Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 37

Thembela KuJehova, NjengoSamsoni

Thembela KuJehova, NjengoSamsoni

“Nkosi EnguMbusi Jehova, ngicela ungikhumbule, ungiqinise.”—ABAHL. 16:28.

INGOMA 30 UBaba, UNkulunkulu Wami, NoMngane

AMAZWIBELA a

1-2. Kungani kubalulekile ukufunda indaba kaSamsoni?

 YINI efika engqondweni yakho uma uzwa igama elithi Samsoni? Cishe ucabanga ngendoda enamandla amangalisayo. Kunjalo ngempela. Kodwa uSamsoni wenza isinqumo esibi esabangela ubuhlungu obukhulu. Noma kunjalo, uJehova wagxila kuwo wonke umlando kaSamsoni wokwethembeka, wawufaka naseBhayibhelini ukuze sizuze.

2 UJehova wasebenzisa uSamsoni ukuze afeze izinto ezimangalisayo, asize abantu baKhe abakhethiwe, u-Israyeli. Emakhulwini eminyaka ngemva kokufa kukaSamsoni, uJehova waphefumulela umphostoli uPawulu ukuba abhale igama likaSamsoni phakathi kwamagama amadoda anokholo olumangalisayo. (Heb. 11:​32-34) Isibonelo sikaSamsoni singasikhuthaza. Wathembela kuJehova ngisho nangezikhathi ezinzima. Ake sixoxe ngokuthi isibonelo sikaSamsoni singasikhuthaza kanjani nokuthi yini enye esingayifunda kuso.

USAMSONI WATHEMBELA KUJEHOVA

3. USamsoni wanikwa muphi umsebenzi?

3 Ngesikhathi uSamsoni ezalwa, amaFilisti ayebusa isizwe sakwa-Israyeli futhi esicindezela. (AbaHl. 13:1) Ukubusa kwamaFilisti ngonya kwawahlukumeza kakhulu ama-Israyeli. UJehova wakhetha uSamsoni ukuba ‘ahole ekusindiseni u-Israyeli esandleni samaFilisti.’ (AbaHl. 13:5) Wawunzima ngempela lowo msebenzi! USamsoni kwakuzodingeka athembele kuJehova ukuze enze lo msebenzi onzima.

USamsoni wathembela kuJehova, wavumelana nezimo. Wasebenzisa ayengakuthola ngaleso sikhathi ukuze afeze intando kaNkulunkulu (Bheka izigaba 4-5)

4. UJehova wamsiza kanjani uSamsoni ukuba aphunyuke kumaFilisti? (AbaHluleli 15:​14-16)

4 Cabanga ngesibonelo sendlela uSamsoni athembela ngayo kuJehova nendlela uNkulunkulu amsekela ngayo. Ngesinye isikhathi, ibutho lempi lamaFilisti lalize ukuzobamba uSamsoni eLehi, cishe kwaJuda. Amadoda akwaJuda ayesaba, ngakho anquma ukunikela ngoSamsoni esitheni. AmaJuda akubo ambamba, ambopha amqinisa ngezindophi ezimbili ezintsha, amyisa kumaFilisti. (AbaHl. 15:​9-13) Nokho, “umoya kaJehova wamnika amandla” uSamsoni, wazigqashula izindophi. Ngemva kwalokho “wathola ithambo eliselisha lomhlathi wembongolo yeduna,” walicosha, wabulala ngalo amadoda angamaFilisti angu-1 000!—Funda abaHluleli 15:​14-16.

5. Ukusebenzisa kukaSamsoni ithambo lomhlathi wembongolo kwembulani ngokuthembela kwakhe kuJehova?

5 Kungani uSamsoni asebenzisa ithambo lomhlathi wembongolo? Kwakuyisikhali esingavamile nokho! Akungabazeki ukuthi uSamsoni wayazi ukuthi ukunqoba kwakhe kwakuncike kuJehova, hhayi esikhalini ayesisebenzisa. Ngempela, le ndoda ethembekile yasebenzisa okwakukhona ngaleso sikhathi ukuze ifeze intando kaJehova. Kusobala ukuthi ngenxa yokwethembela kwakhe kuJehova, uSamsoni wabusiswa kakhulu, wawanqoba wonke lawo madoda.

6. Lapho senza izabelo ezivela kuNkulunkulu, yini esingayifunda kuSamsoni?

6 Nathi uJehova angasipha amandla okufeza izabelo zethu, ngisho nezabelo ezibonakala zingaphezu kwamandla. UNkulunkulu angenza lokho ngendlela engasimangaza. Qiniseka ngokuthi uJehova, owanikeza uSamsoni amandla, uzokusiza nawe wenze intando yaKhe uma nje uthembele kuYe.—IzAga 16:3.

