Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 39

Ukuba Mnene Akusho Ukuthi Ubuthaka

Ukuba Mnene Akusho Ukuthi Ubuthaka

“Inceku yeNkosi akufanele ilwe, kunalokho kufanele ibe mnene kubo bonke.”—2 THIM. 2:24.

INGOMA 120 Lingisa Ubumnene BukaKristu

AMAZWIBELA a

1. Yini esingase sibuzwe ngayo emsebenzini noma esikoleni?

 UZIZWA kanjani lapho osebenza naye noma ofunda naye ekubuza ngezinkolelo zakho? Ingabe uyethuka? Iningi lethu liyethuka. Kodwa umbuzo onjalo ungasitshela lokho lowo muntu akucabangayo noma akukholelwayo, usinikeze ithuba lokuxoxa naye ngezindaba ezinhle. Kodwa ngesinye isikhathi umuntu angase asibuze umbuzo ngoba efuna ukuphikisana nathi. Akufanele kusimangaze lokho ngoba abanye batshelwe izinto ezingelona iqiniso ngezinkolelo zethu. (IzE. 28:22) Ngaphezu kwalokho, siphila “ezinsukwini zokugcina,” isikhathi lapho abaningi ‘bengafuni sivumelwano’ baze babe “nolaka” nokuba nolaka.—2 Thim. 3:​1, 3.

2. Kungani sifuna ukuba abantu abamnene?

2 Ungase uzibuze, ‘Ngingahlala kanjani ngizolile futhi nginomusa lapho othile efuna siphikisane ngezinkolelo zami ezisekelwe eBhayibhelini?’ Yini engakusiza? Ngegama elilodwa—ubumnene. Umuntu omnene akasheshi ukuthukuthela kodwa uyakwazi ukuzibamba lapho echukuluzwa noma engaqiniseki ngokuthi aphendule athini. (IzAga 16:32) Ungase uthi, kulula ukukusho lokho kunokukwenza. Yini ongayenza ukuze ube mnene? Ungaphendula kanjani ngobumnene lapho othile efuna ukuphikisana nawe ngezinkolelo zakho? Uma ungumzali, ungazisiza kanjani izingane zakho zibe mnene lapho zivikela ukholo lwazo? Ake sibone.

YINI ONGAYENZA UKUZE UBE MNENE?

3. Kungani singathi ubumnene buyimfanelo enhle, akubona ubuthaka? (2 Thimothewu 2:​24, 25)

3 Abantu abamnene akusho ukuthi bangabantu ababuthaka. Kudingeka ukuzibamba ukuze ukwazi ukuhlale uzolile lapho ubhekene nesimo esinzima. Ubumnene bungesinye ‘sezithelo zomoya.’ (Gal. 5:​22, 23) Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “ubumnene,” ngezinye izikhathi lalisetshenziselwa ukuchaza ihhashi lasendle elase liqeqeshelwe ukugitshelwa. Libone ngamehlo engqondo leli hhashi lasendle lingasenalo ulaka. Alisenalo ulaka, kodwa lisenawo amandla. Thina bantu, yini esingayenza ukuze sibe mnene, ngesikhathi esifanayo kube kungasho ukuthi sibuthaka? Ngeke sikwazi ukukwenza ngamandla ethu. Okubalulekile ukuba sithandaze sicele umoya kaNkulunkulu, simcele asisize sibe nale mfanelo enhle. Baningi abantu abakufundile ukuba mnene. OFakazi abaningi baye baphendula ngobumnene lapho bephikiswa, kwenza ababukele baba nombono omuhle ngabo. (Funda eyesi-2 Thimothewu 2:​24, 25.) Yini ongayenza ukuze ubumnene bube enye yezimfanelo zakho ezinhle?

