Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO  38

Basha—Kuzoba Njani Ukuphila Kwenu?

Basha—Kuzoba Njani Ukuphila Kwenu?

“Ikhono lokwahlukanisa liyokuvikela.”—IZAGA 2:11.

INGOMA 135 UJehova Uyanxusa: “Hlakanipha, Ndodana”

AMAZWIBELA a

1. Yisiphi isimo esinzima ababebhekene naso oJehowashi, u-Uziya noJosiya?

 AKE uzibone ngeso lengqondo uyinkosi yabantu bakaNkulunkulu ube uyingane noma usemusha! Ungawasebenzisa kanjani amandla akho negunya lakho? IBhayibheli lisitshela ngabasebasha abambalwa ababa amakhosi akwaJuda. Ngokwesibonelo, uJehowashi wayeneminyaka eyisikhombisa nje kuphela, u-Uziya eneminyaka engu-16, uJosiya eneminyaka engu-8. Kwakungelula neze lokho! Nakuba babebhekene nesimo esinzima, bonke babenabo abantu ababengabasiza banqobe izinselele ababebhekana nazo futhi baphile ukuphila okujabulisayo.

2. Kungani kufanele sifunde ngoJehowashi, u-Uziya noJosiya?

2 Thina asiwona amakhosi noma izindlovukazi, kodwa singafunda izifundo ezibalulekile kuJehowashi, u-Uziya noJosiya. Benza izinqumo ezinhle kodwa bazenza nezimbi. Izibonelo zabo zizosibonisa ukuthi kungani kudingeka sikhethe abangani abahle, sihlale sithobekile futhi siqhubeke sifuna uJehova.

KHETHA ABANGANI ABAKAHLE

Namuhla singakwazi ukulandela isibonelo sikaJehowashi ngokulalela iseluleko sabangani abahle (Bheka izigaba 3, 7) c

3. INkosi uJehowashi yasabela kanjani eselulekweni somPristi Ophakeme uJehoyada?

3 Yenza izinqumo ezihlakaniphile njengoJehowashi. Ngesikhathi iNkosi uJehowashi isencane, yenza isinqumo esihlakaniphile. Njengoba yayingenaye ubaba, yalandela isiqondiso somPristi Ophakeme othembekile, uJehoyada. Lowo mpristi weluleka uJehowashi njengokungathi weluleka indodana yakhe. Ngenxa yalokho, uJehowashi ngokuhlakanipha wanquma ukuhola ekukhonzeni uJehova ngendlela emsulwa. Waze wahlela nokuba kulungiswe ithempeli likaJehova.—2 IziKr. 24:1, 2, 4, 13, 14.

4. Sizuza kanjani lapho siyibheka njengebalulekile imithetho kaJehova? (IzAga 2:1, 10-12)

4 Uma kukhona umuntu okufundisa ukuthanda uJehova nemithetho yakhe, ukunikeza isipho esibalulekile. (Funda izAga 2:1, 10-12.) Abazali bakho bangakuqeqesha ngezindlela eziningi. Cabanga indlela ubaba kadade okuthiwa uKatya amsiza ngayo ukuba enze izinqumo ezinhle. Zonke izinsuku lapho ubaba wakhe emyisa esikoleni, wayexoxa naye ngombhalo wosuku. UKatya uthi: “Lezo zingxoxo zangisiza ngakwazi ukubhekana nezimo ezinzima ezazivela phakathi nosuku.” Kuthiwani-ke kodwa uma isiqondiso esisekelwe eBhayibhelini osinikezwa abazali bakho kubonakala sengathi sikuncisha inkululeko? Yini engakusiza usamukele isiqondiso sabo? Udade okuthiwa u-Anastasia ukhumbula ukuthi abazali bakhe bazinika isikhathi sokumchazela ukuthi kungani babembekela imithetho ethile. Uthi, “Lokho kwangisiza ngayamukela leyo mithetho, ngangayibheka njengengincisha inkululeko, ngayibheka njengeyisivikelo nebonisa ukuthi bayangithanda.”