7. Yisiphi isibonelo esibonisa ukubaluleka kokuba sifune isiqondiso sikaJehova?

7 Abazalwane nodade abaningi abasebenza ekwakheni izakhiwo zenhlangano babonisile ukuthi bathembele kuJehova. Esikhathini esidlule, abazalwane babevame ukudweba futhi bakhe amaHholo OMbuso amaningi nezinye izakhiwo. Nokho ngokuhamba kwesikhathi, ngenxa yokwanda enhlanganweni kaJehova, kwadingeka kwenziwe ushintsho. Abazalwane abaholayo bathandazela isiqondiso sikaJehova, bazama izindlela ezintsha, njengokuthenga izakhiwo bese beyazilungisa. URobert osebenze ezakhiweni eziningi zenhlangano emhlabeni wonke kule minyaka edlule, uthi: “Ekuqaleni kwakungelula ukwamukela le ndlela entsha yokwenza izinto.” Uyenezela: “Le ndlela yayihluke kakhulu endleleni ebesilokhu senza ngayo iminyaka eminingi. Kodwa abazalwane babezimisele ukuzivumelanisa nezimo futhi kwaba sobala ukuthi uJehova uyalubusisa lolu shintsho.” Lesi kumane kuyisibonelo esisodwa nje sendlela uJehova aqondisa ngayo abantu bakhe ukuba bafeze intando yakhe. Sonke senza kahle ngokuthi ngezikhathi ezithile sizibuze lo mbuzo, ‘Ingabe ngiyasifuna isiqondiso sikaJehova futhi ngizimisele yini ukuhlale ngizivumelanisa nezimo enkonzweni engimenzela yona?’

USAMSONI WAWASEBENZISA NGOKUGCWELE AMALUNGISELELO KAJEHOVA

8. Yini uSamsoni ayenza lapho ezizwa ome kakhulu ngolunye usuku?

8 Kungenzeka uke wafunda ngezinye izinto ezimangalisayo ezenziwa uSamsoni. Eyedwa qhwaba, walwa nebhubesi, kamuva wabulala amadoda angu-30 e-Ashikeloni idolobha lamaFilisti. (AbaHl. 14:​5, 6, 19) USamsoni wayazi ukuthi wayengeke akwazi ukwenza zonke lezo zinto ngaphandle kosizo lukaJehova. Lokho kwaba sobala ngolunye usuku lapho oma kakhulu ngemva kokubulala amaFilisti angu-1 000. Wenzenjani? Kunokuba azethembe ukuthi nguye owayezoqeda inkinga yakhe yokoma, wacela usizo kuJehova.—AbaHl. 15:18.

9. Wenzenjani uJehova lapho uSamsoni ecela usizo? (AbaHluleli 15:19 nombhalo waphansi)

9 UJehova wamphendula uSamsoni lapho ekhala ecela usizo ngokwenza umthombo wamanzi ngokuyisimangaliso. Lapho uSamsoni ephuza kuwo, “amandla akhe abuya, wavuseleleka.” (Funda abaHluleli 15:19 nombhalo waphansi.) Kubonakala sengathi lo mthombo wamanzi omusha wawusekhona eminyakeni eminingi kamuva lapho umprofethi uSamuweli ephefumulelwa ukuba abhale incwadi yabaHluleli. Ama-Israyeli abona lawo manzi egeleza kungenzeka akhumbula ukuthi kungathenjelwa kuJehova ukuba asize izinceku zakhe ezithembekile lapho zimdinga.

USamsoni wathola amandla ngemva kokuphuza amanzi uJehova ayemnike wona. Nathi senza kahle ngokuwasebenzisa ngokugcwele amalungiselelo uJehova asinikeza wona ukuze sihlale sisondelene naye (Bheka isigaba 10)

10. Yini okudingeka siyenze ukuze uJehova asisize? (Bheka nesithombe.)

10 Nathi kudingeka sifune usizo kuJehova, kungakhathaliseki ukuthi sinamaphi amathalente noma amakhono noma ukuthi yini esesiyifezile enkonzweni yakhe. Ngokuthobeka, kufanele sivume ukuthi impumelelo yangempela singayithola kuphela uma sincika kuJehova. Njengoba nje uSamsoni athola amandla lapho ephuza amanzi uJehova amnika wona, nathi buyoqina ubuhlobo bethu noJehova lapho siwasebenzisa wonke amalungiselelo asinikeza wona.—Math. 11:28.

