Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 39

INGOMA 125 “Bayajabula Abanesihe!”

Thola Injabulo Eyengeziwe Etholakala Ngokupha

Thola Injabulo Eyengeziwe Etholakala Ngokupha

“Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.”IZE. 20:35.

AMAPHUZU ABALULEKILE

Sizofunda ngezindlela esingalondoloza ngazo futhi sandise injabulo esiyithola ngokupha.

1-2. Kusizuzisa kanjani ukuthi sidalwe ngendlela esenza sikwazi ukuthola injabulo eyengeziwe ngokupha kunokwamukela?

 LAPHO uJehova edala abantu, wabadala ngendlela ebenza bakwazi ukuthola injabulo eyengeziwe ngokupha kunokwamukela. (IzE. 20:35) Ingabe lokho kusho ukuthi asijabuli lapho kuyithi esiphiwa okuthile? Cha. Sonke siyazi ukuthi siyajabula lapho sithola isipho. Noma kunjalo, sijabula ngisho nakakhulu lapho kuyithi esiphayo. Ngempela kuyasizuzisa ukuthi uJehova usenze ngale ndlela. Kungani?

2 Ngokusidala ngendlela asidale ngayo, uJehova usivumela ukuba sikwazi ukwandisa injabulo yethu. Singayandisa ngokubheka amathuba engeziwe okupha. Akumangalisi yini ukuthi uJehova usenze ngale ndlela?—IHu. 139:14.

3. Kungani uJehova engachazwa ngokuthi ‘unguNkulunkulu ojabulayo’?

3 ImiBhalo isiqinisekisa ngokuthi ukupha kusenza sijabule, ngakho akumangazi ukuthi iBhayibheli lichaza uJehova ngokuthi ‘unguNkulunkulu ojabulayo.’ (1 Thim. 1:11) UnguMuphi wokuqala futhi akekho opha njengaye. Ngenxa yakhe, “siyaphila, siyanyakaza futhi sikhona,” njengoba kwasho umphostoli uPawulu. (IzE. 17:28) Ngempela, “zonke izipho ezinhle nazo zonke izipho eziphelele” zivela kuJehova.—Jak. 1:17.

4. Yini ezosisiza sithole injabulo eyengeziwe?

4 Cishe sonke singathanda ukuzwa injabulo eyengeziwe etholakala ngokupha. Lokho singakwenza ngokulingisa indlela uJehova aphana ngayo. (Efe. 5:1) Njengoba sixoxa ngalokho, masiqaphele lokho esingakwenza uma sinomuzwa wokuthi umuntu esimphayo akabongi. Lezi zikhumbuzo zizosisiza ukuba sandise futhi silondoloze injabulo esiyithola ngokupha.

LINGISA INDLELA UJEHOVA APHANA NGAYO

5. Yiziphi izinto esizidingayo uJehova asinika zona?

5 Yiziphi ezinye izindlela uJehova abonisa ngazo ukuthi uyaphana? Cabanga ngezibonelo ezimbalwa. UJehova usipha izinto esizidingayo. Singase singabi nazo ngaso sonke isikhathi izinto eziwubukhazikhazi, kodwa siyambonga uJehova ngokuthi iningi lethu linazo izinto eziyisidingo. Ngokwesibonelo, usenza sikwazi ukuba nokudla, izimpahla zokugqoka nendawo yokuhlala. (IHu. 4:8; Math. 6:​31-33; 1 Thim. 6:​6-8) Ingabe uJehova usinika izinto esizidingayo ngoba nje ezizwa ebophekile ukuba enze kanjalo? Lutho neze! Pho kungani uJehova esinika zona?

6. Sifundani kuMathewu 6:​25, 26?

6 Kalula nje, uJehova usinika izinto esizidingayo ngoba esithanda. Cabanga ngamazwi kaJesu atholakala kuMathewu 6:​25, 26. (Yifunde.) UJesu usebenzisa izibonelo zezinto ezidaliwe. Ekhuluma ngezinyoni, uJesu uthi: “Azihlwanyeli mbewu noma zivune noma zibuthele ezinqolobaneni.” Nokho, phawula lokho abe esekusho: “UYihlo osezulwini uyazondla.” UJesu ube esebuza: “Nina anibalulekile yini ngaphezu kwazo?” Liyini iphuzu? UJehova ubheka abakhulekeli bakhe njengabayigugu kakhulu kunezilwane. Uma uJehova enendaba nezidingo zezilwane, singaqiniseka ngokuthi uzosinika esikudingayo! Njengobaba ongumuntu onothando, uJehova unakekela umndeni wakhe ngoba ewuthanda.—IHu. 145:16; Math. 6:32.