4. Singafundani ngobumnene esibonelweni sika-Isaka?

4 IBhayibheli linezibonelo eziningi ezibonisa ukubaluleka kobumnene. Cabanga ngesibonelo sika-Isaka. Lapho esezinzile eGerari, indawo yamaFilisti, omakhelwane bakhe abanomona bavala imithombo yamanzi eyayimbiwe izinceku zikayise. Kunokuba alwele le mithombo, u-Isaka wathutha nomndeni wakhe baya kude bafike bamba eminye imithombo. (Gen. 26:​12-18) Kodwa amaFilisti athi imithombo yakule ndawo abathuthele kuyo nayo eyawo. Naphezu kwakho konke lokhu, u-Isaka wenza izinto ngendlela enokuthula. (Gen. 26:​19-25) Yini eyamsiza wahlala emnene ngisho nalapho abanye bebonakala bezimisele ukulokhu bemchukuluza? Ngokuqinisekile, wabona isibonelo sabazali bakhe, wafunda okuningi endleleni enokuthula u-Abrahama aziphatha ngayo nasemoyeni kaSara “onokuthula nobumnene.”—1 Pet. 3:​4-6; Gen. 21:​22-34.

5. Yisiphi isibonelo esibonisa ukuthi abazali abangamaKristu bangazifundisa izingane zabo ukubaluleka kokuba mnene?

5 Bazali abangamaKristu, qinisekani ngokuthi nani ningazifundisa izingane zenu ukubaluleka kokuba mnene. Cabanga ngesibonelo sikaMaxence oneminyaka engu-17. Kwakudingeka asebenzelane nabantu abanolaka esikoleni nasensimini. Abazali bakhe bamsiza ngesineke ukuba abe mnene. Bathi: “UMaxence useyaqonda ukuthi lapho uchukuluzwa kulula ukucasuka, kodwa umuntu omnene uyakwazi ukuzibamba.” Kuyajabulisa ukuthi ubumnene sebuphakathi kwezimfanelo ezinhle uMaxence anazo.

6. Umthandazo ungasisiza kanjani sibonise ubumnene kakhudlwana?

6 Yini esingayenza lapho sibhekene nesimo esishubile, njengalapho umuntu enyundela igama likaNkulunkulu wethu noma ehlekisa ngeBhayibheli? Kufanele sicele uJehova asiphe umoya wakhe nokuhlakanipha ukuze siphendule ngendlela emnene. Kuthiwani uma kamuva siqaphela ukuthi asiphendulanga ngendlela obekufanele siphendule ngayo? Singaphinde sithandaze ngaleyo ndaba, sicabange ngendlela esingenza kangcono ngayo ngokuzayo. UJehova uyobe esesinika umoya wakhe ongcwele ukuze sikwazi ukuzibamba sibonise nobumnene.

7. Ukuwabamba ngekhanda amavesi athile kungasisiza kanjani silawule esikushoyo nesikwenzayo? (IzAga 15:​1, 18)

7 Amanye amavesi eBhayibheli angasisiza silawule indlela esikhuluma ngayo lapho sikuthola kunzima ukuphendula ngendlela emnene. Umoya kaNkulunkulu ungasikhumbuza lawo mavesi. (Joh. 14:26) Ngokwesibonelo, izimiso ezisencwadini yezAga zingasisiza sibe mnene. (Funda izAga 15:​1, 18.) Leyo ncwadi yeBhayibheli isitshela nendlela yokuzibamba lapho sibhekene nezimo ezishubile.—IzAga 10:19; 17:27; 21:23; 25:15.

INDLELA UKUQONDISISA OKUSISIZA NGAYO SIBE MNENE

8. Kungani kufanele sicabange ngalokho okungenzeka kwenze umuntu waphikisa izinkolelo zethu?

8 Ukuqondisisa nako kungasisiza. (IzAga 19:11) Umuntu oqondisisayo uyazibamba lapho izinkolelo zakhe ziphikiswa. Eminye imibuzo noma izinselele zinjengezinguzunga zamaqhwa, ingxenye yazo enkulu isuke ingaphansi ingabonakali. Ngokwesibonelo, umuntu angase akubuze umbuzo ngenxa yesisusa esithile noma okuthile okumkhathazayo. Ngakho, ngaphambi kokuba simphendule, kuhle ukukhumbula ukuthi singase singakwazi okumenze wabuza lowo mbuzo.—IzAga 16:23.