11. Ungalusebenzisa kanjani ngokugcwele usizo lukaJehova? Fanekisa.

11 Cabanga ngesibonelo sika-Aleksey, omunye wabafowethu baseRussia abakhuthazelela ushushiso olunzima. Yini emsize wahlala enokholo oluqinile lapho ebhekene nezimo ezinzima kakhulu? Yena nomkakhe bazenzele isimiso esihle sokutadisha. Uthi: “Ngizama ukunamathela esimisweni sami sokufunda iBhayibheli nsuku zonke nokwenza isifundo somuntu siqu. Njalo ekuseni, mina nomkami sixoxa ngombhalo wosuku bese sithandaza kuJehova ndawonye.” Kusifundisani lokhu? Kunokuba sethembele emandleni ethu, kufanele sincike kuJehova. Kanjani? Ngokwakha ukholo lwethu ngokuba nesimiso esihle sokutadisha iBhayibheli nangokwenza ezinye izinto ezisisondeza kuJehova. UJehova uyobe eseyibusisa ngokucebile imizamo yethu yokumkhonza. Wamnika amandla uSamsoni, ngokuqinisekile nathi angasinika amandla.

USAMSONI AKAYEKANGA UKWENZA INTANDO KAJEHOVA

12. Yisiphi isinqumo esibi esenziwa uSamsoni, futhi ukuthandana kwakhe noDelila kwakuhluke kanjani?

12 USamsoni wayenesono njengathi, ngakho ngezinye izikhathi wenza izinqumo ezingahlakaniphile. Esinye isinqumo asenza saba nemiphumela edabukisa kakhulu. Ngemva kokuba uSamsoni esekhonze njengomahluleli isikhashana, “wathanda owesifazane othile eSigodini SaseSoreki, igama lakhe kwakunguDelila.” (AbaHl. 16:4) Ngaphambi kwalokho, uSamsoni wayethembisene umshado nowesifazane ongumFilisti, kodwa lobo buhlobo ‘babuvela kuJehova, owayefuna ithuba lokulwa namaFilisti.’ Kamuva, uSamsoni wahlala endlini yesifebe eGaza, idolobha lamaFilisti. Ngaleso sikhathi, uNkulunkulu wanika uSamsoni amandla okuthwala iminyango yesango lalelo dolobha, okwalenza langabe lisavikeleka. (AbaHl. 14:​1-4; 16:​1-3) Nokho, kungenzeka ukuthi indaba kaDelila yayihlukile ngoba cishe wayengumIsrayeli.

13. Yiziphi izinto ezenziwa uDelila ezafaka uSamsoni enkingeni?

13 UDelila wamukela imali eningi evela kumaFilisti ukuze anikele ngoSamsoni. Ingabe uSamsoni wayemethemba—amehlo akhe evalwe uthando—kangangokuba wahluleka ukubona ukuthi uDelila wayephezu kwani? Kunoma yikuphi, uDelila wayelokhu emcindezela uSamsoni ukuba aveze ukuthi amandla akhe avela kuphi futhi ekugcineni uSamsoni wakwenza lokho. Ngokudabukisayo, uSamsoni wazifaka esimweni esamenza walahlekelwa amandla akhe, samenza nokuba angabe esamukeleka kuJehova okwesikhathi esithile.—AbaHl. 16:​16-20.

14. USamsoni wabhekana namiphi imiphumela ngenxa yokwethemba uDelila?

14 USamsoni wabhekana nemiphumela ebuhlungu ngenxa yokuthi wathemba uDelila kunokwethemba uJehova. AmaFilisti ambamba uSamsoni amkopolota amehlo. Waboshwa eGaza, endaweni yabantu ayebahlazisile ngaphambili, bamenza isigqila esigaya ukolweni. Ngemva kwalokho, wenziwa inhlekisa lapho amaFilisti ehlangene ndawonye ukuze azijabulise. Enzela unkulunkulu wawo wamanga uDagoni umhlatshelo omkhulu, njengokungathi nguye owayenikele uSamsoni ezandleni zawo. Akhipha uSamsoni ejele amletha emcimbini ukuze ‘azohlekisa’ ngaye.—AbaHl. 16:​21-25.

UJehova wanika uSamsoni amandla okukhipha isahlulelo saKhe kumaFilisti (Bheka isigaba 15)

15. USamsoni waphinde wabonisa kanjani ukuthi uthembele kuJehova? (AbaHluleli 16:​28-30) (Bheka isithombe esisekhasini 1.)

15 USamsoni wayenze iphutha elikhulu, kodwa akayekanga ukukhonza uJehova. Wafuna ithuba lokufeza isabelo ayesinikwe uNkulunkulu sokulwa namaFilisti. (Funda abaHluleli 16:​28-30.) Wancenga uJehova: “Ngivumele ngiziphindiselele kumaFilisti.” UNkulunkulu weqiniso wasiphendula isicelo sikaSamsoni, wambuyisela amandla akhe amangalisayo. Ngenxa yalokho, uSamsoni wabulala amaFilisti amaningi kulesi senzakalo kunalawo ayewabulale ngaphambili.