7. Iyiphi enye indlela esingalingisa ngayo indlela uJehova aphana ngayo? (Bheka nesithombe.)

7 NjengoJehova, nathi singapha abanye izinto abazidingayo ngoba sibathanda. Ngokwesibonelo, ukhona yini okholwa naye omaziyo odinga ukudla noma izimpahla zokugqoka? UJehova angasebenzisa wena ukuba umuphe into ayidingayo ezomsiza. Abantu bakaJehova baziwa kakhulu ngokuphana lapho kugadle inhlekelele. Ngokwesibonelo, ngesikhathi kunobhubhane lwe-COVID-19, abafowethu nodadewethu babebapha ukudla, izimpahla zokugqoka nezinye izinto labo ababedinga lezo zinto. Abaningi babenza iminikelo emikhulu eya emsebenzini womhlaba wonke. Lokho kwasiza ukusekela abafowethu ababethintekile ezinhlekeleleni emhlabeni wonke. Labo abanikela babelalela amazwi akumaHebheru 13:16: “Ningakukhohlwa ukwenza okuhle nokupha abanye ezintweni eninazo, ngoba uNkulunkulu ujatshuliswa yimihlatshelo enjalo.”

Sonke singayilingisa indlela uJehova aphana ngayo (Bheka isigaba 7)


8. Sizuza ngaziphi izindlela emandleni kaJehova? (Filipi 2:13)

8 UJehova usipha amandla. UJehova unamandla angenamkhawulo futhi uyakujabulela ukunika izinceku zakhe ezithembekile amandla. (Funda eyabaseFilipi 2:13.) Wake wawathandazela yini amandla okumelana nesilingo noma amandla okukhuthazelela uvivinyo olunzima? Kungenzeka nokuthi wathandazela amandla okwenza izinto okudingeka uzenze ngalolo suku. Lapho umthandazo wakho wokucela amandla uphendulwa, wawungavumelana nomphostoli uPawulu owabhala: “Nginamandla azo zonke izinto ngenxa yalowo ongipha amandla.”—Fil. 4:13.

9. Singayilingisa kanjani indlela uJehova aphana ngayo ngamandla akhe? (Bheka nesithombe.)

9 Nakuba singabantu abanesono, singakwazi ukulingisa indlela uJehova aphana ngayo ngamandla akhe. Ngeke sikwazi ukupha abanye amandla ethu njengoJehova. Kodwa singawasebenzisa ukuze sibasize. Ngokwesibonelo, singasiza umKristu osekhulile noma ogulayo ngokuthi simyele ezitolo noma simenzele imisebenzi yasendlini. Uma izimo zisivumela, singavolontiyela ukusiza ekuhlanzeni nasekulungiseni iHholo LoMbuso. Ukusebenzisa amandla ethu ngalezi zindlela kuzuzisa abafowethu nodadewethu.

Singasebenzisa amandla ethu ukuze sisize abanye (Bheka isigaba 9)


10. Singawasebenzisa kanjani amazwi ethu ukuze sizuzise abanye?

10 Ungakhohlwa nokuthi amazwi anamandla. Ukhona yini omcabangayo ongakhuthazwa ukuthi umncome ngobuqotho? Ukhona yini omaziyo odinga ukududuzwa? Uma kunjalo, kungani ungathathi isinyathelo sokukhuluma nalowo muntu? Ungamvakashela ngokoqobo, umfonele, noma mhlawumbe umthumelele ikhadi, i-email, noma umbhalele umyalezo. Akudingeki ube yigagu. Amazwi ambalwa asuka enhliziyweni angaba yilokho kanye okudingwa okholwa naye ukuze ahlale ethembekile ngalolo suku noma ukuze azizwe engcono ngesimo sakhe.—IzAga 12:25; Efe. 4:29.

11. UJehova ukusebenzisa kanjani ukuhlakanipha kwakhe?

11 UJehova usipha ukuhlakanipha. Umfundi uJakobe wabhala: “Uma noma ubani kini engenakho ukuhlakanipha, makaqhubeke ekucela kuNkulunkulu, uyomnika kona ngoba ubapha bonke ngesandla esivulekile ngaphandle kokuthola iphutha.” (Jak. 1:5; mbhw.) Njengoba la mazwi ebonisa, uJehova akancishani ngokuhlakanipha kwakhe. Ukupha abanye ngesandla esivulekile. Phawula nokuthi lapho uJehova esipha ukuhlakanipha kwakhe, usipha “ngaphandle kokusola,” noma “ngaphandle kokuthola iphutha.” Akalokothi asenze sizizwe kabi ngokuvuma ukuthi sidinga isiqondiso sakhe. Empeleni, usinxusa ukuba sikufune.—IzAga 2:​1-6.