5. Okwenzayo kuyobathinta kanjani abazali bakho noJehova? (IzAga 22:6; 23:15, 24, 25)

5 Abazali bakho bayojabula uma usisebenzisa iseluleko esisekelwe eBhayibhelini abakunika sona. Okubaluleke nakakhulu, uyojabulisa uNkulunkulu wakho futhi ube nobungani obuhlala njalo naye. (Funda izAga 22:6; 23:15, 24, 25.) Ingabe lokho akukunikezi isizathu esihle sokulingisa isibonelo sikaJehowashi ngesikhathi esemncane?

6. Ngemva kokufa kukaJehoyada, esikabani iseluleko uJehowashi asilalela, futhi kwaba namiphi imiphumela? (2 IziKronike 24:17, 18)

6 Funda ezinqumweni ezimbi ezenziwa uJehowashi. Ngemva kokufa kukaJehoyada, uJehowashi waba nabangani ababi. (Funda eyesi-2 IziKronike 24:17, 18.) Wanquma ukulalela izikhulu zakwaJuda ezazingamthandi uJehova. Cishe uzovuma ukuthi uJehowashi kwakufanele abagweme labo bangani abahluphayo. (IzAga 1:10) Esikhundleni sokubagwema, wabalalela laba bangani bakhe ababi. Empeleni, lapho uZakariya, umzala kaJehowashi, ezama ukumkhuza, uJehowashi wayala ukuba abulawe. (2 IziKr. 24:20, 21; Math. 23:35) Kwakuwubuwula obuphindiwe lobo! Ukuphila kukaJehowashi kwaqala kahle, kodwa ngokudabukisayo waphenduka isihlubuki nombulali. Ekugcineni, izinceku zakhe zambulala. (2 IziKr. 24:22-25) Ukuphila kwakhe kwakuyohluka kakhulu ukube waqhubeka elalela uJehova nalabo abathanda uJehova! Yisiphi isifundo osifundayo esibonelweni sakhe?

7. Obani okufanele ubakhethe babe abangani bakho? (Bheka nesithombe.)

7 Isifundo esingasifunda esinqumweni esibi esenziwa uJehowashi ukuthi kudingeka sikhethe abangani abazoba ithonya elihle kithi—abangani abathanda uJehova nabafuna ukumjabulisa. Akudingeki sibe nabangani abalingana nathi kuphela. Khumbula, uJehowashi wayemncane kakhulu kunomngani wakhe uJehoyada. Mayelana nabangani obakhethayo, zibuze: ‘Ingabe bayangisiza ngiqinise ukholo lwami kuJehova? Bayangikhuthaza yini ukuba ngiphile ngemithetho yakhe? Bayakhuluma yini ngoJehova namaqiniso akhe ayigugu? Bayayihlonipha yini imithetho kaNkulunkulu? Ingabe bamane bangitshele lokho engingase ngithande ukukuzwa, noma banaso isibindi sokungikhuza uma sengibheda?’ (IzAga 27:5, 6, 17) Uma sikhuluma iqiniso nje, uma abangani bakho bengamthandi uJehova, awubadingi. Kodwa uma unabangani abathanda uJehova, namathela kubo—bazoba usizo!—IzAga 13:20.

8. Uma sisebenzisa izinkundla zokuxhumana, yini okufanele siyikhumbule?

8 Izinkundla zokuxhumana zingaba indlela elula yokuxhumana nabangani nezihlobo. Nokho, abantu abaningi basebenzisa lezi zinkundla ukuze benze abanye bachazeke, bafake izithombe namavidiyo ezinto abazithengile noma abazenzile. Uma usebenzisa izinkundla zokuxhumana, zibuze: ‘Ingabe ngisuke ngihlose ukwenza abanye bachazeke? Ingabe umgomo wami kusuke kuwukwakha abanye noma ukuzenza ngibonakale ngingcono? Ingabe ngivumela abantu abasebenzisa lezi zinkundla bathonye indlela engicabanga ngayo, engikhuluma ngayo nengenza ngayo izinto?’ UMfoweth’ uNathan Knorr, owayeyilungu leNdikimba Ebusayo, wanikeza lesi seluleko: “Ungazami ukujabulisa abantu. Uyogcina ungajabulisanga muntu. Jabulisa uJehova, uyojabulisa bonke abathanda uJehova.”