16. Yini esingayifunda ephutheni likaSamsoni?

16 Nakuba iphutha likaSamsoni lamenza wabhekana nemiphumela ebuhlungu, akayekanga ukuzama ukwenza intando kaJehova. Ngisho noma senza iphutha kudingeke sisolwe noma silahlekelwe ilungelo elithile, akumele siyeke ukuzama ukwenza intando kaJehova. Khumbula ukuthi uJehova ukulungele ukusithethelela. (IHu. 103:​8-10) Naphezu kwamaphutha ethu, uJehova angasinika amandla okwenza intando yakhe, njengoba nje enza kuSamsoni.

Cishe uSamsoni wazizwa kabi ngephutha ayelenzile, kodwa akazange aphele amandla—nathi akufanele siphele amandla (Bheka izigaba 17-18)

17-18. Yini ekukhuthazayo ngesibonelo sikaMichael? (Bheka nesithombe.)

17 Cabanga ngesibonelo somzalwane osemusha okuthiwa uMichael. Wayematasa enkonzweni kaJehova, eyinceku ekhonzayo futhi eyiphayona elivamile. Ngokudabukisayo, wenza iphutha elamenza walahlekelwa amalungelo ebandleni. Uthi: “Kuze kube yilesi sikhathi, izinto zazishelela ekukhonzeni uJehova. Kungazelelwe kwaba sengathi konke kuphelile. Ngangingakaze ngicabange ukuthi uJehova angangilahla, kodwa ngangizibuza ukuthi ubuhlobo bami naye buyoke bufane yini nasekuqaleni, ngizibuza nokuthi ngiyoke ngikwazi yini ukuphinde ngimkhonze ngendlela engangimkhonza ngayo ebandleni.”

18 Ngokujabulisayo, uMichael akazange aphele amandla. Uyenezela: “Ngagxila ekulungiseni ubuhlobo bami noJehova ngokuthululela isifuba sami njalo kuye ngomthandazo, ngokutadisha nangokuzindla.” Ngokuhamba kwesikhathi, uMichael waphinde wawathola amalungelo ayenawo ebandleni. Manje, usekhonza njengomdala futhi uyiphayona elivamile. Uthi: “Usizo nesikhuthazo engasithola, ikakhulukazi kubadala, kwangisiza ngabona ukuthi uJehova usangithanda. Manje, sengikwazi ukumkhonza ngonembeza ohlanzekile ebandleni. Lokho okwenzeke kimi kungifundise ukuthi uJehova angathethelela noma ubani ophenduka ngobuqotho.” Singaqiniseka ngokuthi nathi uJehova uyosisebenzisa futhi asibusise ngisho noma senze amaphutha, uma nje senza konke esingakwenza ukuze silungise izindlela zethu futhi siqhubeke sithembela kuye.—IHu. 86:5; IzAga 28:13.

19. Sikuqinise kanjani isibonelo sikaSamsoni?

19 Kulesi sihloko, sixoxe ngezenzakalo ezimbalwa ezimangalisayo ezenzeka ekuphileni kukaSamsoni. Wayewenza amaphutha; kodwa akazange ayeke ukuzama ukukhonza uJehova ngisho nangemva kwephutha alenza noDelila. UJehova naye akayekanga ukumsebenzisa. UNkulunkulu waphinde wamsebenzisa ngendlela emangalisayo uSamsoni. UJehova wayesambheka njengendoda enokholo olumangalisayo, wambala phakathi kwamadoda anokholo okukhulunywa ngawo kweyamaHebheru isahluko 11. Kukhuthaza ngempela ukwazi ukuthi sikhonza uBaba osezulwini onothando kangaka, okulangazelelayo ukusiqinisa ikakhulukazi lapho sibuthaka! NjengoSamsoni, masincenge uJehova, sithi: “Ngicela ungikhumbule, ungiqinise.”—AbaHl. 16:28.

INGOMA 3 Ungamandla Nethemba Lethu, Sincike Kuwe

a USamsoni—abaningi bayalazi igama lalo muntu oseBhayibhelini, ngisho nabantu abanolwazi oluncane ngemiBhalo. Ababhali bemidlalo yeshashalazi, ababhali bamaculo nabenza amamuvi, baye bakhuluma ngendaba kaSamsoni. Kodwa indaba yakhe ayiyona nje inganekwane. Kuningi esingakufunda kule ndoda eyayinokholo olukhulu.