12. Yimaphi amathuba esinawo okuzuzisa abanye ngokuhlakanipha esinakho?

12 Kuthiwani ngathi? Singakwazi yini ukulingisa uJehova ngokuthi sizuzise nabanye ngokuhlakanipha esinakho? (IHu. 32:8) Abantu bakaJehova banamathuba amaningi okudlulisela kwabanye lokho abakufundile. Ngokwesibonelo, sivame ukuqeqesha abasanda kuqala ukushumayela enkonzweni yasensimini. Ngesineke, abadala basiza izinceku ezikhonzayo nabazalwane ababhapathiziwe ukuba bafunde ukuthi bangazenza kanjani izabelo zabo ebandleni. Labo abangomakadebona emsebenzini wokwakha nokulungisa izakhiwo zenhlangano basiza ekuqeqesheni labo abanolwazi oluncane.

13. Lapho siqeqesha abanye, singamlingisa kanjani uJehova ongakugodli ukuhlakanipha kwakhe?

13 Labo abaqeqesha abanye benza kahle ngokulingisa uJehova ongakugodli ukuhlakanipha kwakhe. Khumbula ukuthi uJehova usipha ukuhlakanipha ngesandla esivulekile. Ngendlela efanayo, siyakujabulela ukucobelelana ngolwazi lwethu nangesipiliyoni esinaso nalabo abafundayo. Lapho siqeqesha umuntu, asimgodleli ulwazi oluthile ngoba sesaba ukuthi angase agcine ethathe umsebenzi wethu. Asisho nokuthi: ‘Mina akekho owangiqeqesha! Akazifundele yena.’ Isimo sengqondo esinjalo asifuneki nhlobo kubantu bakaJehova. Kunalokho, siyakujabulela ukungagcini nje ngokudlulisela ulwazi kulabo esibaqeqeshayo, “kodwa nathi uqobo.” (1 Thes. 2:8) Sinethemba lokuthi ‘bayokufanelekela ngokwanele ukuba nabo bafundise abanye.’ (2 Thim. 2:​1, 2) Ngaleyo ndlela, singaba phakathi kwabantu abaqhubeka becobelelana ulwazi, okwenza abanye bajabule futhi lolo lwazi luqhubekela nakwabanye.

UMA SIBONA SENGATHI ESIMPHAYO AKABONGI

14. Abantu abaningi basabela kanjani lapho sibapha okuthile?

14 Lapho sipha, ikakhulukazi lapho sipha abafowethu nodadewethu, ngokuvamile bayabonga. Bangase basibhalele ikhadi lokubonga noma basibonge ngenye indlela. (Kol. 3:15) Ukubongwa ngaleyo ndlela kusenza sijabule ngisho nakakhulu.

15. Yini okufanele siyikhumbule lapho abanye bengabongi?

15 Nokho, uma sikhuluma iqiniso, abanye bangase bangasibongi. Ngezinye izikhathi, singase sidele isikhathi sethu, amandla ethu, noma izinto esinazo, kodwa kamuva bese sizibuza ukuthi ingabe umuntu esizidele ngenxa yakhe unendaba yini nesimenzele kona. Uma lokho kwenzeka, singakugwema kanjani ukuphelelwa yinjabulo noma ukudumazeka? Khumbula amazwi asembhalweni okusekelwe kuwo lesi sihloko, izEnzo 20:35. Injabulo esiyithola ngokupha ayincikile endleleni abanye abasabela ngayo. Singakhetha ukujabula lapho sipha ngisho noma abanye bebonakala bengabongi. Kanjani? Cabanga ngezindlela ezimbalwa.

16. Yini okufanele sigxile kuyo lapho sipha?

16 Gxila ekulingiseni uJehova. Ubapha izinto ezinhle abantu kungakhathaliseki ukuthi bayabonga noma ababongi. (Math. 5:​43-48) UJehova uthembisa ukuthi uma nathi sipha ‘ngaphandle kokulindela ukubuyiselwa utho; umvuzo wethu uyoba mkhulu.’ (Luka 6:35) “Utho” lungahlanganisa ukubongwa. Kungakhathaliseki ukuthi abantu bayasibonga noma abasibongi, uJehova uyohlezi esibuyisela ngokuhle esikwenzayo ukuze sisize abanye nangokuba ‘abantu abajabulayo lapho bepha.’—IzAga 19:17; 2 Kor. 9:7.

17. Singawulondoloza kanjani umbono ofanele lapho sipha? (Luka 14:​12-14)

17 Ukuze silondoloze umbono ofanele lapho sipha, sithola lesi simiso esiyigugu kuLuka 14:​12-14. (Yifunde.) Akukubi ukungenisa izihambi noma ukupha labo abangase benze okufanayo nakithi. Nokho, kuthiwani uma siqaphela ukuthi besilokhu sipha abanye—okungenani ngezinga elithile—ngoba sinethemba lokubuyiselwa okuthile? Siyobe senza kahle uma sizama lokho uJesu akusikisela. Singamema umuntu esaziyo ukuthi ngeke akwazi ukusibuyisela ngalutho. Uma senza kanjalo siyojabula ngoba siyobe silingisa uJehova. Isimo sengqondo esinjalo siyosisiza nokuba singaphelelwa yinjabulo lapho abanye bengabongi.

