Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 36

INGOMA 89 Lalela, Ubusiswe

“Yibani Abenzi Bezwi”

“Yibani Abenzi Bezwi”

“Yibani abenzi bezwi ningabi abalizwayo kuphela.”JAK. 1:22.

AMAPHUZU ABALULEKILE

Lesi sihloko sizosisiza singagcini nje ngokuthuthukisa isifiso sethu sokufunda iZwi likaNkulunkulu nsuku zonke, kodwa nokuba sicabange ngalokho esikufunda kulo, sikusebenzise ngokugcwele ekuphileni kwethu.

1-2. Yini eyenza izinceku zikaNkulunkulu zijabule? (Jakobe 1:​22-25)

 UJEHOVA neNdodana yakhe ayithandayo bafuna sijabule. Umbhali weHubo 119:2 uthi: “Bayajabula abagcina izikhumbuzo zakhe, abamfuna ngayo yonke inhliziyo yabo.” UJesu waqinisekisa nangokuthi: “Abajabulayo yilabo abezwa izwi likaNkulunkulu baligcine! Luka 11:28.

2 Njengabakhulekeli bakaJehova, singabantu abajabulayo. Kungani? Sinezizathu eziningi, kodwa esibaluleke kunazo zonke ukuthi sifunda iZwi likaNkulunkulu njalo, silwele nokukusebenzisa esikufunda kulo.—Funda uJakobe 1:​22-25.

3. Sizuza kanjani lapho sikusebenzisa esikufunda eZwini likaNkulunkulu?

3 Ziningana izindlela esizuza ngazo lapho ‘siba abenzi bezwi.’ Ngokwesibonelo siyazi ukuthi lesi isinyathelo esibalulekile sokujabulisa uJehova. Ukuqonda lokho kusenza sijabule. (UmSh. 12:13) Njengoba sikusebenzisa lokho esikufunda eZwini likaNkulunkulu eliphefumulelwe, siqinisa ubuhlobo esinabo nemindeni yethu futhi siba nobungani obuqinile nesikholwa nabo. Kungenzeka ukuthi kunjalo nangawe. Ngaphezu kwalokho, sigwema izinkinga eziningi ezehlela labo abangayilaleli imiyalo kaJehova. Kunjengoba nje iNkosi uDavide yasho. Ngemva kokukhuluma ngomthetho, imiyalo nezahlulelo zikaJehova engomeni yayo, yaphetha ngokuthi: “Ukuzigcina kuletha umvuzo omkhulu.”—IHu. 19:​7-11.

4. Kungani kuyinselele ukwenza lokho esikufunda eZwini likaNkulunkulu?

4 Eqinisweni, akulula ngaso sonke isikhathi ukwenza lokho esikufunda eZwini likaNkulunkulu. Nakuba ukuphila kwethu kumatasa kumele sisenze isikhathi sokufunda nokutadisha iBhayibheli ukuze sikuqonde lokho uJehova afuna sikwenze. Ake sixoxe ngamacebiso ambalwa angasisiza silifunde njalo. Sizobona nokuthi yini ezosisiza sicabange ngalokho esikufundayo, sibone nezindlela esingakusebenzisa ngazo ekuphileni kwethu lokho esikufundayo.

HLELA ISIKHATHI SOKUFUNDA IZWI LIKANKULUNKULU

5. Yimiphi eminye imisebenzi esigcina simatasa?

5 Abantu bakaJehova abaningi bamatasa kakhulu. Sichitha isikhathi esiningi senza izinto iBhayibheli elithi zibalulekile. Ngokwesibonelo, abaningi bethu benza imisebenzi yokuziphilisa ukuze bazinakekele bona nemindeni yabo. (1 Thim. 5:8) AmaKristu amaningi anakekela izihlobo ezigulayo noma ezikhulile. Kanti sonke kudingeka sinakekele impilo yethu, nako okudla isikhathi. Ngaphezu kwalezi zinto okudingeka sizenze, sinezabelo ebandleni. Umsebenzi obaluleke kakhulu okudingeka siwenze ngentshiseko umsebenzi wokushumayela. Naphezu kwayo yonke imisebenzi okudingeka uyenze, ungasithola kanjani isikhathi sokufunda iBhayibheli njalo, uzindle futhi ukusebenzise lokho okufundayo?

