Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Kungani UNkulunkulu Engayiphenduli Yonke Imithandazo?

Kungani UNkulunkulu Engayiphenduli Yonke Imithandazo?

UBaba wethu osezulwini, uJehova uNkulunkulu, uzimisele futhi uyakujabulela ukulalela imithandazo yethu eqotho. Kodwa kunezinto ezingamvimba ukuba aphendule imithandazo yethu. Yiziphi lezo zinto, futhi yini okufanele siyikhumbule lapho sithandaza? Nakhu okunye iBhayibheli elisiyala ukuba sikwenze.

“Lapho uthandaza, ungaphindaphindi izinto ezifanayo.”—Mathewu 6:7.

UJehova akafuni siphindaphinde imithandazo esiyibambe ngekhanda noma siyifunde encwadini yomthandazo. Kunalokho, ufuna imithandazo yethu isuke enhliziyweni. Cabanga nje ukuthi bekungacasula kanjani ukube nsuku zonke lapho umngane wakho ekhuluma nawe ubengaphindaphinda amazwi afanayo. Abangane abahle bavulelana izifuba. Lapho sithandaza kubaba wethu osezulwnini ngamazwi ethu, sisuke simtshela lokho esikucabangayo.

“Uma nicela, anitholi ngoba nicela ngenjongo embi.”—Jakobe 4:3.

Besingeke silindele ukuba uNkulunkulu aphendule imithandazo yethu uma sicela izinto esazi kahle ukuthi akafuni sizenze noma sibe nazo. Ngokwesibonelo, uJehova ubengamnika yini umuntu ogembulayo inhlanhla ebe esixwayise kahle ngokuhaha nangokukholelwa enhlanhleni? (Isaya 65:11; Luka 12:15) Ngeke neze silindele ukuba uJehova aphendule imithandazo enjalo! Ukuze uNkulunkulu aphendule imthandazo yethu, kumelwe siqiniseke ukuthi esikucelayo kuyavumelana nalokho asitshela khona eBhayibhelini.

“Owenqaba ukulalela umthetho—ngisho nomthandazo wakhe uyinto enengekayo.”—Izaga 28:9.

Ngezikhathi zeBhayibheli, uNkulunkulu akazange ayiphendule imithandazo yalabo ababengayilaleli imithetho yakhe elungile. (Isaya 1:15, 16) Indlela azizwa ngayo ayikakashintshi. (Malaki 3:6) Uma sifuna uNkulunkulu aphendule imithandazo yethu, kumelwe senze konke esingakwenza ukuze siphile ngokuvumelana nemithetho yakhe. Kodwa kuthiwani, uma esikhathini esidlule senza izinto ezingalungile? Ingabe lokho kusho ukuthi uJehova akasoze asilalela? Akunjalo neze! Ngothando uNkulunkulu uyosithethelela uma sishintsha ukuphila kwethu bese senza konke okusemandleni ukuze simjabulise.—Izenzo 3:19.