KUDINGEKA SIHLALE SITHOBEKILE

9. UJehova wasiza u-Uziya ukuba enzeni? (2 IziKronike 26:1-5)

9 Yenza izinqumo ezinhle njengo-Uziya. INkosi u-Uziya yayithobekile ngesikhathi isencane. Yafunda “ukwesaba uNkulunkulu weqiniso.” Yaphila yaze yaba neminyaka engu-68 futhi iminyaka eminingi eyayiphila uJehova wayeyibusisa. (Funda eyesi-2 IziKronike 26:1-5.) U-Uziya wanqoba izitha eziningi zesizwe sakubo, waqinisa nezivikelo zeJerusalema. (2 IziKr. 26:6-15) Ngokuqinisekile u-Uziya wayejabula ngakho konke uNkulunkulu ayemsize ukuba akwenze.—UmSh. 3:12, 13.

10. Izinto zamhambela kanjani u-Uziya?

10 Funda ezinqumweni ezimbi ezenziwa u-Uziya. INkosi u-Uziya yayijwayele ukutshela abantu ukuthi yini okufanele bayenze. Ingabe lokho kwayenza yacabanga ukuthi ingenza noma yini eyithandayo? Ngelinye ilanga u-Uziya wanquma ukungena ethempelini likaJehova, ngokugabadela wazama ukushisa impepho e-altare, okuyinto amakhosi ayengavunyelwe ukuyenza. (2 IziKr. 26:16-18) UmPristi Ophakeme u-Azariya wazama ukumkhuza, kodwa u-Uziya wathukuthela kakhulu. Ngokudabukisayo, u-Uziya wawona umlando wakhe wokukhonza uJehova ngokwethembeka, futhi uJehova wamjezisa ngochoko. (2 IziKr. 26:19-21) Ukuphila kwakhe ngabe kwaba ngcono kakhulu ukube wahlala ethobekile!

Kunokuba siziphakamise ngalokho esikufezile, kufanele sinike uJehova udumo ngalokho esikwazi ukukwenza (Bheka isigaba 11) d

11. Yiziphi izinto ezingase zibonise ukuthi sithobekile? (Bheka nesithombe.)

11 Lapho u-Uziya esenamandla, wakhohlwa ukuthi amandla nengcebo wayekunikwe uJehova. Sifundani kulokhu? Kuhle sikhumbule ukuthi izibusiso namalungelo esinawo kuvela kuJehova. Kunokuba siziphakamise ngalokho esikufezile, kufanele sinike uJehova udumo ngalokho esikwazi ukukwenza. b (1 Kor. 4:7) Kumele sithobeke, siqaphele ukuthi siyasidinga isiyalo. Umzalwane oneminyaka engaba ngu-60 wabhala: “Ngifunde ukungacasuki noma ukungadikibali lapho abanye bephawula amaphutha engiwenzayo. Lapho ngithola isiyalo ngenxa yamaphutha awubuwula engiwenzayo ngezinye izikhathi, ngivuka ngizithathe ngiqhubekele phambili.” Iqiniso liwukuthi uma simesaba uJehova futhi sihlala sithobekile, kuyosihambela kahle.—IzAga 22:4.

QHUBEKA UFUNA UJEHOVA

12. Ngesikhathi uJosiya esemusha, wamfuna kanjani uJehova? (2 IziKronike 34:1-3)

12 Yenza izinqumo ezinhle njengoJosiya. UJosiya wayesemusha lapho eqala ukufuna uJehova. Wayefuna ukufunda ngoJehova enze nentando yaKhe. Nokho, ukuphila kwakungelula kule nkosi esencane. Kwadingeka isekele ukukhonza uNkulunkulu ngendlela emsulwa ngesikhathi abantu abaningi bekhonza onkulunkulu bamanga. Yakusekela ngempela futhi! Ingakabi neminyaka engu-20, yaqeda ukukhulekela kwamanga esizweni sakubo.—Funda eyesi-2 IziKronike 34:1-3.