6. Yini ongayenza ukuze uqikelele ukuthi uyalifunda iBhayibheli? (Bheka nesithombe.)

6 Ukufunda iBhayibheli kungenye ‘yezinto ezibaluleke kakhulu’ kithina maKristu, ngakho kudingeka siqikelele ukuthi siyalifunda. (Fil. 1:10) Ihubo lokuqala lithi ngomuntu ojabulayo: ‘Ujabula ngomthetho kaJehova, ufunda umthetho waKhe ngezwi eliphansi imini nobusuku.’ (IHu. 1:​1, 2) Ngokusobala, lokhu kusho ukuthi kufanele sihlele isikhathi sokufunda iBhayibheli. Yisiphi isikhathi esikahle sokufunda iBhayibheli? Impendulo ingahluka kuye ngezimo zomuntu. Kodwa ngamazwi alula kuyoba isikhathi ongakwazi ukulifunda ngaso njalo. Umzalwane okuthiwa uVictor uthi: “Ngithanda ukulifunda ekuseni iBhayibheli. Nakuba ngingakuthandi ukuvuka ekuseni kakhulu, zimbalwa kakhulu izinto ezingangiphazamisa ekuseni. Ingqondo isuke ingenazo iziphazamiso futhi kuba lula ukugxila kwengikufundayo.” Kunjalo yini nangawe? Zibuze, ‘Yisiphi isikhathi esikahle kimi sokufunda iBhayibheli?’

Yisiphi isikhathi esikahle sokufunda iBhayibheli? Ungalifunda nini nsuku zonke? (Bheka isigaba 6)


CABANGA NGALOKHO OKUFUNDAYO

7-8. Yini engasenza singakwazi ukuzuza ngokugcwele kulokho esikufundayo? Fanekisa.

7 Nokho, iqiniso liwukuthi kungenzeka sifunde okuningi njalo kodwa singazuzi lutho. Kwake kwenzeka yini wafunda okuthile kodwa ngemva nje kokufunda wathola ukuthi kuncane okukhumbulayo kulokho okufundile? Sonke kuye kwasenza lokho. Ngokudabukisayo, kungenzeka okufanayo nalapho sifunda iBhayibheli. Mhlawumbe singase sizibekele umgomo wokufunda izahluko zeBhayibheli ezithile usuku ngalunye. Kuyancomeka lokho. Kufanele sizibekele imigomo bese silwela ukunamathela kuyo. (1 Kor. 9:26) Nokho, ukufunda iBhayibheli kumane nje kuyisiqalo—isiqalo esihle. Kudingeka senze okungaphezu kwalokho uma sifuna ukuzuza ngokugcwele ekufundeni iZwi likaNkulunkulu.

8 Cabanga ngalokhu: Izitshalo zidinga imvula ukuze zikhule. Kodwa uma lina kakhulu ngesikhashana nje, umhlabathi ungagcwala amanzi amaningi kakhulu. Lapho lokho kwenzeka, imvula eyengeziwe ngeke izisize izitshalo. Umhlabathi udinga isikhathi ukuze umunce imvula esisemhlabathini kakade ukuze okutshaliwe kukhule. Ngendlela efanayo, kufanele sigweme ukufunda iBhayibheli siphuthuma, okuwukuthi silifunde ngokushesha kangangokuba singabe sisakwazi nokucabanga ngesikufundayo, ukukukhumbula, nokukusebenzisa ekuphileni kwethu.—Jak. 1:24.

Njengoba nje nomhlabathi udinga isikhathi ukuze umunce imvula futhi ikhulise okutshaliwe, nathi sidinga isikhathi ukuze sicabange ngesikufunda eZwini likaNkulunkulu futhi sikusebenzise ekuphileni kwethu (Bheka isigaba 8)