9. UGideyoni wakubonisa kanjani ukuqondisisa nobumnene lapho esebenzelana namadoda akwa-Efrayimi?

9 Cabanga indlela uGideyoni awaphendula ngayo amadoda akwa-Efrayimi. Ethukuthele, ambuza ukuthi kungani engawabizanga ngesikhathi eyolwa nezitha zakwa-Israyeli. Kodwa yini ngempela eyayiwathukuthelisile? Mhlawumbe ukuqhosha? Kungakhathaliseki ukuthi sasiyini isizathu, ngobuhlakani uGideyoni wayihlonipha indlela ayezizwa ngayo, wawaphendula ngendlela emnene. Waba yini umphumela? Ngesikhathi esho lokho, “ehlisa umoya.”—AbaHl. 8:​1-3.

10. Yini ezosisiza sazi ukuthi kufanele sibaphendule kanjani abantu abasibuza ngezinkolelo zethu? (1 Petru 3:15)

10 Ake sithi umuntu osebenza naye noma ofunda naye ubuza ngesikukholelwayo endabeni ethile yokuziphatha. Siyokwenza konke esingakwenza ukuze sivikele izinkolelo zethu, ngesikhathi esifanayo sihloniphe umbono womuntu esixoxa naye. (Funda eyoku-1 Petru 3:15.) Ngokuvamile kuyasiza ukubheka lowo mbuzo njengethuba lokuthola ukuthi yini ayicabangayo kunokuwubheka njengokuthi uyasihlasela noma uyasigxeka. Kungakhathaliseki ukuthi kungani umuntu ebuze lowo mbuzo, senza kahle ngokumphendula ngendlela emnene nenomusa. Indlela esimphendula ngayo ingase imenze acabangisise ngombono wakhe. Ngisho noma kubonakala sengathi uyasidelela noma uyasibhuqa, ngaso sonke isikhathi kufanele simphendule ngomusa.—Roma 12:17.

Singaphendula kangcono uma singaqale sicabange ngokuthi kungenzeka kunezizathu zokuba simenyelwe ephathini yosuku lokuzalwa (Bheka izigaba 11-12)

11-12. (a) Yini okungakuhle sicabange ngayo ngaphambi kokuphendula umbuzo onzima? (Bheka nesithombe.) (b) Nikeza isibonelo esibonisa indlela umbuzo womuntu ongaholela ngayo engxoxweni emnandi.

11 Ngokwesibonelo, uma umuntu esisebenza naye ebuza ukuthi kungani singazigubhi izinsuku zokuzalwa, cabanga ngalokhu: Kungenzeka yini ukuthi uyazibuza ukuthi sivumelekile yini ukuzijabulisa? Noma kungenzeka yini uyazibuza ukuthi ukungazigubhi kwethu izinsuku zokuzalwa ngeke yini kudunge umoya omuhle enkampanini? Singase sinciphise ukukhathazeka kwakhe ngokumncoma ngokuthi uyabakhathalela abantu asebenza nabo nangokumqinisekisa ngokuthi nathi siyathanda kube mnandi emsebenzini. Lokho kungasivulela ithuba lokuba nengxoxo emnandi ngalokho iBhayibheli elikubonisayo ngezinsuku zokuzalwa.

