Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI | INDLELA YOKUZUZA NGOKUGCWELE LAPHO UFUNDA IBHAYIBHELI

Yini Eyokwenza Ngikujabulele Ukulifunda?

Yini Eyokwenza Ngikujabulele Ukulifunda?

Uyokuthola kunjani ukufunda iBhayibheli? Kuyoba yisicefe noma kuyoba mnandi? Kuzoncika ekutheni ulifunda kanjani. Ake sibheke ukuthi yini ongayenza ukuze ukujabulele nakakhulu.

Khetha inguqulo yeBhayibheli enokwethenjelwa, ebhalwe ngolimi lwesimanje. Uma ufunda indaba enamagama amaningi anzima noma angasasetshenziswa ungase ungakujabuleli ukuyifunda. Ngakho cinga iBhayibheli elibhalwe ngolimi okulula ukuluqonda noluzothinta inhliziyo yakho. Ngesikhathi esifanayo, kufanele libe elihunyushwe ngokucophelela nangokunembile. *

Sebenzisa ubuchwepheshe besimanje. Namuhla, iBhayibheli alitholakali lingamaphepha ahlanganisiwe nje kuphela kodwa liyatholakala nasemishinini yobuchwepheshe. Amanye amaBhayibheli angafundwa futhi adawunilodwe kuyi-Internet, kuma-computer, kuma-tablet nakomakhalekhukhwini. Ezinye izinhlobo zinamathuluzi engeziwe ongawasebenzisa ukuze ubheke amanye amavesi eBhayibheli akhuluma ngesihloko esifanayo noma uqhathanise nezinye izinguqulo. Liyatholakala neBhayibheli elilalelwayo uma uthanda ukulilalela kunokulifunda. Abantu abaningi bathanda ukulilalela lapho behamba ngezinto zokuthutha umphakathi, bewasha noma benza ezinye izinto. Kungani ungazami indlela ezovumelana nawe?

Sebenzisa amathuluzi okutadisha iBhayibheli. Amathuluzi okutadisha iBhayibheli angakusiza uthole okwengeziwe lapho ulifunda. Kunamabalazwe ezindawo okukhulunywa ngazo eBhayibhelini, ayokusiza wazi ukuthi zikuphi izindawo ofunda ngazo futhi uziqonde kangcono izenzakalo. Izihloko ezinjengalezi ezikulo magazini noma ingxenye ethi “Izimfundiso ZeBhayibheli” engosini ethi jw.org/zu zingakusiza uthole incazelo yezingxenye eziningi zeBhayibheli.

Shintsha indlela olifunda ngayo. Uma ukufunda iBhayibheli kusukela ekuqaleni kuze kufike ekugcineni kunzima kuwe, kungani ungaqali ngendima oyithandayo? Uma ufuna ukwazi ngabantu abadumile okukhulunywa ngabo eBhayibhelini, ungazama ukufunda ngabo ngokuqondile. Isibonelo sendlela ongakwenza ngayo lokhu sifakwe ebhokisini elikulo magazini elithi, “ Yimba EBhayibhelini Ngokufunda Ngabantu Elikhuluma Ngabo.” Noma mhlawumbe ungalifunda ngokwezihloko noma ngokulandelana kwezenzakalo. Kungani ungazami enye yalezi zindlela?

^ isig. 4 Abaningi bathole ukuthi i-Nguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele inembile, inokwethenjelwa futhi ifundeka kalula. Leli Bhayibheli, elikhiqizwa oFakazi BakaJehova, litholakala ngezilimi ezingaphezu kuka-130. Ungalidawuniloda engosini ethi jw.org/zu noma udawunilode i-JW Library app. Noma uma uthanda, oFakazi BakaJehova bangakulethela ikhophi yalo lapho uhlala khona.