9. Yini okufanele siyenze uma sesinomkhuba wokufunda iBhayibheli siphuthuma?

9 Kuke kwenzeke yini ngezinye izikhathi uzithole ufunda iBhayibheli uphuthuma? Yini okufanele uyenze? Yehlisa ijubane. Zama ukucabanga ngalokho okufundayo noma oqeda ukukufunda. Lokho akudingeki kukwethuse. Uma isikhuthazo sokuba uzindle sikwethusa, mhlawumbe ungabheka ukuzindla njengokucabanga ngalokho obukufunda. Ungase unqume nokwelula isikhathi otadisha ngaso ukuze ukwazi nokucabanga noma ukuzindla ngalokho okufundile. Ngakolunye uhlangothi, ungase unqume ukufunda amavesi ambalwa bese isikhathi esisele usisebenzisela ukucabanga ngalokho okufundile. UVictor okukhulunywe ngaye ekuqaleni uthi, “Angilifundi isikhathi eside iBhayibheli, mhlawumbe ngifunda isahluko esisodwa. Ngenxa yokuthi ngifunda ekuseni, ngiyakwazi ukucabanga ngengikufundile phakathi nosuku.” Kungakhathaliseki ukuthi iyiphi indlela oyisebenzisayo, kubalulekile ukuba ufunde ngejubane elizokuvumela ukuba uzuze ngokugcwele kulokho okufundayo.—IHu. 119:97; bheka ibhokisi elithi “ Imibuzo Ongacabanga Ngayo.”

10. Nikeza isibonelo sendlela ongakusebenzisa ngayo lokho okufundayo. (1 Thesalonika 5:​17, 18)

10 Kungakhathaliseki ukuthi ulifunda nini iBhayibheli nokuthi ulifunda isikhathi esingakanani, qikelela ukuthi ubheka izindlela ongasebenzisa ngazo lokho okufundayo. Njengoba ufunda iZwi likaNkulunkulu, zibuze, ‘Ngingakusebenzisa kanjani engikufundayo manje noma esikhathini esizayo?’ Ngokwesibonelo, ake sithi ngesikhathi ufunda iBhayibheli ufunde neyoku-1 Thesalonika 5:​17, 18. (Yifunde.) Ngemva kokufunda lawo mavesi amabili, ungama kancane ucabange ngokuthi uthandaza kaningi kangakanani nangokuthi ijule kangakanani imithandazo yakho. Ungacabanga nangezinto obongayo ngazo. Mhlawumbe ungase unqume ukuthi uzobonga uJehova ngezinto ezithile ezintathu. Ngisho noma ungase uchithe imizuzu embalwa ucabanga ngokufundayo, ngezinga elithile uyoba umuzwi nomenzi weZwi likaNkulunkulu. Cabanga ngendlela ongazuza ngayo nakwezinye izingxenye zeBhayibheli ozifundayo ngokwenza kanjalo usuku nosuku! Ngempela, uyoba umenzi weZwi likaNkulunkulu ongcono kakhulu. Nokho, kuthiwani uma kubonakala sengathi ziningi izinto okudingeka uthuthukise kuzo?

ZIBEKELE IMIGOMO OZOKWAZI UKUYIFINYELELA

11. Yini engase ikudikibalise ngezinye izikhathi? Nikeza isibonelo.

11 Lapho ufunda iBhayibheli futhi ubheka izindlela ongasebenzisa ngazo isiqondiso salo, ngezinye izikhathi ungase udikibale. Ngokwesibonelo: Ake sithi namuhla njengoba ufunda iBhayibheli uthola iseluleko esixwayisa ngokubonisa ukukhetha. (Jak. 2:​1-8) Uyabona ukuthi ungathuthukisa endleleni ophatha ngayo abanye, ngakho unquma ukwenza izinguquko ezithile. Kuhle kakhulu lokho! Ngakusasa ube usufunda amavesi abonisa ukubaluleka kokulawula lokho okushoyo. (Jak. 3:​1-12) Uyaqaphela ukuthi ngezinye izikhathi uye washo izinto ezingakhi. Ngakho unquma ukuthi usuzozijwayeza ukukhuluma izinto ezakhayo nezikhuthazayo. Ngosuku olulandelayo njengoba ufunda iBhayibheli ufunda amavesi akuxwayisa ngokuba umngani wezwe. (Jak. 4:​4-12) Uyaphawula ukuthi kudingeka uqaphe kakhudlwana lapho ukhetha izinto ozozijabulisa ngazo. Ngosuku lwesine, ungase udikibale uma ucabanga ngazo zonke izinto okudingeka uthuthukise kuzo.

12. Lapho ufunda iBhayibheli kungani kungafanele uphele amandla uma uthola ukuthi kunezinto okudingeka uzilungise? (Bheka nombhalo waphansi.)

