INDLELA YOKUQEDA UKUZONDANA OKUNGAPHELI
4 | Nqoba Inzondo Ngosizo LukaNkulunkulu
IBhayibheli Lithi:
“Izithelo zomoya ziluthando, injabulo, ukuthula, ukubekezela, umusa, ubuhle, ukholo, ubumnene, ukuzithiba.”—GALATHIYA 5:22, 23.
Lokho Okukushoyo:
Ukuzondana okungapheli kunganqotshwa kuphela ngosizo lukaNkulunkulu. Umoya wakhe ongcwele ungasisiza sibe nobuntu ebesingeke sibe nabo ngamandla ethu. Ngakho kunokuzama ukunqoba inzondo ngamandla ethu, senza kahle ngokuncika osizweni esilunikezwa uNkulunkulu. Uma sincika kuNkulunkulu, singase sizizwe njengomphostoli uPawulu owabhala: “Nginamandla azo zonke izinto ngenxa yalowo ongipha amandla.” (Filipi 4:13) Ngempela, siyosho kugcwale umlomo ukuthi: “Usizo lwami luvela kuJehova.”—IHubo 121:2.
Lokho Ongakwenza:
“UJehova uye wangiguqula ngasuka ekubeni umuntu onobudlova ngaba umuntu onokuthula.”—UWALDO
Thandaza kuJehova, umcele ngobuqotho ukuba akuphe umoya wakhe ongcwele. (Luka 11:13) Cela uNkulunkulu akusize ukuba ube nobuntu obuhle. Funda ngalokho okushiwo yiBhayibheli mayelana nezimfanelo ezizokusiza ususe inzondo, ezinjengothando, ukuthula, ukubekezela nokuzithiba. Bheka izindlela zokuhlakulela lezo zimfanelo ekuphileni kwakho. Yiba nabangane abazama ukuthuthukisa izimfanelo ezinjalo. Abantu abanjalo bangakusiza ‘uvuselele uthando nemisebenzi emihle.’—Hebheru 10:24.