalwayo ukuze nje ingane yakho ichithe isizungu ngazo. Esikhundleni salokho, xoxa ngalezi zinto nengane yakho, uyisize yakhe ubungani noJehova.
a Okwamanje i-JW Library® inamavidiyo enzelwe intsha, kodwa inezinto ezibhalwayo ezimbalwa ngesiNgisi.