12 Singase sisebenzise indlela efanayo lapho sibuzwa eminye imibuzo enzima. Esifunda naye angase athi oFakazi BakaJehova kufanele bawushintshe umbono abanawo ngobutabane. Ingabe akushoyo kubonisa ukuthi akanawo amaqiniso aphelele ngalokho oFakazi BakaJehova abakukholelwayo ngale ndaba? Noma kungenzeka yini unomngani noma isihlobo esiyisitabane? Ingabe ucabanga ukuthi asibathandi abantu abayizitabane? Kungase kudingeke simqinisekise ngokuthi sibathanda bonke abantu futhi siyalihlonipha ilungelo lomuntu ngamunye lokuzenzela izinqumo. b (1 Pet. 2:17) Ngemva kwalokho, singase sikwazi ukumxoxela ngezinzuzo zokuphila ngemithetho yokuziphatha yeBhayibheli.

13. Ungase umsize kanjani umuntu okwenza inhlekisa ukuthi ukholelwa kuNkulunkulu?

13 Lapho sithola umuntu osiphikisayo akufanele sisheshe siphethe ngokuthi siyakwazi akukholelwayo. (Thithu 3:2) Ngokwesibonelo, kuthiwani uma umuntu esifunda naye esikoleni ethi indaba yokukholelwa kuNkulunkulu iwumsangano nje? Ingabe kufanele uphethe ngokuthi ukholelwa ekuziphendukeleni kwemvelo futhi kuningi akwaziyo ngakho? Empeleni kungenzeka akakaze azinike nesikhathi sokucabanga ngaleyo ndaba. Esikhundleni sokuqala impikiswano ngesayensi, ungathola indlela yokumtshela okuthile angacabanga ngako kamuva. Mhlawumbe ungambonisa okuthile okukhuluma ngendalo ku-jw.org. Kamuva angase athande ukuxoxa ngesihloko noma ngevidiyo ayithole lapho. Ukumphendula ngenhlonipho kungase kumenze aphinde acabangisise ngakukholelwayo.

14. UNiall wayisebenzisa kanjani iwebusayithi yethu ukuze asize afunda naye abone ukuthi okushiwo abantu ngoFakazi BakaJehova akulona iqiniso?

14 Osemusha okuthiwa uNiall wasebenzisa iwebusayithi yethu ukuze abonise ukuthi okushiwo abanye abantu ngoFakazi BakaJehova akulona iqiniso. Uthi: “Omunye umfana engifunda naye wayevame ukuthi angikholelwa kuyisayensi ngoba ngithemba iBhayibheli incwadi yezinganekwane hhayi izinto ezingamaqiniso.” Lapho lo mfana enqaba ukuthi uNiall amchazele izinkolelo zakhe, wathi akaye ku-jw.org engxenyeni ethi “Isayensi NeBhayibheli.” Kamuva, uNiall waphawula ukuthi lo mfana wayeyifundile leyo ngxenye futhi manje wayesethanda ukuxoxa ngokuthi izinto eziphilayo zaba khona kanjani. Nawe ungase uthole imiphumela efanayo.

LUNGISELELANI NJENGOMNDENI

15. Abazali bangazisiza kanjani izingane zabo ziphendule ngendlela emnene lapho ezinye izingane ziphikisa izinkolelo zazo?

15 Abazali bangaphumelela ukufundisa izingane zabo ukuthi zingaphendula kanjani ngendlela emnene lapho izinkolelo zazo ziphikiswa. (Jak. 3:13) Abanye abazali baprakthiza nezingane lapho benza ukukhulekela komndeni. Baxoxa ngezihloko okungase kukhulunywe ngazo esikoleni, benze nemiboniso yendlela ezingaphendula ngayo, bafundise izingane zabo ukuthi zingaphendula kanjani ngendlela emnene nemnandi.—Bheka ibhokisi elithi “ Ukuprakthiza Kungawusiza Umndeni Wakho.”

16-17. Ukuprakthiza kungayisiza kanjani intsha?