12 Uma ubona ukuthi ziningana izinto okudingeka uzilungise noma uthuthukise kuzo, ungapheli amandla. Lokho kuwubufakazi bokuthi uthobekile futhi unezisusa ezinhle. Umuntu othobekile noneqiniso ufunda imiBhalo ekulungele ukubona izindawo angathuthukisa kuzo. a Khumbula nokuthi ukugqoka “ubuntu obusha” kuyinto eqhubekayo. (Kol. 3:10) Yini ezokusiza ukuba uqhubeke ungumenzi weZwi likaNkulunkulu?

13. Ungayibeka kanjani imigomo ozokwazi ukuyifinyelela? (Bheka nesithombe.)

13 Kunokuba uzame ukwenza konke okufundayo ngesikhathi esisodwa, zibekele imigomo ozokwazi ukuyifinyelela. (IzAga 11:2) Nakhu ongakuzama: Bhala izinto okudingeka uthuthukise kuzo bese ukhetha eyodwa noma ezimbili ozoqala ngazo, lezi ezinye uzenze ngokuhamba kwesikhathi. Uzoqala ngayiphi?

Kunokuba uzame ukusebenzisa konke okufunda eBhayibhelini ngesikhathi esisodwa, kungani ungazibekeli imigomo ozokwazi ukuyifinyelela? Mhlawumbe ungagxila ephuzwini elilodwa noma amabili (Bheka izigaba 13-14)


14. Yimiphi imigomo ongaqala ngayo?

14 Ungase unqume ukuqala ngomgomo okulula ukuwufinyelela. Noma ungase ukhethe ukuthuthukisa into onomuzwa wokuthi yiyo okudingeka uthuthukise kakhulu kuyo. Lapho usuwukhethile umgomo ozosebenzela kuwo, cwaninga ezincwadini zethu, mhlawumbe usebenzisa i-Watch Tower Publications Index (ngesiNgisi) noma INcwadi Yokucwaninga YoFakazi BakaJehova. Thandaza kuJehova ngomgomo wakho, umcele akunike “isifiso sokwenza namandla okwenza.” (Fil. 2:13) Ngemva kwalokho zama ukukwenza lokho okufundile. Uma usuwufinyelele umgomo wakho wokuqala, cishe uyokhuthazeka kakhudlwana ukusebenzela kolandelayo. Empeleni, lapho ubona ukuthi ukwazile ukwenza ushintsho noma ukuthuthukisa imfanelo yobuKristu ethile cishe uyokuthola kulula ukuba wenze kanjalo nakwezinye izinto.

VUMELANI IZWI LIKANKULUNKULU ‘LISEBENZE . . . KINI’

15. Abantu bakaJehova bahluke kanjani kubantu abaningi abafunda iBhayibheli? (1 Thesalonika 2:13)

15 Abanye abantu bathi sebelifunde izikhathi eziningana iBhayibheli. Kodwa bayakholelwa ngempela yini eBhayibhelini? Balisebenzisile yini ekuphileni kwabo noma balivumela ukuba lishintshe ukuphila kwabo? Ngokudabukisayo, ngokuvamile impendulo ingucha. Kodwa abantu bakaJehova bahlukile! NjengamaKristu ekhulu lokuqala, iBhayibheli silamukela “njengezwi likaNkulunkulu, njengoba nje liyilo ngempela.” Ngaphezu kwalokho, senza konke esingakwenza ukuze sibonise ukuthi liyasebenza ekuphileni kwethu.—Funda eyoku-1 Thesalonika 2:13.

16. Yini engasisiza sibe abenzi beZwi?

16 Akulula ngaso sonke isikhathi ukufunda iZwi likaNkulunkulu nokusebenzisa lokho elikushoyo. Kungase kube nzima ukuthola isikhathi sokulifunda. Noma singase sisheshise lapho silifunda futhi singacabangi ngalokho esikufundayo. Noma singase sidangale ngenxa yentuthuko okudingeka siyenze. Noma ngabe iyiphi inselele obhekane nayo, akufanele uyivumele ikunqobe. Ngosizo lukaJehova ungayinqoba. Kwangathi singazimisela ukwamukela usizo lwakhe, sibe abenzi beZwi, singabi abantu abezwayo bakhohlwe. Akungabazeki ukuthi siyojabula nakakhulu uma siqhubeka sifunda iZwi likaNkulunkulu futhi silisebenzisa ekuphileni kwethu.—Jak. 1:25.

INGOMA 94 Ukubonga NgeZwi LikaNkulunkulu