13. Ukuzinikezela kuJehova kusho ukuthini kuwe?

13 Ngisho noma usemncane kakhulu, usengamlingisa uJosiya ngokufuna uJehova nangokufunda ukuthanda izimfanelo zakhe. Ukwenza kanjalo kuyokwenza ufune ukuzinikezela kuye. Lokho kuzinikezela kuyokuthinta kanjani ukuphila kwakho kwansuku zonke? ULuke, owabhapathizwa eneminyaka engu-14, uthi, “Kusukela manje kuqhubeke, ngizokwenza ukukhonza uJehova kuze kuqala ekuphileni kwami ngizame nokumjabulisa.” (Marku 12:30) Nawe uyobusiswa ngempela uma unesifiso sokwenza okufanayo!

14. Nikeza izibonelo zendlela enye intsha elingisa ngayo iNkosi uJosiya.

14 Yiziphi izinselele ongase ubhekane nazo njengosemusha okhonza uJehova? UJohan, owabhapathizwa eneminyaka engu-12, ukhuluma ngendlela ezinye izingane esikoleni ezazimcindezela ngayo ukuba abheme i-vape. Ukuze amelane nalokho kucindezelwa, uJohan uzikhumbuza ukuthi ukubhema i-vape kungayona impilo yakhe nobungani bakhe noJehova. URachel, owabhapathizwa eneminyaka engu-14, uchaza ukuthi yini emsizayo akwazi ukubhekana nezinselele esikoleni. Uthi: “Ngizama ukuhlobanisa engikubonayo nokuthile okuseBhayibhelini. Ngokwesibonelo, esikufunda ekilasini lezomlando kungase kungikhumbuze okuthile okuseBhayibhelini noma isiprofetho esithile. Noma lapho ngixoxa nothile esikoleni, ngiye ngicabange umBhalo engingamxoxela ngawo.” Izinselele obhekana nazo zingase zingafani nezeNkosi uJosiya, kodwa nawe ungahlakanipha futhi ube qotho njengayo. Izinselele obhekana nazo njengoba usemusha zizokusiza ukwazi ukubhekana nezinye izinselele eminyakeni ezayo.

15. Yini eyasiza uJosiya wakhonza uJehova ngokwethembeka? (2 IziKronike 34:14, 18-21)

15 Ngesikhathi iNkosi uJosiya isikhulile, yayala ukuba kulungiswe ithempeli. Phakathi nalowo msebenzi, ‘kwatholakala incwadi yoMthetho kaJehova owanikezwa ngoMose.’ Lapho inkosi izwa kufundwa le ncwadi, yathatha isinyathelo yenza okwakubhalwe kuyo. (Funda eyesi-2 IziKronike 34:14, 18-21.) Ungathanda yini ukufunda iBhayibheli nsuku zonke? Uma kuwukuthi usuqalile, kuhamba kanjani? Ingabe uyawaphawula amavesi angase akusize? ULuke, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, uwabhala phansi amaphuzu amnandi awatholayo. Ukwenza into efanayo kungakusiza yini nawe ukhumbule amavesi noma amaphuzu owathandayo? Lapho usulazi futhi usulithanda nakakhulu iBhayibheli, uyofisa nakakhulu ukukhonza uJehova. NjengeNkosi uJosiya, nawe uyofuna ukwenza okushiwo yiZwi likaNkulunkulu.

16. Kungani uJosiya enza iphutha elikhulu, futhi thina sifundani kulokho?

16 Funda esinqumweni esibi esenziwa uJosiya. Lapho uJosiya esezohlanganisa iminyaka engu-39, wenza iphutha elaholela ekufeni kwakhe. Wazethemba yena kunokuba acele isiqondiso kuJehova. (2 IziKr. 35:20-25) Kunesifundo esisifundayo lapha. Kungakhathaliseki ukuthi sibadala kangakanani noma sesinesikhathi esingakanani sitadisha iBhayibheli, kumele siqhubeke sifuna uJehova. Lokho kuhilela ukuthandaza njalo sicele isiqondiso sakhe, ukutadisha iBhayibheli nokulalela izeluleko zamaKristu avuthiwe. Uma senza kanjalo, ayoba mancane amathuba okuba senze amaphutha amakhulu, futhi ayoba makhulu awokuba sijabule.—Jak. 1:25.