16 Ukuprakthiza kungasiza amaKristu aphendule ngendlela egculisayo lapho ephikiswa futhi agculiseke kwawona ukuthi akukholelwayo kunengqondo. Ku-jw.org/zu engxenyeni ethi “Intsha” kunochungechunge oluthi “Intsha Iyabuza” neKhasi Lemisebenzi eyenzelwe intsha. Lezi zingxenye zihloselwe ukusiza intsha iqiniseke ngezinkolelo zayo, ikwazi nokuphendula ngamazwi ayo. Uma sitadisha lezi zingxenye njengomndeni, sonke singafunda indlela esingavikela ngayo ukholo lwethu ngendlela emnene nemnandi.

17 Osemusha okuthiwa uMatthew uyachaza ukuthi ukuprakthiza kwamsiza kanjani. Ekukhulekeleni komndeni, uMatthew nabazali bakhe bavame ukucwaninga ngezihloko okungase kukhulunywe ngazo ekilasini. Uthi: “Siye sicabange ngemibuzo engase ibuzwe bese siprakthiza ukuthi sizophendula kanjani sisebenzisa esikucwaningile. Lapho ngizazi kahle izizathu zalokho engikukholelwayo, ngizizwa ngiqiniseka futhi kuba lula ukuba mnene lapho ngisebenzelana nabanye.”

18. EyabaseKolose 4:6 ibonisa ukuthi yini ebalulekile?

18 Kuyavunywa, izizathu ezigculisayo zizodwa zingase zingabenzi abanye abantu bamukele lokho esikushoyo. Kodwa ukukhuluma nabo ngendlela engacasuli nemnene kungasiza. (Funda eyabaseKolose 4:6.) Ukuxoxa ngezinkolelo zethu kungafaniswa nokuphonsela umuntu ibhola. Singamphonsela lona kahle noma simjikijele ngalo. Uma siliphonsa kahle, cishe maningi amathuba okuba esidlala naye alinqake futhi aqhubeke edlala. Ngokufanayo, uma sikhuluma nabantu ngendlela engacasuli, bangase bathande ukulalela futhi baqhubeke bexoxa nathi. Yiqiniso, uma umuntu efuna ukunqoba impikiswano noma efuna ukuhlekisa ngezinkolelo zethu, asibophekile ukuqhubeka sixoxa naye. (IzAga 26:4) Kodwa iningi labantu lingase lingenzi kanjalo. Empeleni, abaningi bangase balalele.

19. Yini okufanele isikhuthaze ukuba sibe mnene lapho sivikela izinkolelo zethu?

19 Kuyacaca ukuthi kuzuzisa kakhulu ukuzibekela umgomo wokuba mnene. Thandaza kuJehova umcele akuphe amandla ukuze uhlale umnene lapho uphendula umuntu okuphikisayo noma okugxeka ngokungafanele. Khumbula, ukuba mnene kungenza imibono engafani ingaphenduki impikiswano. Impendulo yakho emnene nenenhlonipho empeleni ingase yenze abanye abakulalele bashintshe indlela abasibheka ngayo nababheka ngayo amaqiniso eBhayibheli. Hlale ‘ukulungele ukuvikela’ izinkolelo zakho, ‘wenze kanjalo ngomoya omnene nangenhlonipho ejulile.’ (1 Pet. 3:15) Ubumnene mabube enye yezimfanelo zakho ezinhle!

INGOMA 88 Ngenze Ngazi Izindlela Zakho

a Lesi sihloko sinamacebiso endlela esingavikela ngayo izinkolelo zethu ngendlela emnene lapho abanye besichukuluza noma besibuza ngazo.

b Ukuze uthole amacebiso awusizo, bheka isihloko esithi “Lithini IBhayibheli Ngobungqingili?” kuyi-Phaphama! ka-2016 No. 4.

c Ungathola amacebiso awusizo ku-jw.org/zu ochungechungeni oluthi “Intsha” noluthi “Imibuzo Evame Ukubuzwa NgoFakazi BakaJehova.”