18. Yini engasisiza ukuba singabacabangeli okubi abanye?

18 Ungasheshi uphethe ngokuthi abanye ababongi. (1 Kor. 13:7) Uma abanye bengabongi, singase sizibuze: ‘Ababongi ngempela noma bamane bakhohliwe ukubonga?’ Mhlawumbe zikhona ezinye izizathu ezibenze bangasabela ngendlela ebesiyilindele. Abanye kungenzeka kubathinte kakhulu abenzelwe kona, kodwa bakuthola kunzima ukukuveza lokho. Kungase kubabangele amahloni ukuthola usizo, ikakhulukazi uma bekuyibo ababevame ukusiza abanye esikhathini esidlule. Kunoma yikuphi, uma sibathanda ngempela abafowethu nodadewethu ngeke sibacabangele okubi futhi siyoqhubeka sithola injabulo ngokupha.—Efe. 4:2.

19-20. Kungani kubalulekile ukuba nesineke lapho sipha abanye? (Bheka nesithombe.)

19 Yiba nesineke. Mayelana nokuba umuntu ophayo, iNkosi ehlakaniphile uSolomoni yathi: “Phonsa isinkwa sakho emanzini, ngoba uyophinde usithole ngemva kwezinsuku eziningi.” (UmSh. 11:1) Njengoba la mazwi ebonisa, abanye kungase kubathathe isikhathi ukuba basibonge—“ngemva kwezinsuku eziningi.” Cabanga ngesibonelo esiliveza kahle leli qiniso.

20 Eminyakeni eminingi edlule, unkosikazi wombonisi ojikelezayo wabhalela udade owayesanda kubhapathizwa incwadi ethinta inhliziyo, emnxusa ukuba ahlale ethembekile. Ngemva kweminyaka engaba ngu-8 kamuva, lo dade wabhala incwadi ephendula, wathi: “Ngithe angikubhalele ngikutshele indlela ongisize ngayo kule minyaka edlule nakuba wena ungazi.” Waqhubeka wathi: “[Incwadi yakho] yayikhuthaza kakhulu, kodwa umbhalo owawuwufakile wangithinta inhliziyo futhi angikaze ngiwukhohlwe.” a Ngemva kokuchaza ezinye zezinselele abhekana nazo, lo dade wathi: “Ngezinye izikhathi ngangifuna ukushiya phansi yonke into, ngishiye neqiniso—ngishiye konke. Kodwa umbhalo owangibhalela wona wawuhlezi usenhliziyweni yami futhi wangisiza ukuba ngingapheli amandla.” Wanezela: “Kuyo yonke le minyaka engu-8, ayikho into eyangithinta njengawo.” Cabanga nje indlela ajabula ngayo unkosikazi wombonisi ojikelezayo lapho ethola le ncwadi “ngemva kwezinsuku eziningi”! Nathi abantu bangase basibonge ngemva kwesikhathi eside sabenzela okuthile.

Abanye bangase basibonge ngemva kwesikhathi eside sabenzela okuthile (Bheka isigaba 20) b


21. Kungani uzimisele ukuqhubeka ulingisa indlela uJehova aphana ngayo?

21 UJehova usidale ngendlela emangalisayo. Nakuba sijabula lapho siphiwa okuthile, sijabula ngisho nakakhulu lapho sipha abanye. Siyajabula lapho sikwazi ukusiza esikholwa nabo. Siyajabula nalapho bebonga. Nokho, kungakhathaliseki ukuthi umuntu esimphayo uyabonga noma akabongi, singajabula ngokuthi thina senze into enhle. Ungakhohlwa ukuthi noma ngabe yini oyipha omunye umuntu, “uJehova unendlela yokukunika okuningi kakhulu.” (2 IziKr. 25:9) Asisoze sapha abanye okungaphezu kwalokho uJehova angasipha kona! Ayikho into ejabulisa ukwedlula ukuvuzwa uJehova. Ngakho masizimisele ukuqhubeka silingisa uBaba wethu osezulwini ophanayo.

INGOMA 17 “Ngiyathanda”

a Umbhalo awubhalela lo dade kwakungeyesi-2 Johane 8, othi: “Ziqapheleni ukuze ningalahlekelwa izinto esisebenzele ukuzikhiqiza, kodwa ukuba nithole umvuzo ogcwele.”

b INCAZELO YESITHOMBE: Kulesi sithombe esifanekisa okwenzeka ngokoqobo, unkosikazi wombonisi ojikelezayo wabhalela udade incwadi ekhuthazayo. Eminyakeni eminingi kamuva, lo dade wambhalela incwadi embonga.