BASHA—KUNGANIHAMBELA KAHLE EKUPHILENI

17. Yini esiyifundayo kulezi zindaba zamakhosi amathathu akwaJuda?

17 Ziningi izinto ezijabulisayo ongazenza lapho usemusha. Umlando kaJehowashi, u-Uziya noJosiya ubonisa ukuthi intsha ingazenza izinqumo ezihlakaniphile, ijabulise uJehova. Njengoba kuboniswe ekuqaleni, akusho ukuthi ngaso sonke isikhathi imiphumela iyoba mihle. Noma kunjalo, singazilingisa izinto ezinhle ezenziwa yila makhosi, sigweme amaphutha awenza. Uma senza kanjalo, singalindela ukuthola imiphumela emihle.

UDavide osemusha wasondelana noJehova. Wathola umusa kaJehova futhi kwamhambela kahle ekuphileni (Bheka isigaba 18)

18. Yiziphi izibonelo eziseBhayibhelini ezibonisa ukuthi kungakuhambela kahle ekuphileni? (Bheka nesithombe.)

18 IBhayibheli likhuluma nangenye intsha eyasondelana noJehova, yathola umusa wakhe, kwase kuyihambela kahle ekuphileni. UDavide wayengomunye wayo. Lapho esemncane wakhetha ukuba umngani kaNkulunkulu, kamuva waba inkosi eqotho. Kuyavunywa ukuthi naye ngezinye izikhathi wawenza amaphutha, kodwa naphezu kwalawo maphutha, uNkulunkulu wambheka njengomuntu othembekile. (1 AmaKh. 3:6; 9:4, 5; 14:8) Kungakukhuthaza ukufunda ngokuphila kukaDavide nenkonzo yakhe yokwethembeka. Noma ungafunda ngesibonelo sikaMarku noma esikaThimothewu. Uzobona ukuthi bakhonza uJehova besebancane, baba nomlando ohlala njalo wokwamukelwa uNkulunkulu; kwabahambela kahle kakhulu.

19. Ungaba nokuphila okunjani?

19 Ukuthi ukuphila kwakho kuyoba njani kungase kunqunywe ukuthi ukusebenzisa kanjani manje. Ukwethembela kwakho kuJehova hhayi kokwakho ukuqonda kuyomenza aqondise indlela yakho. (IzAga 20:24) Ungaba nokuphila okumnandi nokwanelisayo. Khumbula ukuthi uJehova uyakwazisa omenzela kona. Ikhona yini enye indlela ongasebenzisa ngayo ukuphila kwakho kunokuba ukhonze uBaba wethu osezulwini onothando?

INGOMA 144 Bheka Njalo Umvuzo!

a Basha, uJehova uyazi ukuthi nibhekana nezinselele ezingenza kube nzima ukuba niqhubeke ningabangani bakhe. Ningazenza kanjani izinqumo ezihlakaniphile ezizojabulisa uBaba wenu osezulwini? Sizoxoxa ngezibonelo zabafana abathathu ababa amakhosi akwaJuda. Zama ukubona ukuthi yini ongayifunda ezinqumweni abazenza.

b Bheka ibhokisi elithi “Gwema Ukwenza Sengathi Uthobekile,” elisesihlokweni esithi “Kubaluleke Kangakanani Ukulandelwa Abantu Abaningi Ezinkundleni Zokuxhumana?” ku-jw.org/zu.

c INCAZELO YESITHOMBE: Udade ovuthiwe unikeza udade osemusha iseluleko.

d INCAZELO YESITHOMBE: Udade onengxenye esimisweni somhlangano uthembela kuJehova, anikeze yena udumo.